Bible Society of South Africa

40 Day Adventure – Day 36

WEEK 6 – Cultivate the right appetite

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

Kwabase-Efesu 6

14Ngakho yimani izinkalo zenu ziboshiwe ngeqiniso, nifakile isivikelo sesifuba sokulunga, 15izinyawo zigqokisiwe ukulungela kukho ukushumayela ivangeli lokuthula; 16kukho konke nithathe isihlangu sokukholwa eniyakuba namandla okucima ngaso yonke imicibisholo evuthayo yomubi, 17namukele futhi isigqoko sensindiso, nenkemba kaMoya eyizwi likaNkulunkulu, 18ngokukhuleka konke nokunxusa, nikhuleka ngezikhathi zonke ngoMoya; kulokho nilinde ngesineke sonke nangokunxusela abangcwele bonke, 19ninginxusele nami ukuba ngiphiwe izwi, nxa ngivula umlomo wami, ngize ngiyishumayele ngesibindi imfihlakalo yevangeli; 20engiyisithunywa ngalo esiboshiwe ngamaketanga, ukuze ngikhulume ngesibindi ngalo, njengokuba kufanele ukuba ngikhulume.

Kwabase-Efesu 6:14-20ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

KwabaseKolose 4

2Qiniselani ekukhulekeni, nilinde kukho ninokubonga. 3Nathi nisikhulekele, ukuze uNkulunkulu asivulele umnyango wezwi ukuba sikhulume imfihlakalo kaKristu engiboshwe ngenxa yayo, 4ukuze ngiyibonakalise njengalokhu ngifanele ukukhuluma. 5Hambani ngokuhlakanipha kubo abangaphandle, nithengisise isikhathi.

KwabaseKolose 4:2-5ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU