Bible Society of South Africa

40 Day Adventure – Day 3

WEEK 1 – When God whispers

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

U-Eksodusi 14

15UJehova wayesethi kuMose: “Ukhalelani kimi na? Yisho kubantwana bakwa-Israyeli ukuba bahambe. 16Phakamisa wena induku yakho, welule isandla sakho phezu kolwandle, ulwahlukanise; abantwana bakwa-Israyeli bazakuhamba phakathi kolwandle emhlabathini owomileyo. 17Bheka, mina ngiyakuzenza lukhuni izinhliziyo zabaseGibithe, babalandele; ngizakudunyiswa ngoFaro nangempi yakhe yonke, ngezinqola zakhe nangabamahhashi bakhe. 18AbaseGibithe bazakwazi ukuthi nginguJehova, nxa ngidunyisiwe ngoFaro, ngezinqola zakhe nangabamahhashi bakhe.”

19Ingelosi kaNkulunkulu eyayihambile phambi kwempi ka-Israyeli yasuka yahamba emva kwabo, nensika yefu yasuka phambi kwabo, yema emva kwabo. 20Yafika phakathi kwempi yaseGibithe nempi yakwa-Israyeli; kwakukhona ifu nobumnyama, noma ikhanya ebusuku, ukuze izimpi zingakwazi ukusondelana ubusuku bonke.

21UMose wayeselula isandla sakhe phezu kolwandle; uJehova wamukisa amanzi ngomoya onamandla wasempumalanga ubusuku bonke, waphendula ulwandle lwaba ngumhlabathi owomileyo, amanzi ahlukana. 22Abantwana bakwa-Israyeli bangena phakathi kolwandle emhlabathini owomileyo; amanzi aba lugange kubo ngakwesokunene nangakwesokhohlo.

23AbaseGibithe babaxosha, bangena emva kwabo ngaphakathi kolwandle, namahhashi onke kaFaro, nezinqola zakhe, nabamahhashi bakhe. 24Kwathi ngomlindo wokusa uJehova walunguza impi yabaseGibithe, esensikeni yomlilo neyefu, wayidunga impi yabaseGibithe. 25Wawisa amasondo ezinqola ukuba bahambise kalukhuni, baze bathi abaseGibithe: “Masibaleke ebusweni buka-Israyeli, ngokuba uJehova uyabalwela emelene nabaseGibithe.”

26Wayesethi uJehova kuMose: “Yelula isandla sakho phezu kolwandle ukuba amanzi abuyele phezu kwabaseGibithe, phezu kwezinqola zabo nabamahhashi babo.” 27UMose wayeselula isandla sakhe phezu kolwandle, ulwandle lwabuyela endaweni yalo ngokufika kokusa; abaseGibithe balubalekela; uJehova wabathuntuthela abaseGibithe phakathi kolwandle. 28Amanzi abuyela, asibekela izinqola, nabamahhashi, nayo yonke impi kaFaro eyangena elwandle emva kwazo; akwasala noyedwa kubo.

29Kepha abantwana bakwa-Israyeli bahamba emhlabathini owomileyo phakathi kolwandle; amanzi aba lugange kubo ngakwesokunene nangakwesokhohlo. 30Kanjalo uJehova wasindisa u-Israyeli esandleni sabaseGibithe; u-Israyeli wababona abaseGibithe befile ogwini lolwandle. 31U-Israyeli wabona umsebenzi omkhulu uJehova awenzile phezu kwabaseGibithe; abantu base bemesaba uJehova, bakholwa nguJehova nenceku yakhe uMose.

U-Eksodusi 14:15-31ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaMarku 1

Ukubhapathizwa kukaJesu. Ulingwa nguSathane

9Kwathi ngaleyo mihla kwafika uJesu evela eNazaretha laseGalile, wabhapathizwa nguJohane eJordani. 10Wanele ukukhuphuka emanzini, wabona izulu livuleka, noMoya ehlela phezu kwakhe njengejuba. 11Kwavela izwi ezulwini, lithi: “Wena uyiNdodana yami ethandekayo; ngithokozile ngawe.”

12Masinyane uMoya wayesemqhubela ehlane. 13Wayekhona ehlane izinsuku ezingamashumi amane elingwa nguSathane; wayendawonye nezilwane; izingelosi zamkhonza.

Ukubizwa kwabafundi

14Emva kokuboshwa kukaJohane uJesu wafika eGalile eshumayela ivangeli likaNkulunkulu, 15wathi: “Isikhathi sigcwalisekile, umbuso kaNkulunkulu ususondele; phendukani, nikholwe yivangeli.”

16Kwathi edlula ngaselwandle lwaseGalile, wabona oSimoni no-Andreya umfowabo kaSimoni bephonsa inetha elwandle, ngokuba babe ngabadobi. 17UJesu wayesethi kubo: “Ngilandeleni; ngiyakunenza nibe ngabadobi babantu.” 18Base bewashiya masinyane amanetha, bamlandela.

19Eseqhubekile ingcosana wabona uJakobe kaZebedewu noJohane umfowabo besemkhunjini, belungisa amanetha. 20Wababiza masinyane; base bemshiya uyise uZebedewu emkhunjini kanye nezisebenzi, bamlandela.

NgokukaMarku 1:9-20ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU