Bible Society of South Africa

40 Day Adventure – Day 27

WEEK 4 – Constantly in the Bible

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UHezekeli 37

11Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, lawa mathambo ayindlu yonke yakwa-Israyeli; bathi: ‘Bheka, amathambo ethu omile, ithemba lethu liphelile, sinqunyiwe.’ 12Ngalokho profetha, uthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakuvula amathuna enu, nginikhuphule emathuneni enu nina bantu bami, nginiyise ezweni lakwa-Israyeli. 13Niyakwazi ukuthi nginguJehova, lapho sengiwavulile amathuna enu, nganikhuphula emathuneni enu nina bantu bami. 14Ngiyakuwufaka uMoya wami kini, nize niphile, nginibeke ezweni lakini, nazi ukuthi mina Jehova ngikhulumile, ngakwenza, usho uJehova.’ ”

UHezekeli 37:11-14ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

KumaHeberu 11

Amaqhawe enkolo esivumelwaneni esidala

1Kepha ukukholwa kungukuqiniseka ngezinto ezithenjwayo, kuyiqiniso ngezinto ezingabonwayo. 2Ngokuba okhokho bafakazelwa ngakho.

3Ngokukholwa siqonda ukuthi izwe lonke ladatshulwa ngezwi likaNkulunkulu, kuze kuthi okubonwayo akuvelanga kokubonwayo.

4Ngokukholwa u-Abela wanikela kuNkulunkulu ngomhlatshelo omuhle kunoKayini, athola ngakho ubufakazi bokuthi ulungile, uNkulunkulu uqobo efakaza ngezipho zakhe; nangakho usakhuluma, noma efile.

5Ngokukholwa u-Enoke wathathwa, ukuze angaboni ukufa, akabe esafunyanwa, ngokuba uNkulunkulu wayemthabathile. Ngokuba engakathathwa ufakazelwe ukuthi wayethokozisa uNkulunkulu; 6kepha-ke ngaphandle kokukholwa akwenzeki ukumthokozisa; ngokuba ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi ungumvuzi walabo abamfunayo.

7Ngokukholwa uNowa exwayisiwe ngezinto ebezingakabonwa, esaba uNkulunkulu, wakha umkhumbi wokusindisa indlu yakhe, okungakho walahla izwe, waba yindlalifa yokulunga okuvela ngokukholwa.

KumaHeberu 11:1-7ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU