Bible Society of South Africa

40 Day Adventure – Day 25

WEEK 4 – Constantly in the Bible

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UJeremiya 18

Umbumbi

1Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova, lithi: 2“Suka wehlele endlini yombumbi, ngikuzwise khona amazwi ami.” 3Ngehlela endlini yombumbi; bheka, wasebenza umsebenzi wakhe esondweni lokubumba. 4Kepha isitsha asenza ngebumba sonakala esandleni sombumbi; wabuye wenza esinye isitsha njengokuhle emehlweni ombumbi ukuba asenze.

5Lase lifika izwi likaJehova kimi, lithi: 6“Bengingenze kinina ndlu ka-Israyeli njengalo mbumbi na?” usho uJehova. “Bhekani, njengebumba esandleni sombumbi, ninjalo esandleni sami nina ndlu ka-Israyeli.

UJeremiya 18:1-6ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

KuThithu 3

Ukulalela amakhosi

1Bakhumbuze ukuba bathobele ababusi neziphathimandla, balalele, balungele imisebenzi yonke emihle, 2bangahlambalazi muntu, bangabi yizilwi, babe ngabavileyo, bebonakalisa ubumnene obukhulu kubantu bonke.

3Ngokuba nathi kade sasiyiziwula, abangalaleliyo, abadukiswayo, sikhonza izinkanuko nokutamasa okuyizinhlobonhlobo, sihlezi ebubini nangomhawu, sizondekile sizondana. 4Kepha lapho sekubonakalisiwe ububele bukaNkulunkulu uMsindisi wethu nothando lwakhe kubantu, 5wasisindisa kungengamisebenzi yokulunga esayenzayo thina kepha ngokwesihawu sakhe ngesigezo sokuphindukuzalwa nokwenziwa sibe basha ngoMoya oNgcwele, 6amthelayo kakhulu phezu kwethu ngaye uJesu Kristu uMsindisi wethu, 7ukuze silungisiswe ngomusa wakhe, sibe yizindlalifa zokuphila okuphakade ngokwethemba.

KuThithu 3:1-7ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU