Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 87

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

1 uSamuweli 30

Ukuchithwa kweSikilagi

1Kwathi uDavide nabantu bakhe sebefikile eSikilagi ngosuku lwesithathu, ama-Amaleki ayengenele eNingizimu naseSikilagi, alichitha iSikilagi, alishisa ngomlilo, 2athumba abesifazane ababe phakathi, abancane nabakhulu engabulalanga muntu, abamukisa, ahamba indlela yawo.

3Lapho uDavide nabantu bakhe befika emzini, bheka, wawushisiwe ngomlilo; omkabo, namadodana abo, namadodakazi abo babethunjiwe. 4UDavide nabantu ababe naye base bedazuluka, bekhala, baze bangabe besaba namandla okukhala. 5NawomkaDavide bobabili babethunjiwe, o-Ahinohama waseJizreyeli no-Abigayili umkaNabali waseKarmeli. 6UDavide wayehlupheka kakhulu, ngokuba abantu bekhuluma ngokumkhanda ngamatshe, lokhu izinhliziyo zabo bonke abantu zazinomunyu, kwaba yilowo nalowo ngenxa yamadodana akhe namadodakazi akhe; kepha uDavide waziqinisa kuJehova uNkulunkulu wakhe.

7UDavide wathi ku-Abiyathara umpristi, indodana ka-Ahimeleki: “Ake ulethe kimi ingubo yamahlombe.” U-Abiyathara wayiletha ingubo yamahlombe kuDavide. 8UDavide wabuza kuJehova, wathi: “Ngixoshe lelo viyo na? Ngingalifica na?”

Wamphendula wathi: “Xosha, ngokuba uyakulifica impela, ukhulule konke.”

9Wayesehamba uDavide, yena nabantu abangamakhulu ayisithupha ababe naye, wafika emfudlaneni iBesori, lapho kwahlala khona amasalela. 10Kodwa UDavide waxosha, yena nabantu abangamakhulu amane, ngokuba abangamakhulu amabili basala emuva, bezukekile ukuze bangaweli umfudlana iBesori.

11Bafumana owaseGibithe endle, bamyisa kuDavide, bamnika isinkwa, wadla; bamphuzisa amanzi; 12bamnika nocezu lwesigaxa samakhiwane, nezigaxa ezimbili zezithelo zomvini ezomileyo; esedlile kwabuyela kuye umoya wakhe, ngokuba wayengadlanga sinkwa, engaphuzanga manzi, izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu.

13UDavide wathi kuye: “Ungokabani na? Uvelaphi na?”

Wathi: “Ngiyinsizwa yaseGibithe, inceku yomAmaleki, kepha inkosi yami yangishiya, ngokuba sekuyizinsuku ezintathu ngigula. 14Sangenela ngaseningizimu yamaKhereti, nakwelakwaJuda, naseningizimu kaKalebi, salishisa iSikilagi ngomlilo.”

15UDavide wathi kuye: “Ungangehlisela kulelo viyo na?”

Wathi: “Funga kimi uNkulunkulu ukuthi awuyikungibulala, unganginikeli ezandleni zenkosi yami, ngiyakukwehlisela kulelo viyo.”

16Wayesemehlisa; bheka, babehlakazekile endaweni yonke, bedla, bephuza, besina phakathi kwayo yonke impango ababeyithathile ezweni lamaFilisti nasezweni lakwaJuda. 17UDavide wababulala kusukela ekuhweleleni kuze kuhlwe ngangomuso, akwaphunyuka muntu kubo, kuphela izinsizwa ezingamakhulu amane ezazikhwela amakamela, zabaleka. 18UDavide wakhulula konke okwakuthathwe ngama-Amaleki, uDavide wakhulula nawomkakhe bobabili. 19Akwasilala muntu, omncane noma omkhulu, namadodana noma amadodakazi, nempango noma okunye ababezithathele khona; uDavide wabuyisa konke. 20UDavide wathatha zonke izimvu nezinkomo; baziqhuba phambi kwakhe, bathi: “Yimpango kaDavide le.”

21UDavide wafika kulabo bantu abangamakhulu amabili ababezukekile, bengenakumlandela uDavide, ababebahlalisile ngasemfudlaneni iBesori; baphuma ukumhlangabeza uDavide nokuhlangabeza abantu ababenaye; uDavide esesondela kubantu wababingelela. 22Base bethatha bonke abantu ababi nabonakeleyo kulabo ababehamba noDavide, bathi: “Njengokuba bengahambanga nathi, asiyikubanika lutho empangweni esiyikhululile, kuphela ukuba yileyo naleyo ndoda inikwe umkayo nabantwana bayo, bamuke nabo, bahambe.”

23Wayesethi uDavide: “Aniyikwenza kanjalo, bafowethu, ngalokho esikuphiwe nguJehova osilondolozile, wanikela esandleni sethu iviyo elasihlasela. 24Ngubani oyakunilalela kule ndaba na? Ngokuba njengesabelo sowehlele empini siyakuba njalo isabelo salowo owasala nempahla; bayakwabelwa ngokulingeneyo.” 25Kwaba njalo kusukela kulolo suku kuya phambili; wamisa isimiso nomthetho kwa-Israyeli kuze kube namuhla.

26UDavide esefike eSikilagi wathuma enye impango kumalunga akwaJuda nakubo abangane bakhe, ethi: “Bhekani, naso isipho senu sempango yezitha zikaJehova:” 27kwabaseBethele, nakwabaseRamoti laseNingizimu, nakwabaseJatiri, 28nakwabase-Aroweri, nakwabaseSifimoti, nakwabase-Eshitemowa, 29nakwabaseRakali, nakwabasemizini yamaJerameli, nakwabasemizini yamaKheni, 30nakwabaseHorma, nakwabaseBori Ashani, nakwabase-Athaki, 31nakwabaseHebroni, nasezindaweni zonke lapho uDavide uqobo nabantu bakhe bebejwayele ukuhamba khona.

1 uSamuweli 31

USawule namadodana akhe bayalwa namaFilisti; ukumbelwa kwabo

1AmaFilisti alwa no-Israyeli; abantu bakwa-Israyeli babaleka phambi kwamaFilisti, bawa begwaziwe entabeni yaseGilibowa. 2AmaFilisti axosha uSawule namadodana akhe; amaFilisti abulala oJonathani, no-Abinadaba, noMaliki Shuwa, amadodana kaSawule. 3Impi yaba nzima kuSawule; abacibishelayo bamfica, wakhathazeka kakhulu ngenxa yabacibishelayo.

4USawule wayesethi odibini lwezikhali zakhe: “Hosha inkemba yakho, ungigwaze ngayo, funa labo abangasokile bafike, bangigwaze, bangone.” Kepha aluvumanga udibi lwezikhali zakhe, ngokuba lwesaba kakhulu. Ngalokho uSawule wayithatha inkemba, wawela phezu kwayo. 5Udibi lwezikhali zakhe selubonile ukuthi uSawule ufile, lwawela nalo phezu kwenkemba yalo, lwafa kanye naye. 6Wafa-ke uSawule namadodana akhe omathathu, nodibi lwakhe, nabo bonke abantu bakhe ngalolo suku kanyekanye.

7Lapho abantu bakwa-Israyeli ababe ngaphesheya kwesigodi nalabo ababe ngaphesheya kweJordani bebona ukuthi abantu bakwa-Israyeli babaleka nokuthi uSawule namadodana akhe bafile, bashiya imizi, babaleka; amaFilisti afika, ahlala kuyo.

8Kwathi ngangomuso, lapho amaFilisti efika ukuphanga ababuleweyo, afumana uSawule namadodana akhe omathathu bewile entabeni yaseGilibowa. 9Amnquma ikhanda, athatha izikhali zakhe, azithuma ezweni lamaFilisti nxazonke ukukumemezela endlini yezithombe zawo nakubantu. 10Azibeka izikhali zakhe endlini ka-Ashitaroti, abethela isidumbu sakhe ogangeni lwaseBeti Shani.

11Sebezwile abakhe eJabeshi Gileyadi lokho amaFilisti ayekwenzile kuSawule, 12kwasuka onke amadoda anamandla, ahamba ubusuku bonke, asithatha isidumbu sikaSawule, nezidumbu zamadodana akhe ogangeni lwaseBeti Shani, afika eJabeshi, azishisa khona. 13Athatha amathambo abo, awembela phansi komtamariske* eJabeshi, azila ukudla izinsuku eziyisikhombisa.

1 uSamuweli 30:1-31:13ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 iziKronike 10

Ukufa kukaSawule nokwamadodana akhe amathathu ekulweni namaFilisti

1AmaFilisti alwa no-Israyeli; abantu bakwa-Israyeli babaleka phambi kwamaFilisti, bawa begwaziwe entabeni yaseGilibowa. 2AmaFilisti axosha uSawule namadodana akhe; amaFilisti abulala oJonathani, no-Abinadaba, noMaliki Shuwa, amadodana kaSawule. 3Impi yaba nzima kuSawule; abacibishelayo bamfica; wakhathazeka ngenxa yabacibishelayo.

4USawule wayesethi odibini lwezikhali zakhe: Hosha inkemba yakho, ungigwaze ngayo, funa labo abangasokile bafike, bangone. Kepha aluvumanga udibi lwezikhali zakhe, ngokuba lwesaba kakhulu. Ngalokho uSawule wayithatha inkemba, wawela phezu kwayo. 5Udibi lwezikhali zakhe selubonile ukuthi uSawule ufile, lwawela nalo phezu kwenkemba, lwafa. 6Wafa-ke uSawule namadodana akhe amathathu; nendlu yakhe yonke yafa kanyekanye.

7Lapho bonke abantu bakwa-Israyeli ababe sesigodini bebona ukuthi babaleka nokuthi uSawule namadodana akhe bafile, bashiya imizi yabo, babaleka; amaFilisti afika, ahlala kuyo.

8Kwathi ngangomuso, lapho amaFilisti efika ukuphanga ababuleweyo, afumana uSawule namadodana akhe bewile entabeni yaseGilibowa. 9Amphanga, athatha ikhanda lakhe nezikhali zakhe, akuthuma ezweni lamaFilisti nxazonke ukukumemezela kuzo izithombe zawo nakubantu. 10Azibeka izikhali zakhe endlini yawonkulunkulu bawo, abethela ikhanda lakhe endlini kaDagoni.

11Selizwile iJabeshi Gileyadi konke amaFilisti ayekwenzile kuSawule, 12kwasuka onke amadoda anamandla, asithatha isidumbu sikaSawule nezidumbu zamadodana akhe, aziletha eJabeshi, awembela amathambo abo phansi kwe-oki* eJabeshi, azila ukudla izinsuku eziyisikhombisa.

13Wafa kanjalo-ke uSawule ngesiphambeko sakhe aphambuka ngaso kuJehova ngenxa yezwi likaJehova angaligcinanga nangokuba kade eyile ukubhula konedlozi ukuba abuze kuye, 14engabuzanga kuJehova; ngalokho-ke wambulala, wabuyisela umbuso kuDavide indodana kaJese.

1 iziKronike 10:1-14ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU