Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 84

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

1 uSamuweli 20

UJonathani uphinda amkhulumele uDavide

1UDavide wabaleka eNayoti eRama, weza, wathi phambi kukaJonathani: “Ngenzeni na? Liyini icala lami na? Siyini isono sami phambi kukayihlo ukuba afune ukuphila kwami na?”

2Wathi kuye: “Makube kude lokho; awuyikufa; bheka, ubaba akenzi lutho olukhulu noma oluncane engakwambuleli kimi; pho, ubaba ubeyakungifihlela le nto na? Akuyikuba njalo.”

3UDavide wabuye wafunga, wathi: “Uyihlo uyazi kahle ukuthi ngifumene umusa emehlweni akho; uthi: ‘Makangazi lokhu uJonathani, funa abe nosizi.’ Kepha, kuphila kukaJehova nokuphila kwakho, kukhona isinyathelo esisodwa nje phakathi kwami nokufa.”

4UJonathani wayesethi kuDavide: “Noma kuyini inhliziyo yakho ekushoyo, ngiyakukwenzela khona.”

5UDavide wathi kuJonathani: “Bheka, kusasa iyakwethwasa inyanga; angifanele ukuphutha ukuhlala nenkosi ekudleni, kepha ngivumele ukuba ngihambe, ngicashe endle kuze kube sosukwini lwesithathu ngakusihlwa. 6Uma uyihlo engifica ngingekho, wothi: ‘UDavide wacela nokucela ukuba agijimele eBetlehema umuzi wakhe, ngokuba kukhona lapho umhlatshelo weminyaka ngeminyaka owenzelwa wonke umndeni wakubo.’ 7Uma esho ukuthi: ‘Kulungile,’ inceku yakho iyakuba nokuthula; kepha uma ethukuthela, yazi-ke ukuthi unqume okubi. 8Ngalokho yenzela inceku yakho isihawu, ngokuba ungenisile inceku yakho esivumelwaneni sikaJehova nawe; kepha uma kukhona ububi kimi, ngibulale wena, ngokuba ubuyakungiyiselani kuyihlo na?”

9UJonathani wathi: “Makube kude nawe, ngokuba uma bengazi nakanci ukuthi kunqunywe okubi ngubaba ukuba wehlelwe yikho, bengingayikukutshela na?”

10UDavide wayesethi kuJonathani: “Ngubani oyakungitshela, uma mhlawumbe uyihlo ekuphendula kabi na?”

11UJonathani wathi kuDavide: “Woza siye endle.” Baphuma bobabili, baya endle.

12UJonathani wathi kuDavide: “Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, nxa ngimphenya ubaba ngalesi sikhathi kusasa noma ngomhlomunye, bheka, uma kukuhle kuDavide, ngiyakuthumela kuwe, ngikwambulele kuwe. 13UJehova makenze njalo kuJonathani, enezele futhi, uma kukuhle kubaba ukukwenzela okubi, ngingakwambuleli kuwe, ngikuvumele ukuba uhambe kahle; uJehova makabe nawe, njengalokho ayenobaba. 14Awuyikungenzela umusa kaJehova ukuba ngingafi ngisekhona kuphela, 15kepha futhi mawunganqumi isihawu sakho endlini yami kuze kube phakade, hhayi nalapho uJehova esenqumile zonke izitha zikaDavide ebusweni bomhlaba.”

16UJonathani wayesenza isivumelwano nendlu kaDavide; futhi uJehova wakubiza esandleni sezitha zikaDavide. 17UJonathani waphinda wamfungisa ukumthanda kwakhe, ngokuba wamthanda njengokuba ethanda umphefumulo wakhe.

18UJonathani wayesethi kuye: “Kusasa iyakwethwasa inyanga; uyakuficwa ungekho, ngokuba isihlalo sakho siyakuba ze. 19Usuhlalile izinsuku ezintathu; yehla masinyane, uye kuleyo ndawo owacasha kuyo ngosuku lwesenzo leso, uhlale ngasetsheni lase-Ezeli. 20Ngiyakucibishela imicibisholo emithathu ngaseceleni kwalo, kungathi ngicibishela isigcibisholo. 21Bheka, ngiyakuthuma umfana ngokuthi: ‘Hamba ufune imicibisholo.’ Uma ngithi kumfana: ‘Bheka, imicibisholo inganeno kwakho, yithathe,’ woza wena, ngokuba ungaba nokuthula, akukho lutho, kuphila kukaJehova. 22Kepha uma ngithi kanje kumfana: ‘Bheka, imicibisholo ingalaphaya kwakho,’ hamba, ngokuba uJehova ukumukisile. 23Namaqondana nendaba esikhulume ngayo mina nawe, bheka, uJehova uphakathi kwakho nami kuze kube phakade.”

24UDavide wacasha masinyane endle; isethwasile inyanga, inkosi yahlala ekudleni ukuba idle. 25Inkosi yahlala esihlalweni sayo njengakwezinye izikhathi, isihlalo esingasodongeni; uJonathani wema, u-Abineri wahlala ngaseceleni kukaSawule; kepha indawo kaDavide yayiyize. 26Kodwa uSawule akakhulumanga lutho ngalolo suku, ngokuba wacabanga ukuthi: “Okuthile kumehlele; akahlambulukile, impela akahlambulukile.” 27Kwathi ngangomuso emva kokwethwasa kwenyanga ngolwesibili indawo kaDavide yayiyize; uSawule wathi kuJonathani indodana yakhe: “Indodana kaJese ayifikanga ngani ekudleni nayizolo nanamuhla na?”

28UJonathani wamphendula uSawule, wathi: “UDavide wangicela nokungicela ukuba aye eBetlehema, 29wathi: ‘Ake ungivumele ukuba ngihambe, ngokuba umndeni wakithi unomhlatshelo emzini; umfowethu ungiyalile; manje-ke, uma ngifumene umusa emehlweni akho, mangihambe ngibone abafowethu.’ Ngalokho akafikanga etafuleni lenkosi.”

30Intukuthelo kaSawule yayisimvuthela uJonathani, wathi kuye: “Wena ndodana yowesifazane owonakeleyo nohlubukileyo, angazi yini ukuthi ukhethile indodana kaJese kube yihlazo lakho nehlazo lobunqunu bukanyoko, na? 31Ngokuba izinsuku zonke indodana kaJese isekhona emhlabeni awuyikuzinza nombuso wakho. Ngalokho thumela umlethe kimi, ngokuba ungowokufa yena.”

32UJonathani wamphendula uSawule uyise, wathi kuye: “Uyakubulalelwani? Wenzeni na?” 33USawule wamgema ngomkhonto ukuba amgwaze; wayesekwazi uJonathani ukuthi uyise unqume ukumbulala uDavide.

34UJonathani wasuka etafuleni evutha ulaka, akadlanga kudla ngosuku lwesibili lwenyanga, ngokuba wayenosizi ngenxa kaDavide, lokhu uyise emhlazisile.

35Kwathi ekuseni uJonathani waphuma, waya endle ngesikhathi abasimisile noDavide, umfana omncane enaye. 36Wathi kumfana wakhe: “Gijima, ufune imicibisholo engiyicibishelayo.” Esagijima umfana, wacibishela umcibisholo ngaphambi kwakhe. 37Umfana esefikile endaweni yomcibisholo uJonathani ayicibisheleyo, uJonathani wamemeza emva komfana, wathi: “Umcibisholo awungaphambi kwakho na?” 38UJonathani wamemeza emva komfana, wathi: “Shesha, ukhawuleze, ungemi.” Umfana kaJonathani waqoqa imicibisholo, wafika enkosini yakhe. 39Kepha umfana wayengazi lutho; oJonathani noDavide kuphela babeyazi le ndaba. 40UJonathani wanika umfana wakhe izikhali zakhe, wathi kuye: “Hamba, uziyise emzini.”

41Esehambile umfana, uDavide wavuka ngaseningizimu, wawa phansi ngobuso bakhe, wakhothama kathathu; bangana, bakhalelana, waze wakhala kakhulu uDavide.

42UJonathani wathi kuDavide: “Hamba kahle, lokhu sifungile sobabili igama likaJehova ngokuthi: ‘UJehova uyakuba phakathi kwami nawe naphakathi kwenzalo yami nenzalo yakho kuze kube phakade.’ ” Wavuka, wahamba; uJonathani wangena emzini.

1 uSamuweli 21

UDavide ukumpristi u-Ahimeleki eNobi. Ubaleka aye ku-Akhishi

1UDavide wayeseya eNobi ku-Ahimeleki umpristi; u-Ahimeleki waya ukumhlangabeza uDavide ethuthumela, wathi kuye: “Yini ukuba uwedwa, kungekho muntu nawe, na?”

2UDavide wathi ku-Ahimeleki umpristi: “Inkosi ingiyalezile udaba, yathi kimi: ‘Makungazi muntu ngalolu daba engikuthuma ngalo nengikuyale ngalo.’ Izinsizwa zami ngizazisile indawo ethile. 3Manje kuyini okuphansi kwesandla sakho na? Nginike esandleni sami izinkwa eziyisihlanu noma kuyini okukhona.”

4Umpristi wamphendula uDavide, wathi: “Asikho isinkwa esivamileyo nje phansi kwesandla sami, kepha kukhona isinkwa esingcwele, uma izinsizwa zizigcinile esifazaneni kuphela.”

5UDavide wamphendula umpristi, wathi: “Impela abesifazane bavinjelwe kithina ngalezi zinsuku; izinto zezinsizwa zazingcwele ekuphumeni kwami; noma kuyindlela evamileyo nje, izinto zazo zisengcwele nanamuhla.” 6Umpristi wayesemnika isinkwa esingcwele, ngokuba kwakungekho sinkwa lapho, isinkwa sokubukwa kuphela, ebesisusiwe phambi kukaJehova ukuba kubekwe isinkwa esisashisayo mhla sisuswa.

7Kepha umuntu othile wezinceku zikaSawule wayelapho ngalolo suku, ebambekile phambi kukaJehova, ogama lakhe lalinguDowegi wabakwa-Edomi, omkhulu wabelusi bakaSawule.

8UDavide wathi ku-Ahimeleki: “Akukho lapho phansi kwesandla sakho umkhonto noma inkemba na? Ngokuba angifikanga nenkemba yami nezikhali zami, ngokuba udaba lwenkosi lwalusheshisa.”

9Wayesethi umpristi: “Inkemba kaGoliyati umFilisti owambulala esigodini sase-Ela, bheka, ilapho, isongiwe ngengubo emva kwengubo yamahlombe. Uma uthanda ukuyithatha, yithathe, ngokuba ayikho lapha enye ngaphandle kwayo.”

UDavide wathi: “Ayikho enjengayo; nginike yona.”

10Wayesesuka uDavide, wabaleka ngalolo suku ngokwesaba uSawule, waya ku-Akhishi inkosi yaseGati. 11Izinceku zika-Akhishi zathi kuye: “Lo akasiye uDavide, inkosi yezwe, na? Abavumelananga yini ngaye omunye nomunye, besina bethi:

“ ‘USawule ubulele izinkulungwane zakhe,

kepha uDavide izinkulungwane zakhe eziyishumi,’ na?”

12UDavide wabeka lawo mazwi enhliziyweni yakhe, wamesaba kakhulu u-Akhishi inkosi yaseGati. 13Waguquka ingqondo phambi kwabo, wazenza ohlanyayo ezandleni zabo, wadweba ezivalweni zamasango, wehlisela amathe esilevini.

14U-Akhishi wayesethi ezincekwini zakhe: “Bheka, uyabona ukuthi lo muntu uyahlanya; nimletheleni kimi na? 15Ngiswele izinhlanya yini ukuba nimlethe lo muntu ukuzenza uhlanya ebusweni bami na? Angene endlini yami lona na?”

1 uSamuweli 22

UDavide uyisibaleki emhumeni wase-Adulamu nakwaMowabi

1UDavide wayesesuka khona, wabaleka, waya emhumeni wase-Adulamu; lapho abafowabo nabo bonke abendlu kayise bekuzwa, behlela khona kuye. 2Kwabuthana kuye bonke abanosizi, nabo bonke abanesikwenetu, nabo bonke abanenhliziyo enomunyu, waba yinduna phezu kwabo; kwakukhona naye kungathi abantu abangamakhulu amane.

3UDavide wasuka khona, waya eMispa lakwaMowabi, wathi enkosini yakwaMowabi: “Ake beze ubaba nomame, bahlale kini, ngize ngazi ukuthi uNkulunkulu uyakwenzani kimi.” 4Wabaletha phambi kwenkosi yakwaMowabi, bahlala kuye zonke izinsuku uDavide esenqabeni.

5Umprofethi uGadi wathi kuDavide: “Ungahlali enqabeni; hamba uye ezweni lakwaJuda.” Wayesesuka uDavide, wafika ehlathini laseHereti.

USawule ubulala abaseNobi

6USawule wezwa ukuthi uDavide uyaziwa nabantu ababe naye; uSawule wayehlezi eGibeya phansi komtamariske* egqumeni ephethe umkhonto esandleni sakhe, zonke izinceku zimi ngakuye. 7USawule wathi ezincekwini zakhe ezazimi ngakuye: “Yizwani nina bakwaBenjamini; indodana kaJese iyakuninika nonke amasimu nezivini, inenze nonke nibe yizinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu, 8ngokuba ningenzele nonke ugobe, akwababikho ongitshelileyo lapho indodana yami yenza isivumelwano nendodana kaJese, akwababikho kini ongidabukelayo nongitshelayo ukuthi indodana yami ingivusele inceku yami ukuba ingiqamekele njenganamuhla.”

9UDowegi wakwa-Edomi owayemi ngakuzo izinceku zikaSawule waphendula wathi: “Ngabona indodana kaJese iza eNobi ku-Ahimeleki indodana ka-Ahithubi. 10Wambuzela kuJehova, wamnika umphako, wamnika nenkemba kaGoliyati umFilisti.”

11Inkosi yayisithumela ukubiza u-Ahimeleki umpristi, indodana ka-Ahithubi, nendlu yonke kayise, abapristi ababeseNobi; beza bonke enkosini. 12USawule wathi: “Yizwa-ke, wena ndodana ka-Ahithubi.”

Waphendula wathi: “Ngilapha, nkosi.”

13USawule wathi kuye: “Ningenzeleleni ugobe, wena nendodana kaJese, ngokuyinika isinkwa nenkemba, uyibuzele kuNkulunkulu ukuba ingivukele, ingiqamekele njenganamuhla, na?”

14U-Ahimeleki waphendula inkosi, wathi: “Ngubani kuzo zonke izinceku zakho othembekile njengoDavide, umkhwenyana wenkosi, nenduna yabalindi bakho, nodumileyo endlini yakho, na? 15Ngiqale namuhla yini ukumbuzela kuJehova na? Makube kude nami; inkosi mayingabeki cala encekwini yayo, nakuyo yonke indlu kababa, ngokuba inceku yakho ayazi lutho lwayo yonke le ndaba, oluncane noma olukhulu.”

16Inkosi yayisithi: “Uyakufa nokufa, Ahimeleki, wena nayo yonke indlu kayihlo.”

17Inkosi yathi kuzo izigijimi ezazimi ngakuyo: “Sondelani, nibulale abapristi bakaJehova, ngokuba nesandla sabo sinaye uDavide nangokuba bazi ukuthi uDavide wabaleka, bengakwambulelanga kimi.” Kepha izinceku zenkosi azivumanga ukwelula isandla sazo ukuba zisukele abapristi bakaJehova.

18Inkosi yathi kuDowegi: “Sondela wena, usukele abapristi.” UDowegi wabakwa-Edomi wasondela, wabasukela abapristi, wabulala ngalolo suku abantu abangamashumi ayisishiyagalombili nanhlanu, abembethe ingubo yamahlombe yelineni. 19INobi, umuzi wabapristi, walichitha ngosiko lwenkemba, abesilisa nabesifazane, izingane nabancelayo, izinkabi nezimbongolo nezimvu, ngosiko lwenkemba.

20Omunye wamadodana ka-Ahimeleki indodana ka-Ahithubi ogama lakhe lingu-Abiyathara wabaleka, wamlandela uDavide. 21U-Abiyathara wamtshela uDavide ukuthi uSawule ubulele abapristi bakaJehova. 22UDavide wathi ku-Abiyathara: “Ngazi ngalolo suku mhla uDowegi wakwa-Edomi elapho ukuthi uyakumtshela nokumtshela uSawule; yimi engibangele ukuba bafe abantu bonke bendlu kayihlo. 23Hlala kimi, ungesabi, ngokuba ofuna ukuphila kwami ufuna ukuphila kwakho, kepha uyakulondolozeka kimi.”

1 uSamuweli 20:1-22:23ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU