Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 82

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

1 uSamuweli 15

USawule uyahlula ama-Amaleki

1USamuweli wathi kuSawule: “UJehova wangithuma ukuba ngikugcobe ube yinkosi phezu kwabantu bakhe u-Israyeli; ngalokho lalela amazwi kaJehova. 2Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Ngiyakuhambela umAmaleki ngalokho akwenzayo ku-Israyeli wamelana naye endleleni ekukhuphukeni kwakhe eGibithe. 3Hamba manje, unqobe u-Amaleki, uchithe impela konke anakho, ungamhawukeli, kepha bulala abesilisa, nabesifazane, nezingane, nabancelayo, nezinkabi, nezimvu, namakamela, nezimbongolo.’ ”

4USawule wayesebiza abantu, wababala eThelayimi, izinkulungwane ezingamakhulu amabili zemigundatshani nezinkulungwane eziyishumi zabantu bakwaJuda. 5USawule wafika emzini ka-Amaleki, waqamekela esigodini. 6USawule wathi kumaKheni: “Hambani nimuke, nehle kuwo ama-Amaleki, funa nginichithe kanye nawo, ngokuba nabenzela umusa bonke abantwana bakwa-Israyeli ekukhuphukeni kwabo eGibithe.” Ayesesuka amaKheni phakathi kwama-Amaleki.

7USawule wahlula ama-Amaleki kusukela eHavila kuya ngaseShuri elingaphambi kwaseGibithe. 8Wabamba u-Agagi inkosi yama-Amaleki esaphilile, wachitha impela bonke abantu ngosiko lwenkemba. 9Kepha uSawule nabantu bayeka u-Agagi nezinhle nezikhulupheleyo zezimvu nezezinkabi, namawundlu, nakho konke okuhle; babengavumi ukukuqeda lokho; kodwa zonke izinto ezidelekileyo nezondileyo baziqeda nya.

Ukungalaleli nokulahlwa kukaSawule

10Lase lifika izwi likaJehova kuSamuweli, lithi: 11“Ngiyazisola ukuthi ngibekile uSawule inkosi, ngokuba ubuyile ekungilandeleni, kafezanga amazwi ami.” USamuweli wathukuthela, wakhala kuJehova ubusuku bonke.

12USamuweli wavuka kusasa ukuba amhlangabeze uSawule ekuseni; kwabikwa kuSamuweli ukuthi: “USawule wafika eKarmeli; bheka, wazimisela insika, wasuka, wadlula, wehla waya eGiligali.”

13USamuweli wafika kuSawule; uSawule wathi kuye: “Mawubusiswe nguJehova; sengifezile izwi likaJehova.”

14USamuweli wayesethi: “Kuthini, pho, lokhu kukhala kwezimvu ezindlebeni zami, nokukhala kwezinkabi engikuzwayo, na?”

15USawule wathi: “Babuye nazo kuma-Amaleki, ngokuba abantu bayeka ezinhle zezimvu nezezinkabi ukuba bahlabele uJehova uNkulunkulu wakho; ezinye siziqedile nya.”

16USamuweli wayesethi kuSawule: “Kahle, ngikutshele lokho uJehova akukhulumile kimi kulobu busuku.”

Wathi kuye: “Khuluma.”

17Wathi uSamuweli: “Nakuba wawumncane emehlweni akho, awenziwanga yini waba yinhloko yezizwe zakwa-Israyeli na? UJehova wakugcoba, waba yinkosi phezu kuka-Israyeli. 18UJehova wakuthuma indlela, wathi: ‘Hamba uqede nya izoni, ama-Amaleki, ulwe nawo aze aphele.’ 19Awulalelanga ngani izwi likaJehova, kepha watheleka phakathi kwempango, wenza okubi emehlweni kaJehova, na?”

20USawule wathi kuSamuweli: “Ngililalele izwi likaJehova, ngihambile indlela uJehova owangithuma yona, ngimlethile u-Agagi inkosi yama-Amaleki, ngachitha impela ama-Amaleki. 21Kepha abantu bathatha kuyo impango, izimvu nezinkabi, okuhle kokuqalekisiweyo, ukuba bahlabele uJehova uNkulunkulu wakho eGiligali.”

22USamuweli wathi:

“UJehova uyenamela yini

iminikelo yokushiswa nemihlatshelo,

njengalokhu enamele ukulalelwa kwezwi likaJehova, na?

Bheka, ukulalela kuhle kunomhlatshelo,

nokuqaphela kuhle kunamanoni ezinqama.

23Ngokuba ukwambuka kunjengesono sokubhula,

nenkani ifana nokukhonza izithombe namatherafi.*

Ngokuba ulilahlile izwi likaJehova,

naye ukulahlile wena ukuba ungabe usaba yinkosi.”

24USawule wayesethi kuSamuweli: “Ngonile, ngokuba ngeqile isiyalezo sikaJehova namazwi akho, lokhu ngesaba abantu, ngalalela izwi labo. 25Ngalokho ake uthethelele isono sami, ubuye nami ukuba ngikhuleke kuJehova.”

26USamuweli wathi kuSawule: “Angiyikubuya nawe, ngokuba ulilahlile izwi likaJehova, naye uJehova ukulahlile wena ukuba ungabe usaba yinkosi phezu kuka-Israyeli.”

27USamuweli esephenduka ukuhamba, wabamba umphetho wengubo yakhe, yaklebhuka. 28USamuweli wathi kuye: “UJehova uklebhulile umbuso ka-Israyeli kuwe namuhla, uwunikile umngane wakho omuhle kunawe. 29IThemba Lika-Israyeli aliyikuqamba amanga, lizisole, ngokuba alisiye umuntu ukuba lizisole.”

30Wayesethi: “Ngonile, kepha ake ungituse manje phambi kwamalunga abantu bami naphambi kuka-Israyeli, ubuye nami ukuba ngikhuleke kuJehova uNkulunkulu wakho.” 31USamuweli wabuya, wamlandela uSawule; uSawule wakhuleka kuJehova.

OSamuweli no-Agagi

32USamuweli wayesethi: “Lethani kimi u-Agagi inkosi yama-Amaleki.” U-Agagi wafika kuye esasile.

U-Agagi wathi: “Impela umunyu wokufa udlulile.”

33USamuweli wathi: “Njengalokho inkemba yakho ibaphucile abesifazane abantwana, kanjalo unyoko uyakwaphucwa abantwana kunabanye.” USamuweli wayesehlahlela u-Agagi phambi kukaJehova eGiligali.

34USamuweli waya eRama, kepha uSawule wakhuphukela ekhaya eGibeya likaSawule. 35USamuweli akaphindanga ukumbona uSawule waze wafa, kepha uSamuweli wamkhalela uSawule; uJehova wazisola ukuthi wayembekile uSawule inkosi phezu kuka-Israyeli.

1 uSamuweli 16

Ukugcotshwa kukaDavide abe yinkosi

1UJehova wathi kuSamuweli: “Uyakumkhalela kuze kube nini na? Ngokuba ngimlahlile ukuba angabe esaba yinkosi phezu kuka-Israyeli. Gcwalisa uphondo lwakho ngamafutha, uhambe; ngiyakukuthuma kuJese waseBetlehema, ngokuba ngizibonele inkosi phakathi kwamadodana akhe.”

2Wathi uSamuweli: “Ngingahamba kanjani? Uma uSawule ekuzwa, uyakungibulala.”

UJehova wathi: “Hamba nesithokazi, uthi: ‘Ngize ukuhlabela uJehova.’ 3Mbize uJese ekuhlabeni; ngiyakukwazisa ukuthi uyakwenzani: uyakungigcobela lowo engiyakumusho kuwe.”

4USamuweli wenza lokho akushoyo uJehova, waya eBetlehema. Amalunga omuzi amhlangabeza ethuthumela, athi: “Ukufika kwakho kunokuthula na?”

5Wathi: “Yebo, kunokuthula; ngize ukuhlabela uJehova; zingcweliseni, nize nami ekuhlabeni.” Wabangcwelisa uJese namadodana akhe, wababiza ukuba beze ekuhlabeni.

6Kwathi sebefikile, wabheka u-Eliyabe, wathi: “Impela ogcotshiweyo kaJehova uphambi kwakhe.”

7Kepha uJehova wathi kuSamuweli: “Ungabheki isimo sakhe nobude bomzimba wakhe, ngokuba ngimalile, lokhu uJehova engabukisi okomuntu; umuntu ubheka okusemehlweni, kepha uJehova ubheka okusenhliziyweni.”

8UJese wayesebiza u-Abinadaba, wamdlulisa phambi kukaSamuweli. Wathi: “Nalona uJehova akamkhethanga.” 9UJese wayesedlulisa uShama. Wathi: “Nalona uJehova akamkhethanga.” 10UJese wadlulisa ayisikhombisa kumadodana akhe phambi kukaSamuweli. USamuweli wathi kuJese: “UJehova akawakhethanga nalawa.” 11USamuweli wathi kuJese: “Sebephelile abafana na?”

Wathi: “Kusasele omncane; bheka, uyalusa izimvu.”

USamuweli wathi kuJese: “Thumela umlande, ngokuba asiyikubuya, engakafiki lapha.”

12Wathumela, wamngenisa. Wayebomvana enamehlo amahle, emuhle ngokubukwa. UJehova wathi: “Suka umgcobe, ngokuba lona nguye.”

13USamuweli wayesethatha uphondo lwamafutha, wamgcoba phakathi kwabafowabo; uMoya kaJehova wehlela phezu kukaDavide ngamandla, kusukela kulolo suku kuya phambili. Wayesesuka uSamuweli, waya eRama.

UDavide uya endlunkulu

14UMoya kaJehova wamuka kuSawule, nomoya omubi owavela kuJehova wamzuma.

15Izinceku zikaSawule zathi kuye: “Bheka-ke, umoya omubi ovela kuNkulunkulu ukuzumile. 16Mayisho inkosi yethu ukuba izinceku eziphambi kwakho zifune umuntu owazi ukubetha ihabhu;* kuyakuthi lapho ufikelwa ngumoya omubi ovela kuNkulunkulu, abethe ngesandla sakhe, kube kuhle kuwe.”

17USawule wayesethi kuzo izinceku zakhe: “Ngiboneleni umuntu owazi ukubetha kahle, nimlethe kimi.”

18Kwaphendula enye insizwa, yathi: “Bheka, ngibonile indodana kaJese waseBetlehema eyazi ukubetha, eyiqhawe elinamandla, eyindoda yempi nehlakaniphile ekukhulumeni, ebukeka, emuhle futhi; uJehova unayo.”

19Ngalokho uSawule wathuma izithunywa kuJese, wathi: “Thuma kimi uDavide indodana yakho osezimvini.” 20UJese wathatha imbongolo ithwele isinkwa, nemvaba yewayini, nezinyane lembuzi, wakuthuma kuSawule ngesandla sikaDavide indodana yakhe.

21UDavide wafika kuSawule, wema phambi kwakhe; wamthanda kakhulu, waba ludibi lwezikhali zakhe. 22USawule wathumela kuJese, wathi: “Akeme phambi kwami uDavide, ngokuba ufumene umusa emehlweni ami.”

23Kwathi nxa umoya owavela kuNkulunkulu emehlela uSawule, uDavide wathatha ihabhu,* walibetha ngesandla sakhe; wayesekhululeka uSawule, waba ngcono, umoya omubi wamuka kuye.

1 uSamuweli 17

UDavide ubulala umFilisti uGoliyati

1AmaFilisti abutha izimpi zawo ukuba alwe; abuthana eSoko lakwaJuda, amisa phakathi kweSoko ne-Azeka e-Efesi Damimi. 2USawule nabantu bakwa-Israyeli babuthana, bamisa esigodini sase-Ela, bahlela impi ukuhlangabezana namaFilisti. 3AmaFilisti ayemi entabeni ngalapha, u-Israyeli wayemi entabeni ngalapha; kwakukhona isigodi phakathi kwabo.

4Kwaphuma iqhawe elikhulu ekamu* lamaFilisti, igama lalo linguGoliyati waseGati, obude bakhe buyizingalo eziyisithupha nesandla. 5Wayenesigqoko sethusi ekhanda, egqoke ibhantshi lensimbi; isisindo sebhantshi sasingamashekeli* ayizinkulungwane eziyisihlanu ethusi. 6Wayenezivikelo zethusi emilenzeni, nengcula yethusi phakathi kwamahlombe. 7Uthi lomkhonto wakhe lwalunjengogongolo lomaluki; isihloko somkhonto sasingamashekeli* angamakhulu ayisithupha ensimbi; ophethe isihlangu wahamba phambi kwakhe.

8Wema, wamemeza ezinhleni zakwa-Israyeli, wathi kuzo: “Niphumelani ukuhlela impi na? Angisiye umFilisti, nina niyizinceku zikaSawule, na? Zikhetheleni umuntu, ehle eze kimi. 9Uma enamandla okulwa nami, angibulale, siyakuba yizigqila zenu; kepha uma ngimahlula, ngimbulale, niyakuba yizigqila zethu, nisikhonze.” 10UmFilisti wathi: “Ngiyazeyisa namuhla izinhla zakwa-Israyeli; nginikeni umuntu, silwe naye.” 11Lapho uSawule naye wonke u-Israyeli bezwa lawo mazwi omFilisti, bashaywa luvalo, besaba kakhulu.

12UDavide wayeyindodana yalowo mEfrati waseBetlehema Juda ogama lakhe lalinguJese; wayenamadodana ayisishiyagalombili; lowo muntu wayemdala ezinsukwini zikaSawule phakathi kwabantu. 13Amadodana amathathu amakhulu kaJese ayemlandele uSawule ukuya empini; amagama amadodana akhe amathathu ayeyile empini ayengu-Eliyabe izibulo, emelamayo ngu-Abinadaba, neyesithathu nguShama. 14UDavide nguye owayengomncinyane; amathathu amakhulu amlandela uSawule. 15UDavide wahamba wabuya ukuyakwalusa izimvu zikayise eBetlehema.

16UmFilisti wasondela ekuseni nakusihlwa, wema khona izinsuku ezingamashumi amane.

17UJese wathi kuDavide indodana yakhe: “Ake uthathele abafowenu i-efa* lalolu tshwele nalezi zinkwa eziyishumi, usheshe uye ekamu* labafowenu, 18uphathele induna yenkulungwane lawa makhekheba kashizi,* ubheke impilo yabafowenu, uthathe isibambiso kubo.” 19USawule nabo bonke abantu bakwa-Israyeli base besesigodini sase-Ela, belwa namaFilisti.

20UDavide wavuka ekuseni kakhulu, washiya izimvu kumlindi, wathatha, wahamba, njengalokho uJese amyale ngakho; wafika enqabeni yezinqola, impi isaphuma ukuyakuhlelwa, yahlaba umkhosi. 21U-Israyeli namaFilisti bahlela impi, babhekana. 22UDavide washiya impahla yakhe esandleni somlindi wempahla, wagijimela empini, wabingelela abafowabo. 23Kepha esakhuluma nabo, bheka, kwenyuka iqhawe elikhulu, umFilisti waseGati, nguGoliyati igama lalo, ephuma ezinhleni zamaFilisti, wakhuluma wona lawo mazwi; uDavide wawezwa. 24Bonke abantu bakwa-Israyeli sebebonile lo muntu bambalekela, besaba kakhulu.

25Abantu bakwa-Israyeli bathi: “Nimbonile lowo muntu owenyukile na? Ngokuba wenyukile ukuyakweyisa u-Israyeli; kuyakuthi umuntu ombulalayo, inkosi imcebise ngengcebo enkulu, imnike indodakazi yayo, iyenze indlu kayise ibe ngekhululekile kwa-Israyeli.”

26UDavide wakhuluma kubantu ababemi naye, wathi: “Kuyakwenziwa ntoni kumuntu obulala lowo mFilisti, asuse ihlazo kwa-Israyeli, na? Ngokuba ngubani lowo mFilisti ongasokile ukuba ayeyise impi kaNkulunkulu ophilayo na?”

27Abantu bamphendula ngalona lelo zwi; bathi-ke: “Kuyakwenziwa kanjalo kumuntu ombulalayo.”

28U-Eliyabe umfowabo omkhulu wezwa lapho ekhuluma kubantu; intukuthelo ka-Eliyabe yamvuthela uDavide, wathi: “Wehleleni na? Uzishiye kubani leziya zimvu ezingengakanani ehlane na? Mina ngiyakwazi ukuziphakamisa kwakho nobubi benhliziyo yakho, ngokuba wehlile ukuba ubuke impi.”

29Kepha uDavide wathi: “Ngenzeni na? Bekungumbuzo nje.” 30Wamfulathela, wabheka komunye, wakhuluma lona lelo zwi; abantu bamphendula njengakuqala.

1 uSamuweli 15:1-17:30ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU