Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 74

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

URuthe 1

U-Elimeleki nomkakhe.URuthe

1Kwathi emihleni abahlulela ngayo abahluleli kwaba khona indlala ezweni. Umuntu othile waseBetlehema Juda waya ukuyohlala ezweni lakwaMowabi, yena nomkakhe, namadodana akhe amabili. 2Igama lalowo muntu lalingu-Elimeleki, igama lomkakhe lalinguNawomi, amagama amadodana akhe amabili ayengoMahaloni noKiliyoni; babe ngama-Efratha aseBetlehema Juda. Bafika ezweni lakwaMowabi, bahlala khona.

3U-Elimeleki umyeni kaNawomi wafa; kepha yena wasala namadodana akhe amabili. 4Azithathela abafazi kwabesifazane bakwaMowabi; igama lomunye lalingu-Orpa, igama lomunye lalinguRuthe; bahlala khona kwangathi iminyaka eyishumi. 5OMahaloni noKiliyoni bafa bobabili; owesifazane washiywa-ke ngabantwana bakhe ababili nangumyeni wakhe.

6Wayesesuka nawomalokazana bakhe ukuba abuye ezweni lakwaMowabi, ngokuba wayezwile ezweni lakwaMowabi ukuthi uJehova uhambele abantu bakhe ukuba abaphe ukudla. 7Waphuma endaweni lapho wayekhona, omalokazana bakhe benaye; bahamba ngendlela yokubuyela ezweni lakwaJuda.

8UNawomi wathi komalokazana bakhe ababili: “Hambani nibuyele, kube yilowo nalowo endlini kanina; uJehova makanenzele umusa, njengalokho nanenza kwabafileyo nakimi. 9UJehova makaninike ukuba nifumane ukuphumula, kube yilowo nalowo endlini yomyeni wakhe.” Wayesebanga, badazuluka, bakhala. 10Bathi kuye: “Hhayi! Kepha sobuyela nawe kubantu bakini!”

11Wayesethi uNawomi: “Buyani, madodakazi ami; nohambelani nami na? Ngisenamadodana ezibilinini zami ukuba abe ngabayeni benu na? 12Buyani, madodakazi ami, nihambe, ngokuba sengimdala ukuba ngibe nomyeni. Noma ngangithi nginethemba, noma ngingaba nendoda kulobu busuku, ngizale amadodana, 13beningawahlalela aze abe ngakhulileyo na? Beniyakuzivimbela ningabi namadoda na? Hhayi, madodakazi ami, kumunyu kimi ngenxa yenu, ngokuba isandla sikaJehova siphumele kimi.”

14Badazuluka, baphinda bakhala; u-Orpa wamanga uninazala, kepha uRuthe wanamathela kuye.

15Wathi: “Bheka, umnakwenu usebuyele kwabakubo nakunkulunkulu wakhe; buya nawe, umlandele umnakwenu.”

16Kepha uRuthe wathi: “Ungangincengi ukuba ngikushiye, ngibuye, ngingakulandeli, ngokuba lapho uya khona, ngiyakuya khona nami, nalapho uhlala khona, ngiyakuhlala khona nami; abantu bakho bayakuba ngabantu bami, uNkulunkulu wakho abe nguNkulunkulu wami. 17Lapho ufela khona, ngiyakufela khona nami, ngimbelwe khona; uJehova akenze njalo kimi, enezele futhi, ngokuba ngukufa kuphela okuyakusahlukanisa.” 18Esebonile ukuthi uzimisele ukuhamba naye, wayeka ukukhuluma kuye.

19Base behamba bobabili baze bafika eBetlehema. Kwathi sebefikile eBetlehema, wonke umuzi wanyakaziswa, bathi: “Lo unguNawomi na?”

20Wathi kubo: “Ningangibizi ngokuthi uNawomi;* ngibizeni ngokuthi uMara,* ngokuba uSomandla ungiphathe ngomunyu omkhulu. 21Ngahamba ngigcwele, uJehova ungibuyise ngize; ningibizelani ngokuthi uNawomi, lokhu uJehova efakazile ngami, uSomandla engenzele okubi, na?”

22Wabuya-ke uNawomi kanye noRuthe wakwaMowabi umalokazana wakhe owabuya ezweni lakwaMowabi, bafika eBetlehema ekuqaleni kokuvunwa kwebhali.*

URuthe 2

URuthe ukhothoza ensimini kaBowazi

1UNawomi wayenesihlobo somyeni wakhe, umuntu ocebileyo, owomndeni ka-Elimeleki, igama lakhe linguBowazi.

2URuthe wakwaMowabi wathi kuNawomi: “Mangihambe, ngiye ensimini, ngikhothoze ezikhwetshini emva kwalowo engiyakufumana umusa emehlweni akhe.”

Wathi kuye: “Hamba, ndodakazi yami.” 3Wahamba, waya wakhothoza ensimini emva kwabavuni; kwase kwenzeka ukuba afike esiqeshini sensimu sikaBowazi womndeni ka-Elimeleki.

4Bheka, uBowazi wafika evela eBetlehema, wathi kwabavunayo: “UJehova makabe nani.”

Bathi kuye: “UJehova makakubusise.”

5Wayesethi uBowazi encekwini yakhe eyayibekwe phezu kwabavuni: “Ngekabani le ntombazana na?”

6Inceku eyayibekwe phezu kwabavuni yaphendula yathi: “Kuyintombazana yakwaMowabi ebuye noNawomi ezweni lakwaMowabi; 7ithe: ‘Ake ngikhothoze, ngibuthe ezithungwini emva kwabavuni.’ Selokhu ifikile, iqhubekile kusukela ekuseni kuze kube manje, ihlale kancane endlini kuphela.”

8UBowazi wayesethi kuRuthe: “Angithi uyezwa, ndodakazi yami? Ungayi ukukhothoza kwenye insimu, futhi ungasuki lapha, kepha namathela kuwo amantombazana ami lapha. 9Amehlo akho mawabe sensimini ayivunayo, uwalandele; angithi ngiyalile abafana ukuba bangakuthinti na? Nxa womile, yana ezitsheni, uphuze lokho abakukhileyo abafana.”

10Wayesewa ngobuso bakhe, wakhothamela emhlabathini, wathi kuye: “Ngifumaneleni umusa emehlweni akho ukuba unginake, lokhu ngingowezizwe, na?”

11UBowazi waphendula, wathi kuye: “Kubikiwe kimi konke omenzele khona unyokozala selokhu afa umyeni wakho nokuthi ushiyile uyihlo nonyoko nezwe lokuzalwa kwakho, weza kubantu ongabazanga ngaphambili. 12UJehova makakuvuze ngomsebenzi wakho, uphiwe umvuzo opheleleyo nguJehova uNkulunkulu ka-Israyeli oze ukuba uphephele phansi kwamaphiko akhe.”

13Wathi: “Mangifumane umusa emehlweni akho, nkosi, ngokuba ungiduduzile nangokuba ukhulume kahle kuyo incekukazi yakho, noma ngingenjengenye yezincekukazi zakho.”

14Ngesikhathi sokudla uBowazi wathi kuye: “Woza lapha, udle isinkwa, ugcobhoze ucezu lwakho kuviniga.” Wahlala eceleni kwabavuni, wamnika utshwele, wadla wasutha, washiya phansi. 15Esesukile ekukhothozeni uBowazi wayala abafana bakhe, wathi: “Makakhothoze nasezithungwini, ningamkhathazi. 16Anoke nimkhiphele nokuthile ezithungwini, nikushiye ukuba akukhothoze, ningamsoli.”

17Wakhothoza-ke ensimini kwaze kwahlwa; wakubhula lokho abekukhothozile, kwakungathi i-efa* lebhali.* 18Wakuthatha, wangena emzini; uninazala wabona lokho abekukhothozile; wakhipha, wamnika lokho akushiyile esesuthile.

19Uninazala wathi kuye: “Ukhothozephi namuhla na? Usebenzephi? Makabusiswe lowo okunakileyo.”

Wamtshela uninazala ukuthi ubesebenza kubani, wathi: “Igama lomuntu engisebenzile kuye namuhla linguBowazi.”

20UNawomi wathi kumalokazana wakhe: “Makabusiswe nguJehova ongayekanga umusa wakhe kwabaphilileyo nakwabafileyo.” UNawomi wathi kuye: “Lowo muntu uyisihlobo sethu, ungowabahlengi bethu.”

21URuthe wakwaMowabi wathi: “Yebo, wathi kimi: ‘Wonamathela kubafana bami, baze baqede konke ukuvuna kwami.’ ”

22UNawomi wayesethi kuRuthe umalokazana wakhe: “Kuhle, ndodakazi yami, ukuba uphume namantombazana akhe, ungafikelwa kwenye insimu.”

23Wayesenamathela-ke kuwo amantombazana kaBowazi ukukhothoza kwaze kwaba sekugcineni kokuvunwa kwebhali* nokukakolweni; wahlala-ke noninazala.

URuthe 3

URuthe engasezinyaweni zikaBowazi

1UNawomi uninazala wathi kuye: “Ndodakazi yami, angiyikukufunela ukuphumula ukuba kube kuhle kuwe na? 2Angithi uBowazi owawunamantombazana akhe uyisihlobo sethu na? Bheka, uyela ibhali* kusihlwa esibuyeni. 3Ngakho-ke geza, ugcobe, ugqoke isambatho sakho, wehlele esibuyeni, kepha ungazazisi kulowo muntu, aze aqede ukudla nokuphuza. 4Kuyakuthi nxa eselala, uqaphele indawo ayakulala kuyo, ungene, wambule izinyawo zakhe, ulale; uyakukutshela lokhu oyakukwenza.”

5Wathi kuye: “Konke okushoyo ngiyakukwenza.” 6Wehlela esibuyeni, wenza njengakho konke amyale ngakho uninazala.

7UBowazi wadla waphuza, inhliziyo yakhe yathokoza, waya ukulala ngasekugcineni kwenqwaba yamabele; wafika kahle, wambula izinyawo zakhe, walala. 8Kwathi phakathi kwamabili yethuka leyo ndoda, yaphenduka; bheka, kwakulele owesifazane ngasezinyaweni zayo.

9Yathi: “Ungubani?”

Wathi: “NginguRuthe incekukazi yakho; yembesa incekukazi yakho umphetho wengubo yakho, ngokuba ungumhlengi.”

10Yathi: “Mawubusiswe nguJehova, ndodakazi yami; ubonakalisile umusa ekugcineni kakhulu kunasekuqaleni, ngokuba awulandelanga izinsizwa, noma zimpofu noma zicebile. 11Manje, ndodakazi yami, ungesabi; ngiyakukwenzela konke okushoyo, ngokuba wonke umuzi wabantu bakithi uyazi ukuthi ungowesifazane olungileyo. 12Yebo, kuqinisile ukuthi ngingumhlengi, kepha kukhona umhlengi omkhulu kunami. 13Hlala lobu busuku; kuyakuthi ekuseni, uma ekuhlenga, kulungile, makakuhlenge; kepha uma engathandi ukukuhlenga, mina ngiyakukuhlenga, kuphila kukaJehova; lala kuze kuse.”

14Walala ngasezinyaweni zakhe kwaze kwasa, wavuka bengakazani. Ngokuba yathi: “Makungaziwa ukuthi owesifazane wafika esibuyeni.”

15Yayisithi: “Letha ingubo ephezu kwakho, uyibambe.” Wayibamba, yalinganisa kasithupha ibhali,* yamthwesa lona, wangena emzini.

16Wafika kuninazala; wathi yena: “Ungubani, ndodakazi yami?”

Wamtshela konke leyo ndoda ebimenzele khona. 17Wathi: “Ingiphile lezi zilinganiso eziyisithupha zebhali,* ngokuba yathi kimi: ‘Ungayi kunyokozala ungaphethe lutho.’ ”

18Wathi: “Hlala, ndodakazi yami, uze wazi ukuba le ndaba iyakuphethelaphi, ngokuba leyo ndoda ayiyikuphumula ingakaqedi indaba namuhla.”

URuthe 4

UBowazi uyamthatha uRuthe abe ngumkakhe

1UBowazi wenyukela esangweni, wahlala phansi khona; bheka, umhlengi akhuluma ngaye uBowazi, wadlula; wathi kuye: “We wena sibanibani, phambuka, uhlale lapha.” Waphambuka, wahlala phansi. 2Wathatha amadoda ayishumi kuwo amalunga omuzi, wathi: “Hlalani phansi lapha.” Ahlala. 3Wayesethi kuye umhlengi: “UNawomi obuyile ezweni lakwaMowabi uyathengisa ngesiqephu sezwe esasingesika-Elimeleki; 4bengithi ngiyakukwambulela kuwe, ngithi: Lithenge phambi kwabahleziyo lapha naphambi kwamalunga abantu bakithi; uma ulithenga, lihlenge; kepha uma ungalithengi, ngitshele ukuba ngazi, ngokuba akakho ongalihlenga ngaphandle kwakho, mina ngisemva kwakho.”

Wayesethi: “Ngiyakulihlenga.”

5Wathi uBowazi: “Msukwana ulithenga izwe esandleni sikaNawomi, ulithenga nakuRuthe wakwaMowabi umkamufi ukuba ulivuse igama lofileyo efeni lakhe.”

6Umhlengi wathi: “Anginakuzihlengela lona, funa ngone ifa lami; zihlengele wena, ngokuba anginakukuhlenga.”

7Lokhu kwakunje ngokuhlenga nokwenana endulo kwa-Israyeli ukuba kuqiniswe izindaba zonke: umuntu wakhumula isicathulo sakhe, wasinika umakhelwane wakhe; lokho kwakungubufakazi kwa-Israyeli.

8Umhlengi wayesethi kuBowazi: “Zithengele.” Wakhumula isicathulo sakhe.

9UBowazi wayesethi kumalunga nakubantu bonke: “Ningofakazi namuhla ukuthi ngithengile konke okwakungokuka-Elimeleki, nakho konke okwakungokukaKiliyoni nokukaMahaloni esandleni sikaNawomi. 10NoRuthe wakwaMowabi umkaMahaloni ngimthengile abe ngumkami ukuvusa igama lofileyo efeni lakhe ukuba igama lofileyo linganqunywa phakathi kwabafowabo nasesangweni lendawo yakhe; nina ningofakazi namuhla.”

11Bonke abantu ababesesangweni namalunga bathi: “Singofakazi; uJehova makenze lowo wesifazane ongene endlini yakho abe njengoRaheli noLeya abakha bobabili indlu yakwa-Israyeli, ucebe e-Efratha, ube nodumo eBetlehema; 12indlu yakho mayibe njengendlu kaPheresi uTamari amzalela uJuda ngenzalo uJehova ayakukunika yona ngale ntombazana.”

13UBowazi wayesemthatha uRuthe, waba ngumkakhe; wangena kuye; uJehova wamnika ukuba akhulelwe; wazala indodana. 14Abesifazane bathi kuNawomi: “Makabusiswe uJehova ongakushiyanga namuhla ungenamhlengi; igama lakhe malidume kwa-Israyeli. 15Uyakuba ngumbuyisi wokuphila kuwe, nomondli ebudaleni bakho, ngokuba umalokazana wakho okuthandayo, omuhle kuwe kunamadodana ayisikhombisa umzele.”

16UNawomi wamthatha umntwana, wamgona esifubeni sakhe, waba ngumzanyana wakhe. 17Abesifazane abakhelene naye bametha igama, bathi: “Kuzelwe indodana kuNawomi.” Baqamba igama lakhe ngokuthi u-Obede; yena unguyise kaJese, uyise kaDavide.

URuthe ukhokho kaDavide

18Nazi izizukulwane zikaPheresi: uPheresi wazala uHesironi; 19uHesironi wazala uRamu; uRamu wazala u-Aminadaba; 20u-Aminadaba wazala uNaheshoni; uNaheshoni wazala uSalimoni; 21uSalimoni wazala uBowazi; uBowazi wazala u-Obede; 22u-Obede wazala uJese; uJese wazala uDavide.

URuthe 1:1-4:22ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU