Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 72

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

AbAhluleli 18

AbakwaDani nezithombe zikaMika

1Ngalezo zinsuku kwakungekho nkosi kwa-Israyeli; ngalezo zinsuku isizwe sakwaDani sazifunela ifa lokuhlala, ngokuba kuze kube ngalolo suku babengabelwanga ifa phakathi kwezizwe zakwa-Israyeli. 2Abantwana bakwaDani bathuma abantu abayisihlanu bomndeni wabo, bephuma kuso sonke isizwe sabo, amaqhawe, beseSora nase-Eshitawoli, ukuba bahlole izwe, balicinge; bathi kubo: “Hambani, nilicinge izwe,” bafika ezintabeni zakwa-Efrayimi endlini kaMika, bahlala khona. 3Lapha besengasendlini kaMika, balazi izwi lensizwa engumLevi, baphambukela khona, bathi kuye: “Walethwa ngubani lapha? Wenzani kule ndawo? Ufunani lapha?”

4Wathi kubo: “UMika ungenzele ukuthi nokuthi; ungiqashile ngaba ngumpristi wakhe.”

5Base bethi kuye: “Ake umbuze uNkulunkulu ukuze sazi uma indlela yethu esiyihambayo iyakuba nempumelelo.”

6Umpristi wathi kubo: “Hambani nokuthula; indlela eniyihambayo iphambi kukaJehova.”

Ukunqotshwa kweLayishi

7Base bemuka labo bantu abayisihlanu, bafika eLayishi, babona abantu abakulo ukuthi basahlala belondekile ngendlela yamaSidoni, benokuthula, bengenaluvalo, ngokuba kwakungekho ezweni onamandla ukuba abajabhise ngalutho; babekude namaSidoni, bengenandaba nabanye abantu.

8Babuye bafika kubafowabo eSora nase-Eshitawoli; abafowabo bathi kubo: “Nithini na?”

9Bathi: “Sukani, senyukele kubo, ngokuba silibonile izwe; bhekani, lihle kakhulu; niyathula yini? Ningenqeni ukuhamba, ningene ukuba nilidle izwe. 10Nxa nihamba, niyakufika kubantu abalondekileyo, izwe libanzi, ngokuba uNkulunkulu ulinikele esandleni senu, indawo lapho kungekho khona ukuswela lutho olusemhlabeni.”

11Kwase kuphuma lapho kumndeni wakwaDani eSora nase-Eshitawoli abantu abangamakhulu ayisithupha bebhincile izikhali zokulwa. 12Benyuka, bamisa eKiriyati Jeharimi kwaJuda; ngalokho bayibiza leyo ndawo ngokuthi iMahane Dani kuze kube namuhla; bheka, lingasemva kweKiriyati Jeharimi. 13Basuka khona, baya ezintabeni zakwa-Efrayimi, bafika endlini kaMika.

14Abantu abayisihlanu ababeyile ukuhlola izwe laseLayishi base bephendula, bathi kubafowabo: “Niyazi yini ukuthi kukhona kulezi zindlu ingubo yamahlombe, namatherafi,* nesithombe esibaziweyo, nesithombe esibunjiweyo na? Ngalokho cabangani manje ukuthi niyakwenzani.” 15Baphambuka khona, bafika endlini yensizwa yomLevi, endlini kaMika, bayibuza impilo. 16Abantu abangamakhulu ayisithupha bebhince izikhali zokulwa abangabantwana bakwaDani bema ngasesikhaleni sesango. 17Abantu abayisihlanu ababeyile ukuhlola izwe benyuka, bafika lapho, basithatha isithombe esibaziweyo, nengubo yamahlombe, namatherafi, nesithombe esibunjiweyo; umpristi wema ngasesikhaleni sesango kanye nabantu abangamakhulu ayisithupha bebhince izikhali zokulwa.

18Labo sebengenile endlini kaMika basithatha isithombe esibaziweyo, nengubo yamahlombe, namatherafi, nesithombe esibunjiweyo; umpristi wathi kubo: “Nenzani na?”

19Bathi kuye: “Thula, ubeke isandla sakho emlonyeni wakho, uhambe nathi, ube ngubaba nompristi wethu; kuhle yini ukuba ube ngumpristi wendlu yomuntu munye kunokuba ube ngumpristi wesizwe nomndeni kwa-Israyeli na?” 20Yayisithokoza inhliziyo yompristi, wayithatha ingubo yamahlombe, namatherafi, nesithombe esibaziweyo, wangena phakathi kwabantu. 21Baphenduka, bamuka, babeka izingane, nezinkomo, nempahla phambi kwabo.

22Sebekude nendlu kaMika abantu abasezindlini eziseduze nendlu kaMika babuthana, babafica abantwana bakwaDani. 23Bamemeza kubantwana bakwaDani, baphenduka, bathi kuMika: “Yini ukuba ufike nesixuku na?”

24Wathi: “Nithathile onkulunkulu bami engabenzayo, nompristi, namuka; ngisenani na? Nisholoni kimi ukuthi: ‘Yini na?’ ”

25Abantwana bakwaDani base bethi kuye: “Izwi lakho malingezwakali phakathi kwethu, funa abantu bathukuthele, banehlele, ulahlekelwe ngukuphila kwakho kanye nabendlu yakho.” 26Bahamba abantwana bakwaDani; uMika esebonile ukuthi banamandla kunaye, waphenduka, wabuyela endlini yakhe.

27Bathatha abekwenzile uMika nompristi wakhe, bafika eLayishi kubantu abanokuthula belondekile, bababulala ngosiko lwenkemba; bashisa umuzi ngomlilo. 28Kwakungekho owophulayo, ngokuba wawukude neSidoni; babengenandaba nabanye abantu; wawusesigodini esingaseBeti Rehobe. Bawakha umuzi, bahlala kuwo. 29Baqamba igama lomuzi ngokuthi uDani ngegama likaDani uyise owazalelwa u-Israyeli; kepha igama lomuzi laliyiLayishi kuqala. 30Abantwana bakwaDani bazimisela isithombe esibaziweyo; uJonathani indodana kaGereshomu kaMose yena namadodana akhe babe ngabapristi besizwe sakwaDani kwaze kwaba ngosuku lokuthunjwa kwezwe. 31Base bemisa isithombe esibaziweyo sikaMika abesenzile sonke isikhathi indlu kaNkulunkulu iseShilo.

AbAhluleli 19

Isenzo esibi eGibeya

1Kwathi ngalezo zinsuku kungekho inkosi kwa-Israyeli, kwakukhona umLevi othile owayegogobele ohlangothini olungasemuva kwezintaba zakwa-Efrayimi, owazithathela isancinza eBetlehema Juda. 2Isancinza sakhe samgilela ubufebe, sasuka kuye, saya endlini kayise eBetlehema Juda, sahlala khona isikhathi esiyizinyanga ezine. 3Umyeni waso wasuka, wasilandela ukuba akhulume kuyo inhliziyo yaso, asibuyise, enenceku yakhe nezimbongolo ezimbili; samngenisa endlini kayise; lapho uyise wentombi embona, wathokoza ukuhlangana naye. 4Umukhwe wakhe, uyise wentombi, wambambezela, wahlala kuye izinsuku ezintathu; badla, baphuza, bahlala khona.

5Kwathi ngosuku lwesine bavuka ekuseni kakhulu, wasuka ukuba ahambe; uyise wentombi wathi kumkhwenyana wakhe: “Hlumelela inhliziyo yakho ngocezu lwesinkwa, andukuba nihambe.” 6Bahlala phansi, badla, baphuza bobabili kanyekanye; uyise wentombi wathi kuyo indoda: “Ake udele, ulale ubusuku, ithokoze inhliziyo yakho.” 7Kepha lowo muntu wasukuma nokho ukuba ahambe; wayesemncengisisa umukhwe wakhe, wabuye walala khona. 8Wavuka ekuseni kakhulu ngosuku lwesihlanu ukuba ahambe; uyise wentombi wathi: “Ake uhlumelele inhliziyo yakho, nihlale lize lithambame ilanga.” Badla-ke bobabili.

9Lapho umuntu esesukuma ukuba ahambe, yena nesancinza sakhe nenceku yakhe, umukhwe wakhe, uyise wentombi, wathi kuye: “Bheka, ilanga seliyathambama, sekuzakuhlwa; ake uhlale ubusuku bonke; yebo, ilanga seliyakuphela; hlala lapha ukuba inhliziyo yakho ithokoze, nivuke kusasa ekuseni kakhulu, nihambe indlela yenu ukuba ufike etendeni lakho.” 10Kepha akavumanga lowo muntu ukuhlala lobo busuku, kodwa wavuka wahamba, wafika malungana neJebusi eliyiJerusalema; kwakukhona naye izimbongolo ezimbili ziboshelwe izihlalo; nesancinza sakhe sasinaye.

11SebengaseJebusi, ilanga lase lidlulile kakhulu; inceku yathi enkosini yayo: “Ake uze, siphambukele kulo muzi wamaJebusi, sihlale kuwo.”

12Inkosi yayo yathi kuyo: “Asiyikuphambukela emzini wabafokazi ongesiwo owabantwana bakwa-Israyeli, kepha siyakudlulela eGibeya.” 13Yayisithi encekwini: “Woza, sisondele kwenye yalezi zindawo; siyakulala eGibeya noma eRama.” 14Base bethula bahamba; ilanga lashona bengaseGibeya elingelakwaBenjamini. 15Baphambukela lapho ukuba bangene, balale eGibeya; wangena, wahlala phansi esigcawini somuzi; ngokuba kwakungekho muntu owabamukela endlini yakhe ukuba balale khona.

16Bheka, kwafika ixhegu livela emsebenzini walo ensimini kusihlwa; lalingumuntu wasezintabeni zakwa-Efrayimi, lagogobala eGibeya; kepha abantu baleyo ndawo babe ngabakwaBenjamini. 17Waphakamisa amehlo akhe, wabona isihambi esigcawini somuzi; ixhegu lase lithi: “Uyangaphi na? Uvelaphi na?”

18Wathi kulo: “Siyadlula sivela eBetlehema Juda, siya ohlangothini olungasemuva kwezintaba zakwa-Efrayimi; ngivela khona; ngaya eBetlehema Juda; sengiya endlini kaJehova, kepha akukho muntu ongamukela endlini yakhe. 19Kukhona nokho utshani nefoliji* lezimbongolo zethu; mina-ke nginesinkwa newayini, kanjalo nencekukazi yakho nensizwa enathi, izinceku zakho; akusweleke lutho.”

20Lase lithi ixhegu: “Ukuthula makube kuwe; kepha konke okuswelayo makube phezu kwami; kepha ungalali esigcawini.” 21Lase limngenisa endlini yalo, lazinika izimbongolo ifoliji;* bageza izinyawo zabo, badla, baphuza.

22Besajabulisa izinhliziyo zabo, bheka, abantu bomuzi, abantu ababi, bahaqa indlu nxazonke, bangqongqotha emnyango; basho kumninindlu, ixhegu, bathi: “Khipha lowo muntu owangena endlini yakho ukuba simazi.”

23Ixhegu, umninindlu, laphumela kubo, lathi kubo: “Hhayi, bafowethu, ngiyanicela, ningenzi okubi okungako; lokhu lo muntu engenile endlini yami, ningenzi lobu buwula. 24Bhekani, nansi indodakazi yami, intombi, nesancinza sakhe; ngiyakubakhipha bona manje, nibone, nenze kubo njengokuthanda kwenu; kepha kulo muntu ningenzi ubuwula obunjalo.”

25Kepha abantu kabavumanga ukumlalela; khona lowo muntu wasibamba isancinza sakhe, wasikhiphela kubo; basazi, basona ubusuku bonke kwaze kwaba sekuseni; ekuthatheni kokusa basiyeka. 26Owesifazane wayesefika ngovivi lokusa, wawa ngasemnyango wendlu yomuntu, lapho yayikhona inkosi yakhe, kwaze kwakhanya.

27Inkosi yakhe yavuka ekuseni, yavula iminyango yendlu, yaphuma ukuba ihambe indlela yayo; bheka, owesifazane, isancinza sakhe, wayewile ngasemnyango wendlu, izandla zakhe ziphezu kombundu. 28Yathi kuye: “Vuka sihambe,” kepha akuphendulanga muntu. Yayisimbeka embongolweni yayo; wasuka lowo muntu, waya endaweni yakhe.

29Lapho esengenile endlini yakhe, wathatha umese, wabamba isancinza sakhe, wasihlahlela ithambo ngethambo, kwaba yizinqamu eziyishumi nambili, wasithuma emikhawulweni yonke yakwa-Israyeli. 30Kwathi bonke abakubonayo bathi: “Akuzange kwenziwe okunjalo, akuzange kubonwe kusukela osukwini abantwana bakwa-Israyeli abakhuphuka ngalo ezweni laseGibithe kuze kube namuhla; zindlani ngalokho, nilulekane, nikhulume.”

AbAhluleli 18:1-19:30ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU