Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 59

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UJoshuwa 1

UJehova uyala uJoshuwa ukuwela iJordani

1Kwathi emva kokufa kukaMose inceku kaJehova, uJehova wakhuluma kuJoshuwa indodana kaNuni, isikhonzi sikaMose, wathi:

UJoshuwa 2

Izinhloli zithunywa eJeriko, zamukelwa nguRahabi

1UJoshuwa indodana kaNuni wathuma ngasese eseShithimi amadoda amabili abe yizinhloli, wathi: “Hambani nibone izwe neJeriko.” Basuka, bafika endlini yesifebe esigama laso linguRahabi, balala khona.

2Inkosi yaseJeriko yatshelwa; kwathiwa: “Bheka, kwafika lapha ebusuku amadoda abantwana bakwa-Israyeli ukuba ahlole izwe.” 3Inkosi yaseJeriko yathumela kuRahabi, yathi: “Khipha lawo madoda afikile kuwe, angena endlini yakho, ngokuba ezile ukuzohlola izwe lonke.”

4Owesifazane wayesethatha lawo madoda omabili, wawathukusa, wathi: “Kunjalo; amadoda afika kimi, kepha ngangingazi ukuthi avelaphi; 5kwathi ngesikhathi sokuvalwa kwesango lapho sekumnyama, amadoda aphuma; angazi ukuthi ayaphi lawo madoda; sheshani niwaxoshe, ngokuba niyakuwafica.” 6Kepha wayewenyusele ophahleni, wawashumeka ezinhlangeni zefilakisi* abezihlelile ophahleni. 7Abantu bawaxosha endleleni eya eJordani emazibukweni; sebephumile abawaxosha, bavala isango.

8Engakalali, wenyukela kuwo ophahleni; 9wathi kumadoda: “Ngiyazi ukuthi uJehova uninikile izwe, nokuthi sehlelwe ngukunesaba, nokuthi bonke abakhileyo ezweni baphela amandla phambi kwenu. 10Ngokuba sizwile ukuthi uJehova womisa amanzi oLwandle Olubomvu phambi kwenu ekuphumeni kwenu eGibithe nokuthi wenzani kuwo amakhosi amabili ama-Amori ayengaphesheya kweJordani, oSihoni no-Ogi, enawaqothulayo. 11Sathi sikuzwa lokho, izinhliziyo zethu zaphela amandla, akwabe kusabakho sibindi kumuntu phambi kwenu, ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu unguNkulunkulu ezulwini phezulu nasemhlabeni phansi. 12Ngalokho ake nifunge manje uJehova kimi, njengokuba nginenzele umusa, ukuba nani niyenzele indlu kababa umusa, ningiphe uphawu oluqinisileyo, 13nisindise ubaba, nomame, nabafowethu, nawodadewethu, nabo bonke abanabo, nophule imiphefumulo yethu ekufeni.”

14Athi amadoda kuye: “Mayife imiphefumulo yethu esikhundleni senu; uma ningavezi obala le ndaba yethu, siyakunenzela umusa neqiniso lapho uJehova esinika izwe.”

15Wayesewehlisa ngentambo ngasefasiteleni, ngokuba indlu yakhe yayingasogangeni lomuzi, wahlala ngasogangeni. 16Wathi kuwo: “Khuphukelani entabeni, funa abanixoshayo banifice, nicashe khona izinsuku ezintathu, ukuze abanixoshayo babuye, andukuba nihambe indlela yenu.”

17Ayesethi amadoda kuye: “Thina asinacala ngaleso sifungo sakho osifungise sona, 18uma ekufikeni kwethu ezweni ungabophi le ntambo ebomvu efasiteleni osehlise ngalo, uzibuthele endlini yakho uyihlo, nonyoko, nabafowenu, nabendlu bonke bakayihlo. 19Kuyakuthi yilowo nalowo ophumela ngaphandle kweminyango yendlu yakho, igazi lakhe libe sekhanda lakhe, thina singabi nacala; kodwa lowo okuwe endlini, igazi lakhe liyakuba sekhanda lethu, uma sibekwa isandla kuye. 20Kepha uma uveza obala le ndaba yethu, asiyikuba nacala ngesifungo sakho osifungise sona.”

21Wathi: “Makube njengamazwi enu.” Wayesewamukisa ahamba; wabopha intambo ebomvu efasiteleni.

22Asuka aya entabeni, ahlala khona izinsuku ezintathu, baze babuya abawaxoshayo; abaxoshayo babewafuna indlela yonke, abaze bawafumana. 23Ayesebuya lawo madoda omabili, ehla entabeni, awela, afika kuJoshuwa indodana kaNuni, amtshela konke okuwehleleyo. 24Athi kuJoshuwa: “UJehova unikile ezandleni zethu izwe lonke; bonke abakhileyo ezweni baphela amandla phambi kwethu.”

UJoshuwa 3

Ukuwela iJordani

1UJoshuwa wavuka ekuseni kakhulu, basuka eShithimi, bafika eJordani, yena nabo bonke abantwana bakwa-Israyeli, balala khona ebusuku bengakaweli. 2Kwathi emva kwezinsuku ezintathu izinduna zadabula phakathi kwekamu.* 3Zayala abantu, zathi: “Nxa nibona umphongolo wesivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wenu nabapristi bamaLevi bewuthwala, niyakusuka endaweni yenu, niwulandele. 4Nokho kuyakuba khona ibanga phakathi kwenu nawo, lingangezingalo eziyizinkulungwane ezimbili ngokulinganisa, ningasondeli kuwo, ukuba nazi indlela eniyakuhamba ngayo, ngokuba anidlulanga ngale ndlela phambili.”

5UJoshuwa wathi kubantu: “Zingcweliseni, ngokuba kusasa uJehova uyakwenza izimangaliso phakathi kwenu.”

6UJoshuwa wakhuluma kubapristi, wathi: “Phakamisani umphongolo wesivumelwano, niwele phambi kwabantu.” Baphakamisa-ke umphongolo wesivumelwano, bahamba phambi kwabantu.

7UJehova wathi kuJoshuwa: “Namuhla ngizakuqala ukukukhulisa emehlweni abo bonke abakwa-Israyeli ukuba bazi ukuthi njengalokho nganginoMose, kanjalo ngiyakuba nawe. 8Wobayala abapristi abathwala umphongolo wesivumelwano, uthi: ‘Nxa senifikile onqenqemeni lwamanzi aseJordani, niyakuma ngaseJordani.’ ”

9UJoshuwa wathi kubantwana bakwa-Israyeli: “Sondelani lapha, nizwe amazwi kaJehova uNkulunkulu wenu.” 10Wathi uJoshuwa: “Niyakwazi ngalokhu ukuthi uNkulunkulu ophilayo uphakathi kwenu nokuthi uyakuxosha nokuxosha phambi kwenu amaKhanani, namaHeti, namaHivi, namaPherizi, namaGirigashi, nama-Amori, namaJebusi. 11Bhekani, umphongolo wesivumelwano seNkosi yomhlaba wonke uwela iJordani phambi kwenu. 12Ngalokho zithatheleni manje amadoda ayishumi nambili ezizweni zakwa-Israyeli, indoda ibenye ngesizwe. 13Kuyakuthi lapho amathe ezinyawo zabapristi abathwala umphongolo kaJehova, iNkosi yomhlaba wonke, eyakuma emanzini aseJordani, amanzi aseJordani anqamuke, amanzi avela ngenhla, eme nqwabanye.”

14Kwathi lapho abantu besuka ematendeni abo ukuba bawele iJordani, abapristi abathwala umphongolo wesivumelwano bephambi kwabantu, 15nalapho abathwala umphongolo sebefikile eJordani, izinyawo zabapristi abathwala umphongolo zicwilile onqenqemeni lwamanzi aseJordani eligcwele phezu kwalo lonke ugu lwalo izinsuku zonke zokuvuna, 16ayesema amanzi avela ngenhla, afukuka aba nqwabanye kude kakhulu ngase-Adamu, umuzi oseceleni kweSaretani; lawo ewuka eya ngaseLwandle lwase-Araba, uLwandle Lukasawoti, anqamuka impela; abantu base bewela maqondana neJeriko. 17Abapristi abathwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova bema baqina emhlabathini owomileyo ngaphakathi neJordani, abantu bonke bawela emhlabathini owomileyo, saze sawela iJordani isizwe sonke saphelela.

UJoshuwa 4

Amatshe ezikhumbuzo eGiligali naseJordani

1Kwathi lapho isizwe sonke sesiwele iJordani saphelela, uJehova wakhuluma kuJoshuwa, wathi: 2“Zithatheleni amadoda ayishumi nambili, indoda ibenye ngesizwe, 3niwayale nithi: ‘Zikhipheleni lapha phakathi kweJordani, endaweni lapho izinyawo zabapristi zazimi khona ziqinile, amatshe ayishumi nambili, niwele nawo, niwabeke endaweni eniyakulala kuyo ebusuku.’ ”

4UJoshuwa wayesebiza lawo madoda ayishumi nambili ayewakhethile kubantwana bakwa-Israyeli, indoda inye ngesizwe. 5UJoshuwa wathi kuwo: “Welani phambi komphongolo kaJehova uNkulunkulu wenu, niye phakathi kweJordani, netshathe, kube yilowo nalowo itshe ehlombe lakhe njengokomumo wezizwe zabantwana bakwa-Israyeli 6ukuba lokho kube yisikhumbuzo phakathi kwenu, kuze kuthi lapho abantwana benu bebuza ngesikhathi esizayo, bethi: ‘Ayini lawa matshe kini na?’ 7anothi kubo: ‘Kungokuba amanzi aseJordani enqamuka phambi komphongolo wesivumelwano sikaJehova; ekuweleni kwawo iJordani amanzi aseJordani anqamuka; lawa matshe ayakuba yisikhumbuzo kubantwana bakwa-Israyeli kuze kube phakade.’ ”

8Abantwana bakwa-Israyeli benza-ke njengalokho uJoshuwa ebayalile, bakhipha amatshe ayishumi nambili phakathi kweJordani, njengalokho uJehova ekhulumile kuJoshuwa, njengokomumo wezizwe zabantwana bakwa-Israyeli; bawela nawo, baya endaweni yokulala, bawabeka khona. 9UJoshuwa wamisa amatshe ayishumi nambili phakathi neJordani, endaweni lapho izinyawo zabapristi abathwala umphongolo zazimi khona; akhona kuze kube namuhla.

10Abapristi abathwala umphongolo babemi phakathi neJordani, kwaze kwaphelela konke uJehova amyale ngakho uJoshuwa ukuba akukhulume kubantu njengakho konke uMose abemyale ngakho uJoshuwa; abantu bashesha bawela. 11Kwathi lapho bonke abantu sebewelile baphelela, umphongolo kaJehova wawela kanye nabapristi emehlweni abantu. 12Abantwana bakwaRubeni, nabantwana bakwaGadi, nenxenye yesizwe sakwaManase bawela behlomile phambi kwabantwana bakwa-Israyeli, njengalokho uMose ebekhulumile kubo; 13kwawela phambi kukaJehova kungathi abayizinkulungwane ezingamashumi amane behlomele ukulwa ukuba baphume impi, baye emathafeni aseJeriko.

14Ngalolo suku uJehova wamkhulisa uJoshuwa emehlweni abo bonke abakwa-Israyeli; bamesaba njengalokho babemesaba uMose izinsuku zonke zokuhamba kwakhe.

15UJehova wakhuluma kuJoshuwa, wathi: 16“Yala abapristi abathwala umphongolo wesivumelwano ukuba benyuke eJordani.”

17UJoshuwa wayala-ke abapristi, wathi: “Yenyukani eJordani.”

18Kwathi lapho abapristi abathwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova sebenyuke phakathi kweJordani, amathe ezinyawo zabapristi esefike emhlabathini owomileyo, amanzi aseJordani abuyela endaweni yawo, aphuphuma lonke ugu njengakuqala.

19Abantu benyuka eJordani ngolweshumi lwenyanga yokuqala, bamisa eGiligali emkhawulweni wangasempumalanga kwaseJeriko. 20Lawo matshe ayishumi nambili abawakhipha eJordani wawamisa eGiligali. 21Wakhuluma kubantwana bakwa-Israyeli, wathi: “Nxa abantwana benu beyakubuza oyise ngesikhathi esizayo, bethi: ‘Ayini lawa matshe na?’ 22anobazisa abantwana benu, nithi: ‘U-Israyeli wawela leli Jordani emhlabathini owomileyo,’ 23ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu wawamisa amanzi aseJordani phambi kwenu, naze nawela, njengalokho uJehova uNkulunkulu wenu wenza eLwandle Olubomvu, alomisa phambi kwethu, saze sawela, 24ukuba abantu bonke bomhlaba bazi isandla sikaJehova ukuthi sinamandla, nesabe uJehova uNkulunkulu wenu kuze kube phakade.”

UJoshuwa 5

Abantwana bakwa-Israyeli

1Kwathi onke amakhosi ama-Amori ayengaphesheya kweJordani ngasentshonalanga, nawo onke amakhosi amaKhanani ayengaselwandle esezwa ukuthi uJehova womise amanzi aseJordani phambi kwabantwana bakwa-Israyeli saze sawela, izinhliziyo zabo zaphela amandla, kungabe kusaba khona sibindi ngenxa yabantwana bakwa-Israyeli.

UJoshuwa 1:1ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU