Ihubo lokuvalelisa kukaMose
1“Bekani indlebe nina mazulu, ngiyakukhuluma;
umhlaba mawuzwe amazwi omlomo wami.
2Imfundiso yami iyakuconsa njengemvula,
inkulumo yami ichiche njengamazolo,
njengomkhizo ohlazeni,
nanjengezihlambi etshanini,
3ngokuba ngiyakumemezela igama likaJehova:
mnikeni uNkulunkulu wethu ubukhulu.
4“Uyidwala, umsebenzi wakhe uphelele,
ngokuba zonke izindlela zakhe zingukulunga;
unguNkulunkulu wokuthembeka ongenakonakala;
ulungile, uqotho yena.
5“Bonile kuye;
abasibo abantwana bakhe, kuyisici sabo;
bayisizukulwane esiphambeneyo nesiyisigwegwe.
6UJehova nimvuza kanjalo
nina bantu abayiziwula nabangahlakaniphile na?
Akasiye uyihlo owakudala na?
Wakwenza, wakubumba.
7“Khumbula izinsuku zasendulo,
ubheke iminyaka yezizukulwane ngezizukulwane;
buza kuyihlo, uyakukulandisa,
nasemalungeni akho, akutshele.
8Lapho oPhezukonke wazinika izizwe ifa lazo,
lapho wahlukanisa abantwana babantu,
wamisa imikhawulo yezizwe
njengokomumo wabantwana bakwa-Israyeli.
9Ngokuba isabelo sikaJehova singabantu bakhe;
uJakobe uyisiqephu sefa lakhe.
10“Wamfumana ezweni eliyihlane,
nasoqwatheni lomkhulungwane kwahlongasibi,
wamzungeza, wamnakekela,
wamgcina njengenhlamvu yeso lakhe.
11Njengokhozi olunyakazisa isidleke salo,
lubhakuza phezu kwamazinyane alo,
wawelula amaphiko akhe, wabathatha,
wabathwala ngezimpaphe zakhe.
12UJehova yedwa wamhola,
akwabakho unkulunkulu wabezizwe naye.
13“Wamkhwelisa ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba,
wadla izithelo zamasimu,
wammuncisa izinyosi edwaleni,
namafutha eweni lensengetsha,
14namangqanga ezinkomo,
nobisi lwezimvu,
namafutha amawundlu,
nezinqama zohlobo lwaseBashani,
nezimbuzi,
namanoni omongo kakolweni;
egazini lezithelo zomvini waphuza iwayini.
15“UJeshuruni wayesekhuluphala,
wakhaba;
usukhuluphele, uzimukile,
uchachambile;
wayesemshiya uNkulunkulu owamenza,
walidelela iDwala lensindiso yakhe.
16Bamvusela umhawu ngawonkulunkulu babezizwe,
bamthukuthelisa ngezinengiso.
17“Bahlabela amademoni angesibo onkulunkulu,
onkulunkulu ababengabazi,
onkulunkulu abasha,
abasand'ukuqhamuka,
ababengesatshwa ngoyihlo.
18IDwala elakuzalayo awusalinakekeli,
ukhohliwe uNkulunkulu owakudalayo.
19“UJehova wakubona,
wanengwa yibo,
ngenxa yokuncokoloza kwamadodana akhe
namadodakazi akhe.
20Wayesethi:
‘Ngiyakubafihlela ubuso bami,
ngibone ukugcina kwabo ukuthi kuyakuba yini;
ngokuba bayisizwe esiphambeneyo,
abantwana okungekho kubo ukukholwa.
21Bangivusele umhawu ngokungesiye uNkulunkulu,
bangithukuthelisile ngamaze abo;
ngiyakubavusela umhawu ngabangesiso isizwe,
ngibathukuthelise ngesizwe esiyisiwula.
22Ngokuba umlilo uphenjiwe entukuthelweni yami;
uyasha kuze kube sendaweni yabafileyo engaphansi,
uqede umhlaba nezithelo zawo,
wokhele izisekelo zezintaba.
23“ ‘Ngiyakubanqwabelela izinhlupheko,
ngiqedele imicibisholo yami phezu kwabo.
24Bayakuphela indlala,
baqedwe ngukushisa komzimba,
nayisifo esibuhlungu,
ngibathumele amazinyo ezilwane,
kanye nesihlungu sezikhasayo othulini.
25Ngaphandle inkemba iyakwaphuca,
ingebhe phakathi emakamelweni:
izinsizwa nezintombi,
oncelayo kanye nempunga.
26Bengiyakuthi: “Ngiyakubaphephula,
ngiqede inkumbulo yabo kubantu,”
27uma bengingesabi ukuncokoloza kwezitha,
funa abamelene nabo baduke,
funa bathi: “Isandla sethu siphakeme,
uJehova akenzanga konke lokhu.” ’
28“Ngokuba bayisizwe esimasu aso aphelile,
akukho ukuqonda kubo.
29Sengathi nga behlakaniphile
ukuba bakuqonde lokho,
bazindle ngokugcina kwabo.
30Emunye angaxosha kanjani inkulungwane;
ababili bangabhengula kanjani
izinkulungwane eziyishumi,
uma iDwala labo lingathengisanga ngabo,
uJehova ebengabakhapheli, na?
31Ngokuba idwala labo alinjengeDwala lethu;
nezitha zethu ziyakubona.
32Ngokuba umvini wabo
ungumvini waseSodoma
nowamasimu aseGomora;
izithelo zabo ziyizithelo zenyongo,
amahlukuzo abo amunyu;
33iwayini labo liyisihlungu sawodrako,*
lingubuthi obesabekayo bamabululu.
34Lokho akubekelelwe kimina,
kunamathelisiwe engcebeni yami na?
35Ngeyami impindiselo nembuyiselo
ngesikhathi sokushelela konyawo lwabo,
ngokuba usuku lwabo lwengozi selusondele,
izinto abazilungiselweyo ziyakuphuthuma.
36“Ngokuba uJehova uyakubahlulela abantu bakhe,
azihawukele izinceku zakhe,
lapho ebona ukuthi amandla abo aphelile,
kungekho omunye ovalelweyo noma okhululekileyo.
37Uyakuthi: ‘Baphi onkulunkulu babo,
idwala ababephephela kulo,
38ababedla amanoni emihlatshelo yabo,
beliphuza iwayini
lomnikelo wabo wokuphuzwa, na?
Mabavuke, banisize,
babe yisivikelo senu.
39“ ‘Bonani manje ukuthi mina,
yebo, mina nginguye,
akakho unkulunkulu ngaphandle kwami;
mina ngiyabulala, besengiphilisa,
ngilimazile, kepha ngiyakupholisa;
akakho ongophula esandleni sami.
40Ngokuba ngiyaphakamisela isandla sami ezulwini,
ngithi: Mina ngiyaphila kuze kube phakade:
41uma ngilola inkemba yami ebenyezelayo,
nesandla sami sibambelela ekwahluleleni,
ngiyakubuyisela impindiselo kwabamelene nami,
ngibaphindisele abangizondayo.’
42“Ngiyakudakisa imicibisholo yami ngegazi,
inkemba yami idle inyama,
ngegazi lababuleweyo nelabathunjwa,
kuqala kuwo amakhanda abaholi bezitha.
43Yenanelani abantu bakhe nina zizwe,
ngokuba uyakuphindisela igazi lezinceku zakhe,
abuyisele impindiselo kwabamelene naye,
enzele izwi lakhe nabantu bakhe ukubuyisana.”
44UMose wafika wakhuluma onke amazwi aleli hubo ezindlebeni zabantu, yena noJoshuwa indodana kaNuni. 45UMose eseqedile ukukhuluma onke lawa mazwi kubo bonke abakwa-Israyeli 46wathi kubo: “Bekani inhliziyo yenu kuwo onke amazwi engiwafakazela kini namuhla, eniyakuyala ngawo abantwana benu ukuba baqaphele ukuwenza amazwi onke alo mthetho. 47Ngokuba akusiyo into eyize kini; lokho kungukuphila kwenu, nangale nto niyakuzandisa izinsuku zenu ezweni eniwela iJordani ukuba ningene kulo ukulidla.”