Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 55

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UDuteronomi 24

Incwadi yesahlukaniso. Indoda ephinda iganwe

1“Lapho umuntu ethatha umfazi, aganwe nguye, engasathandeki emehlweni akhe kodwa, lokhu efumanisile kuye okuthile okwenyanyekayo, uyakumlobela incwadi yesahlukaniso, amnike yona esandleni sakhe, amkhiphe endlini yakhe. 2Nxa esephumile endlini yakhe, angahamba abe ngowomunye umuntu. 3Uma indoda yesibili imala, imlobele incwadi yesahlukaniso, imnike yona esandleni sakhe, imkhiphe endlini yayo, noma le ndoda yesibili eyayimthathe abe ngumkayo ifa, 4indoda yakhe yokuqala eyamxoshayo mayingabuyi imthathe abe ngumkayo emva kokuba esoniwe, ngokuba lokho kuyisinengiso phambi kukaJehova; awuyikwenza ukuba izwe uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona libe yifa lakho lonakale.

5“Nxa umuntu ethatha umfazi omusha, akayikuphuma impi, anganikwa futhi umsebenzi noma yimuphi; uyakuhlala ekhululekile ekhaya umnyaka, athokozise umkakhe amthathileyo.

Izibambiso

6“Akuyikubakho muntu oyakuthatha itshe lokugaya noma imbokodwe kube yisibambiso, ngokuba yena uthatha konke okuphilwa ngakho kube yisibambiso.

Ukweba abantu; uchoko; ukutsheleka; nokunye

7“Uma umuntu efunyanwa eba omunye wabafowabo babantwana bakwa-Israyeli, amphathe njengesigqila, noma athengise ngaye, lelo sela liyakufa, ukhiphe kanjalo ububi phakathi kwakho.

8“Xwaya esifweni sochoko ukuba uqaphelisise, wenze njengakho konke abapristi bamaLevi abayakukufundisa khona; njengokubayala kwami anoqaphela ukwenze njalo. 9Khumbula akwenzayo uJehova uNkulunkulu wakho kuMiriyamu endleleni ekuphumeni kwenu eGibithe.

10“Nxa utsheleka umakhelwane wakho utho, awuyikungena endlini yakhe ukulanda isibambiso sakhe. 11Uyakuma ngaphandle, umuntu omtshelekayo uyakukukhiphela isibambiso phandle. 12Uma engumuntu ompofu, ungalali nalokhu okuyisibambiso sakhe, 13kepha uyakukubuyisela nokukubuyisela kuye ukushona kwelanga ukuba alale ngengubo yakhe, akubusise; lokho kuyakuba kuwe ukulunga phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho.

14“Awuyikucindezela inceku eqashiweyo empofu neswelayo, noma ingowabafowenu noma ingowabafokazi abasezweni lakini phakathi kwamasango akho; 15uyakuyinika inkokhelo yayo ngosuku lwayo, ilanga lingakashoni phezu kwayo, ngokuba impofu, ibeka inhliziyo yayo kuyo, funa ikhale ngawe kuJehova, kube yisono kuwe.

16“Oyise abayikubulawa ngenxa yabantwana, nabantwana abayikubulawa ngenxa yawoyise; yilowo nalowo uyakubulawa ngesakhe isono.

17“Awuyikuphendukezela ukwahlulelwa komfokazi noma okwentandane, ungathathi ingubo yomfelokazi ibe yisibambiso, 18kepha ukhumbule ukuthi wawuyisigqila eGibithe nokuthi uJehova uNkulunkulu wakho wakuhlenga khona; ngalokho ngiyakuyala ukwenza le nto.

19“Nxa uvuna isivuno sakho ensimini, ukhohliwe isithungu ensimini yakho, ungabuyeli ukusilanda, kepha asibe ngesomfokazi, nesentandane, nesomfelokazi ukuba uJehova uNkulunkulu wakho akubusise emsebenzini wonke wezandla zakho. 20Lapho uvuthuza umnqumo wakho, awuyikubukeza amagatsha, kepha akube ngokomfokazi, nokwentandane, nokomfelokazi. 21Nxa ubutha okwesivini sakho, awuyikukhothoza ngasemuva, kepha akube ngokomfokazi, nokwentandane, nokomfelokazi. 22Wokhumbula ukuthi wawuyisigqila ezweni laseGibithe; ngalokho ngiyakuyala ukwenza le nto.

UDuteronomi 25

Imithetho yokujeziswa enkantolo; ubumnene kuzo izilwane ezisebenzayo

1“Uma kukhona ukuxabana phakathi kwabantu, baye ukwahlulelwa, kuthethwe icala labo, bayakuyekela olungileyo, balahle onecala, 2kuze kuthi uma onecala efanele ukushaywa, umahluleli amenze alale phansi, ashaywe phambi kwakhe, ubuningi bemivimbo bube njengokwecala lakhe. 3Angamshaya imivimbo engamashumi amane, angadluli, funa uma ebeyakudlula, amshaye imivimbo eminingi phezu kwaleyo, kuze kuthi umfowenu ahlazwe emehlweni akho.

4“Ungayifaki inkabi isifonyo, nxa ibhula.

Umthetho wokungena

5“Uma abazalwane behlala ndawonye omunye wabo afe engenandodana, umfazi wofileyo akayikugana umfokazi ongaphandle; kepha umfowabo wendoda yakhe uyakungena kuye, amthathe abe ngumkakhe, amngene. 6Kuyakuthi izibulo alizalayo lilandele egameni lomfowabo ofileyo ukuba igama lakhe lingesulwa kwa-Israyeli.

7“Uma umuntu engathandi ukumthatha umkamfowabo, umkamfowabo uyakukhuphukela kumalunga esangweni, athi: ‘Umfowabo wendoda yami uyala ukuvusela umfowabo igama kwa-Israyeli; akathandi ukungingena.’ 8Amalunga omuzi wakhe ayakumbiza, akhulume naye; uma emi eqinisa ngokuthi: ‘Angithandi ukumthatha,’ 9umkamfowabo uyakufika kuye phambi kwamalunga, akhumule isicathulo onyaweni lwakhe, amkhafulele ebusweni bakhe, aphendule athi: ‘Kuyakwenziwa kanjalo kumuntu ongayakhi indlu yomfowabo.’ 10Igama lakhe liyakuthiwa kwa-Israyeli ‘Indlu yosicathulo sakhe sikhunyuliwe’.

11“Nxa amadoda amabili elwa, umfazi wenye abesesondela ukuyophula indoda yakhe esandleni saleyo eyishayayo, aselule isandla sakhe, ayibambe ngomphambili, 12womnquma isandla, iso lakho lingabi namhawu.

Izisindo nezilinganiso ezilungileyo

13“Makungabikho esikhwameni sakho izisindo ezahlukeneyo, esikhulu nesincane. 14Makungabikho endlini yakho izilinganiso ezahlukeneyo, esikhulu nesincane. 15Woba nesisindo esipheleleyo nesilungileyo, futhi ube nesilinganiso esipheleleyo nesilungileyo ukuba izinsuku zakho zibe zinde ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona. 16Ngokuba bonke abenza kanjalo, bonke abenza ukungalungi, bayisinengiso kuJehova uNkulunkulu wakho.

Icala lama-Amaleki

17“Khumbula akwenzayo kuwe u-Amaleki endleleni ekuphumeni kwenu eGibithe 18ukuthi wakuhlangabeza endleleni, washaya abasemva kwakho, bonke ababebuthakathaka emva kwakho, lapho usukhathele, uphelile amandla; kamesabanga uJehova. 19Kuyakuthi lapho uJehova uNkulunkulu wakho esekuphumuzile kuzo zonke izitha zakho nxazonke ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona libe yifa lakho ukuba ulidle, wesule inkumbulo ka-Amaleki phansi kwezulu; awuyikukhohlwa lokho.

UDuteronomi 26

Ulibo

1“Kuyakuthi lapho usufikile ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona libe yifa lakho ukuba ulidle, wakhe kulo, 2uthathe ulibo lwezithelo zonke zomhlaba olubuthayo ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, ulufake eqomeni, uye endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba igama lakhe lihlale kuyo. 3Uyakuya kumpristi oyakuba khona ngalezo zinsuku, uthi kuye: ‘Ngiyabika namuhla kuJehova uNkulunkulu wakho ukuthi sengifikile ezweni uJehova alifungela obaba ukusinika lona.’ 4Umpristi uyakuthatha iqoma esandleni sakho, alibeke phansi phambi kwe-altare likaJehova uNkulunkulu wakho. 5Wena uyakuphendula, uthi phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho: ‘Ubaba wayengumAramu ozulayo, wehlela eGibithe, wagogobala khona nabantu abayingcosana; waba yisizwe khona, esikhulu, nesinamandla, nesiningi; 6abaseGibithe basiphatha kabi, basihlupha, basithwesa ubugqili obulukhuni; 7sase sikhala kuJehova uNkulunkulu wawobaba, uJehova walizwa izwi lethu, wabona ukuhlupheka kwethu, nomshikashika wethu, nokucindezelwa kwethu; 8uJehova wasikhipha eGibithe ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo, nangezenzo ezesabekayo nezinkulu, nangezibonakaliso, nangezimangaliso, 9wasiletha kule ndawo, wasinika leli zwe, izwe elivame ubisi nezinyosi. 10Manje-ke, bheka, sengilethile ulibo lwezithelo zomhlaba onginike wona wena Jehova;’ bese wukubeka phansi phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho, ukhuleke phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho, 11wename ngakho konke okuhle uJehova uNkulunkulu wakho akunikile khona wena nendlu yakho, wena nomLevi, nomfokazi ophakathi kwakho.

Okweshumi

12“Lapho uqedile ukuthatha okweshumi kwezithelo zakho ngomnyaka wesithathu ongumnyaka wokweshumi, usumnike uLevi khona, nomfokazi, nentandane, nomfelokazi ukuba badle phakathi kwamasango akho, basuthe, 13uyakuthi phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho: ‘Ngikhiphile izinto ezingcwele endlini yami, ngamnika zona uLevi, nomfokazi, nentandane, nomfelokazi njengayo yonke imiyalo ongiyale ngayo; angiweqanga nowodwa wemiyalo yakho, futhi angiyikhohlwanga. 14Angikudlanga ekulileni kwami, angisusanga lutho ngingcolile, anginikelanga ngakho kofileyo; ngilalele izwi likaJehova uNkulunkulu wami, ngenzile njengakho konke ongiyale ngakho. 15Bheka phansi usezindlini zakho ezingcwele ezulwini, ubusise abantu bakho u-Israyeli nomhlaba osinike wona njengokufunga kwakho kobaba, izwe elivame ubisi nezinyosi.’

16“Namuhla uJehova uNkulunkulu wakho uyakuyala ukwenza lezi zimiso nezahlulelo; ngalokho wozigcina, uzenze ngayo yonke inhliziyo yakho. 17Umqinisele namuhla uJehova ukuthi uyakuba nguNkulunkulu wakho, uhambe ezindleleni zakhe, ugcine izimiso zakhe, nemiyalo yakhe, nezahlulelo zakhe, nililalele izwi lakhe; 18uJehova ukuqinisele namuhla ukuthi uyakuba yisizwe senzuzo yakhe njengokukwethembisa kwakhe, ugcine yonke imiyalo yakhe, 19ukuze akuphakamise phezu kwazo zonke izizwe azenzileyo ngokubongwa, nangegama, nangodumo, ube yisizwe esingcwele kuJehova uNkulunkulu wakho njengokusho kwakhe.”

UDuteronomi 27

Izibhebhe zamatshe zomthetho

1UMose namalunga akwa-Israyeli bayala abantu, bathi: “Gcinani yonke imiyalo esiniyala ngayo namuhla. 2Kuyakuthi mhla niwela iJordani ukuya ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, uzimisele amatshe amakhulu, uwanameke ngodaka, 3ulobe kuwo amazwi onke alo mthetho, nxa usuwelile ukuba ungene ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, izwe elivame ubisi nezinyosi njengokukwethembisa kukaJehova uNkulunkulu wawoyihlo. 4Kuyakuthi lapho seniliwelile iJordani, nimise lawa matshe enginiyala ngawo namuhla entabeni yase-Ebali, uwanameke ngodaka. 5Uyakumakhela khona uJehova uNkulunkulu wakho i-altare, i-altare lamatshe, ungawaphakamiseli into yensimbi. 6Uyakwakha i-altare likaJehova uNkulunkulu wakho ngamatshe apheleleyo, unikele kulo ngeminikelo yokushiswa kuJehova uNkulunkulu wakho, 7uhlabe iminikelo yokuthula, udle khona, wename phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho. 8Uyakuloba ematsheni onke amazwi alo mthetho, uwaqophisise kahle.”

9UMose nabapristi bamaLevi bakhuluma kuwo wonke u-Israyeli, bathi: “Thula, ulalele, Israyeli: namuhla sewuyisizwe sikaJehova uNkulunkulu wakho. 10Ngalokho wolilalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho, wenze imiyalo yakhe nezimiso zakhe engikuyala ngakho namuhla.”

Izibusiso neziqalekiso zabakwa-Israyeli

11UMose wayala abantu ngalona lolo suku, wathi:

12“Laba bayakuma entabeni yaseGerizimu ukubusisa abantu, lapho seniwelile iJordani: oSimeyoni, noLevi, noJuda, no-Isakare, noJosefa, noBenjamini; 13laba bayakuma entabeni yase-Ebali babe ngabokuqalekisa: oRubeni, noGadi, no-Asheri, noZebuloni, noDani, noNafetali.

14“AmaLevi ayakuphendula, athi kuwo onke amadoda akwa-Israyeli ngezwi elikhulu:

15“ ‘Makaqalekiswe umuntu owenza isithombe ezibaziweyo nesibunjiweyo, isinengiso kuJehova, umsebenzi wezandla zengcweti, asimise ngasese.’

“Bonke abantu bayakuphendula bathi: ‘Amen.’

16“ ‘Makaqalekiswe odelela uyise noma unina.’

“Bonke abantu bayakusho ukuthi: ‘Amen.’

17“ ‘Makaqalekiswe osusa isikhonkwane somakhelwane wakhe.’

“Bonke abantu bayakusho ukuthi: ‘Amen.’

18“ ‘Makaqalekiswe ophundula impumputhe endleleni.’

“Bonke abantu bayakusho ukuthi: ‘Amen.’

19“ ‘Makaqalekiswe ophendukezela isahlulelo somfokazi, nesentandane, nesomfelokazi.’

“Bonke abantu bayakusho ukuthi: ‘Amen.’

20“ ‘Makaqalekiswe olala nomkayise, ngokuba wambulile umphetho wengubo kayise.’

“Bonke abantu bayakusho ukuthi: ‘Amen.’

21“ ‘Makaqalekiswe olala nesilwane.’

“Bonke abantu bayakusho ukuthi: ‘Amen.’

22“ ‘Makaqalekiswe olala nodadewabo, indodakazi kayise noma indodakazi kanina.’

“Bonke abantu bayakusho ukuthi: ‘Amen.’

23“ ‘Makaqalekiswe olala nomkhwekazi.’

“Bonke abantu bayakusho ukuthi: ‘Amen.’

24“ ‘Makaqalekiswe obulala umakhelwane wakhe ngasese.’

“Bonke abantu bayakusho ukuthi: ‘Amen.’

25“ ‘Makaqalekiswe owamukela umvuzo ukuba abulale ongenacala, achithe igazi lakhe.’

“Bonke abantu bayakusho ukuthi: ‘Amen.’

26“ ‘Makaqalekiswe ongawaqinisi amazwi alo mthetho ukuba awenze.’

“Bonke abantu bayakusho ukuthi: ‘Amen.’

UDuteronomi 24:1-27:26ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU