Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 46

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UNumeri 29

12“ ‘Ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yesikhombisa niyakuba nomhlangano ongcwele; ningasebenzi msebenzi, nimgcinele uJehova umkhosi izinsuku eziyisikhombisa, 13ninikele ngomnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo wephunga elimnandi kuJehova: amaduna ayishumi nantathu, nezinqama ezimbili, nezimvu zamaduna eziyishumi nane ezinomnyaka munye, zibe ngezingenasici, 14kanye nomnikelo wazo wempuphu, impuphu ecolekileyo exovwe namafutha, okweshumi okuthathu ngaleyo naleyo nkunzi yezinkunzi eziyishumi nantathu, nokweshumi okubili ngaleyo naleyo nqama yezinqama ezimbili, 15nokweshumi ngaleyo naleyo mvu yezimvana eziyishumi nane, 16nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono, ngaphandle komnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wempuphu nomnikelo wawo wokuphuzwa.

17“ ‘Ngosuku lwesibili: amaduna ayishumi nambili, nezinqama ezimbili, nezimvu zamaduna eziyishumi nane ezinomnyaka munye ezingenasici, 18kanye nomnikelo wazo wempuphu, neminikelo yazo yokuphuzwa ngezinkunzi nangezinqama nangezimvu, njengokomumo wazo ngokwesimiso, 19nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono, ngaphandle komnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wempuphu neminikelo yayo yokuphuzwa.

20“ ‘Ngosuku lwesithathu: izinkunzi eziyishumi nanye, nezinqama ezimbili, nezimvu zamaduna eziyishumi nane ezinomnyaka munye ezingenasici, 21kanye nomnikelo wazo wempuphu, neminikelo yazo yokuphuzwa ngezinkunzi nangezinqama nangezimvu, njengokomumo wazo ngokwesimiso, 22nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono, ngaphandle komnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wempuphu nomnikelo wawo wokuphuzwa.

23“ ‘Ngosuku lwesine: izinkunzi eziyishumi, nezinqama ezimbili, nezimvu zamaduna eziyishumi nane ezinomnyaka munye ezingenasici, 24kanye nomnikelo wazo wempuphu, neminikelo yazo yokuphuzwa ngezinkunzi nangezinqama nangezimvu, njengokomumo wazo ngokwesimiso, 25nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono, ngaphandle komnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wempuphu nomnikelo wawo wokuphuzwa.

26“ ‘Ngosuku lwesihlanu: izinkunzi eziyisishiyagalolunye, nezinqama ezimbili, nezimvu zamaduna eziyishumi nane ezinomnyaka munye ezingenasici, 27kanye nomnikelo wazo wempuphu, neminikelo yazo yokuphuzwa ngezinkunzi nangezinqama nangezimvu, njengokomumo wazo ngokwesimiso, 28nempongo ibe nye ibe ngumnikelo wesono, ngaphandle komnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wempuphu nomnikelo wawo wokuphuzwa.

29“ ‘Ngosuku lwesithupha: izinkunzi eziyisishiyagalombili, nezinqama ezimbili, nezimvu zamaduna eziyishumi nane ezinomnyaka munye ezingenasici, 30kanye nomnikelo wazo wempuphu, neminikelo yazo yokuphuzwa ngezinkunzi nangezinqama nangezimvu, njengokomumo wazo ngokwesimiso, 31nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono, ngaphandle komnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wempuphu neminikelo yawo yokuphuzwa.

32“ ‘Ngosuku lwesikhombisa: izinkunzi eziyisikhombisa, nezinqama ezimbili, nezimvu zamaduna eziyishumi nane ezinomnyaka munye ezingenasici, 33kanye nomnikelo wazo wempuphu, neminikelo yazo yokuphuzwa ngezinkunzi nangezinqama nangezimvu, njengokomumo wazo ngokwesimiso, 34nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono, ngaphandle komnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wempuphu nomnikelo wawo wokuphuzwa.

35“ ‘Ngosuku lwesishiyagalombili niyakuba nomhlangano ozothileyo; ningasebenzi msebenzi, 36kepha ninikele ngomnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo wephunga elimnandi kuJehova: inkunzi ibe nye, nenqama ibe nye, nezimvu zamaduna eziyisikhombisa ezinomnyaka munye ezingenasici, 37kanye nomnikelo wazo wempuphu neminikelo yazo yokuphuzwa ngenkunzi nangenqama nangezimvu, njengokomumo wazo ngokwesimiso, 38nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono, ngaphandle komnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wempuphu nomnikelo wawo wokuphuzwa.

39“ ‘Lokho niyakunikela ngakho kuJehova ngemikhosi yenu emisiweyo, ngaphandle kwezithembiso zenu neminikelo yenu yesihle, kube yiminikelo yenu yokushiswa, neminikelo yenu yempuphu, neminikelo yenu yokuphuzwa, neminikelo yenu yokuthula.’ ”

40UMose wabatshela abantwana bakwa-Israyeli njengakho konke uJehova amyale ngakho uMose.

UNumeri 30

Imithetho yezithembiso

1UMose wayesekhuluma kuzo izinhloko zezizwe zabantwana bakwa-Israyeli, ethi: “Yilokhu uJehova ayale ngakho ukuthi: 2‘Nxa umuntu enza isithembiso kuJehova, noma efunga isifungo ukubopha umphefumulo wakhe ngesibopho esithile, akayikwaphula izwi lakhe; uyakwenza njengakho konke okuphuma emlonyeni wakhe.

3“ ‘Uma owesifazane enza isithembiso kuJehova, azibophe ngesibopho esithile esendlini kayise, esemusha, 4uyise esizwa isithembiso sakhe nesibopho sakhe abophe ngaso umphefumulo wakhe, engasho lutho kuye, izithembiso zakhe zonke ziyakuma, nazo zonke izibopho abophe ngazo umphefumulo wakhe ziyakuma; 5kepha uma uyise emalela ngosuku akuzwa ngalo, akuyikuma nesisodwa sezithembiso zakhe nesezibopho zakhe abophe ngazo umphefumulo wakhe; uJehova uyakumthethelela, ngokuba uyise umalele.

6“ ‘Uma engowendoda, izithembiso zakhe zisephezu kwakhe noma okuphahlukiwe ngumlomo wakhe abophe ngakho umphefumulo wakhe, 7indoda yakhe bese ikuzwa, ingasho lutho kuye ngosuku ekuzwa ngalo, izithembiso zakhe ziyakuma, nezibopho zakhe abophe ngazo umphefumulo wakhe ziyakuma; 8kepha uma indoda yakhe imalela ngosuku ekuzwa ngalo, iyakwenza ize isithembiso sakhe esiphezu kwakhe nokuphahlukiwe ngumlomo wakhe abophe ngakho umphefumulo wakhe, uJehova amthethelele.

9“ ‘Kepha isithembiso somfelokazi noma esolahliweyo, konke abophe ngakho umphefumulo wakhe kuyakuma kuye.

10“ ‘Uma enzile isithembiso endlini yendoda yakhe, noma ebophe ngesibopho umphefumulo wakhe ngesifungo, 11indoda yakhe bese ikuzwa, ingasho lutho kuye, ingamalelanga, zonke izithembiso zakhe ziyakuma, nazo zonke izibopho abophe ngazo umphefumulo wakhe ziyakuma; 12kepha uma indoda yakhe izenza ize ngosuku ezizwa ngalo, konke okuphuma emlonyeni wakhe mayelana nezithembiso zakhe namayelana nesibopho somphefumulo wakhe akuyikuma; indoda yakhe ikwenzile ize; uJehova uyakumthethelela. 13Zonke izithembiso nazo zonke izifungo ezibophayo zokuthobisa umphefumulo, indoda yakhe ingaziqinisa, noma indoda yakhe izenze ize. 14Kepha uma indoda yakhe ithula nokuthula kuye izinsuku ngezinsuku, iyaqinisa zonke izithembiso zakhe nazo zonke izibopho zakhe eziphezu kwakhe; iziqinisile, ngokuba ithulile kuye ngosuku eyazizwa ngalo; 15kepha uma izenza ize lapho isizizwile, iyakuthwala ububi bakhe.’ ”

16Yilezo izimiso uJehova ayala ngazo uMose phakathi kwendoda nomkayo, naphakathi kukayise nendodakazi yakhe isentsha endlini kayise.

UNumeri 31

Impindiselo kwabakwaMidiyani

1UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 2“Baphindisele abantwana bakwa-Israyeli kwabakwaMidiyani, andukuba ubuthelwe kubantu bakini.”

3UMose wayesekhuluma kubantu, wathi: “Hlomiselani impi amadoda phakathi kwenu ukuba ahlasele abakwaMidiyani, aphindisele uJehova kwabakwaMidiyani; 4kuleso naleso sizwe njalo anoyithuma empini inkulungwane ezizweni zonke zakwa-Israyeli.” 5Kwase kunikelwa ezinkulungwaneni zakwa-Israyeli inkulungwane kuleso naleso sizwe, izinkulungwane eziyishumi nambili, zihlonyiselwe impi. 6UMose wabathuma empini, kwaba yinkulungwane kuleso naleso sizwe, bona noFinehasi indodana ka-Eleyazare umpristi, baye naye empini ephethe impahla yendlu engcwele namacilongo okuhlaba umkhosi esandleni sakhe.

7Balwa noMidiyani, njengalokho uJehova emyalile uMose, babulala abesilisa bonke. 8Babulala amakhosi akwaMidiyani kanye nabanye ababulawayo: o-Evi, noRekemi, noSuri, noHure, noReba, amakhosi ayisihlanu akwaMidiyani; noBileyamu indodana kaBeyori bambulala ngemkemba. 9Abantwana bakwa-Israyeli bathumba abesifazane bakwaMidiyani nabancane babo; nazo zonke izinkomo zabo, nazo zonke izimvu zabo, nayo yonke impahla yabo bakuthatha kwaba yimpango yabo. 10Yonke imizi yabo yasezindaweni, lapho bebehlala khona, nawo onke amakamu* abo bakushisa ngomlilo. 11Bathatha yonke impango nayo yonke impahla edliweyo, abantu nezilwane. 12Baletha abathunjwa, nempango, nempahla edliweyo kuMose naku-Eleyazare umpristi, nakuyo inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ekamu* emathafeni akwaMowabi angaseJordani ngaseJeriko.

13OMose, no-Eleyazare umpristi, nazo zonke izikhulu zenhlangano baphuma ukubahlangabeza ngaphandle kwekamu.* 14UMose wazithukuthelela iziphathimandla zebandla, izinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu ezazibuya empini.

15UMose wathi kuzo: “Nisindisile bonke abesifazane na? 16Bhekani, laba benza ukuba abantwana bakwa-Israyeli ngesiluleko sikaBileyamu baphambeke kuJehova ngendaba yasePeyori, kwaba khona isifo phakathi kwenhlangano kaJehova. 17Ngalokho bulalani manje bonke abesilisa phakathi kwabantwana, nibulale nabo bonke abesifazane abayazi indoda ngokulala nayo. 18Kepha onke amantombazana angazanga ndoda ngokulala nayo, nizisindisele wona.

19“Misani ngaphandle kwekamu* izinsuku eziyisikhombisa; yilowo nalowo obulele umuntu, nalowo othintile obuleweyo, makaziphothule ngosuku lwesithathu nangosuku lwesikhombisa, nina nabathunjwa benu. 20Nazo zonke izingubo, nakho konke okwenziwe ngesikhumba, nayo yonke imisebenzi yoboya bezimbuzi, nazo zonke izinto ezenziwe ngomuthi, niyakuziphothula mayelana nakho.”

Ukwahlukaniswa kwempango

21Umpristi u-Eleyazare wathi kumadoda empi ayeyile ekulweni: “Lokhu kuyisimiso somthetho uJehova ayale ngaso uMose: 22kuphela igolide, nesiliva, nethusi, nensimbi, nethini,* nomthofu, 23konke okungahlala emlilweni, niyakukudabulisa emlilweni, kuhlambuluke; kodwa kuyakuhlanjululwa ngamanzi okuphothula, kepha konke okungenakuhlala emlilweni niyakukudabulisa emanzini. 24Niyakuhlanza izingubo zenu ngosuku lwesikhombisa, nihlambuluke, andukuba ningene ekamu.”*

25UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 26“Balani impango yonke ethathiweyo, abantu nezilwane, wena no-Eleyazare umpristi, nezinhloko zezindlu zawoyise benhlangano, 27wena wahlukanisele impango kabili phakathi kwamadoda empi aya ekulweni nenhlangano yonke, 28uthelisele uJehova amadoda empi aya ekulweni, kube kunye emakhulwini ayisihlanu, awabantu, nawezinkomo, nawezimbongolo, nawezimvu, 29nikuthathe enxenyeni yabo, nikunike u-Eleyazare umpristi, kube ngumnikelo wokuphakanyiswa kaJehova. 30Enxenyeni yabantwana bakwa-Israyeli wothabatha kube kunye emashumini ayisihlanu, awabantu, nawezinkomo, nawezimbongolo, nawezimvu, yebo, awezilwane zonke, ukunike amaLevi agcina inkonzo yetabernakele* likaJehova.” 31OMose no-Eleyazare umpristi benza njengalokho uJehova emyalile uMose.

32Impango-ke eyayisele kwethathiwe ngamadoda empi yayiyizimvu eziyizinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha namashumi ayisikhombisa nanhlanu, 33nezinkomo eziyizinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa nambili, 34nezimbongolo eziyizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nanye, 35nabantu, abesifazane abangazangandoda ngokulala nayo, abayizinkulungwane ezingamashumi amathathu nambili, bebonke.

36Nenxenye eyayiyisabelo sabaphuma impi umumo wayo wawuyizimvu eziyizinkulungwane ezingamakhulu amathathu namashumi amathathu nesikhombisa namakhulu ayisihlanu, 37nentela kaJehova yezimvu yayingamakhulu ayisithupha namashumi ayisikhombisa nanhlanu. 38Izinkomo zaziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu nesithupha, intela kaJehova kuzo ingamashumi ayisikhombisa nambili. 39Izimbongolo zaziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu namakhulu ayisihlanu, intela kaJehova kuzo ingamashumi ayisithupha nanye. 40Abantu babe yizinkulungwane eziyishumi nesithupha, intela kaJehova kubo ingamashumi amathathu nambili.

41UMose wamnika u-Eleyazare umpristi intela eyayingumnikelo wokuphakanyiswa kaJehova, njengalokho uJehova emyalile uMose.

42Enxenyeni yabantwana bakwa-Israyeli uMose ayahlukanisa neyamadoda ayelwile 43inxenye yenhlangano yayiyizimvu eziyizinkulungwane ezingamakhulu amathathu namashumi amathathu nesikhombisa namakhulu ayisihlanu, 44nezinkomo eziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu nesithupha, 45nezimbongolo eziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu namakhulu ayisihlanu, 46nabantu abayizinkulungwane eziyishumi nesithupha 47yebo, kule nxenye yabantwana bakwa-Israyeli uMose wathatha kube kunye emashumini ayisihlanu, awabantu nawezilwane, wakunika amaLevi agcina inkonzo yetabernakele* likaJehova, njengalokho uJehova emyalile uMose.

48Iziphathimandla ezaziphezu kwezinkulungwane zebandla, izinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu, zasondela kuMose, zathi kuMose: 49“Izinceku zakho zibale onke amadoda empi asesandleni sethu, akwasala neyodwa yethu. 50Silethile umnikelo kaJehova, kwaba yilowo nalowo lokho akutholileyo, izinto zegolide, nezigqizo, namasongo, nezindandatho, namacici, nemigexo ukuyenzela imiphefumulo yethu ukubuyisana phambi kukaJehova.”

51OMose no-Eleyazare bamukela igolide kubo, namagugu asetshenziweyo. 52Lonke igolide lomnikelo wokuphakanyiswa abanikela ngalo kuJehova, elezinduna zezinkulungwane nelezinduna zamakhulu, lalingamashekeli* ayizinkulungwane eziyishumi nesithupha namakhulu ayisikhombisa namashumi ayisihlanu. 53Ngokuba amadoda empi ayezithathele impango, kwaba yileyo naleyo ngokwayo. 54OMose no-Eleyazare umpristi bamukela igolide kuzo izinduna zezinkulungwane nakwezamakhulu, baliletha etendeni lokuhlangana, laba yisikhumbuzo sabantwana bakwa-Israyeli phambi kukaJehova.

UNumeri 32

Isizwe sakwaRubeni nesakwaGadi nenxenye yesakwaManase zithola ifa lezwe ngasempumalanga

1Abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi babenemfuyo eningi, nalapho belibona izwe laseJazeri nezwe lakwaGileyadi ukuthi leyo ndawo iyindawo yezinkomo, 2abantwana bakwaGadi nabantwana bakwaRubeni beza bakhuluma kuMose, naku-Eleyazare umpristi, nakuzo izikhulu zenhlangano, bathi: 3“I-Atharoti, neDiboni, neJazeri, neNimra, neHeshiboni, ne-Elehale, neSebamu, neNebo, neBehoni, 4izwe alinqoba uJehova phambi kwenhlangano ka-Israyeli liyizwe lezinkomo, futhi izinceku zakho zinezinkomo.” 5Bathi futhi: “Uma sifumene umusa emehlweni akho, leli zwe malinikwe izinceku zakho libe yifa lazo; ungasiwelisi iJordani.”

6UMose wayesethi kubantwana bakwaGadi nakubantwana bakwaRubeni: “Abafowenu bayakuphuma impi, nina nihlale lapha, na? 7Niqedelani inhliziyo yabantwana bakwa-Israyeli ukuba bangaweli ukuya ezweni uJehova abanike lona na? 8Benze njalo oyihlo mhla ngibathuma besuka eKadeshi Barineya ukubona izwe. 9Ngokuba ekukhuphukeni kwabo ukuya esiGodini sase-Eshikoli balibona izwe, baqeda inhliziyo yabantwana bakwa-Israyeli ukuba bangangeni ezweni uJehova abanike lona. 10Intukuthelo kaJehova yavutha ngalolo suku, wafunga wathi: 11‘Impela kulaba bantu abaphuma eGibithe, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, akayikubona noyedwa izwe engalifungela u-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ngokuba abangilandelanga ngokuphelelyo, 12ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune, umKhenizi, noJoshuwa indodana kaNuni, ngokuba bamlandele uJehova ngokupheleleyo.’ 13Intukuthelo kaJehova yabavuthela abakwa-Israyeli, wabazulisa ehlane iminyaka engamashumi amane, saze saphela sonke leso sizukulwane esasenzile okubi emehlweni kaJehova.

14“Bhekani, senivukile nina esikhundleni sawoyihlo, inzalo yabantu abonayo, ukwandisa futhi intukuthelo kaJehova evuthela u-Israyeli. 15Ngokuba uma nibuyela emuva ekumlandeleni, uyakubuye abashiye ehlane, nize nibhubhise laba bantu.”

16Basondela kuye, bathi: “Siyakwakhela lapha izinkomo zethu izibaya nabancane bethu imizi; 17kepha thina uqobo lwethu siyakushesha sihlome, sihambe phambi kwabantwana bakwa-Israyeli, size sibafinyelelise endaweni yabo, abancane bethu bahlale emizini ebiyelweyo ngenxa yabakhileyo ezweni. 18Asiyikubuyela ezindlini zethu, abantwana bakwa-Israyeli bengakalidli ifa labo, kube yilowo nalowo wabo. 19Ngokuba asiyikulidla ifa nabo ngaphesheya kweJordani nangaphambili, lokhu silidlile elethu nganeno kweJordani ngasempumalanga.”

20UMose wayesethi kubo: “Uma nenza lokhu, uma nihloma ukuba nihambe phambi kukaJehova, niphume impi, 21kuwele iJordani onke amadoda enu ahlomileyo phambi kukaJehova, aze axoshe izitha zakhe phambi kwakhe, 22izwe linqotshwe phambi kukaJehova, khona ngasemuva niyakubuya, nibe ngabangenacala kuJehova naku-Israyeli, leli zwe libe yifa lenu phambi kukaJehova.

23“Kepha uma ningenzi njalo, bhekani, nonile kuJehova; yazini ukuthi isono senu siyakunifumana. 24Zakheleni imizi yabancane benu nezibaya zezimvu zenu, nikwenze lokho okuphumileyo emlonyeni wenu.”

25Abantwana bakwaGadi nabantwana bakwaRubeni bakhuluma kuMose, bathi: “Izinceku zakho ziyakwenza njengalokhu inkosi yami iyala. 26Abancane bethu, nawomkethu, nezimvu zethu, nazo zonke izinkomo zethu kuyakuba lapho emizini yakwaGileyadi, 27kepha izinceku zakho ziyakuwela, kube yilowo nalowo ohlomele ukulwa, phambi kukaJehova, ziphume impi, njengalokhu isho inkosi yami.”

28UMose wayeseyala u-Eleyazare umpristi, noJoshuwa indodana kaNuni, nezinhloko zezindlu zawoyise bezizwe zabantwana bakwa-Israyeli ngabo. 29UMose wathi kubo: “Uma abantwana bakwaGadi nabantwana bakwaRubeni bewela nani iJordani, bonke abahlomele ukulwa, phambi kukaJehova, izwe linqotshwe phambi kwenu, niyakubanika izwe lakwaGileyadi libe yifa labo; 30kepha uma bengaweli nani behlomile, bayakunikwa ifa phakathi kwenu ezweni laseKhanani.”

31Abantwana bakwaGadi nabantwana bakwaRubeni baphendula bathi: “Njengalokho uJehova eshilo kuzo izinceku zakho, siyakwenze njalo. 32Siyakuwela, siye ezweni laseKhanani phambi kukaJehova sihlomile, izwe lefa lethu lisale nokho ngaphesheya kweJordani.”

33UMose wayesebanika abantwana bakwaGadi nabantwana bakwaRubeni nenxenye yesizwe sakwaManase indodana kaJosefa umbuso kaSihoni inkosi yama-Amori nombuso ka-Ogi inkosi yaseBashani, izwe nemizi yalo namaphethelo ayo, imizi yezwe nxazonke.

34Abantwana bakwaGadi bakha iDiboni, ne-Athoriti, ne-Aroweri, 35ne-Athiroti Shofanu, neJazeri, neJogibeha, 36neBeti Nimra, neBeti Harana, imizi ebiyelweyo nezibaya zezimvu. 37Abantwana bakwaRubeni babuye bakha iHeshiboni, ne-Elehale, neKiriyatayimi, 38neNebo, neBali Mehoni iphendulwe ngamagama neSibima; banika imizi abayakhayo amanye amagama.

39Abantwana bakwaMakiri indodana kaManase baya kwaGileyadi, balithatha, baxosha ama-Amori ayekulo. 40UMose wanika uMakiri indodana kaManase elakwaGileyadi, wahlala kulo. 41UJayire indodana kaManase wahamba wathatha imizana yalo, wayibiza ngokuthi iHawoti Jayire. 42UNoba wahamba wathatha iKhenati nemizana yalo, walibiza ngokuthi iNoba ngegama lakhe.

UNumeri 29:12-32:42ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU