Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 38

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UNumeri 4

Umsebenzi wamaLevi

1UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni, wathi: 2“Bala umumo wamadodana kaKohati phakathi kwamadodana kaLevi ngemindeni yawo nangezindlu zawoyise, 3kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuze kufike kwabaneminyaka engamashumi ayisihlanu, bonke abangena enkonzweni ukwenza umsebenzi etendeni lokuhlangana.

4“Nanku umsebenzi wamadodana kaKohati etendeni lokuhlangana: izinto ezingcwelengcwele. 5Nxa ikamu* lisuka, u-Aroni uyakungena kanye namadodana akhe, behlise iveli lesihenqo, basibekele umphongolo wobufakazi ngalo, 6bawembese isikhumba samatahasi,* bendlale phezu kwawo indwangu eluhlaza yonke, bafake izinti zawo.

7“Etafuleni lezinkwa zokubukwa bayakwendlala indwangu eluhlaza, babeke kuyo izingqwembe, nezinkezo, nezinkamba, nezindebe zokuthela; nesinkwa esinganqamukiyo siyakuba phezu kwalo. 8Bayakwendlala phezu kwazo indwangu ebomvu, bayisibekele ngesikhumba samatahasi,* bafake izinti zalo.

9“Bayakuthabatha indwangu eluhlaza, balusibekele uthi lwezibani, nezibani zalo, nezizenze zalo, nezitsha zalo zomlotha, nezitsha zonke zalo zamafutha abakhonza ngazo kulo; 10bayakulufaka kanye nezinto zalo zonke esikhumbeni samatahasi,* babeke konke ohlakeni.

11“E-altare legolide bayakwendlala indwangu eluhlaza, bayisibekele ngesikhumba samatahasi,* bafake izinti zalo.

12“Bayakuthabatha zonke izitsha zokukhonza abakhonza ngazo endlini engcwele, bazifake endwangwini eluhlaza, bazisibekele ngesikhumba samatahasi,* bazibeke ohlakeni.

13“Bayakususa umlotha e-altare, bendlale kulo indwangu ebubende, 14babeke kuyo zonke izinto zalo abakhonza ngazo kulo, imicengezi yempepho, nezimfoloko, namafosholo, nezitsha, nezinto zonke ze-altare, bendlale phezu kwazo isimbozo sesikhumba samatahasi,* bafake izinti zalo.

15“Nxa u-Aroni namadodana akhe sebeqedile ukusibekela indlu engcwele nempahla yonke yendlu engcwele, lapho ikamu* liyakusuka, emva kwalokho amadodana kaKohati ayakufika ukukuthwala, kepha awayikuthinta okungcwele, funa afe. Lezo zinto zingumthwalo wamadodana kaKohati etendeni lokuhlangana.

16“Imfanelo ka-Eleyazare indodana ka-Aroni umpristi iyakuba ngamafutha okukhanyisa nempepho ethaphukayo, nomnikelo wempuphu wemihla yonke, namafutha okugcoba; imfanelo yakhe iyitabernakele* lonke nakho konke okukulo, indlu engcwele nezinto zayo.”

17UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni, wathi: 18“Ninganqumi isizwe semindeni yamaKohati kumaLevi, 19kepha ukuba baphile, bangafi, lapho besondela ezintweni ezingcwelengcwele, nenze kanje kubo: u-Aroni namadodana akhe bayakungena, babamise, kube yilowo nalowo emsebenzini wakhe nasemthwalweni wakhe; 20kepha abayikungena ukubona okungcwele nangesikhashana nje, funa bafe.”

21UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 22“Bala umumo wamadodana kaGereshoni nawo ngezindlu zawoyise nangemindeni yawo 23kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuze kube kwabaneminyaka engamashumi ayisihlanu, bonke abangena enkonzweni ukwenza umsebenzi etendeni lokuhlangana.

24“Nanku umsebenzi wemindeni yamaGereshoni ngokukhonza nangokuthwala: 25bayakuthwala izilenge zetabernakele,* netende lokuhlangana, nesimbozo salo, nesimbozo sesikhumba samatahasi* esiphezu kwalo, neveli lomnyango wetende lokuhlangana, 26nezilenge zegceke, neveli lomnyango wesango legceke elingasetabernakele* nangase-altare nxazonke, nezintambo zakho, nezinto zonke zokukhonza kwabo; nakho konke okwenzelwa zona bayakukwenza. 27Ngesiyalezo sika-Aroni nangesamadodana akhe uyakwenziwa wonke umsebenzi wamadodana amaGereshoni emithwalweni yawo yonke nasemisebenzini yawo yonke; niwamisele yonke imithwalo yawo ezakugcinwa yiwo. 28Lowo ungumsebenzi wemindeni yamadodana amaGereshoni etendeni lokuhlangana; okugcinwa yiwo kube phansi kwesandla sika-Itamari indodana ka-Aroni umpristi.

29“Amadodana kaMerari uwabale ngemindeni yawo nangezindlu zawoyise; 30kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuze kube kwabaneminyaka engamashumi ayisihlanu wobabala bonke abangena emsebenzini ukwenza umsebenzi wetende lokuhlangana. 31Nakhu okuzakugcinwa yibo ukuba bakuthwale ngokomsebenzi wabo wonke etendeni lokuhlangana: amapulangwe etabernakele,* nemishayo yalo, nezinsika zalo, nezinyawo zalo, 32nezinsika zegceke nxazonke, nezinyawo zazo, nezikhonkwane zazo, nezintambo zazo, nempahla yonke yazo, nenkonzo yonke yazo, nibamisele ngamagama impahla abafanele ukuyithwala. 33Lowo ungumsebenzi wemindeni yamadodana kaMerari ngokomsebenzi wabo wonke etendeni lokuhlangana phansi kwesandla sika-Itamari indodana ka-Aroni umpristi.”

34OMose no-Aroni nezikhulu zenhlangano babala amadodana amaKohati ngemindeni yawo nangezindlu zawoyise, 35kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuze kube kwabeneminyaka engamashumi ayisihlanu, bonke abangena emsebenzini ukukhonza etendeni lokuhlangana; 36labo ababalwayo kubo ngemindeni yabo babe yizinkulungwane ezimbili namakhulu ayisikhombisa namashumi ayisihlanu. 37Yilabo ababalwayo bemindeni yamaKohati, bonke abakhonza etendeni lokuhlangana, ababalwa nguMose nangu-Aroni njengesiyalezo sikaJehova ngesandla sikaMose.

38Labo ababalwayo bamadodana kaGereshoni ngemindeni yawo nangezindlu zawoyise, 39kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuze kube kwabaneminyaka engamashumi ayisihlanu, bonke abangena emsebenzini ukukhonza etendeni lokuhlangana, 40labo ababalwayo kubo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise babe yizinkulungwane ezimbili namakhulu ayisithupha namashumi amathathu. 41Yilabo ababalwayo bemindeni yamadodana kaGereshoni, bonke abakhonza etendeni lokuhlangana, ababalwa nguMose nangu-Aroni njengesiyalezo sikaJehova.

42Labo ababalwayo bemindeni yamadodana kaMerari ngemindeni yawo nangezindlu zawoyise, 43kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuze kube kwabaneminyaka engamashumi ayisihlanu, bonke abangena emsebenzini ukukhonza etendeni lokuhlangana, 44labo ababalwayo kubo ngemindeni yabo babe yizinkulungwane ezintathu namakhulu amabili. 45Yilabo ababalwayo bemindeni yamadodana kaMerari ababalwa nguMose nangu-Aroni njengesiyalezo sikaJehova ngesandla sikaMose.

46Bonke ababalwayo bamaLevi ababalwa nguMose nangu-Aroni nayizikhulu zakwa-Israyeli ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise, 47kusukela kwabaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu kuze kube kwabaneminyaka engamashumi ayisihlanu, bonke abangena ukwenza umsebenzi wenkonzo nomsebenzi wokuthwala etendeni lokuhlangana, 48labo ababalwayo kubo babe yizinkulungwane eziyisishiyagalombili namakhulu ayisihlanu namashumi ayisishiyagalombili. 49Njengesiyalezo sikaJehova babalwa ngesandla sikaMose, yilowo nalowo ngokomsebenzi wakhe nangokomthwalo wakhe.

Base bebalwa-ke, njengalokho uJehova emyalile uMose.

UNumeri 5

Imithetho yokuhlanzeka kwekamu*

1UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 2“Yala abantwana bakwa-Israyeli ukuba bakhiphe ekamu* bonke abanochoko, nabo bonke abacucayo, nabo bonke abangcoliswe ngabafileyo, 3nikhiphe abesilisa nabesifazane, nibakhiphele ngaphandle kwekamu ukuba bangangcolisi ikamu engihlala phakathi kwalo.” 4Abantwana bakwa-Israyeli benze njalo, babakhiphela ngaphandle kwekamu; njengalokho uJehova ekhulume kuMose, benze njalo-ke abantwana bakwa-Israyeli.

Isijeziso sokuphambana noJehova

5UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 6“Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Nxa owesilisa noma owesifazane enza isono esenziwa ngabantu ukuphambeka kuJehova, lowo muntu abeseba necala, 7uyakuvuma isono sakhe asenzileyo, alikhokhe icala lakhe ngokupheleleyo, athasisele kukho okwesihlanu, akunike lowo abenecala kuye. 8Kepha uma umuntu engenasihlobo elingakhokhelwa kuso icala, inkokhelo yecala eyenzelwa uJehova iyakuba ngeyompristi, ngaphandle kwenqama yokubuyisana ayakwenzelwa ukubuyisana ngayo. 9Yonke iminikelo yokuphakanyiswa yezinto ezingcwele zabantwana bakwa-Israyeli abanikela ngayo kumpristi iyakuba ngeyakhe. 10Izinto ezingcwele zalowo nalowo ziyakuba ngezakhe; noma kungaba yini umuntu akunika umpristi, kuyakuba ngokwakhe.’ ”

Imithetho yomfazi ophingayo

11UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 12“Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Uma umfazi womuntu eduka, aphambuke kuye, 13alale nenye indoda kusithekile emehlweni endoda yakhe, kufihlwe, angcoliswe, kungekho fakazi nokho ngaye, futhi engabanjwanga, 14afikelwe ngumoya wesikhwele, abenesikhwele ngomkakhe, yena engcolisiwe, noma efikelwe ngumoya wesikhwele, abenesikhwele ngomkakhe kodwa yena engangcoliswanga, 15indoda iyakuletha umkayo kumpristi, imlethele umnikelo wakhe, ube ngokweshumi kwe-efa* lempuphu yebhali,* angatheli mafutha kuyo, angabeki nanhlaka kuyo, ngokuba kungumnikelo wempuphu wesikhwele, umnikelo wempuphu wesikhumbuzo sokukhumbuza ngobubi.

16“ ‘Umpristi uyakumsondeza, ambeke phambi kukaJehova, 17umpristi athathe amanzi angcwele esitsheni sebumba, athathe kulo uthuli oluphansi etabernakele,* alufake emanzini, 18umpristi ambeke owesifazane phambi kukaJehova, athukulule izinwele zekhanda lowesifazane, afake umnikelo wempuphu wesikhumbuzo ezandleni zakhe, ongumnikelo wempuphu wesikhwele; umpristi abe namanzi ababayo esandleni sakhe aveza isiqalekiso. 19Umpristi amfungise, athi kowesifazane: “Uma kungalalanga ndoda nawe, ungadukelanga ekungcoleni usephansi kwendoda yakho, mawukhululeke kulawa manzi ababayo aveza isiqalekiso; 20kepha uma udukile usephansi kwendoda yakho, futhi ungcolisiwe, kulale nawe enye indoda ngaphandle kwendoda yakho,” 21umpristi uyakufungisa owesifazane ngesifungo sesiqalekiso, umpristi athi kowesifazane: “UJehova makakwenze isiqalekiso nesifungo phakathi kwabantu bakini, lapho uJehova eshwabanisa ithanga lakho, avuvukalise isisu sakho. 22Lawa manzi aveza isiqalekiso ayakungena ezibilini zakho, avuvukalise isisu sakho, ashwabanise ithanga lakho.”

“ ‘Owesifazane uyakuthi: “Amen! Amen!”

23“ ‘Umpristi uyakubala lezi ziqalekiso encwadini, azesule ngamanzi ababayo, 24aphuzise owesifazane amanzi ababayo aveza isiqalekiso; amanzi aveza isiqalekiso ayakungena kuye, ababe. 25Umpristi uyakuthatha umnikelo wempuphu wesikhwele esandleni sowesifazane, azulise umnikelo wempuphu phambi kukaJehova, awulethe e-altare; 26umpristi uyakucaphuna ukhweshe womnikelo wempuphu, ube yisikhumbuzo sawo, awushise e-altare, andukuba amphuzise owesifazane amanzi. 27Nxa esemphuzisile amanzi, kuyakuthi uma engcolisiwe waphambuka endodeni yakhe, amanzi aveza isiqalekiso angene kuye, ababe, isisu sakhe sivuvukale, ithanga lakhe lishwabane, owesifazane aqalekiswe phakathi kwabantu bakubo. 28Kepha uma owesifazane engangcolisiwe kodwa ehlambulukile, uyakukhululeka, athole inzalo.

29“ ‘Lowo ungumthetho wesikhwele, lapho umfazi esephansi kwendoda yakhe eduka, angcoliswe, 30noma lapho indoda ifikelwa ngumoya wesikhwele, ibe nesikhwele ngomkayo; khona iyakumbeka owesifazane phambi kukaJehova, umpristi agcine wonke lo mthetho kuye. 31Indoda iyakukhululeka ebubini, kepha owesifazane uyakubuthwala ububi bakhe.’ ”

UNumeri 6

Isithembiso somNaziri*

1UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 2“Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Nxa owesilisa noma owesifazane enza isithembiso esithile, isithembiso somNaziri,* ukuzahlukanisela kuJehova, 3uyakuzahlukanisa newayini nophuzo olunamandla, angaphuzi uviniga wewayini, noviniga wophuzo olunamandla, angaphuzi okwezithelo zomvini, futhi angadli izithelo zomvini ezimanzi nezomileyo. 4Zonke izinsuku zobuNaziri bakhe akayikudla lutho olwenziwe ngewayini lezithelo zomvini, kusukela ezimbumbulwini kuze kufike emakhasini.

5“ ‘Zonke izinsuku zesithembiso sakhe sobuNaziri kungasondeli mpuco ekhanda lakhe; uyakuba ngcwele zize ziphelele izinsuku azahlukanisela ngazo kuJehova, avume isihluthu sezinwele zekhanda lakhe sibe side. 6Zonke izinsuku engumNaziri kaJehova akayikusondela esidumbini. 7Akayikuzingcolisa ngoyise noma ngonina, noma ngomfowabo noma ngodadewabo, nxa befile, ngokuba isithembiso sakhe sobuNaziri sisekhanda lakhe. 8Zonke izinsuku zobuNaziri bakhe ungcwele kuJehova.

9“ ‘Uma umuntu efa ngokuzumayo eceleni kwakhe, angcolise ikhanda lobuNaziri bakhe, uyakuphucula ikhanda lakhe ngosuku lokuhlanjululwa kwakhe, aliphucule ngosuku lwesikhombisa. 10Ngosuku lwesishiyagalombili uyakuletha amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba kumpristi ngasemnyango wetende lokuhlangana; 11umpristi uyakunikela ngelinye libe ngumnikelo wesono nangelinye libe ngumnikelo wokushiswa, amenzele ukubuyisana, ngokuba wona ngenxa yofileyo; abesengcwelisa ikhanda lakhe ngalolo suku. 12Uyakwahlukanisela kuJehova izinsuku zobuNaziri bakhe, alethe imvu yeduna enomnyaka munye, ibe ngumnikelo wecala; kepha izinsuku zakuqala ziyakuba yize, ngokuba ubuNaziri bakhe bungcolisiwe.

13“ ‘Nanku umthetho womNaziri lapho izinsuku zobuNaziri bakhe seziphelele wokuthi uyakulethwa emnyango wetende lokuhlangana, 14anikele ngomnikelo wakhe kuJehova, imvu yeduna enomnyaka munye engenasici ibe ngumnikelo wokushiswa, neyensikazi enomnyaka munye engenasici ibe ngumnikelo wesono, nenqama engenasici ibe ngumnikelo wokuthula, 15neqoma lesinkwa esingenamvubelo, amaqebelengwane empuphu ecolekileyo exovwe namafutha, nemiqathane engenamvubelo, egcotshwe ngamafutha, nomnikelo wempuphu nowokuphuzwa walokho.

16“ ‘Umpristi uyakukuletha phambi kukaJehova, anikele ngomnikelo wakhe wesono nangowokushiswa wakhe. 17Uyakunikela ngenqama ibe ngumhlatshelo womnikelo wokuthula kaJehova kanye neqoma lesinkwa esingenamvubelo; futhi umpristi anikele ngomnikelo wayo wempuphu nangomnikelo wayo wokuphuzwa.

18“ ‘UmNaziri uyakuphucula ikhanda lobuNaziri bakhe ngasemnyango wetende lokuhlangana, athathe izinwele zekhanda lobuNaziri bakhe, azibeke emlilweni ophansi komhlatshelo weminikelo yokuthula.

19“ ‘Umpristi uyakuthabatha umkhono ophekiweyo wenqama, neqebelengwane eqomeni, nomqathane ongenamvubelo, akufake ezandleni zomNaziri, nxa esephuculile ubuNaziri bakhe, 20umpristi akuzulise, kube ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova; lokhu kungcwele kumpristi kanye nesifuba sokuzuliswa nethanga lokuphakanyiswa; emva kwalokho umNaziri angaphuza iwayini.

21“ ‘Lowo ungumthetho womNaziri owenzile isithembiso nowomnikelo wakhe kuJehova ngenxa yobuNaziri bakhe, ngaphandle kokunye angaphumelela kukho; njengesithembiso sakhe asenzayo uyakwenza kanjalo njengomthetho wobuNaziri.’ ”

22UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 23“Yisho ku-Aroni nakumadodana akhe, uthi: ‘Niyakubusisa kanje abantwana bakwa-Israyeli, niyakusho kubo, nithi:

24“ ‘ “UJehova makakubusise, akulondoloze;

25uJehova makakhanyise ubuso bakhe phezu kwakho,

abe nomusa kuwe;

26uJehova makaphakamise ubuso bakhe phezu kwakho,

akuphe ukuthula.” ’

27“Bayakubeka kanjalo igama lami kubantwana bakwa-Israyeli, mina ngibabusise.”

UNumeri 4:1-6:27ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU