Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 354

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

NgokukaJohane 9

UJesu uvula amehlo omuntu owayezelwe eyimpumputhe

1Wathi edlula, wabona umuntu owayeyimpumputhe kwasekuzalweni kwakhe. 2Abafundi bakhe bambuza bathi: “Rabi, ngubani owonayo, lona noma abazali bakhe, aze azalwe eyimpumputhe na?”

3UJesu waphendula wathi: “Akonanga noma yena noma abazali bakhe, kodwa ukuze kubonakaliswe kuye imisebenzi kaNkulunkulu. 4Ngimelwe ukusebenza imisebenzi yongithumileyo, kusesemini; buyeza ubusuku, lapho kungesebenze muntu. 5Ngisekhona ezweni ngingukukhanya kwezwe.”

6Eseshilo lokho wafela amathe emhlabathini, wenza udaka ngamathe, waninda amehlo ayo ngodaka. 7Wathi kuyo: “Hamba uyogeza echibini laseSilowama,” okuhunyushwa ngokuthi oThunyiweyo; yamuka-ke, yageza, yeza ibona.

8Ngakho abakhelene nayo nababeyibonile phambili iyisinxibi bathi: “Akusiye lo owayehlezi enxiba na?” 9Abanye bathi: “Nguyena,” abanye bathi: “Qha, kepha ufana naye;” yena wathi: “Nginguye.”

10Base bethi kuye: “Pho, amehlo akho avulwe kanjani na?”

11Waphendula yena, wathi: “Umuntu othiwa uJesu wenza udaka, wagcoba amehlo ami, wathi kimi: ‘Yana eSilowama, ugeze.’ Ngaya, ngageza, ngabona.”

12Bathi kuye: “Uphi yena na?”

Wathi: “Angazi.”

13Bamyisa kubaFarisi lowo okade eyimpumputhe. 14Kwakuyisabatha mhla uJesu enza udaka, evula amehlo akhe. 15Khona nabaFarisi futhi bambuza ukuthi ukuthole kanjani ukubona. Wathi kubo: “Waninda amehlo ami ngodaka, ngageza, sengiyabona.”

16Ngakho abanye kubaFarisi bathi: “Lona kaveli kuNkulunkulu, lokhu engagcini isabatha.”

Abanye bathi: “Umuntu oyisoni angazenza kanjani izibonakaliso ezinje na?” Kwaba khona ukwahlukana phakathi kwabo.

17Khona baphinda bathi kuyo impumputhe: “Wena uthini ngaye, lokhu evule amehlo akho, na?”

Yathi: “Ungumprofethi.”

18Kepha abaJuda abakholwanga ngaye ukuthi wabeyimpumputhe nokuthi usethole ukubona, baze babiza abazali bakhe lowo osethole ukubona. 19Bababuza bathi: “Lo uyindodana yenu enithi ngayo yazalwa iyimpumputhe na? Pho, isibona kanjani manje na?”

20Abazali bakhe base bephendula bethi: “Siyazi ukuthi lo uyindodana yethu nokuthi wazalwa eyimpumputhe; 21kepha ukuthi usebona kanjani kalokhu asazi, nokuthi ngubani ovule amehlo akhe asazi; mbuzeni yena, usekhulile, uzozikhulumela yena.” 22Abazali bakhe basho lokho, ngokuba besaba abaJuda. Ngokuba abaJuda base bevumelene ngokuthi, uma ekhona ovuma ukuba unguKristu, kakhishwe esinagogeni.* 23Ngakho-ke abazali bakhe bathi: “Usekhulile, mbuzeni yena.”

24Bambiza-ke ngokwesibili lowo muntu owabeyimpumputhe, bathi kuye: “Mnike uNkulunkulu udumo; thina siyazi ukuthi lowo muntu uyisoni.”

25Yena wayesephendula ethi: “Nokuba uyisoni angazi; kunye engikwaziyo, ukuthi bengiyimpumputhe, manje sengiyabona.”

26Bathi-ke kuye: “Wenzeni kuwe na? Uwavule kanjani amehlo akho na?”

27Wabaphendula wathi: “Kade nginitshela, kepha anizwanga; nifunelani ukuzwa futhi na? Niyafuna yini nani ukuba ngabafundi bakhe na?”

28Bamthuka bathi: “Nguwe ongumfundi wakhe, kepha thina singabafundi bakaMose. 29Siyazi ukuthi uNkulunkulu wakhuluma kuMose, kodwa lo asimazi lapha evela khona.”

30Waphendula lowo muntu, wathi kubo: “Lokhu kuyisimangaliso ukuthi nina anazi lapho evela khona, ingani uvule amehlo ami. 31Siyazi ukuthi uNkulunkulu akazizwa izoni, kodwa uma umuntu emesaba uNkulunkulu, ayenze intando yakhe, uyamuzwa lowo. 32Selokhu kwathini akuzange kuzwakale ukuthi ukhona owavula amehlo ozelwe eyimpumputhe. 33Uma lo ebengaveli kuNkulunkulu, ubengenakwenza lutho.”

34Baphendula, bathi kuye: “Wena wazalwa ezonweni ngokwempela, wena ufundisa thina na?” Base bemkhiphela phandle.

35UJesu wezwa ukuthi bamkhiphele phandle; kwathi emfumana, wathi: “Uyakholwa yiNdodana kaNkulunkulu na?”

36Waphendula yena, wathi: “Ingubani, Nkosi, ngize ngikholwe yiyo, na?”

37UJesu wathi kuye: “Usuyibonile; okhuluma nawe yiyona.”

38Wayesethi: “Ngiyakholwa, Nkosi.” Wakhuleka kuye.

39Wathi uJesu: “Mina ngizele ukwahlulela kuleli zwe ukuba abangaboniyo babone, nababonayo babe yizimpumputhe.”

40Labo kubaFarisi ababenaye bezwa lokho, bathi kuye: “Pho, nathi siyizimpumputhe na?”

41Wathi kubo uJesu: “Ukuba beniyizimpumputhe, ngabe aninasono. Kepha manje nithi: ‘Siyabona;’ isono senu sihlezi.

NgokukaJohane 10

Umalusi omuhle

1“Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Ongangeni ngesango esibayeni sezimvu, kodwa ekhwela ngenye indawo, lowo uyisela nomphangi. 2Kepha ongena ngesango ungumalusi wezimvu. 3Umlindisango uyamvulela lowo; nezimvu ziyalizwa izwi lakhe; ubiza ezakhe izimvu ngamagama, aziholele phandle. 4Nxa esezikhiphile ezakhe zonke, uhamba phambi kwazo, izimvu zimlandele, ngokuba zilazi izwi lakhe. 5Kepha umfokazi azisoze zamlandela, kodwa ziyakumbalekela, ngokuba zingalazi izwi labafokazi.” 6UJesu washo lo mfanekiso kubo; kepha bona abezwisisanga ukuba kuyini lokho akukhuluma kubo.

7Ngakho-ke uJesu wabuye wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Mina ngiyisango lezimvu. 8Bonke abafike ngaphambi kwami bangamasela nabaphangi, kepha izimvu azibezwanga. 9Mina ngiyisango; uma umuntu engena ngami, uyakusindiswa, angene, aphume, afumane idlelo. 10Isela kalizi kungengokweba nokubulala nokubhubhisa; mina ngize ukuba babe nokuphila, babe nakho kuchichime.

11“Ngingumalusi omuhle. Umalusi omuhle udela ukuphila kwakhe ngenxa yezimvu. 12Okhokhelwayo engesiye umalusi, izimvu zingesizo ezakhe, ebona impisi iza, ushiya izimvu, abaleke – impisi izibhozomele, izihlakaze – 13ngokuba engokhokhelwayo, engazinakekeli izimvu.

14“Mina ngingumalusi omuhle; ngiyazazi ezami, nezami ziyangazi, 15njengalokhu uBaba uyangazi, nami ngiyamazi uBaba; ngidela ukuphila kwami ngenxa yezimvu. 16Nezinye izimvu nginazo ezingesizo ezalesi sibaya; nalezo ngimelwe ukuziletha; ziyakuzwa izwi lami, kube mhlambi munye nomalusi munye. 17Ngalokho uBaba uyangithanda, ngokuba ngidela ukuphila kwami ukuba ngibuye ngikuthabathe. 18Akakho ongangamuka ukuphila kwami, kodwa ngikudela ngokwami; nginamandla okukudela, nginamandla okubuye ngikuthabathe. Lo myalo ngiwamukele kuBaba.”

19Kwaba khona futhi ukwahlukana phakathi kwabaJuda ngalawo mazwi. 20Abaningi kubo bathi: “Unedemoni, uyahlanya; nimlalelelani na?”

21Abanye bathi: “Lawo mazwi akusiwo awomuntu onedemoni; imbala idemoni lingavula amehlo ezimpumputhe na?”

UJesu unguMesiya

22Khona kwakungumkhosi wokuhlanjululwa kwethempeli eJerusalema, kusebusika. 23UJesu wayehamba ethempelini emphemeni kaSolomoni. 24Base bemhaqa abaJuda bethi kuye: “Koze kube nini ulibazisa izinhliziyo zethu na? Uma wena unguKristu, sitshele ngokuchachileyo.”

25UJesu wabaphendula wathi: “Nganitshela, kodwa anikholwanga; imisebenzi engiyenzayo egameni likaBaba yiyona efakaza ngami. 26Kodwa nina anikholwa, ngokuba anisibo abezimvu zami. 27Izimvu zami ziyalizwa izwi lami; nami ngiyazazi, ziyangilandela; 28ngizinika ukuphila okuphakade, azisoze zabhubha naphakade; akakho ongazihlwitha esandleni sami. 29UBaba onginikileyo mkhulu kunabo bonke; akakho ongazihlwitha esandleni sikaBaba. 30Mina noBaba simunye.”

31AbaJuda base bebuye bethatha amatshe ukuba bamkhande. 32UJesu wabaphendula wathi: “Nginitshengise imisebenzi eminingi emihle evela kuBaba; yimuphi umsebenzi kulena eningikhandela wona na?”

33Bamphendula abaJuda, bathi: “Asikukhandi ngenxa yomsebenzi omuhle kepha ngenxa yokuhlambalaza, ngokuba wena ungumuntu ozenza uNkulunkulu.”

34UJesu wabaphendula wathi: “Akulotshiwe yini emthethweni wakini ukuthi: ‘Ngithe: Ningonkulunkulu,’ na? 35Uma wathi bangonkulunkulu bona eleza kubo izwi likaNkulunkulu – nombhalo ungeqiwe – 36nithi ngaye uYise amahlukanisileyo, wamthumela ezweni, ukuba uyahlambalaza, ngokuba ngithe: ‘NgiyiNdodana kaNkulunkulu,’ na? 37Uma ngingenzi imisebenzi kaBaba, maningakholwa yimi. 38Kepha uma ngiyenza, nakuba ningakholwa yimi, kholwani yimisebenzi, ukuze nazi, niqonde ukuthi uBaba ukimi, nami ngikuBaba.” 39Base befuna futhi ukumbamba, kepha waphunyuka esandleni sabo.

40Waphinda wamuka, waya phesheya kweJordani kuleyo ndawo lapho uJohane waqala ukubhapathiza khona, wahlala lapho. 41Nabaningi beza kuye, bathi: “UJohane nempela akenzanga sibonakaliso nasinye, kepha konke uJohane akusho ngalowo muntu kwakuqinisile.” 42Abaningi bakholwa nguye lapho.

NgokukaJohane 11

Ukuvuswa kukaLazaru

1Kwakukhona othile ogulayo, uLazaru waseBethaniya umuzi wakubo kaMariya nodadewabo uMarta. 2UMariya kwakunguye owagcoba iNkosi ngamafutha, wesula izinyawo zayo ngezinwele zakhe, omnewabo uLazaru wayegula. 3Ngakho-ke odadewabo bathumela kuye, bathi: “Nkosi, bheka, lo omthandayo uyagula.”

4UJesu esekuzwile lokho wathi: “Lokhu kugula akusikho okokufa, kodwa kungenxa yenkazimulo kaNkulunkulu ukuba iNdodana kaNkulunkulu ikhazimuliswe ngakho.” 5Kepha uJesu wayebathanda oMarta nodadewabo noLazaru. 6Ngakho-ke kwathi ezwa ukuthi uyagula, wahlala futhi izinsuku ezimbili endaweni abe kuyo.

7Emva kwalokho wathi kubafundi bakhe: “Asibuye, siye eJudiya.”

8Abafundi bathi kuye: “Rabi, abaJuda basand' ukufuna ukukukhanda ngamatshe; usaya futhi khona na?”

9UJesu waphendula wathi: “Awakho yini amahora ayishumi nambili emini na? Uma umuntu ehamba emini, akakhubeki, ngokuba ubona ukukhanya kwaleli zwe. 10Kodwa uma umuntu ehamba ebusuku, uyakhubeka, ngokuba kungekho ukukhanya kuye.”

11Wakhuluma lokho; emva kwalokho wathi kubo: “ULazaru umhlobo wethu ulele, kepha ngiyahamba ukuba ngimvuse ebuthongweni.”

12Abafundi bakhe base bethi kuye: “Nkosi, uma elele, uyakusinda.” 13Kepha uJesu wayekhuluma ngokufa kwakhe, kepha bona babethi ukhuluma ngokulala ubuthongo.

14Ngakho-ke uJesu wathi kubo ngokuchachileyo: “ULazaru ufile; 15ngiyathokoza ngenxa yenu ukuthi bengingekho, ukuze nikholwe; kepha asiye kuye.”

16Khona uTomase, othiwa uDidimu, wathi kubafundi abakanye naye: “Asihambe nathi, ukuze sife kanye naye.”

17Kwathi-ke esefika uJesu, wamfumana esenezinsuku ezine ethuneni. 18IBethaniya laliseduze neJerusalema, kungaba ngamastadiyu* ayishumi nanhlanu. 19Abaningi kubaJuda babefikile koMarta noMariya ukubakhuza ngomnewabo. 20Ngakho uMarta esezwe ukuthi uJesu uyeza, waya ukumhlangabeza, kepha uMariya wahlala endlini.

21Wayesethi uMarta kuJesu: “Nkosi, uma ubukhona, umnewethu nga engafanga; 22kepha ngiyazi nakalokhu ukuthi nokuba yini ongakucela kuNkulunkulu, uNkulunkulu uzakukunika khona.”

23UJesu wathi kuye: “Umnewenu uzakuvuka.”

24UMarta wathi kuye: “Ngiyazi ukuthi uyakuvuka ekuvukeni ngosuku lokugcina.”

25UJesu wathi kuye: “Mina ngingukuvuka nokuphila; okholwa yimi, noma efa, wophila. 26Nalowo ophila, akholwe yimi, kasoze afa naphakade. Uyakholwa yilokho na?”

27Wathi kuye: “Yebo, Nkosi, ngiyakholwa ukuthi wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu, obezakuza ezweni.”

28Eseshilo lokho wamuka wabiza uMariya udadewabo ngasese, wathi: “UMfundisi ukhona, uyakubiza.” 29Yena-ke ekuzwa lokho wasuka masinyane, waya kuye. 30Kepha uJesu wayengakafiki emzini, kodwa wayesekuleyo ndawo uMarta amhlangabeza kuyo. 31AbaJuda ababesendlini naye bemkhuza, bebona uMariya esuka masinyane ephuma, bamlandela, bathi: “Uya ethuneni ukuba akhale khona.”

32UMariya esefike lapho ekhona uJesu, embona, wawa ngasezinyaweni zakhe, wathi: “Nkosi, uma ubukhona, umnewethu nga engafanga.”

33Ngakho uJesu embona ekhala, nabaJuda abafika naye bekhala, wabubula emoyeni, wakhathazeka; 34wathi: “Nimbekephi na?”

Bathi kuye: “Nkosi, woza ubone.”

35UJesu wakhala izinyembezi.

36Ngakho-ke abaJuda bathi: “Bheka, ukumthanda kwakhe okungaka.”

37Kepha abanye kubo bathi: “Lo owavula amehlo empumputhe wayengekwenze yini ukuba yena lo angafi na?”

38Ngakho uJesu, ebubula futhi phakathi kwakhe, wafika ethuneni. Lalingumhume, kwakukhona itshe phezu kwawo. 39Wathi uJesu: “Susani itshe.”

UMarta, udadewabo wofileyo, wathi kuye: “Nkosi, usenuka; ngokuba sezizine.”

40UJesu wathi kuye: “Angishongo yini kuwe ukuthi uma ukholwa, uzakubona inkazimulo kaNkulunkulu, na?”

41Balisusa-ke itshe. Kepha uJesu waphakamisa amehlo, wathi: “Baba, ngiyakubonga ngokuba ungizwile. 42Bengazi mina ukuthi ungizwa njalo, kodwa ngenxa yesixuku esingiphahlileyo ngishilo lokho, ukuze bakholwe ukuthi nguwena ongithumileyo.”

43Esekhulume lokho wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Lazaru, phuma.” 44Waphuma ofileyo eboshwe izinyawo nezandla ngezindwangu, ubuso bakhe bumboziwe ngeduku. UJesu wathi kubo: “Mthukululeni, nimyeke ahambe.”

NgokukaJohane 9:1-11:44ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU