Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 348

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

1 kaPetru 1

Isibingelelo

1UPetru, umphostoli kaJesu Kristu, kwabayizihambi abahlakazekile ePontu, naseGalathiya, naseKhaphadosiya, nase-Asiya, naseBithiniya, 2bekhethiwe ngokwaziphambili kukaNkulunkulu uYise ngokungcwelisa kukaMoya kukho ukulalela nokufafazwa ngegazi likaJesu Kristu: Makwandiswe kinina umusa nokuthula.

UPetru ubonga uNkulunkulu ngethemba eliphilileyo labakholwayo

3Makabongwe uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Kristu owabuye wasizala kabusha ngokwesihawu sakhe esikhulu ukuba sibe nethemba eliphilileyo ngokuvuka kukaJesu Kristu kwabafileyo, 4sibe nefa elingapheliyo, nelingenasisihla, nelingabuniyo, eniligcinelwe ezulwini; 5nina enilondolozwa ngamandla kaNkulunkulu ngokukholwa ukuba nibe nokusindiswa okulungiselwe ukwambulwa ngesikhathi sokugcina; 6enithokoza ngakho, nokuba manje ngesikhashana, uma kudingeka, nidabukiswa ngezilingo eziyizinhlobonhlobo, 7ukuze ukuvivinywa kokukholwa kwenu okuyigugu kunegolide elibhubhayo noma livivinywa ngomlilo kufunyanwe kube ngukubongwa, nodumo, nokutuseka ekwambulweni kukaJesu Kristu; 8enimthanda ningambonanga, enithi ningamboni manje nikholwa nguye, nithokoza ngentokozo engakhulumekiyo netusekayo, 9namukela isigcino sokukholwa kwenu esiyinsindiso yemiphefumulo.

10Ngayo leyo nsindiso babefunisisa bephenyisisa abaprofethi ababeprofetha ngomusa obuzakuza kinina, 11bephenya ukuthi yisiphi nokuba sinjani isikhathi asikhombayo uMoya kaKristu owayekubo, efakaza ngaphambili ngezinhlupheko eziqondene noKristu nangenkazimulo eyakulandela zona; 12abambulelwe ukuba bangazikhonzi bona kepha nina ngalezo zinto enishunyayezwa zona manje ngabanishumayeza ivangeli ngoMoya oNgcwele othunywe evela ezulwini, izinto ezizifisayo izingelosi ukuzibona.

UPetru ukhuthaza abakholwayo ukuba bahambe ngobungcwele

13Ngalokho zibopheni izinkalo zengqondo yenu, nizithibe, nethembe ngokupheleleyo umusa enizakuwabelwa ekwambulweni kukaJesu Kristu. 14Njengabantwana abalalelayo ningalingisi izinkanuko zakuqala ekungazini kwenu, 15kodwa njengowanibizayo engcwele, manibe ngcwele nani ekuhambeni konke, 16ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Manibe ngcwele, ngokuba mina ngingcwele.”

17Uma nimbiza ngokuthi Baba yena owahlulela yilowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe engakhethi buso, anohamba ngokwesaba esikhathini sokuhlala kwenu ebufokazini, 18nazi ukuthi anihlengwanga ekuhambeni kwenu okuyize enakunikezwa ngawoyihlo ngezinto ezibhubhayo, isiliva negolide, 19kodwa ngegazi elinqabileyo likaKristu kungathi elewundlu elingenacala, elingenabala; 20owaziwa phakade, izwe lingakasekelwa, kepha wabonakaliswa ngezikhathi zokugcina ngenxa yenu 21enikholwa nguNkulunkulu ngaye, owamvusa kwabafileyo nowamnika inkazimulo, ukuze ukukholwa kwenu kube nethemba kuNkulunkulu.

22Senihlambululile imiphefumulo yenu ngokulalela iqiniso, nize nithande abazalwane ngokungazenzisi, thandanani ngokupheleleyo omunye nomunye ngenhliziyo, 23senizelwe kabusha kungengambewu ephelayo kodwa ngengapheliyo, ngezwi eliphilileyo nelimiyo likaNkulunkulu, 24ngokuba,

“Yonke inyama injengotshani,

nobukhosi bayo bonke bunjengembali yotshani;

utshani buyabuna,

nembali iyavuthuluka,

kepha izwi leNkosi limi kuze kube phakade.”

25Yilo leli zwi levangeli elashunyayelwa kinina.

1 kaPetru 2

Ukulangazelela ubisi oluhle lwezwi

1Ngakho lahlani ububi bonke, nobuqili bonke, nokuzenzisa, nomhawu, nokuhleba konke; 2njengezingane ezisand' ukuzalwa langazelelani ubisi olungokomoya olungenakonakala, ukuze nikhule ngalo kube ngukusindiswa, 3uma seninambithile nezwa ukuthi iNkosi imnene.

Ukwakhiwa kwendlu yokomoya

4Sondelani kuyo, iyitshe eliphilileyo, elinqatshwe ngabantu, kepha kuNkulunkulu likhethekile, liyigugu, 5nakhiwe njengamatshe aphilileyo, nibe yindlu yokomoya, ubupristi obungcwele, ninikele ngemihlatshelo yokomoya eyamukelekayo kuNkulunkulu ngaye uJesu Kristu. 6Ngokuba kukhona embhalweni ukuthi:

“Bhekani, ngibeka eSiyoni

itshe legumbi elikhethekile, liyigugu;

okholwa yilo

akasoze ajabhiswa.”

7Ngakho kini enikholwayo liyigugu; kepha kwabangakholwayo itshe abalinqabayo abakhi yilona elaba yinhloko yegumbi, 8netshe lokuqhuzula, nedwala lokukhubekisa; baqhuzuka bengalaleli izwi, okuyikhona bekumiselweyo; 9kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo, ukuze nishumayele ubukhosi balowo owanibiza niphume ebumnyameni, ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo; 10ekade naningesiso isizwe, kepha manje niyisizwe sikaNkulunkulu, enaningahawukelwanga, kepha manje nihawukelwe.

11Bathandekayo, nginincenga njengabafokazi nezihambi ukuba nidede ezinkanukweni zenyama ezilwa nomphefumulo, 12nibe nenkambo enhle phakathi kwabezizwe, ukuze kuthi lapho benihleba ngokungathi ningabenzi bokubi, ngokubona imisebenzi yenu emihle badumise uNkulunkulu ngosuku lokuhanjelwa.

Ukuthobela izimiso zabantu ngenxa yeNkosi

13Thobelani izimiso zonke zabantu ngenxa yeNkosi, nokuba kuyinkosi njengokuba ingomkhulu, 14nokuba kungababusi njengokuba bethunywa yiyo, ukuze bajezise abenza okubi, babonge abenza okuhle, 15ngokuba injalo intando kaNkulunkulu ukuba ngokwenza okuhle nithulise ukungazi kwabantu abayiziwula 16njengabakhululekileyo, kodwa kungabi njengabenza ukukhululeka kube yisigubuzelo sokubi kepha njengezinceku zikaNkulunkulu. 17Baziseni bonke, nithande abazalwane; mesabeni uNkulunkulu, niyazise inkosi.

18Nina zinceku, thobelani amakhosi ngokwesaba konke, kungabi ngamahle navileyo kuphela kodwa nayizixhwanguxhwangu. 19Ngokuba kuyabongeka lokho, uma umuntu ngenxa kanembeza ngakuNkulunkulu ethwala izinsizi, ehlushwa ngokungafanele. 20Ngokuba kuludumo luni, uma nibekezela nishaywa lapho nonile na? Kepha uma nibekezela lapho nenze okuhle nihlushwa, lokho kuyabongeka kuNkulunkulu. 21Ngokuba nabizelwa khona lokho, ngokuba uKristu wahlushwa ngenxa yenu, enishiyela isibonelo sokuba nilandele ezinyathelweni zakhe.

22“Ongenzanga isono,

akufunyanwanga nankohliso emlonyeni wakhe,”

23owathi ethukwa, akaphindisanga athuke; ehlushwa akasongelanga kepha wakunikela kuye owahlulela ngokulunga; 24yena owathwala izono zethu emzimbeni wakhe emthini, ukuze kuthi sesifile ezonweni siphile ekulungeni, oyena imivimbo yakhe naphulukiswa ngayo; 25ngokuba beninjengezimvu ezidukileyo, kodwa manje seniphendukele kuMalusi noMbonisi wemiphefumulo yenu.

1 kaPetru 3

Ukuphathana kwabaganeneyo

1Kanjalo, bafazi, thobelani amadoda enu, ukuze kuthi, uma ekhona ongakholwa yizwi, azuzwe ngaphandle kwezwi ngenkambo yabafazi bawo, 2ebona inkambo yenu emhlophe esekwesabeni. 3Ukuhloba kwenu makungabi ngokungaphandle, okokwaluka izinwele, nokokufaka igolide, noma okokugqoka izingubo, 4kepha makube ngumuntu osithekileyo wenhliziyo ohloba ngokungabhubhiyo komoya omnene onokuthula, okuyigugu phambi kukaNkulunkulu. 5Ngokuba kade babezihlobisa kanjalo abesifazane abangcwele abamethembayo uNkulunkulu, bethobela amadoda abo, 6njengalokho uSara wamlalela u-Abrahama embiza ngokuthi inkosi, eningabantwana bakhe, uma nenza okuhle, ningesatshiswa nokukodwa okwesabisayo. 7Kanjalo, madoda, hlalani nabo ngokokwazi, njengalokhu owesifazane eyisitsha esibuthakathaka, nibanike udumo, lokhu beyizindlalifa zomusa wokuphila kanye nani, ukuze imikhuleko yenu ingathiywa.

Ukuhamba ngokubekezela ekuhluphekeni

8Okokugcina, manibe nhliziyonye nonke, nihawukelane, nithandane ngokwabazalwane, nibe nobubele nokuthobeka, 9ningaphindisi okubi ngokubi nokuthuka ngokuthuka, kepha kakhulu manibusise, ngokuba nabizelwa lokho ukuba nidle ifa lokubusiswa.

10“Ngokuba osuka ethanda ukuphila

nokubona izinsuku ezinhle,

makanqande ulimi lwakhe kokubi,

nezindebe zakhe zingakhulumi inkohliso,

11adede ebubini, enze okuhle,

afune ukuthula, akujonge,

12ngokuba amehlo eNkosi aphezu kwabalungileyo,

izindlebe zayo zisekunxuseni kwabo,

kepha ubuso beNkosi buphezu kwabenza okubi.”

13Pho, ubani onganilimaza, uma nishisekela okuhle na? 14Kepha noma nihlupheka ngenxa yokulunga, nibusisiwe. Ningesabi ukwesabisa kwabo, ningakhathazeki, 15kepha mngcweliseni uKristu abe yiNkosi ezinhliziyweni zenu, nihlale ningabalungele ukubaphendula bonke abanibuza isizathu sethemba elikini, 16kodwa kube ngobumnene nangokwesaba, nibe nonembeza omuhle, ukuze kuthi kulokho abanihleba ngakho bajabhiswe labo abathuka ukuhamba kwenu okuhle kuKristu. 17Ngokuba kuhle ukuhlupheka ngokwenza okuhle, uma kuyintando kaNkulunkulu, kunokwenza okubi. 18Ngokuba naye uKristu wahlupheka kwaba kanye ngezono, olungileyo ngenxa yabangalungile, ukuba asiyise kuNkulunkulu, ebulawa enyameni kepha ephiliswa emoyeni, 19ehamba ngawo ukushumayeza omoya abasekuboshweni 20abakade bengalaleli, lapho ukubekezela kukaNkulunkulu kubalindele ezinsukwini zikaNowa umkhumbi usakhiwa, abasindiswa ngawo abayingcosana, okungukuthi abayisishiyagalombili ngawo amanzi; 21enisindiswa ngawo manje nani ngokomfanekiso, okungukuthi ngombhapathizo, kungesikho ukususa insila yenyama kepha ukucela kuNkulunkulu unembeza omuhle, ngokuvuka kukaJesu Kristu 22okhona ngakwesokunene sikaNkulunkulu esenyukele ezulwini, sekubekwe phansi kwakhe izingelosi, negunya, namandla.

1 kaPetru 4

Ekuhluphekeni amakholwa mawabekezele, akhuleke, abonge uNkulunkulu

1Njengokuba uKristu wahlupheka enyameni, hlomani nani ukuqonda okunjalo, ngokuba ohluphekile enyameni uyekile ukona, 2ukuze ngesikhathi esiseleyo nisesenyameni ningabe nisahlala ngezinkanuko zabantu kodwa ngentando kaNkulunkulu. 3Ngokuba isikhathi esidlulileyo sasanele ukwenza okuthandwa ngabezizwe ngokuhamba ngamanyala, nangezinkanuko, nangokudakwa, nangokuminza, nangokuxokozela, nangokukhonza izithombe okuyichilo. 4Bayamangala ngokungagijimeli kwenu kulowo msindo wokushinga kwabo, behlambalaza; 5bayakuziphendulela kulowo olungele ukwahlulela abahambayo nabafileyo. 6Ngokuba ngalokho ivangeli lashunyayelwa nakwabafileyo, ukuze bahlulelwe ngokwabantu enyameni kepha baphile ngokukaNkulunkulu emoyeni.

7Kepha ukuphela kwezinto zonke sekusondele. Ngakho zikhuzeni, nizithibe, ukuze nikhuleke; 8kunakho konke yibani nokuthandana okunganqamukiyo, ngokuba uthando lusibekela inqwaba yezono; 9anongenisana ngenjabulo, ningakhononi, 10nikhonzane, kube yilowo nalowo ngesipho asiphiweyo njengabaphathi abahle bomusa omninginingi kaNkulunkulu; 11uma umuntu ekhuluma, makakhulume njengokwamazwi kaNkulunkulu; uma umuntu ekhonza, makakhonze ngamandla awanikwa nguNkulunkulu, ukuze uNkulunkulu adunyiswe kukho konke ngoJesu Kristu okukuye inkazimulo namandla kuze kube phakade naphakade. Amen.

12Bathandekayo, ningamangali ngomlilo ophakathi kwenu enifikelwa yiwo ukuba nilingwe ngokungathi nehlelwe yinto engaziwayo, 13kodwa njengalokhu ningabahlanganyeli bezinhlupheko zikaKristu, thokozani, ukuze kuthi nasekwambulweni kwenkazimulo yakhe nithokoze, nethabe nokwethaba. 14Uma nithukwa ngenxa yegama likaKristu, nibusisiwe, ngokuba uMoya wenkazimulo nokaNkulunkulu uhlezi phezu kwenu. 15Ngokuba makungabikho kini ohlupheka ngokuba engumbulali, noma eyisela, noma engowenza okubi, noma engozigaxa ezindabeni zabanye; 16kepha uma ehlupheka ngokuba engumKristu, makangabi namahloni, kepha makadumise uNkulunkulu ngenxa yalelo gama. 17Ngokuba sekuyisikhathi sokuba ukwahlulela kuqale endlini kaNkulunkulu; kepha uma kuthathela kithina, kuyakuba yini ukuphela kwabangalaleli ivangeli likaNkulunkulu na? 18Uma olungileyo esindiswa kalukhuni, uyakubonakalaphi ongamesabi uNkulunkulu noyisoni na?

19Ngakho abahluphekayo ngokwentando kaNkulunkulu mababeke imiphefumulo yabo kuMdali othembekayo ngokwenza okuhle.

1 kaPetru 1:1-4:19ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU