Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 340

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

NgokukaMarku 10

Ukuhlalisana kwabaganeneyo

1Wasuka lapho, weza emikhawulweni yaseJudiya nangaphesheya kweJordani; izixuku zabuye zabuthana kuye, waphinda wabafundisa abantu njengokujwayela kwakhe. 2Kwase kusondela kuye abaFarisi, bambuza ukuthi kuvunyelwe yini ukuba indoda ilahle umkayo, bemlinga. 3Waphendula, wathi kubo: “UMose waniyala ngokuthini na?”

4Bathi: “UMose wavuma ukuba kulotshwe incwadi yesahlukaniso, alahlwe.”

5UJesu wayesethi kubo: “Ngenxa yobulukhuni benhliziyo yenu wanilobela lowo myalo. 6Kepha kusukela ekuqaleni kokudalwa uNkulunkulu wabenza owesilisa nowesifazane. 7Ngenxa yalokho umuntu uyakushiya uyise nonina, anamathele kumkakhe; 8labo ababili bayakuba nyamanye; ngakho abasebabili, kepha sebenyamanye. 9Ngakho-ke lokho akuhlanganisileyo uNkulunkulu makungahlukaniswa ngumuntu.”

10Besendlini abafundi babuye bambuza ngalokho. 11Wathi kubo: “Yilowo nalowo olahla umkakhe, aganwe ngomunye, uyaphinga kuye. 12Naye, uma elahla indoda yakhe, agane enye, uyaphinga.”

Ukubusiswa kwabantwana

13Khona baletha kuye abantwanyana ukuba abaphathe; kepha abafundi babakhuza. 14Kodwa uJesu ekubona wathukuthela, wathi kubo: “Vumelani abantwana beze kimi, ningabenqabeli, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo. 15Ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo ongamukeli umbuso kaNkulunkulu njengomntwana kasoze angena kuwo.” 16Wabagona, wababusisa ebeka izandla phezu kwabo.

Insizwa enothileyo

17Ekuphumeni kwakhe ukuya endleleni umuntu wagijimela kuye, waguqa ngamadolo phambi kwakhe, wambuza wathi: “Mfundisi omuhle, ngiyakwenzani ukuba ngidle ifa lokuphila okuphakade na?”

18Kepha uJesu wathi kuye: “Ungibizelani ngokuthi ngimuhle na? Kakho omuhle, munye kuphela, uNkulunkulu. 19Uyayazi imiyalelo ukuthi: Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungafakazi amanga, ungamamuki umuntu utho, yazisa uyihlo nonyoko.”

20Kepha wathi kuye: “Mfundisi, konke lokho ngikugcinile kwasebusheni bami.”

21UJesu wayesembheka, emthanda, wathi kuye: “Usasilalelwe into inye; hamba uthengise ngakho konke onakho, uphe abampofu, khona uzakuba negugu ezulwini; uze ungilandele.”

22Kepha wanyukumala ngalelo zwi, wamuka edabukile, ngokuba wayenengcebo enkulu.

23UJesu waqalaza, wathi kubafundi bakhe: “Kulukhuni kangakanani kwabanomnotho ukungena embusweni kaNkulunkulu.”

24Kepha abafundi bethuka ngamazwi akhe. UJesu wabuye waphendula, wathi kubo: “Bantwana, kulukhuni kangakanani kwabethemba umnotho ukungena embusweni kaNkulunkulu. 25Kulula ukuba ikamela lingene ngentunja yosungulo kunokuba onothileyo angene embusweni kaNkulunkulu.”

26Bamangala kakhulu, bathi omunye komunye: “Pho, kungasindiswa bani na?”

27UJesu ebabheka wathi: “Kubantu akunakwenzeka, kepha kuNkulunkulu akunjalo; ngokuba kuNkulunkulu kungenzeka konke.”

Umvuzo wokuzidela

28UPetru wathatha, wathi kuye: “Bheka, thina sishiye konke, sakulandela.”

29UJesu wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: Akukho muntu oshiye indlu, noma abafowabo, noma odadewabo, noma unina, noma uyise, noma abantwana, noma amazwe ngenxa yami nangenxa yevangeli, 30ongayikwamukeliswa ngekhulu: manje kulesi sikhathi izindlu, nabafowabo, nawodadewabo, nawonina, nabantwana, namazwe kanye nokuzingelwa, nasenkathini ezayo ukuphila okuphakade. 31Kepha abaningi abokuqala bayakuba ngabokugcina, nabokugcina babe ngabokuqala.”

UJesu ukhuluma futhi ngokufa nokuvuka kwakhe

32Babesendleleni bekhuphukela eJerusalema; uJesu wayehamba phambi kwabo; ababelandela babethukile, besaba. Wayesethatha futhi abayishumi nambili, waqala ukubatshela okuzakumehlela, ethi: 33“Bhekani, sikhuphukela eJerusalema; iNdodana yomuntu izakukhashelwa kubapristi abakhulu nababhali; bazakuyinqumela ukuba ife, bayikhaphele kwabezizwe; 34bazakuyiklolodela, bayikhafulele ngamathe, bayishaye, bayibulale; kepha emva kwezinsuku ezintathu izakuvuka.”

UJesu ukhuza amadodana kaZebedewu

35Kwase kusondela kuye oJakobe noJohane amadodana kaZebedewu, bathi kuye: “Mfundisi, siyathanda ukuba usenzele lokhu esizakukucela kuwe.”

36Wathi kubo: “Nifuna ukuba nginenzeleni na?”

37Bathi kuye: “Siphe ukuba sihlale, omunye ngakwesokunene sakho, omunye ngokwesokhohlo sakho enkazimulweni yakho.”

38Kepha uJesu wathi kubo: “Anikwazi enikucelayo. Ningasiphuza yini isitsha engisiphuzayo mina, nibhapathizwe ngombhapathizo engibhapathizwa ngawo na?”

39Bathi kuye: “Singakwenza.”

UJesu wathi kubo: “Isitsha engisiphuzayo mina niyakusiphuza, nibhapathizwe ngombhapathizo engibhapathizwa ngawo mina; 40kepha ukuhlala ngakwesokunene sami nangakwesokhohlo akusikho okwami ukuphana ngakho, kodwa kungokwalabo abakulungiselweyo.”

41Bathi ukuzwa lokho abayishumi, baqala ukuthukuthelela oJakobe noJohane. 42UJesu wayesebabiza, wathi kubo: “Niyazi ukuthi abathiwa babusa izizwe bazenza amakhosi phezu kwazo, nezikhulu zazo ziphethe amandla phezu kwazo. 43Kepha akunjalo phakathi kwenu, kodwa yilowo nalowo ofuna ukuba mkhulu phakathi kwenu makabe yisikhonzi senu, 44nalowo ofuna ukuba ngowokuqala phakathi kwenu makabe yinceku yabo bonke. 45Ngokuba nayo iNdodana yomuntu ayizelanga ukukhonzwa kepha ukukhonza nokunikela ukuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.”

UBartimewu impumputhe

46Khona bafika eJeriko. Kwathi esaphuma eJeriko nabafundi bakhe nesixuku esikhulu, indodana kaThimewu uBartimewu, isinxibi esiyimpumputhe, wayehlezi ngasendleleni. 47Wathi ukuba ezwe ukuthi nguJesu waseNazaretha, waqala ukumemeza ethi: “Jesu, Ndodana kaDavide, ngihawukele!”

48Abaningi bamkhuza, bathi kathule; kepha kwayikhona wamemeza kakhulu, ethi: “Ndodana kaDavide, ngihawukele!”

49Wayesema uJesu, wathi: “Mbizeni.”

Bayibiza impumputhe, bathi kuyo: “Yima isibindi, usukume; uyakubiza.” 50Yayisilahla ingubo yayo, yagxuma, yaya kuJesu.

51UJesu washo kuyo, wathi: “Ufuna ukuba ngikwenzeleni na?”

Impumputhe yathi kuye: “Rabuni, ukuba ngibone.”

52UJesu wathi kuyo: “Hamba-ke; ukukholwa kwakho kukusindisile.” Yayisibona khona lapho, yamlandela endleleni.

NgokukaMarku 11

UJesu ungena eJerusalema

1Kwathi ukuba basondele eJerusalema, naseBetfage, naseBethaniya ngaseNtabeni Yeminqumo, wathuma ababili kubafundi bakhe, 2wathi kubo: “Hambani niye emzaneni obhekene nani; kothi nisangena kuwo, nizakufumana ithole lembongolo likhulekiwe, okungakaze kuhlale muntu kulo; lithukululeni, nililethe. 3Uma umuntu ethi kini: ‘Nikwenzelani lokhu na?’ anothi: ‘INkosi iyalidinga; izakulibuyisela lapha masinyane.’ ”

4Bahamba, bafumana ithole likhulekiwe ngasesangweni ngaphandle emgwaqweni; balithukulula. 5Abanye kwababemi khona bathi kubo: “Nenzani nilithukulula ithole na?” 6Basho kubo njengokusho kukaJesu; base bebayeka. 7Baliletha ithole kuJesu, babeka izingubo zabo phezu kwalo, wakhwela kulo. 8Abaningi bendlala izingubo zabo endleleni, abanye amahlamvu ababewagawule endle. 9Ababehamba phambili nababelandela bamemeza bathi:

“Hosiyana!

Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi.

10Ubusisiwe umbuso ozayo kababa uDavide.

Hosiyana kweliphezulu!”

11UJesu wangena eJerusalema, waya ethempelini; esekubukile konke waphuma, sekuhlwile, waya eBethaniya kanye nabayishumi nambili.

Ukuqalekiswa komkhiwane

12Ngangomuso ekuphumeni kwabo eBethaniya walamba. 13Wabona umkhiwane ukude, unamaqabunga, wasondela ethi mhlawumbe angathola utho kuwo; esefikile kuwo akafumananga lutho, amaqabunga odwa, ngokuba kwakungesiso isikhathi samakhiwane. 14UJesu wakhuluma, wathi kuwo: “Akungabe kusadla noyedwa isithelo kuwe kuze kube phakade.” Abafundi bakhe bakuzwa.

Ukuhlanzwa kwethempeli

15Bafika eJerusalema. Wangena ethempelini, waqala ukuxosha abathengisayo nabathengayo ethempelini, wagumbuqela amatafula abashintshelana imali nezihlalo zabathengisa ngamajuba; 16wayengavumi ukuba umuntu adabule ithempeli ethwele isitsha. 17Wafundisa, wathi kubo: “Akulotshiwe yini ukuthi, ‘indlu yami iyakubizwa ngokuthi indlu yokukhuleka yezizwe zonke’ na? Kepha nina niyenze ‘umhume wabaphangi.’ ”

18Abapristi abakhulu nababhali bekuzwa lokho bazindla ngokuthi bangambhubhisa kanjani, ngokuba babemesaba, lokhu isixuku sonke samangala ngokufundisa kwakhe. 19Njalo ngokuhlwa baphuma emzini.

20Kusasa bedlula babona umkhiwane ubunile kusukela ezimpandeni. 21UPetru ekhumbula wathi kuye: “Rabi, bheka, umkhiwane owuqalekisileyo ubunile.”

22UJesu waphendula, wathi kubo: “Kholwani nguNkulunkulu. 23Ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo oyakuthi kule ntaba: ‘Nqukuleka, uphonseke elwandle,’ engangabazi enhliziyweni yakhe kepha ekholwa ukuthi lokho akushoyo kuyenzeka, uzakuba nakho. 24Ngalokho ngithi kini: Konke enikukhulekelayo nenikucelayo, kholwani ukuthi nikwamukele, nizakuba nakho. 25Futhi nxa nimi nikhuleka, thethelelani, uma ninamagqubu nomunye, ukuze noYihlo osezulwini anithethelele iziphambeko zenu. 26Kepha uma nina ningathetheleli, noYihlo osezulwini akayikunithethelela iziphambeko zenu.”

Igunya likaJesu

27Babuye bafika eJerusalema; kwathi ehamba ethempelini, beza kuye abapristi abakhulu, nababhali, namalunga, 28bathi kuye: “Lokhu ukwenza ngagunya lini na? Ngubani okunike leli gunya ukuze wenze lokhu na?”

29Kepha uJesu wathi kubo: “Ngizakunibuza izwi libe linye, nize ningiphendule; yikhona ngizakunitshela ukuthi ngenza lokhu ngagunya lini. 30Ukubhapathiza kukaJohane kwavela ezulwini noma kubantu na? Ngiphenduleni.”

31Bakhulumisana bodwa, bathi: “Uma sithi: ‘Ezulwini,’ uzakuthi: ‘Pho, anikholwanga nguye ngani na?’ 32Kepha uma sithi: ‘Kubantu,’ ” besaba isixuku, ngokuba bonke bathi uJohane ungumprofethi impela. 33Base bemphendula uJesu, bathi: “Asazi.”

Wayesethi uJesu kubo: “Nami anginitsheli ukuthi ngenza lokhu ngagunya lini.”

NgokukaMarku 10:1-11:33ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU