Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 338

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

NgokukaMarku 6

UJesu udelelwa ngabaseNazaretha

1Khona wamuka lapho, waya ezweni lakubo; abafundi bakhe bamlandela. 2Sekufikile isabatha, waqala ukufundisa esinagogeni.* Abaningi abamuzwayo bamangala bathi: “Lo ukuthathaphi lokhu na? Ukuhlakanipha kuni akunikiwe lona na? Nemisebenzi yamandla enje yenziwe ngezandla zakhe na? 3Lo akusiye umbazi, indodana kaMariya, nomfowabo kaJakobe, noJose, noJuda, noSimoni, na? Nawodadewabo abakho yini lapha kithi na?” Base bekhubeka ngaye.

4Wayesethi kubo uJesu: “Umprofethi kadelelwa ngaphandle kwasezweni lakubo, nasezihlotsheni zakhe, nasendlini yakwabo.” 5Wayengenakwenza lapho nowodwa umsebenzi wamandla ngaphandle kokuthi wabeka izandla phezu kwabagulayo abayingcosana, wabaphulukisa. 6Wamangala ngokungakholwa kwabo.

Wahamba imizi ngemizi efundisa.

Ukuthunywa kwabaphostoli

7Wayesebabiza abayishumi nambili, waqala ukubathuma ngababili, wabanika amandla phezu kwawomoya abangcolileyo. 8Wabayala ukuba bangaphathi lutho lwendlela, kuphela udondolo lodwa, bangaphathi nasinkwa, nasikhwama, nathusi emixhakeni, 9kepha bafake izicathulo, bangembathi kodwa amabhantshi amabili. 10Wathi kubo: “Nakuphi lapho ningena khona endlini, hlalani kuyo, nize nimuke khona. 11Nayiphi indawo engayikunamukela, nalapho bengayikunizwa khona, anothi nimuka kuyo, nivuthulule uthuli oluphansi kwezinyawo zenu, kube ngubufakazi kubo.”

12Base behamba beshumayela ukuba abantu baphenduke. 13Bakhipha amademoni amaningi, bagcoba abagulayo abaningi ngamafutha, babaphulukisa.

Ukubulawa kukaJohane uMbhapathizi

14Yayisikuzwa inkosi uHerode, ngokuba lalidumile igama lakhe. Kwathiwa uJohane uMbhapathizi uvukile kwabafileyo; kungalokho lawa mandla asebenza kuye.

15Kodwa abanye bathi: “Ngu-Eliya;” abanye bathi: “Ngumprofethi njengomunye wabaprofethi.”

16Kepha uHerode ekuzwile wathi: “UJohane engamnquma ikhanda nguye ovukile.”

17Ngokuba yena uHerode wayethumele wambamba uJohane, wambopha etilongweni ngenxa kaHerodiya umkaFiliphu umfowabo, ngokuba wayeganwe nguye. 18Ngokuba uJohane wayethe kuHerode: “Awuvunyelwe ukuthatha umkamfowenu.” 19Njalo uHerodiya wambambela amagqubu, wafuna ukumbulala; kepha kabanga namandla, 20ngokuba uHerode wayemesaba uJohane emazi ukuthi uyindoda elungileyo engcwele, wamlonda; nalapho emuzwa, wayesambatheka kaningi, nokho kwabamnandi kuye ukumuzwa.

21Kwathi sekufikile usuku oluhle, lapho uHerode ngosuku lokuzalwa kwakhe ezenzela idili izikhulu zakhe, nezinduna zempi, nabanumzane baseGalile, 22kwangena indodakazi kaHerodiya uqobo, yasina, yajabulisa uHerode nababehlezi naye. Inkosi yayisithi entombazaneni: “Cela kimi noma yini okuthandayo, ngizakukunika.” 23Wafunga kuyo, wathi: “Noma yini ongakucela kimi ngizakukunika, nakuba kungaze kube yinxenye yombuso wami.”

24Yayisiphuma, yathi kunina: “Ngizakucelani na?”

Yena wathi: “Ikhanda likaJohane uMbhapathizi.”

25Yakhawuleza yangena masinyane enkosini, yacela yathi: “Ngithanda ukuba ungiphe khona manje ngoqwembe ikhanda likaJohane uMbhapathizi.”

26Inkosi yadabuka kakhulu, kepha ngenxa yezifungo nangenxa yababehlezi nayo ekudleni ayithandanga ukuyilandulela. 27Inkosi yayisithuma masinyane ibutho, waliyala ukuba lilethe ikhanda lakhe. Lahamba, lamnquma ikhanda etilongweni. 28Laletha ikhanda lakhe ngoqwembe, layinika intombazana, intombazana yamnika unina. 29Kwathi ukuba abafundi bakhe bakuzwe lokho, beza bathatha isidumbu sakhe, basibeka ethuneni.

UJesu usuthisa amadoda ayizinkulungwane eziyisihlanu

30Abaphostoli babuthana kuJesu, bambikela ababekwenzile nababekufundisile. 31Wayesethi kubo: “Zanini nina nodwa endaweni eyihlane, niphumule ingcosana.” Ngokuba babe baningi abezayo nabahambayo, abaze bathola nasikhathi sokudla.

32Base bemuka ngomkhumbi, baya endaweni eyihlane bebodwa. 33Abaningi sebebabona bemuka, baqonda, baze bagijimela khona ngezinyawo, bephuma kuyo yonke imizi, babandulela. 34Wathi ephuma, wabona isixuku esikhulu, waba nesihe ngabantu, ngokuba babe njengezimvu ezingenamalusi; waqala ukubafundisa okuningi.

35Kwathi isikhathi sesihambile, beza kuye abafundi bakhe, bathi: “Le ndawo iyihlane, isikhathi sesidlulile; 36bamukise ukuba baye emaphandleni nasemizaneni ezungezileyo, bazithengele ukudla.”

37Wayesephendula, ethi kubo: “Bapheni nina ukudla.”

Bathi kuye: “Sihambe yini, siyothenga izinkwa zawodenariyu* abangamakhulu amabili, sibaphe badle na?”

38Wathi kubo: “Ninezinkwa ezingaki na? Hambani nibone.”

Sebazi bathi: “Ziyisihlanu, nezinhlanzi ezimbili.”

39Wabayala ukuba bonke bahlale phansi etshanini obuluhlaza izigaba ngezigaba. 40Base behlala phansi amaviyo ngamaviyo, kwaba ngamakhulu nangamashumi ayisihlanu. 41Wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula izinkwa, wazinika abafundi ukuba bazibeke phambi kwabo; nezinhlanzi ezimbili wababela bonke ngazo. 42Badla bonke, basutha. 43Babutha imvuthuluka, iziqabetho eziyishumi nambili ezigcwele, neyezinhlanzi. 44Ababedlile izinkwa babe ngamadoda ayizinkulungwane eziyisihlanu.

UJesu uhamba phezu kolwandle

45Wayesecindezela masinyane abafundi bakhe ukuba bangene emkhunjini, bamandulele ukuya phesheya eBetsayida, yena aze amukise isixuku. 46Esebavalelisile wahamba waya entabeni ukuyokhuleka.

47Kwathi sekuhlwile, umkhumbi wawuphakathi nolwandle, yena eyedwa emhlabathini. 48Wababona behlupheka ekugwedleni, ngokuba umoya wawuphambene nabo, weza kubo ngomlindo wesine wobusuku ehamba phezu kolwandle. Kwangathi uyadlula kubo. 49Sebembonile ehamba phezu kolwandle, bacabanga ukuthi yisithunzi; bakhala. 50Ngokuba bonke bambona, bethuka.

Kepha washesha wakhuluma nabo, wathi kubo: “Yimani isibindi; yimina, ningesabi.” 51Wayesekhwela emkhunjini kubo, umoya wanqamuka; bamangala kakhulu impela phakathi kwabo. 52Ngokuba abaqondanga okwezinkwa, lokhu inhliziyo yabo yayilukhuni.

53Sebewelile bafika ezweni laseGenesaretha, babopha ogwini. 54Ukuphuma kwabo emkhunjini yena wayaziwa masinyane. 55Bagijimela kulo lonke lelo zwe, baqala ukuletha abagulayo ngezinhlaka, lapho bemuzwa ukuthi ukhona.

56Kwathi nomaphi lapho engena khona, emizaneni, nasemizini, nasemaphandleni, babeka abagulayo ezigcawini, bamncenga ukuba bathinte noma umphetho wengubo yakhe kuphela; bonke abamthinta basindiswa.

NgokukaMarku 7

AbaFarisi nababhali basolwa ngenxa yezimiso zabo

1Kwabuthana kuye abaFarisi nabanye bababhali bevela eJerusalema. 2Sebebonile ukuthi abanye babafundi bakhe badla izinkwa ngezandla ezimbi okungukuthi ezingahlanjiwe – 3ngokuba abaFarisi kanye nabaJuda bonke abadli bengahlambisisanga izandla, bebamba isiko labadala; 4nanxa bevela endalini, abadli bengakahlambi; kukhona nezinye izinto eziningi abazamukeleyo ukuba bazibambe, njengokuhlanza izinkezo, nezinkamba, nezitsha zethusi – 5abaFarisi nababhali bambuza bathi: “Abafundi bakho abahambi ngani ngesiko labadala, kepha badla isinkwa ngezandla ezimbi na?”

6Wayesethi kubo: “U-Isaya waprofetha kahle ngani nina bazenzisi njengokulotshiweyo ukuthi:

“ ‘Lesi sizwe singidumisa ngezindebe zomlomo,

kepha inhliziyo yaso ikude nami;

7kodwa bangikhonza ngeze

befundisa izifundiso eziyimiyalo yabantu.’

8“Niyeka umyalo kaNkulunkulu, nibambe isiko labantu.”

9Wayesethi kubo: “Yebo, nichitha umyalo kaNkulunkulu ukuba nigcine isiko lenu. 10Ngokuba uMose wathi: ‘Yazisa uyihlo nonyoko,’ nokuthi: ‘Othuka uyise noma unina makafe nokufa;’ 11kepha nina nithi: ‘Uma umuntu ethi kuyise noma kunina: YiKorbana, okungukuthi umnikelo, lokho ongabe usizwa yimi ngakho,’ 12anisamvumeli ukuba enzele uyise noma unina utho. 13Izwi likaNkulunkulu nilenza libe yize ngesiko lenu enilivezileyo; nokunye okuningi okunjalo niyakwenza.”

14Khona wabuye wabiza isixuku, wathi kuso: “Ngizweni nonke, niqonde. 15Alukho utho olungaphandle komuntu lungene kuye olungamngcolisa; kepha okuphumayo kuye yilokho okumngcolisayo umuntu. 16Uma ekhona onezindlebe zokuzwa, makezwe.”

17Kuthe esengene endlini, evela esixukwini, abafundi bakhe bambuza ngalowo mfanekiso. 18Wayesethi kubo: “Kanti nani ningabangaqondiyo na? Aniqondi yini ukuthi konke okungaphandle okungena kumuntu kungemngcolise na? 19Ngokuba akungeni enhliziyweni yakhe, kodwa kungena esiswini, kuphumele ngaphandle, kuhlambulula ukudla konke.”

20Wayesethi: “Okuphumayo kumuntu yilokho okumngcolisayo umuntu; 21ngokuba ngaphakathi enhliziyweni yabantu kuphuma imicabango emibi, nobufebe, nokweba, nokubulala, 22nokuphinga, nokufisa, nokushinga, nenkohliso, nokungabi nanhloni, neso elibi, nokuhlambalaza, nokuzidla, nobuwula. 23Zonke lezo zinto ezimbi zivela ngaphakathi, zimngcolise umuntu.”

Owesifazane waseSirofenike

24Wayesemuka lapho, waya emikhawulweni yaseTire. Wangena endlini, akathanda ukwaziwa muntu, kodwa wayengenakufihlakala. 25Kwathi masinyane owesifazane ondodakazi yakhe encane inomoya ongcolileyo esezwile ngaye, weza waziphonsa phansi ngasezinyaweni zakhe. 26Kepha owesifazane lo wayengumGreki engumSirofenike ngokuzalwa, wamnxusa ukuba akhiphe idemoni endodakazini yakhe.

27UJesu wayesethi kuye: “Ake kusuthe abantwana kuqala, ngokuba akukuhle ukuthatha isinkwa sabantwana, usiphonse ezinjaneni.”

28Kodwa waphendula, wathi kuye: “Yebo, Nkosi; kepha nezinjana zidla imvuthuluka yabantwana phansi kwetafula.”

29Wayesethi kuye: “Ngenxa yalelo zwi, hamba-ke; idemoni seliphumile endodakazini yakho.”

30Wayesemuka, waya endlini yakhe, wafumana umntwana elele embhedeni, idemoni liphumile.

Isithulu esinamalimi siyaphiliswa

31UJesu waphuma futhi emikhawulweni yaseTire, wadabula iSidoni, weza ngaselwandle lwaseGalile edabula izwe laseDekapholi. 32Baletha kuye isithulu esinamalimi, bamncenga ukuba abeke isandla phezu kwaso. 33Wagudluka naso esixukwini bebodwa, wafaka iminwe yakhe ezindlebeni zaso, wafela amathe, waphatha ulimi lwaso, 34wabheka ngasezulwini, wabubula, wathi kuso: “Efatha!” okungukuthi: “Vuleka!” 35Zase zivuleka izindlebe zaso, wathukuluka masinyane umthambo wolimi lwaso, sakhuluma kahle.

36Wabayala ukuba bangatsheli muntu. Kepha kwathi nakuba ebayala kakhulu, kwayikhona bekwandisa kakhulu impela. 37Bamangala nokumangala, bathi: “Wenze kahle konke; nezithulu uzenza zizwe, nezimungulu zikhulume.”

NgokukaMarku 6:1-7:37ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU