Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 331

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

KuFilemoni 1

Isibingelelo

1UPawulu, isiboshwa sikaKristu Jesu, noThimothewu umzalwane kuFilemoni, isithandwa sethu nesisebenzi kanye nathi, 2naku-Apifiya udadewethu, naku-Arkiphu, ibutho kanye nathi, nakulo ibandla elisendlini yakho: 3Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.

UPawulu ubabaza ukukholwa kukaFilemoni

4Ngibonga uNkulunkulu wami njalo ngikukhumbula emikhulekweni yami, 5uma ngizwa ngothando lwakho nokukholwa onakho eNkosini uJesu nakubo bonke abangcwele, 6ukuze ukuhlanganyela kokukholwa kwakho kube nomsebenzi ekwazini konke okuhle okukithi kuKristu, 7ngokuba nginokuthokoza okukhulu nenduduzo ngothando lwakho, ngokuba izinhliziyo zabangcwele zihlunyelelwe ngawe mzalwane.

UPawulu ukhulumela u-Onesimu

8Ngalokho noma nginesibindi esikhulu kuKristu sokuba ngikuyale ngakho okufaneleyo, 9nokho ngenxa yothando okungcono ngiyancenga, njengokuba nginje mina Pawulu osemdala, manje futhi ngiyisiboshwa sikaKristu Jesu, 10ngikuncenga ngomntanami engimzeleyo ekuboshweni kwami, u-Onesimu; 11okade engenalusizo kuwe, kepha kalokhu unosizo nakuwe nakimi, 12engimbuyisele kuwe, yena oyinhliziyo yami, 13ebengifuna ukumbamba ahlale kimi, ukuze angikhonze esikhundleni sakho ngisekuboshweni ngenxa yevangeli; 14kepha ngaphandle kokubona kwakho ngangingathandi ukwenza lutho, ukuze umusa wakho ungabi ngokucindezelwa, kodwa ube ngesihle. 15Ngokuba mhlawumbe kungenxa yalokho ukuba ahlukaniswe nawe isikhashana, ukuze abe ngowakho kuze kube phakade, 16angabi esaba njengesigqila, kodwa abe ngaphezu kwesigqila, engumzalwane othandekayo, kakhulu kimi kepha kakhulu kangakanani kuwe, nasenyameni naseNkosini.

17Ngakho uma uthi ngingumhlanganyeli nawe, mamukele ngokungathi yimi. 18Kodwa uma ekonile ngento, noma enecala kuwe, lokho kubalele kimi; 19mina Pawulu ngikuloba ngesandla sami, ngiyakukukhokha ukuba ngingaze ngisho kuwe ukuthi nawe unecala kimi elinguwe uqobo. 20Yebo, mzalwane, mangithokoziswe nguwe eNkosini, uyihlumelele inhliziyo yami kuKristu.

Isigcino

21Ngikulobele ngokwethemba ukulalela kwakho, ngazi ukuthi uzakwenza nokungaphezu kwengikushoyo.

22Futhi-ke wongilungisela nami indawo; ngokuba ngiyethemba ukuthi ngemikhuleko yenu ngizakuphiwa nina.

23Uyakhonza kuwe u-Ephafra oyisiboshwa kanye nami kuKristu Jesu, 24noMarku, no-Aristarku, noDema, noLuka, izisebenzi kanye nami.

25Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nomoya wenu.

KuFilemoni 1:1-25ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

IzEnzo 27

UPawulu eyisiboshwa uhamba ngomkhumbi eya eRoma

1Kwathi sekunqunyiwe ukuba siye e-Italiya ngomkhumbi, banikela uPawulu nezinye iziboshwa ezithile enduneni yekhulu, igama layo linguJuliyu, eyebutho likaKesari. 2Sangena emkhunjini wase-Adramitiyu obusuzakuya ezindaweni zangase-Asiya, u-Aristarku umMakedoniya waseThesalonika enathi.

3Ngangomuso safika eSidoni; uJuliyu wamphatha kahle uPawulu, wamvumela ukuba aye kubahlobo bakhe, ahlunyelelwe. 4Sasuka lapho, sagudla ngenzansi kweKhupro, ngokuba imimoya yayiphambene nathi. 5Sesidabulile ulwandle olungaseKhilikhiya nePhamfiliya safika eMira laseLikhiya. 6Lapho-ke induna yafumana umkhumbi wase-Aleksandriya oqonde e-Italiya, yasingenisa kuwo. 7Sesihambe kancane izinsuku eziningi saze safika kalukhuni ngaseKinidu, umoya ungasivumeli, sagudla iKrethe maqondana neSalimone, 8sagudla lona kalukhuni, safika endaweni ethile ethiwa Matheku Mahle; eduze nayo kukhona umuzi waseLaseya.

9Kwathi sekudlulile isikhathi eside, sekuyingozi ukuhamba ngomkhumbi, ngokuba isikhathi seNzilo sase sidlulile, uPawulu wabaluleka, 10wathi kubo: “Madoda, ngiyabona ukuthi lolu hambo luzakuba nengozi nokuchithakala okukhulu, kungabi ngokwempahla nokomkhumbi kuphela kepha nokokuphila kwethu.” 11Kepha induna yekhulu yethemba umshayeli womkhumbi nomniniwo kakhulu kunalokho okwakhulunywa nguPawulu. 12Njengokuba itheku lalingalungile ukuhlala khona ebusika, iningi labo laluleka ukuba kusukwe khona, mhlawumbe kwenzeke ukuba bafinyelele eFeniksi, itheku laseKrethe elibheke entshonalanga yaseningizimu nasentshonalanga yasenyakatho, bahlale khona ebusika.

13Kuthe iningizimu isaphephetha kahle, bacabanga ukuthi sebetholile ababekuqondile, bakhuphula ihange,* bagudla iKrethe. 14Kepha emva kwesikhathi esingeside kwavuka kwehla kulo umoya oyisivunguvungu othiwa i-Ewurakiloni; 15kodwa umkhumbi usududulwa ungasenakubhekana nomoya, sayeka saqhutshwa nje. 16Kwathi sigudla ngenzansi kwesiqhingana esithiwa iKlawuda, sabamba isikebhe kalukhuni; 17sebe sikhuphulile basebenzisa izinto zokusiza, bawuzongolozela umkhumbi ngezintambo; kuthe besaba ukuthi bazakukhahleleka eSirti, behlisa izindwangu zomkhumbi, baqhutshwa kanjalo. 18Kuthe ukuba sibhengulwe kakhulu yisiphepho, ngangomuso bachitha umthwalo; 19kwathi ngolwesithathu balahla izimpahla zomkhumbi ngezandla zabo. 20Khona-ke ilanga nezinkanyezi zingasabonakali izinsuku eziningi, nesiphepho esingesincane siqinisa njalo, lase liphela ithemba lonke lokuba singasindiswa.

21Sekuyisikhathi eside bengasadli lutho, uPawulu wasukuma phakathi kwabo, wathi: “Madoda, ngabe nalalela mina, kanamuka eKrethe, naphepha kule ngozi nakulokhu kuchithakala. 22Kepha manje senginiluleka ukuba nime isibindi, ngokuba akuyikufa muntu kini, umkhumbi kuphela. 23Ngokuba ngalobu busuku bekumi ngakimi ingelosi kaNkulunkulu engingowakhe nengimkhonzayo, 24yathi: ‘Ungesabi, Pawulu; umelwe ukuma phambi kukaKesari; bheka, uNkulunkulu ukuphile bonke abahamba nawe emkhunjini.’ 25Ngalokho yimani isibindi, madoda; ngokuba ngiyakholwa nguNkulunkulu ukuthi kuzakuba njengalokho kukhulunyiwe kimi. 26Kepha simelwe ukukhahleleka esiqhingini esithile.”

27Kwathi ukuba kufike ubusuku beshumi nane sisazulazuliswa elwandle lwase-Adriya phakathi kobusuku, abomkhumbi bacabanga ukuthi bayasondela ezweni elithile. 28Base bephonsa intambo yokulinganisa, bafumana kungamafatome* angamashumi amabili; sebeqhubekile kancane bayiphonsa futhi, bafumana kungamafatome ayishumi nanhlanu; 29besaba ukuthi mhlawumbe singashayeka ezindaweni ezinamadwala, baphonsa amahange* amane ngasemuva, bafisa ukuba kuse. 30Abomkhumbi sebefuna ukubaleka emkhunjini, behlisela isikebhe elwandle ngokungathi bazakuphonsa amahange* enhlokweni yomkhumbi, 31uPawulu wathi enduneni yekhulu nasemabuthweni: “Uma laba bengahlali emkhunjini, ningesindiswe nina.” 32Khona amabutho anquma amagoda esikebhe, asidedela sawa.

33Kwathi sekuzakusa, uPawulu wabancenga bonke ukuba badle, wathi: “Namuhla kulusuku lweshumi nane nilindile, nihlezi nizila, ningadli lutho. 34Ngalokho ngiyanincenga ukuba nidle, ngokuba lokhu kungokokusinda kwenu; akuyikulahleka unwele lwekhanda nakoyedwa phakathi kwenu.” 35Eseshilo lokho wathatha isinkwa, wabonga uNkulunkulu phambi kwabo bonke, wasihlephula, waqala ukudla. 36Base bema isibindi bonke, badla nabo. 37Thina sonke esasisemkhunjini besingabantu abangamakhulu amabili namashumi ayisikhombisa nesithupha. 38Sebesuthi ukudla benza lula umkhumbi belahla ukolweni elwandle.

39Sekusile, abalazanga izwe, kepha babona itheku elithile elinesihlabathi abanquma ukuba baqhubele kulo umkhumbi, uma kungenzeka. 40Banquma amahange* bawashiya elwandle, bathukulula futhi izintambo zamaphini okuqondisa, baphakamisela emoyeni indwangu ephambili, baqonda ogwini. 41Batheleka endaweni enolwandle nxazombili, baqhubela umkhumbi kuyo, inhloko yomkhumbi yagxumekeka, yema ingenakunyakaziswa, kepha ingasemuva laphulwa ngamandla amaza.

42Kepha amabutho ayehlosa ukubulala iziboshwa, funa ezinye zibaleke ngokuhlamba; 43kepha induna yekhulu ithanda ukusindisa uPawulu yawavimbela enhlosweni yawo, yayala ukuba labo abakwazi ukuhlamba baziphonse kuqala emanzini, bafike emhlabathini, 44nabaseleyo bafike, abanye ngamapulangwe, abanye ngezinye izinto zomkhumbi. Kanjalo-ke kwenzeka ukuba bonke baphumele emhlabathini besindile.

IzEnzo 28

UPawulu nabanye bamukelwa kahle ngabaseMelitha

1Kwathi sesisindile khona, sezwa ukuthi isiqhingi sithiwa iMelitha. 2Abantu bakhona basiphatha ngobubele obungavamile, ngokuba babebasa umlilo, basamukela sonke ngenxa yemvula eyayisina nangenxa yamakhaza. 3Kepha uPawulu ecakashile ixha lezinsaba, elibeka emlilweni, kwaphuma inyoka ngenxa yokushisa, yanamathela esandleni sakhe. 4Abantu bakhona sebebona isilwane silenga esandleni sakhe, bakhuluma bodwa, bathi: “Ngempela lo muntu ungumbulali othi noma esindile elwandle ukuLunga akuvumi ukuba aphile.” 5Kodwa yena wasinikinela isilwane emlilweni, akaze alimala. 6Kepha babheka ukuthi usezakuvuvuka, nokuba awe phansi masinyane, afe. Kepha sebebheka isikhathi eside, bebona ukuthi akafikelwa ngozi, baphenduka bathi ungunkulunkulu.

UPawulu uphilisa iziguli

7Kwakukhona kuleyo ndawo izwe lesikhulu sesiqhingi, igama laso linguPhubiliyu; yena wasamukela, wasiphatha kahle izinsuku ezintathu. 8Kepha uyise kaPhubiliyu wayelele phansi ephethwe ngumkhuhlane nembo; uPawulu wangena kuye, wakhuleka, wabeka izandla phezu kwakhe, wamphilisa. 9Kwathi lokho sekwenzekile, beza nabanye abasesiqhingini abanezifo, baphulukiswa, 10basitusa ngokutusa okuningi; kwathi mhla simuka ngomkhumbi, basinika esikudingayo.

11Emva kwezinyanga ezintathu sase simuka ngomkhumbi wase-Aleksandriya owawudlulisa ubusika esiqhingini, uphawu lwawo lungolwamaWele. 12Sangena eSirakhuse, sahlala izinsuku ezintathu; 13sasuka lapho, sagwegwesa, safika eRegiyu. Sekudlule usuku lwaba lunye, kwavuka iningizimu, safika ePhutheyoli ngosuku lwesibili.

UPawulu ufika eRoma

14Safumana khona abazalwane, sancengwa ukuba sihlale nabo izinsuku eziyisikhombisa; kanjalo safika eRoma. 15Abazalwane sebezwile ngathi basuka khona, beza ukusihlangabeza baze bafika e-Aphiyo Foru naseTresi Thaberne; uPawulu ebabona wabonga uNkulunkulu, wema isibindi. 16Sesifikile eRoma, uPawulu wavunyelwa ukuhlala yedwa enebutho elimlindayo.

17Kwathi emva kwezinsuku ezintathu wabizela ndawonye kuye abakhulu babaJuda; sebebuthene, wathi kubo: “Madoda, bazalwame, noma mina ngingenzanga lutho oluphambene nesizwe namasiko awobaba, nokho ngasuswa eJerusalema ngiyisiboshwa, nganikelwa ezandleni zamaRoma; 18wona esengihlolile afuna ukungikhulula, ngokuba kungekho cala kimi lokuba ngife; 19kepha abaJuda bekuphikisa, ngacindezelwa ukuba ngilidlulisele kuKesari, kungesikho ukuthi ngisimangalela isizwe sakithi ngalutho. 20Ngakho ngaleso sizathu nginibizele lapha ukuba nginibone, ngikhulume nani; ngokuba ngenxa yethemba lika-Israyeli ngiboshiwe ngaleli ketanga.”

21Base bethi kuye: “Thina asamukelanga ncwadi ngawe evela eJudiya, akufikanga namuntu wabazalwane ukubika nokukhuluma utho olubi ngawe. 22Kepha sithi kufanele sizwe kuwe okucabangayo, ngokuba siyazi ngaleli hlelo ukuthi liyaphikiswa ezindaweni zonke.”

23Khona sebemmisele usuku beza kuye endlini yakhe bebaningi, wabachasisela efakaza ngombuso kaNkulunkulu, wabaqondisa ngoJesu ethathela emthethweni kaMose nakubaprofethi, kusukela ekuseni kwaze kwahlwa. 24Abanye baneliswa ngokwakhulunywayo, abanye abakholwanga; 25kwathi ukuba bangezwani bodwa, bamuka, uPawulu esekhuluma izwi labalinye lokuthi: “Wakhuluma kahle uMoya oNgcwele ngo-Isaya umprofethi koyihlo 26ngokuthi:

“ ‘Hamba uye kulesi sizwe, uthi:

“Ngokuzwa niyakuzwa, ningaze naqonda,

nangokubona niyakubona, ningaze nabonisisa,

27ngokuba inhliziyo yalesi sizwe

seyaba buthuntu;

bezwa kanzima ngezindlebe,

amehlo abo bawacimezile,

funa mhlawumbe babone ngamehlo,

bezwe ngezindlebe,

baqonde ngenhliziyo, baphenduke,

ngibaphilise.” ’

28“Ngakho-ke makwazeke kini ukuthi le nsindiso kaNkulunkulu ithunyelwe kwabezizwe; bona-ke bayakuzwa.” 29Kwathi eseshilo lokho, abaJuda baphuma benokuphikisana okukhulu phakathi kwabo.

30Kepha uPawulu wahlala iminyaka emibili egcwele endlini yakhe ayiqashileyo, wamukela bonke abeza kuye, 31washumayela umbuso kaNkulunkulu, wafundisa ngaso sonke isibindi izindaba zeNkosi uJesu Kristu, enganqatshelwa muntu.

IzEnzo 27:1-28:31ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU