Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 329

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

Kwabase-Efesu 4

Izono zabangakholwayo

17Ngakho ngisho, ngifakaza eNkosini, ngithi ningabe nisahamba njengalokhu kuhamba abezizwe ebuzeni bengqondo yabo, 18behlwelwe emqondweni, behlukanisiwe nokuphila kukaNkulunkulu ngokungazi okukubo ngenxa yobulukhuni benhliziyo yabo, 19abathi bebuthuntu, bazinikela emanyaleni, ukuze basebenze ukungcola konke ngokuhuheka.

20Kepha nina animfundanga uKristu kanjalo, 21uma-ke nimzwile nafundiswa kuye, njengokuba iqiniso likuJesu, 22ukuba nikhumule umuntu omdala ongowenkambo yokuqala, owonakala ngezinkanuko zenkohliso, 23nenziwe basha emoyeni wengqondo yenu, 24nembathe umuntu omusha owadalwa ngokukaNkulunkulu ekulungeni nasebungcweleni beqiniso.

25Ngakho lahlani amanga, nikhulume iqiniso, yilowo nalowo nomakhelwane wakhe, lokhu singamalungu omunye komunye. 26Thukuthelani ningoni; ilanga malingashoni nisathukuthele. 27Ningamniki uSathane indawo. 28Owebayo angabe eseba, kepha kunalokho akhuthale asebenze okuhle ngezandla zakhe, ukuze abe nokokwabela osweleyo.

29Makungaphumi emlonyeni wenu nalinye izwi elibolileyo, kodwa kube ngelilungele ukwakha njengokuswelekileyo, ukuze libavezele umusa abezwayo. 30Ningamdabukisi uMoya oNgcwele kaNkulunkulu enabekwa uphawu ngaye kuze kube lusuku lokuhlengwa. 31Konke okubabayo, nentukuthelo, nolaka, nomsindo, nokuhlambalaza makususwe kini kanye nakho konke okubi. 32Maniphathane ngobumnene, nihawukelane, nithethelelane, njengalokho noNkulunkulu wanithethelela ngoKristu.

Kwabase-Efesu 5

UPawulu uxwayisa ngemisebenzi yobumnyama

1Ngakho yibani ngabalingisa uNkulunkulu njengabantwana abathandekayo, 2nihambe othandweni, njengalokho uKristu wanithanda, wazinikela ngenxa yethu, abe ngumnikelo nomhlatshelo, abe yiphunga elimnandi kuNkulunkulu.

3Kepha ubufebe, nakho konke ukungcola, noma isangabe, makungaphathwa nangegama phakathi kwenu, njengokuba kufanele abangcwele, 4nehlazo, nokubheda, nokulawula, okuyizinto ezingafanele, kepha kunalokho makube ngukubonga. 5Ngokuba yazini lokhu, nikuqonde ukuthi akukho sifebe, noma ongcolileyo, noma onesangabe ongokhonza izithombe, onefa embusweni kaKristu noNkulunkulu.

Ukuhamba ekukhanyeni

6Masingakhohliswa muntu ngamazwi ayize, ngokuba ngenxa yalezo zinto ulaka lukaNkulunkulu lwehlela phezu kwabantwana bokungalaleli. 7Ngakho-ke ningabi ngabahlanganyela nabo.

8Ngokuba kade naningubumnyama, kepha manje ningukukhanya eNkosini; hambani njengabantwana bokukhanya, 9ngokuba izithelo zokukhanya zisebuhleni bonke nasekulungeni naseqinisweni, 10nihlole ukuthi kuyini okuthandeka eNkosini, 11ningahlanganyeli imisebenzi yobumnyama engenazithelo, kepha kunalokho niyidalule; 12ngokuba okwenziwa yibo ngasese kuyihlazo nokukhuluma ngakho. 13Kepha konke okudalulwayo kubonakaliswa ngukukhanya, ngokuba konke okubonakaliswayo kungukukhanya. 14Ngalokho uthi:

“Phaphama wena oleleyo,

uvuke kwabafileyo,

uKristu uzakukukhanyisa.”

15Ngakho-ke bhekisisani ukuthi nihamba kanjani, kungabi njengabangahlakaniphile kepha njengabahlakaniphileyo, 16nithengisise isikhathi, ngokuba izinsuku zimbi. 17Ngakho-ke ningabi yiziwula, kodwa qondani okuyintando yeNkosi. 18Ningadakwa yiwayini, kuvela kulo umhumheko, kodwa nigcwaliswe ngoMoya, 19niphendulane ngamahubo nangezihlabelelo nangamaculo okomoya, nihlabelele, nihubele iNkosi enhliziyweni yenu, 20nimbonge njalo uNkulunkulu uYise ngakho konke egameni leNkosi yethu uJesu Kristu, 21nithobelane ngokumesaba uKristu.

Ukuphathana kwabaganeneyo

22Abafazi mabathobele amadoda abo kungathi kukuyo iNkosi, 23ngokuba indoda iyinhloko yomfazi, njengokuba noKristu uyinhloko yebandla, yena engumsindisi womzimba. 24Kepha njengokuba ibandla lithobela uKristu, kanjalo nabafazi mabathobele amadoda ezintweni zonke.

25Madoda, thandani omkenu, njengalokho noKristu ulithandile ibandla, wazinikela ngenxa yalo 26ukuba alingcwelise, alihlambulule ngesigezo samanzi ngezwi, 27ukuze azimisele ibandla elinenkazimulo, lingenasisihla, nambimbi, nanto enjalo, kodwa libe ngcwele lingenacala. 28Kanjalo amadoda afanele ukuthanda omkawo njengemizimba yawo. Othanda umkakhe uzithanda yena. 29Ngokuba akakho owake wazonda eyakhe inyama, kepha uyayondla, ayiphathe kahle, njengalokhu noKristu enza kulo ibandla; 30ngokuba singamalungu omzimba wakhe. 31Ngenxa yalokho umuntu uyakushiya uyise nonina, anamathele kumkakhe; labo ababili bayakuba nyamanye. 32Le mfihlakalo inkulu, kepha ngikhuluma ngoKristu nebandla. 33Nani-ke, yilowo nalowo makathande umkakhe njengokuba ezithanda yena, kepha umfazi makahloniphe indoda yakhe.

Kwabase-Efesu 6

Iziluleko kubantwana nabazali

1Bantwana, lalelani abazali benu eNkosini, ngokuba lokho kulungile. 2Yazisa uyihlo nonyoko, okungumyalelo wokuqala onesithembiso: 3ukuze kube kuhle kuwe, uhlale kade emhlabeni. 4Nani boyise, ningabathukuthelisi abantwana benu, kodwa nibondle ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi.

Iziluleko kuzo izinceku namakhosi

5Zinceku, abangamakhosi enu ngokwenyama, balaleleni ngokwesaba nokuthuthumela ngobuqotho benhliziyo yenu kungathi kukuKristu, 6ningathengi amehlo njengabathokozisa abantu, kodwa njengezinceku zikaKristu nenze intando kaNkulunkulu ngenhliziyo, 7nikhonze ngothando kungathi kuseNkosini kungekubantu, 8nazi ukuthi konke okuhle yilowo nalowo akwenzayo, uzakukwamukela okunjalo eNkosini, noma eyinceku noma engokhululekileyo.

9Nani makhosi, yenzani okunjalo kuzo, niyeke ukusongela, nazi ukuthi neyazo neyenu iNkosi isezulwini nokuthi ukukhetha umuntu akukho kuye.

Izikhali zamaKristu

10Elokugcina, qinani eNkosini nasemandleni ayo amakhulu. 11Hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu, ukuze nibe namandla okumelana namaqhinga kaSathane; 12ngokuba asibambene negazi nenyama, kodwa sibambene nemibuso, namandla, nababusi bezwe balobu bumnyama, nabawomoya bobubi emkhathini. 13Ngakho hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu ukuba nibe namandla okuzabalaza ngosuku olubi, nalapho senifeze konke, nime. 14Ngakho yimani izinkalo zenu ziboshiwe ngeqiniso, nifakile isivikelo sesifuba sokulunga, 15izinyawo zigqokisiwe ukulungela kukho ukushumayela ivangeli lokuthula; 16kukho konke nithathe isihlangu sokukholwa eniyakuba namandla okucima ngaso yonke imicibisholo evuthayo yomubi, 17namukele futhi isigqoko sensindiso, nenkemba kaMoya eyizwi likaNkulunkulu, 18ngokukhuleka konke nokunxusa, nikhuleka ngezikhathi zonke ngoMoya; kulokho nilinde ngesineke sonke nangokunxusela abangcwele bonke, 19ninginxusele nami ukuba ngiphiwe izwi, nxa ngivula umlomo wami, ngize ngiyishumayele ngesibindi imfihlakalo yevangeli; 20engiyisithunywa ngalo esiboshiwe ngamaketanga, ukuze ngikhulume ngesibindi ngalo, njengokuba kufanele ukuba ngikhulume.

Isigcino

21Kepha ukuba nani nazi okuqondene nami nalokhu engikwenzayo, uyakunazisa konke uThikhiku, umzalwane othandekayo nesikhonzi esikholekileyo eNkosini, 22engamthumela kini ngakho lokho ukuba nazi izindaba zethu, nokuba aduduze izinhliziyo zenu.

23Ukuthula makube kubazalwane, nothando kanye nokukholwa okuvela kuNkulunkulu uYise naseNkosini uJesu Kristu. 24Umusa mawube nabo bonke abathanda iNkosi yethu uJesu Kristu ngokunganqamukiyo.

Kwabase-Efesu 4:17-6:24ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU