Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 322

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

2 kwabaseKorinte 1

Isibingelelo

1UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngentando kaNkulunkulu, noThimothewu umzalwane kulo ibandla likaNkulunkulu eliseKorinte nakubo abangcwele bonke abakulo lonke lase-Akhaya: 2Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.

UPawulu ubonga uNkulunkulu ngenduduzo nangokusindiswa kwakhe ezingozini

3Makabongwe uNkulunkulu noYise weNkosi yethu uJesu Kristu, uYise wobubele, uNkulunkulu wenduduzo yonke, 4osiduduza osizini lwethu lonke, ukuze nathi sibe namandla okududuza abasosizini, nolunjani, ngenduduzo esiduduzwa ngayo nathi nguNkulunkulu. 5Ngokuba njengalokho izinhlupheko zikaKristu zivamile kithi, kanjalo nokududuzeka kwethu kuvamile ngoKristu. 6Kepha noma sikhathazeka, kungenxa yokududuzwa nokusindiswa kwenu, noma siduduzeka, kungenxa yokududuzwa kwenu okusebenza ukukhuthazela ezinhluphekweni zona lezi esihlupheka ngazo nathi. 7Nethemba lethu ngani liqinile, sazi ukuthi njengalokhu ningabahlanganyeli bezinhlupheko, kanjalo ningabahlanganyeli nabenduduzo.

8Ngokuba asithandi, bazalwane, ukuba ningazi ngosizi lwethu olwasehlela e-Asiya ukuthi sasindwa kakhulu impela ngaphezu kwamandla ethu, saze salahlekelwa nayithemba lokuphila. 9Yebo, thina ngokwethu sasizizwele ukuthi sinqunyelwe ukufa, ukuze singazethembi thina, kodwa sethembe uNkulunkulu ovusa abafileyo, 10owasihlangulisa ekufeni okungaka noyakusihlangulisa, esethemba kuye ukuthi usayakusihlangulisa. 11Nani nisizana nathi ngokusinxusela, ukuze umusa esiwuphiweyo ngokucela kwabaningi siwubongelwe ngabaningi.

12Ngokuba ukuzibonga kwethu yilokhu, okungubufakazi bukanembeza wethu, ukuthi sahamba ezweni kakhulu maqondana nani ngobungcwele nangobuqotho bukaNkulunkulu, kungengokuhlakanipha kwenyama kodwa ngomusa kaNkulunkulu. 13Ngokuba asinilobeli okunye, kuphela lokho enikufundayo nenikuqonda kahle; ngiyethemba futhi ukuthi niyakukuqonda kahle kuze kube sekugcineni, 14njengalokho nisiqondile okwenxenye ukuthi siyiqholo lenu, njengalokhu nani ningelethu ngosuku lweNkosi yethu uJesu.

UPawulu uchasisa isizathu sokungafiki kwakhe eKorinte

15Nginalelo themba ngangifuna ukuza kini kuqala, ukuze nithole umusa ngokwesibili, 16ngidlule ngakini, ngiye eMakedoniya, ngibuye ngize kini sengivela eMakedoniya, ngiphelekezelwe yinina sengiya eJudiya. 17Pho-ke, bengidlala nje ngisahlose lokho na? Lokho engikuhlosayo ngikuhlosa ngokwenyama yini, ukuze kimina kube nguyebo yebo, kanye noqhabo qhabo, na?

18Kepha njengokuba uNkulunkulu ethembekile, nezwi lethu kini alisiye uyebo kanye noqhabo. 19Ngokuba iNdodana kaNkulunkulu uKristu Jesu owashunyayelwa kini yithina, mina, noSilvanu, noThimothewu, wayengesiye uyebo kanye noqhabo, kepha kuyena kunguyebo. 20Ngokuba noma izithembiso zikaNkulunkulu ziziningi kangakanani, kuyena zinguyebo, ngakho-ke ngaye zingu-Amen futhi, kudunyiswe uNkulunkulu ngathi. 21Kepha osiqinisayo kanye nani kuKristu, nowasigcobayo, nguNkulunkulu, 22owasibeka nophawu nowasipha isibambiso esinguMoya ezinhliziyweni zethu.

23Kepha mina ngibiza uNkulunkulu abe ngufakazi emphefumulweni wami ukuthi ngenziwa ukuniphephisa ukuba ngingaphindanga ngize eKorinte, 24kungesikho ukuthi siyabusa phezu kokukholwa kwenu, kodwa siyizisebenzi zokuthokoza kwenu kanye nani, ngokuba nimi ekukholweni.

2 kwabaseKorinte 2

Ngokubuyiselwa kwezoni eziphendukayo

1Kepha ngazimisela lokhu nami ngokwami ukuthi angisayikuza kini nginokudabuka. 2Ngokuba uma mina nginidabukisa, pho, ngubani ongithokozisayo, uma kungesiye odabukiswa yimi, na? 3Ngakuloba khona lokho, funa kuthi ekufikeni kwami ngithole ukudabuka ngalabo ebengifanele ukuthokoza ngabo, nginethemba ngani nonke ukuthi okwami ukuthokoza kungokwenu nonke. 4Ngokuba ngosizi olukhulu nangobuhlungu benhliziyo nganilobela nginezinyembezi eziningi, kungabi ngukuba nidabukiswe, kodwa ukuze nazi uthando enginithanda kakhulu ngalo.

5Kepha uma kukhona odabukisileyo, akangidabukisanga mina, kodwa, ukuze ngingeqisi, ngokwenxenye unidabukisile nonke. 6Kumanele onjalo lokho kujeziswa ajeziswa ngakho ngabaningi; 7kepha okungcono kunalokho, nimthethelele, nimduduze, funa onjalo ahlulwe ngukudabuka okukhulu. 8Ngalokho ngiyanincenga ukuba nimphathe ngothando; 9ngokuba ngaloba futhi ngenxa yalokho, ukuze ngokuhlolwa kwenu ngazi ukuba ningabalalelayo ezintweni zonke yini. 10Kepha lowo enimthethelela utho, nami ngiyamthethelela ngokuba lokho esengikuthethelele, uma kukhona into engiyithetheleleyo, ngikuthethelela ngenxa yenu phambi kobuso bukaKristu, 11ukuze singehlulwa nguSathane; ngokuba asisibo abangawazi amacebo akhe.

Uyabongeka uNkulunkulu onqobisa ngevangeli

12Kepha mhla ngifika eTrowa ukuba ngishumayele ivangeli likaKristu, ngivulelwe umnyango eNkosini, 13angibanga nakuthula emoyeni wami, ngokuba ngingamfumananga uThithu umzalwane wami, kodwa ngavalelisa kubo, ngaya eMakedoniya.

14Kodwa makabongwe uNkulunkulu osihola njalo odwendweni lokunqoba kuKristu nobonakalisa ngathi iphunga lokwazi kwakhe ezindaweni zonke; 15ngokuba siyiphunga elimnandi likaKristu kuNkulunkulu kubo abasindiswayo nakubo abalahlwayo, 16kulaba siyiphunga lokufa kube ngukufa, kodwa kulabo siyiphunga lokuphila kube ngukuphila. Ngubani ongangalokho na? 17Ngokuba asinjengabaningi abonakalisa izwi likaNkulunkulu ngenxa yenzuzo, kodwa njengabaqotho, njengabavela kuNkulunkulu sikhuluma phambi kukaNkulunkulu sikuKristu.

2 kwabaseKorinte 3

UPawulu uyazincoma ebandleni

1Sesiqala futhi ukuzincoma na? Kumbe siyadinga yini njengabanye izincwadi zokusincoma eziza kini noma ezivela kini na? 2Nina niyincwadi yethu elotshwe ezinhliziyweni zethu, eyaziwa ifundwa ngabantu bonke, 3nibonakala ukuthi niyincwadi kaKristu eyenziwe ngokukhonza kwethu, ilotshiwe kungengoyinki* kodwa ngoMoya kaNkulunkulu ophilayo, kungabi sezibhebheni zamatshe kodwa ezibhebheni eziyizinhliziyo zenyama.

4Kepha sinethemba elinjalo ngoKristu kuNkulunkulu, 5kungesikho ukuthi singaba namandla ngokwethu okucabanga ngotho ukuthi luvela kithi, kodwa amandla ethu avela kuNkulunkulu, 6oyena futhi osenzela amandla okuba yizikhonzi zesivumelwano esisha, singesiso esegama kodwa esikaMoya; ngokuba igama liyabulala, kodwa uMoya uyaphilisa.

Inkazimulo yenkonzo entsha iyayidlula eyendala

7Kepha uma inkonzo yokufa, enamagama aqoshiwe ematsheni, yafika inenkazimulo, ngangokuba abantwana bakwa-Israyeli babengenakubuka ubuso bukaMose ngenxa yenkazimulo yobuso bakhe eyayingephelayo, 8pho, inkonzo kaMoya ayiyikuba nenkazimulo kakhulu kunayo na? 9Ngokuba uma inkonzo yokulahlwa ibinenkazimulo, ikakhulu inkonzo yokulunga inenkazimulo enkulu kakhulu. 10Ngokuba nalokho okwakhazimuliswayo kwakungenankazimulo, uma kulinganiswa nenkazimulo lena edluleleyo. 11Ngokuba uma lokho obekuzakuphela kwaba nenkazimulo, ikakhulu okumiyo njalo kunenkazimulo.

12Ngakho-ke, lokhu sinethemba elinjalo, sinesibindi sonke, 13asenzi njengoMose owamboza ubuso bakhe ngendwangu, ukuze abantwana bakwa-Israyeli bangakubuki ukugcina kwalokho obekuzakuphela. 14Kodwa ingqondo yabo yaba lukhuni. Ngokuba kuze kube sosukwini lwanamuhla, nxa kufundwa isivumelwano esidala, leyo ndwangu isahlezi ingambuliwe, ngokuba iyapheliswa kuKristu; 15yebo, kuze kube namuhla, nxa kufundwa uMose, indwangu isayimbozile inhliziyo yabo; 16kepha nxa iphendukela eNkosini, indwangu iyasuswa. 17INkosi inguye uMoya; kepha lapho uMoya weNkosi ekhona, kukhona inkululeko. 18Kepha thina sonke esibuka ngobuso obambuliwe inkazimulo yeNkosi njengasesibukweni siyaguqulwa, sibe njengalowo mfanekiso ngokuya enkazimulweni, njengalokhu kumi ngeNkosi enguMoya.

2 kwabaseKorinte 4

UPawulu ushumayela ivangeli ngesibindi

1Ngakho lokhu sinale nkonzo, njengokuba sahawukelwa, asidangali, 2kodwa sizilahlile izinto ezifihliwe zehlazo, asihambi ngobuqili, asiliphambanisi izwi likaNkulunkulu, kepha ngokuveza obala iqiniso sizincoma kunembeza wabantu bonke phambi kukaNkulunkulu. 3Kepha uma ivangeli lethu lifihlakele, lifihlakele kwabalahlwayo, 4okukubona abangakholwa unkulunkulu waleli zwe uphuphuthekisile ingqondo yabo, ukuze kungasi kubo ukukhanya kwevangeli lenkazimulo kaKristu ongumfanekiso kaNkulunkulu. 5Ngokuba asizishumayeli thina, kodwa sishumayela uKristu Jesu eyiNkosi nokuthi siyizikhonzi zenu ngenxa kaJesu. 6Ngokuba uNkulunkulu owathi: “Akuvele ukukhanya ebumnyameni, kukhanye,” nguyena owakhanyisa ezinhliziyweni zethu ukuba kukhanye ukwazi inkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaKristu.

Amandla avela evangelini ayaqinisa ezinhluphekweni nasezingozini

7Kepha le ngcebo sinayo ezitsheni zebumba, ukuze ubukhulu bamandla obukhulu kakhulu bube ngobukaNkulunkulu, bungabi ngobuvela kithi. 8Siyacindezelwa nxazonke, kodwa asinyinyekile; siyaxakeka, kodwa asidikibali; 9siyazingelwa, kodwa asidelwa; siwiswa phansi, kodwa asibhujiswa; 10sithwele njalonjalo emzimbeni wethu ukufa kukaJesu, ukuze nokuphila kukaJesu kubonakaliswe emzimbeni wethu. 11Ngokuba sisaphila sinikelwa njalo ekufeni ngenxa kaJesu, ukuze nokuphila kukaJesu kubonakaliswe enyameni yethu efayo. 12Kanjalo kusebenza ukufa kithina, kepha kinina ukuphila.

13Lokhu sinawo lo moya wokukholwa, njengokulotshiweyo ukuthi: “Ngakholwa, ngakho ngakhuluma,” nathi siyakholwa, ngakho-ke siyakhuluma, 14sazi ukuthi yena owavusa iNkosi uJesu uyakusivusa nathi kanye noJesu, asethule kanye nani. 15Ngokuba konke kwenziwa ngenxa yenu, ukuze umusa ngokwandiswa kubo abaningi uvamise ukubonga, kube ludumo kuNkulunkulu.

16Ngakho asidangali, kodwa noma kubhubha umuntu wethu wangaphandle, owangaphakathi wenziwa musha imihla ngemihla. 17Ngokuba usizi lwethu olululana olungolomzuzwana luyasisebenzela isilinganiso esikhulu kakhulu senkazimulo emiyo phakade, 18thina esingabheki okubonwayo kodwa okungabonwayo; ngokuba okubonwayo kungokwesikhashana, kepha okungabonwayo kungokwaphakade.

2 kwabaseKorinte 1:1-4:18ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU