Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 319

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

1 kwabaseKorinte 9

Inkululeko nelungelo likaPawulu

1Angikhululekile na? Angisiye umphostoli na? Angimbonanga uJesu iNkosi yethu na? Nina anisiwo umsebenzi wami eNkosini na? 2Noma ngingesiye umphostoli kwabanye, nokho kinina nginguye, ngokuba uphawu lobuphostoli bami eNkosini yinina.

3Lokhu kungukuziphendulela kwami kwabangisolayo. 4Asinalungelo yini lokudla nokuphuza na? 5Asinalungelo yini lokuhamba nomzalwanekazi ongumkethu njengabanye abaphostoli, nabafowabo beNkosi, noKhefase, na? 6Kanti yimi kuphela noBarnaba esingenalungelo lokuyeka ukusebenza na?

7Ngubani oke aye empini ngezakhe izindleko na? Ngubani otshala isivini, angazidli izithelo zaso, na? Ngubani owalusa umhlambi, angadli ubisi lomhlambi, na? 8Lokho ngikusho ngokwabantu nje na? Nomthetho kambe kawusho khona lokho na? 9Ngokuba kulotshiwe emthethweni kaMose ukuthi: “Ungayifaki inkabi isifonyo, nxa ibhula amabele.” Konje uNkulunkulu ukhathalela izinkabi na? 10Noma ukusho ngenxa yethu impela na? Yebo, kwalotshwa ngenxa yethu, ngokuba olimayo kufanele alime enethemba, nobhulayo abhule enethemba lokwabelwa naye. 11Uma thina sihlwanyele kini okomoya, kuyinto enkulu yini, uma sizovuna okwenu kwenyama na? 12Uma abanye behlanganyela lawo mandla phezu kwenu, kungebe yithi kakhulu na? Nokho asilisebenzisanga lelo gunya, kepha sibekezela ngakho konke, ukuze singalithiyi ivangeli likaKristu. 13Anazi yini ukuthi abaphethe imisebenzi yethempeli badla okwethempeli nokuthi abakhonza e-altare bahlanganyela ne-altare na? 14Ngokunjalo iNkosi imisile ukuba abamemezela ivangeli baphile ngevangeli.

15Kepha mina angisebenzisanga lutho lwalezo zinto; futhi lokho angikulobanga ukuba kwenziwe kanjalo kimi; ngokuba kungaba ngcono kimi ukuba ngife kunokuba umuntu alwenz' ize udumo lwami. 16Ngokuba noma ngishumayela ivangeli, anginaludumo ngalokho, ngokuba ngimelwe ukwenze njalo; ngokuba maye kimina uma ngingalishumayeli ivangeli! 17Ngokuba uma ngikwenza lokho ngokuzithandela kwami, nginomvuzo; kepha uma kungengakho ukuzithandela kwami, khona-ke kungumsebenzi engiwuphathisiweyo. 18Pho, uyini umvuzo wami na? Uyilokhu ukuba nxa ngishumayela ivangeli, ngikwenze ukuba ivangeli lingabizi lutho, ukuze ngingasebenzisi ilungelo lami enginalo evangelini.

UPawulu uyisigqila sabo bonke

19Ngokuba noma ngikhululekile kubo bonke, ngazenza isigqila sabo bonke, ukuze ngizuze abaningi. 20KubaJuda ngaba njengomJuda, ukuze ngizuze abaJuda; kwabaphansi komthetho ngaba njengophansi komthetho, noma ngingephansi komthetho mina, ukuze ngizuze abaphansi komthetho; 21kwabangenamthetho ngaba njengongenamthetho, ngingesiye ongenamthetho kuNkulunkulu kepha ngiphansi komthetho kaKristu, ukuze ngizuze abangenamthetho; 22kwababuthakathaka ngaba buthakathaka, ukuze ngizuze ababuthakathaka; sengaba yikho konke kubo bonke, ukuze ngakho konke ngisindise abanye. 23Ngikwenza konke ngenxa yevangeli, ukuze nami ngibe ngumhlanganyeli kulona.

Isigijimi senkolo

24Anazi yini ukuthi abagijima ngokuncintisana bagijima bonke, kepha munye owamukela umklomelo? Gijimani kanjalo, ukuze niwuthole. 25Bonke abancintisanayo bayazithiba ezintweni zonke; labo benza ukuze bathole umqhele ophelayo, kepha thina ukuze sithole ongapheliyo. 26Ngakho-ke mina ngiyagijima kungengokungathi kangiqondi; ngiyagadla kungengokungathi ngishaya umoya. 27Kodwa ngiyawutuba umzimba wami, ngiwenza isigqila, ukuba mina engishumayeza abanye ngingaliwa mina uqobo.

1 kwabaseKorinte 10

Ningahlubuki uNkulunkulu njengalokho benza abakwa-Israyeli

1Ngokuba angithandi, bazalwane, ukuba ningazi ukuthi okhokho bethu bonke babephansi kwefu, bonke badabula ulwandle; 2bonke baphapathizwa kuMose efwini naselwandle; 3bonke badla kudla kunye komoya; 4bonke baphuza kuphuza kunye komoya; ngokuba baphuza edwaleni lomoya elabalandelayo. Idwala lelo lalinguKristu. 5Kepha iningi labo uNkulunkulu wayengathokozi ngabo; ngokuba bashaywa phansi ehlane.

6Kepha lokho kwaba yizibonelo kithi, size singafisi okubi, njengalokho bona babekufisa. 7Futhi ningabi ngabakhonza izithombe njengabanye kubo, njengokulotshiweyo ukuthi: “Abantu bahlala phansi ukuba badle, baphuze, basukuma ukuba badlale.” 8Futhi asingenzi ubufebe njengokuba abanye kubo benza ubufebe, bafa ngalusuku lunye abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nantathu. 9Futhi asingayilingi iNkosi njengabanye kubo bayilinga, babhujiswa yizinyoka. 10Futhi ningakhononi njengabanye kubo bakhonona, babhujiswa ngumbulali.

11Kepha lezo zinto zabehlela bona kube yisibonelo; kulotshelwe ukusiyala thina, osekufikile kithi ukugcina kwezikhathi. 12Ngakho-ke osuka ethi umi, akaqaphele ukuba angawi. 13Anifikelwanga ukulingwa okungenjengokwabantu; kepha uNkulunkulu uthembekile, ongayikuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu, kepha oyakuthi kanye nokulingwa anenzele indlela yokuphepha, nize nibe namandla okukuthwala.

Ningakhonzi izithombe

14Ngalokho-ke, bathandwa bami, kubalekeleni ukukhonza izithombe. 15Ngikhuluma njengakwabahlakaniphileyo; qondani engikushoyo. 16Isitsha sesibusiso esisibusisayo asiyiyo inhlanganyelo yegazi likaKristu na? Isinkwa esisihlephulayo asiyiyo inhlanganyelo yomzimba kaKristu na? 17Ngokuba isinkwa sisinye, thina esibaningi singumzimba munye, lokhu thina sonke sihlanganyela leso sinkwa sinye. 18Bhekani u-Israyeli ngokwenyama. Abadla imihlatshelo abasibo abahlanganyela ne-altare na? 19Ngakho ngithini pho? Ngithi okuhlatshelwe isithombe kuyinto na? nokuthi isithombe siyinto na? 20Kodwa ngithi: Lokho okuhlatshwa ngabezizwe bakuhlabela amademoni, kabakuhlabeli uNkulunkulu. Kepha angithandi ukuba nibe nenhlanganyelo namademoni. 21Ningesiphuze isitsha seNkosi kanye nesitsha samademoni; ningelihlanganyele itafula leNkosi kanye netafula lamademoni. 22Kumbe siyayivusela iNkosi ulaka na? Kanti sinamandla kunayo na?

Inkululeko yobuKristu; uthando

23Kuvunyelwe konke, kodwa akusizi konke; kuvunyelwe konke, kodwa akwakhi konke. 24Akungabikho ozifunela okwakhe, kodwa akube yilowo nalowo afunele omunye. 25Konke okuthengiswa esilaheni* kudleni, ningahloli lutho ngenxa kanembeza, 26ngokuba umhlaba ungoweNkosi, nakho konke okukuwo. 27Uma omunye kwabangakholwayo enimema, nithanda ukuya, kudleni konke okubekwa phambi kwenu, ningabuzi lutho ngenxa kanembeza. 28Kepha uma umuntu ethi kini: “Lokhu kuhlatshelwe izithombe,” ningakudli ngenxa yalowo okushiloyo nangenxa kanembeza, 29kangisho owakho unembeza, ngisho owalowo omunye. Ngokuba yini ukuba inkululeko yami yahlulwe ngunembeza womunye na? 30Uma ngidla ngokubonga, ngihlanjalazelwani ngalokho engikubongayo na? 31Ngakho-ke noma nidla, noma niphuza, noma nenzani, konke kwenzeleni udumo lukaNkulunkulu. 32Ningakhubekisi nabaJuda, namaGreki, nabandla likaNkulunkulu, 33njengokuba nami ngithokozisa bonke ngakho konke, ngingafuni okungisiza mina kodwa okusiza abaningi, ukuze basindiswe.

1 kwabaseKorinte 11

Isambatho sowesifazane enkonzweni

1Yibani ngabalingisi bami, njengokuba nami ngilingisa uKristu.

2Ngiyanibonga ngokuba ningikhumbula ezintweni zonke, nibambelela ezifundisweni, njengokuba nganinika zona.

3Kepha-ke ngithanda ukuba nazi ukuthi inhloko yawo onke amadoda inguKristu, nenhloko yowesifazane iyindoda, nenhloko kaKristu inguNkulunkulu. 4Yileyo naleyo ndoda esuke ikhuleka noma iprofetha, ikhanda layo limboziwe, ihlazisa ikhanda layo. 5Kepha yilowo nalowo owesifazane osuke ekhuleka nokuba eprofetha, ikhanda lakhe lingagutshuzelwe, uhlazisa ikhanda lakhe, ngokuba lokho kukunye nokuthi uphucile. 6Ngokuba uma owesifazane engagubuzele, akagundwe. Uma kuyihlazo kowesifazane ukuba agundwe noma aphuce, akagubuzele. 7Ngokuba nempela indoda ayifanele ukumboza ikhanda, lokhu ingumfanekiso nodumo lukaNkulunkulu; kepha owesifazane uludumo lwendoda. 8Ngokuba indoda ayivelanga kowesifazane, kodwa ngowesifazane owavela endodeni. 9Ngokuba indoda ayidalelwanga owesifazane, kodwa owesifazane wadalelwa indoda. 10Ngalokho-ke owesifazane ufanele ukuba abe nophawu lwesithunzi ekhanda ngenxa yezingelosi.

11Nokho eNkosini owesifazane kalutho ngaphandle kwendoda, nendoda ayilutho ngaphandle kowesifazane, 12ngokuba njengalokhu owesifazane evela endodeni, kanjalo nendoda ivela ngowesifazane; kepha konke kuvela kuNkulunkulu. 13Ziboneleni nina ngokwenu; kufanele yini ukuba owesifazane akhuleke kuNkulunkulu engagubuzele na? 14Imvelo uqobo lwayo ayinifundisi yini ukuthi uma indoda inezinwele ezinde, kuyihlazo kuyo, 15nokuthi uma owesifazane enezinwele ezinde, kuludumo kuye na? Ngokuba uphiwe izinwele zibe yisimbozo. 16Kepha uma umuntu efuna ukuphika inkani, asinawo umkhuba onjalo thina, namabandla kaNkulunkulu kawanawo.

Indlela yokuphatha isidlo seNkosi

17Kepha nxa ngiyala ngalokho, anginibongi ukuthi nibuthana kungekukho okuhle kepha kukho okubi. 18Ngokuba okokuqala, nxa nibuthana ebandleni, ngizwa ukuthi kukhona ukwahlukana phakathi kwenu; nganxanye ngiyakholwa yikho. 19Ngokuba kumelwe kube khona amaqembu phakathi kwenu ukuba abaqinisileyo phakathi kwenu babonakale. 20Ngakho-ke nxa nibuthana ndawonye, akusikho ukudla isidlo seNkosi lokho; 21ngokuba ekudleni kwenu yilowo nalowo uthatha okwakhe ukudla ngaphambili, omunye alambe, omunye adakwe. 22Kanti aninazindlu yini zokudlela nokuphuzela na? Kumbe niyalidelela yini ibandla likaNkulunkulu, nijabhise abangenanto na? Ngizakuthini kini na? Nginibonge na? Anginibongi ngalokho.

23Ngokuba mina ngakwamukela eNkosini lokho, nenganinika khona, ukuthi: INkosi uJesu, ngalobo busuku akhashelwa ngabo wathabatha isinkwa, 24wabonga, wasihlephula, wathi: “Lokhu kungumzimba wami ohleshulelwe nina; lokhu kwenzeni ukuba ningikhumbule.” 25Kanjalo wathabatha nesitsha emva kokudla kwakusihlwa, wathi: “Lesi sitsha siyisivumelwano esisha egazini lami; lokhu kwenzeni ngezikhathi zonke enisiphuza ngazo ukuba ningikhumbule.” 26Ngokuba njalo, nxa nidla lesi sinkwa niphuza lesi sitsha, nimemezela ukufa kweNkosi ize ifike.

27Ngakho-ke lowo odla lesi sinkwa, aphuze lesi sitsha seNkosi ngokungafanele, unecala lomzimba negazi leNkosi. 28Kodwa umuntu akazihlolisise, khona-ke akadle lesi sinkwa, aphuze lesi sitsha. 29Ngokuba odlayo aphuze uzidlela aziphuzele icala, uma engawahlukanisi umzimba weNkosi. 30Ngenxa yalokho baningi phakathi kwenu ababuthakathaka nabagulayo, nabaningana balele. 31Kepha uma besizahlulela thina, besingayikwahlulelwa. 32Kepha nxa sahlulelwa, siyalaywa yiNkosi, ukuze singalahlwa kanye nezwe.

33Ngakho-ke, bazalwane bami, nxa nibuthana ukuba nidle, anolindana. 34Uma omunye elambile, akadle ekhaya ukuba ningabuthaneli ukulahlwa. Kepha okuseleyo ngokulungisa mhla ngifikayo.

1 kwabaseKorinte 9:1-11:34ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU