Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 313

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

KwabaseRoma 4

U-Abrahama walungisiswa ngokukholwa

1Ngakho-ke siyakuthi uzuzeni u-Abrahama, ukhokho wethu, ngokwenyama na? 2Ngokuba uma u-Abrahama walungisiswa ngemisebenzi, unakho ukuzibonga; kodwa phambi kukaNkulunkulu qha. 3Ngokuba umbhalo uthini na? Uthi: “Kepha u-Abrahama wakholwa nguNkulunkulu, kwambalelwa ukuthi kungukulunga.”

4Kepha kosebenzayo umvuzo awubalelwa ngokomusa kodwa ngokwemfanelo; 5kepha kongasebenziyo, kodwa ekholwa nguye olungisisa ongamesabi uNkulunkulu, ukukholwa kwakhe kubalelwa yena ukuthi kungukulunga, 6njengalokhu noDavide esho ngokubusiswa komuntu uNkulunkulu ambalela ukulunga ngaphandle kwemisebenzi, ethi:

7“Babusisiwe abathethelelwe izeqo zabo,

nabazono zabo zisitshekelwe;

8ubusisiwe umuntu

iNkosi engayikumbalela isono.

U-Abrahama wamukeliswa isithembiso ngokukholwa.”

9Ngakho-ke lokhu kubusiswa kuqondene nabasokile noma nabangasokile na? Ngokuba sithi: Ukukholwa kwabalelwa u-Abrahama ukuthi kungukulunga. 10Pho, kwabalelwa kanjani na? Esesokile yini noma engakasoki na? Akubanga esesokile, kodwa engakasoki. 11Wasamukela isibonakaliso sokusoka, sibe luphawu lokulunga kokukholwa ayenakho engakasoki, ukuba abe nguyise wabo bonke abakholwayo bengasokile, ukuze ukulunga kubalelwe kubona, 12futhi abe nguyise wabasokileyo, kungabi ngowabasokileyo kuphela, kepha nowabo abahamba emkhondweni wokukholwa ubaba u-Abrahama ayenakho engakasoki.

13Ngokuba isithembiso sokuthi uyakuba yindlalifa yezwe asinikwanga u-Abrahama nenzalo yakhe ngawo umthetho kodwa ngokulunga kokukholwa. 14Ngokuba uma izindlalifa ziyizo ngawo umthetho, ukukholwa kwenziwe ize, nesithembiso asiselutho; 15ngokuba umthetho ubanga intukuthelo, kepha lapho kungekho khona umthetho, akukho nakweqa.

16Ngalokho kuya ngokukholwa ukuba kube ngokomusa, ukuze isithembiso siqiniseke enzalweni yonke, kungabi kweyomthetho yodwa kodwa nakuleyo engeyokukholwa kuka-Abrahama ongubaba wethu sonke, 17njengokulotshiweyo ukuthi: “Ngikumisile ube nguyise wezizwe eziningi” phambi kwalowo Nkulunkulu akholwa nguye, yena ophilisa abafileyo nobiza okungekho ngokungathi kukhona, 18owathi kungekho themba wakholwa ngethemba, ukuze abe nguyise wezizwe eziningi, njengalokho okwashiwo ukuthi: “Yoba njalo inzalo yakho;” 19engabanga buthakathaka ekukholweni wabona umzimba wakhe obusufa, eneminyaka engaba ngeyikhulu, nesizalo sikaSara sifile; 20akangabazanga ngesithembiso sikaNkulunkulu ngokungakholwa, kodwa waqina ekukholweni, enika uNkulunkulu udumo, 21eqinisekile ukuthi lokho akwethembisile unamandla nokukwenza. 22Ngalokho-ke kwabalelwa yena ukuthi kungukulunga. 23Kepha akulotshwanga ngenxa yakhe yedwa ukuthi kwabalelwa yena, 24kodwa nangenxa yethu esiyakubalelwa khona, thina esikholwa nguye owavusa uJesu iNkosi yethu kwabafileyo, 25owanikelwa ngenxa yeziphambeko zethu, wavuswa ngenxa yokulungisiswa kwethu.

KwabaseRoma 5

Izithelo zokulunga

1Ngakho lokhu sesilungisisiwe ngokukholwa, sinokuthula kuNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Kristu, 2okungaye sinokungena ngokukholwa kulo musa esimi kuwo, siyazibonga ekwethembeni inkazimulo kaNkulunkulu. 3Kepha akusikho lokho kuphela, kodwa sizibonga nangezinhlupheko ngokwazi ukuthi ukuhlupheka kuveza ukukhuthazela, 4ukukhuthazela kuveza ukuqiniseka, ukuqiniseka kuveza ithemba; 5ithemba alijabhisi, ngokuba uthando lukaNkulunkulu lutheliwe ezinhliziyweni zethu ngoMoya oNgcwele esimuphiweyo.

6Ngokuba sisebuthakathaka, uKristu wafela abangamesabi uNkulunkulu ngesikhathi esifaneleyo; 7ngokuba cishe kungenzeki ukuba umuntu afele olungileyo, kodwa mhlawumbe kungase kube khona ongaba nesibindi sokufela omuhle; 8kepha uNkulunkulu uyabonakalisa ukusithanda kwakhe ngalokhu ukuthi, siseyizoni, uKristu wasifela.

9Ngakho kakhulu sesilungisisiwe ngegazi lakhe, siyakusindiswa ngaye olakeni. 10Ngokuba uma sathola ukubuyisana noNkulunkulu ngokufa kweNdodana yakhe sise yizitha, ikakhulu siyakusindiswa ngokuphila kwayo sesitholile ukubuyisana; 11kepha akusikho lokho kuphela, kodwa sizibonga futhi ngoNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Kristu, esesamukelisiwe ngaye ukubuyisana.

Isono nokufa kwafika ngo-Adamu

12Ngakho-ke njengalokho isono sangena ezweni ngamuntu munye, nangesono kwangena ukufa, ngokunjalo ukufa kwafikela abantu bonke, lokhu bonke bonile; 13ngokuba isono sasikhona ezweni kungakabikho umthetho, kepha isono asibalelwa ungekho umthetho; 14nokho ukufa kwabusa kusukela ku-Adamu kwaze kwaba kuMose, naphezu kwabangonanga ngendlela yeseqo sika-Adamu oyisifanekiso sakhe obeyakuza.

Ukulunga nokuphila kwafika ngoJesu

15Kepha isipho somusa asinjengesiphambeko; ngokuba uma ngesiphambeko samuntu munye abaningi bafa, ikakhulu kwavama kwabaningi umusa nesipho sikaNkulunkulu ngomusa wamuntu munye, uJesu Kristu. 16Isipho asinjengokona kwalowo emunye, ngokuba uma ukwahlulela kwaba ngoyedwa kube ngukulahlwa, isipho somusa sona-ke saba ngeziphambeko eziningi kube ngukulungisiswa. 17Ngokuba uma ngesiphambeko samuntu munye ukufa kwabusa ngalowo emunye, ikakhulu abamukela ukuvama komusa nokuvama kwesipho sokulunga bayakubusa ekuphileni ngalowo emunye, uJesu Kristu.

18Ngalokho-ke njengokuba ngasiphambeko sinye kwaba khona ukulahlwa kubantu bonke, kanjalo ngasenzo sinye sokulunga kwaba khona ukulungisiswa kukho ukuphila kubantu bonke; 19ngokuba njengalokho ngokungalaleli kwamuntu munye abaningi benziwa izoni, kanjalo ngokulalela kwamuntu munye abaningi bayakwenziwa abalungileyo.

20Kepha umthetho wangena ukuba isiphambeko sande; kodwa lapho kwavama khona isono, umusa wavama kakhulukazi, 21ukuze njengalokho isono sabusa ngokufa, nomusa ubuse kanjalo ngokulunga, kube ngukuphila okuphakade ngoJesu Kristu iNkosi yethu.

KwabaseRoma 6

UNkulunkulu akasenzeli umusa ukuba sihlale esonweni, kodwa ukuba sinqobe isono, simkhonze ekulungeni

1Ngakho siyakuthini na? Sihlale esonweni, ukuze kuvame umusa na? 2Qha nakanye. Thina esafa maqondana nesono singabuye sihambe kanjani kuso na? 3Kumbe anazi yini ukuthi sonke esabhapathizelwa kuKristu Jesu, sabhapathizelwa kukho ukufa kwakhe na? 4Ngakho sembelwa naye ngokubhapathizelwa kukho ukufa ukuba njengalokho uKristu wavuswa kwabafileyo ngenkazimulo kaYise, kanjalo nathi sihambe ekuphileni okusha.

5Ngokuba uma sihlanganisiwe kanye naye ngokufa okufananayo, siyakuba njalo nangokuvuka, 6sazi lokhu ukuthi umuntu wethu omdala wabethelwa kanye naye esiphambanweni, ukuze umzimba wesono wenziwe ize, singabe sisakhonza isono, 7ngokuba ofileyo ukhululiwe esonweni.

8Kepha uma safa kanye noKristu, siyakholwa ukuthi siyakuphila futhi kanye naye, 9sazi ukuthi uKristu esevusiwe kwabafileyo akasafi, ukufa akusabusi phezu kwakhe. 10Ngokuba ukufa, afa ngakho, wakufa kanye nje ngenxa yesono; kepha ukuphila akuphilayo ukuphilela uNkulunkulu.

11Kanjalo nani manizisho ukuthi ningabafileyo maqondana nesono, kodwa niphilele uNkulunkulu kuKristu Jesu. 12Ngakho makungabusi isono emzimbeni wenu ofayo, nize nilalele izinkanuko zawo; 13futhi ninganikeli izitho zenu esonweni, zibe yizikhali zokungalungi, kodwa zinikeleni nina kuNkulunkulu njengabaphilayo bevukile kwabafileyo nezitho zenu kuNkulunkulu, zibe yizikhali zokulunga, 14ngokuba isono asiyikubusa phezu kwenu; ngokuba aniphansi komthetho, kepha niphansi komusa.

15Kunjani, pho, na? Siyakona ngokuba singephansi komthetho kodwa phansi komusa na? Qha nakanye. 16Anazi yini ukuthi lowo enizinikela kuye ukuba nibe yizinceku zokumlalela, niyizinceku zakhe enimlalelayo, noma ezesono kube ngukufa noma ezokulalela kube ngukulunga, na? 17Kepha makabongwe uNkulunkulu ukuthi nina enaniyizinceku zesono senilalela ngenhliziyo indlela yesifundiso enanikelwa kuyo 18nokuthi, senikhululiwe esonweni, naba yizinceku zokulunga.

19Ngikhulumisa okomuntu ngenxa yobuthakathaka benyama yenu. Ngokuba njengalokho nanikela izitho zenu zibe yizinceku zamanyala nezokungalungi kwaba ngukungalungi, kanjalo nikelani manje izitho zenu zibe yizinceku zokulunga kube ngukungcweliswa. 20Ngokuba lapho nise yizinceku zesono, nanikhululekile maqondana nokulunga. 21Ngaleso sikhathi naninezithelo zini na? Eseninezinhloni ngakho manje; ngokuba ukugcina kwalokho kungukufa. 22Kepha manje, senikhululiwe esonweni naba ngabakhonza uNkulunkulu, ninazo izithelo zenu kube ngukungcweliswa nasekugcineni ukuphila okuphakade. 23Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa, kepha isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu Jesu iNkosi yethu.

KwabaseRoma 7

Ukukhululeka emthethweni

1Kanti anazi yini, bazalwane, ngokuba ngikhuluma kwabawazi umthetho, ukuthi umthetho uyabusa phezu komuntu ngesikhathi sonke esekhona na? 2Ngokuba owesifazane oganileyo uboshelwe ngomthetho endodeni isekhona; kepha nxa indoda isifile, ukhululiwe emthethweni wendoda. 3Ngalokho-ke lapho indoda isekhona, uyakuthiwa isiphingi, uma eba ngowenye indoda; kepha nxa indoda isifile, ukhululekile emthethweni, angebe yisiphingi, uma eba ngowenye indoda.

4Kanjalo nani bazalwane bami, nani naba ngabafileyo maqondana nomthetho ngomzimba kaKristu ukuba nibe ngabomunye, lowo owavuswa kwabafileyo, ukuze sithelele uNkulunkulu izithelo. 5Ngokuba kwathi sisenyameni, ukuhuheka kwezono okwavela ngomthetho kwasebenza ezithweni zethu ukuthelela ukufa izithelo; 6kepha kalokhu sikhululiwe emthethweni, sifile maqondana nalokho esasibanjwa yikho ukuba sikhonze emoyeni omusha, kungesegameni elidala.

Umthetho nesono

7Ngakho siyakuthini na? Umthetho uyisono na? Qha nakanye; kepha bengingasazanga isono, uma bekungengomthetho; ngokuba ukufisa bengingakwazanga, uma umthetho ubungashongo ukuthi: “Ungafisi;” 8kepha isono sathola ithuba ngomyalo, sasebenza kimi ukufisa konke; ngokuba ngaphandle komthetho isono sifile. 9Mina-ke ngake ngahamba ngaphandle komthetho; kepha kwathi ukuba kufike umyalo, savuka isono, 10ngafa mina; umyalo obungowokuphila wona wafunyanwa ungowokufa kimi, 11ngokuba isono, sithola ithuba ngomyalo, sangikhohlisa, sangibulala ngawo. 12Ngakho-ke umthetho ungcwele, nomyalo ungcwele, ulungile, muhle.

13Pho, okuhle kwaba ngukufa kimi na? Qha nakanye; kepha isono, ukuba sibonakale ukuthi siyisono, sangibangela ukufa ngakho okuhle, ukuze isono ngawo umyalo sibe ngesonayo kakhulu.

Ubugqila bomuntu phansi komthetho

14Ngokuba siyazi ukuthi umthetho ungowomoya; kepha mina ngingowenyama, othengisiwe phansi kwesono. 15Ngokuba engikwenzayo angikuqondi; ngokuba engikwenzayo akusikho lokho engikuthandayo; kodwa lokho engikuzondayo, yikho engikwenzayo. 16Kepha uma ngenza lokho engingakuthandiyo, ngiyawuvumela umthetho ukuthi muhle. 17Kodwa kalokhu akuseyimi engikwenzayo, kodwa yisono esihlala kimi. 18Ngokuba ngiyazi ukuthi kimi, kungukuthi enyameni yami, akuhlali okuhle; ngokuba intando ikhona kimi, kodwa ukwenza okuhle akukho, 19ngokuba okuhle engikuthandayo angikwenzi, kodwa okubi engingakuthandiyo lokho ngiyakwenza. 20Uma-ke ngenza lokho engingakuthandiyo akuseyimi engenza lokho, kodwa yisono esihlala kimi.

21Ngalokho ngifumana kimina engithanda ukwenza okuhle umthetho wokuthi kukhona okubi kimi, 22ngokuba ngiwenamela umthetho kaNkulunkulu ngokomuntu ongaphakathi, 23kepha ngibona omunye umthetho ezithweni zami olwayo nomthetho wengqondo yami, ungithumbela emthethweni wesono osezithweni zami. 24Wo! mina muntu wosizi, ngubani oyakungikhulula kulo mzimba wokufa na? 25Makabongwe uNkulunkulu ngoJesu Kristu iNkosi yethu. Ngalokho-ke mina ngokwami ngikhonza umthetho kaNkulunkulu ngengqondo kepha umthetho wesono ngenyama.

KwabaseRoma 4:1-7:25ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU