Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 302

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

IzEnzo 8

USawulu uzingela amakholwa

1Kepha uSawulu wayevumelene nabo ngokubulawa kwakhe.

Ngalolo suku kwavela ukuzingelwa okukhulu kwebandla laseJerusalema; bahlakazeka bonke emazweni aseJudiya naseSamariya; kwasala abaphostoli bodwa. 2Amadoda akholwayo ammbela uStefanu, amkhalela isililo esikhulu. 3Kepha uSawulu walichitha ibandla, engena ezindlini ngezindlu, ehudula abesilisa nabesifazane, wabafaka etilongweni.

UFiliphu ushumayela eSamariya

4Abahlakazekileyo base behamba, beshumayela izwi levangeli. 5UFiliphu wehlela emzini waseSamariya, wabashumayeza uKristu. 6Izixuku zalalela nganhliziyonye okwakhulunywa nguFiliphu, zizwa, zibona izibonakaliso azenzayo. 7Ngokuba kwaphuma omoya abangcolileyo kwabaningi abakhwelwa yibo, bememeza ngezwi elikhulu; nabaningi abafe uhlangothi nabayizinyonga baphulukiswa; 8kwaba khona ukuthokoza okukhulu kulowo muzi.

USimoni oyisanusi

9Kepha kwakukhona indoda ethile, nguSimoni igama layo, eyayikade yenza imilingo kulowo muzi, isimangalisa isizwe saseSamariya, izishaya umuntu omkhulu; 10banamathela kuye bonke kusukela kwabancinyane kuze kube kwabakhulu, bethi: “Lo ungamandla kaNkulunkulu abizwa ngokuthi Makhulu,” 11babenamathela kuye, ngokuba ebamangalisile isikhathi eside ngemilingo yakhe. 12Kepha bathi ukuba bakholwe nguFiliphu eshumayela ivangeli ngombuso kaNkulunkulu nangegama likaJesu Kristu, babhapathizwa abesilisa nabesifazane. 13Naye uSimoni wakholwa; wathi esebhapathiziwe, wanamathela kuFiliphu, wamangala ebona izibonakaliso nemisebenzi emikhulu yamandla eyenziwayo.

14Kwathi ukuba abaphostoli baseJerusalema bezwe ukuthi iSamariya lilamukele izwi likaNkulunkulu, bathumela kubo oPetru noJohane; 15sebehlele khona babakhulekela ukuba bamukele uMoya oNgcwele, 16ngokuba wayengakehleli nakoyedwa kubo; kodwa babesabhapathiziwe egameni leNkosi uJesu kuphela. 17Khona babeka izandla phezu kwabo; base bamukela-ke uMoya oNgcwele.

18Kepha uSimoni, ebonile ukuthi ngokubekwa kwezandla zabaphostoli uyaphiwa uMoya, waletha imali kubo, 19wathi: “Ngipheni nami lawo mandla, ukuze yilowo nalowo engibeka izandla phezu kwakhe amukele uMoya oNgcwele.”

20Kepha uPetru wathi kuye: “Isiliva lakho malibhubhe kanye nawe, ngokuba uthi isipho sikaNkulunkulu singathengwa ngemali. 21Awunasabelo nalifa kuleli zwi, ngokuba inhliziyo yakho ayilungile phambi kukaNkulunkulu. 22Ngakho-ke phenduka kulobu bubi bakho, unxuse eNkosini, ingabe ungathethelelwa yini isizindlo senhliziyo yakho, 23ngokuba ngiyabona ukuthi usenyongweni ebabayo nasekuboshweni kokubi.”

24USimoni wayesephendula ethi: “Nginxuseleni nina eNkosini, ukuze kungehleli lutho kimi lwalokho enikushiloyo.”

25Kuthe sebefakazile, belikhulumile izwi leNkosi, babuyela eJerusalema, bashumayela ivangeli emizaneni eminingi yabaseSamariya.

Ukuphenduka kwenduna yase-Etiyopiya

26Kepha ingelosi yeNkosi yakhuluma kuFiliphu, yathi: “Suka uye ngaseningizimu endleleni ephuma eJerusalema ehlela eGaza; yona iyihlane.” 27Wayesesuka wahamba. Bheka, nansi indoda yase-Etiyopiya, umthenwa, isikhulu sikaKhandakhe inkosikazi yase-Etiyopiya, ebiphezu kwengcebo yayo yonke, ebifikile eJerusalema izakukhuleka; 28ibisibuya, ihlezi enqoleni yayo, ifunda umprofethi u-Isaya. 29UMoya wathi kuFiliphu: “Sondela, unamathele kuleyo nqola.”

30UFiliphu wayesegijimela kuyo, wayizwa ifunda umprofethi u-Isaya, wathi: “Uyakuqonda kambe lokhu okufundayo na?”

31Yona yathi: “Ngingakwazi kanjani, uma kungekho ongiholayo na?” Yamnxusa uFiliphu ukuba akhwele ahlale nayo.

32Kepha isahlukwana sombhalo ebisifunda yilesi esithi:

“Wayiswa ekuhlatshweni njengemvu;

njengewundlu elithule phambi komgundi walo

kanjalo kawuvulanga umlomo wakhe.

33Ekuthobeleni kwakhe

ukwahlulelwa kwakhe kwasuswa.

Ngubani ongalanda ngesizukulwane sakhe na?

Ngokuba ukuphila kwakhe kuyasuswa emhlabeni.”

34Kepha umthenwa wathatha wathi kuFiliphu: “Ngiyacela, umprofethi ukhuluma lokho ngobani na? Uzisho yena noma omunye na?” 35UFiliphu wavula umlomo wakhe, eqala kulowo mbhalo washumayela ivangeli ngoJesu.

36Kwathi besahamba endleleni, bafika emanzini. Umthenwa wathi: “Bheka, nanka amanzi; kwalani ukuba ngibhapathizwe na?” 37UFiliphu wathi kuye: “Uma ukholwa ngenhliziyo yonke, kungenziwa.”

Waphendula wathi: “Ngiyakholwa ukuthi uJesu Kristu uyiNdodana kaNkulunkulu.” 38Wayala ukuba inqola ime. Behlela emanzini bobabili, uFiliphu nomthenwa; wambhapathiza. 39Kwathi sebekhuphukile emanzini, uMoya weNkosi wamhlwitha uFiliphu, umthenwa akabe esambona, kodwa wahamba ngendlela yakhe ethokoza. 40Kepha uFiliphu wafunyanwa e-Azotu, wahamba eshumayela ivangeli kuyo yonke imizi, waze wafika eKesariya.

IzEnzo 9

Ukuphenduka nokubhapathizwa kukaSawulu

1Kepha uSawulu esafutha ngokusongela nokubulala abafundi beNkosi, waya kumpristi omkhulu, 2wacela kuye izincwadi zokuya eDamaseku emasinagogeni,* kuze kuthi uma efumana abantu baleyo Ndlela, abesilisa nabesifazane, abayise eJerusalema beboshiwe. 3Kepha ekuhambeni kwakhe, esesondela eDamaseku, kwambaneka masinyane nxazonke ukukhanya okuvela ezulwini. 4Wawa phansi emhlabathini, wezwa izwi lithi kuye: “Sawulu, Sawulu, ungizingelelani na? Kulukhuni kuwe ukukhahlela ezinkandini.”

5Wayesethi: “Ungubani, Nkosi?”

Yathi: “Mina nginguJesu omzingelayo wena; 6kodwa vuka ungene emzini, uzakutshelwa lokhu omelwe ukukwenza.”

7Kepha amadoda ayehamba naye ayemi engenakukhuluma, ngokuba ezwa izwi kodwa ayengaboni muntu. 8USawulu wayesevuka phansi; kepha esevulile amehlo akhe, kabonanga lutho. Base bembamba ngesandla, bamyisa eDamaseku. 9Izinsuku zaba ntathu engaboni, engadli, engaphuzi.

10Kwakukhona eDamaseku umfundi othile, igama lakhe lingu-Ananiya; iNkosi yathi kuye ngombono: “Ananiya!”

Yena wathi: “Ngikhona, Nkosi.”

11INkosi yayisithi kuye: “Suka uye esitaladini esithiwa Siqondile, ufune endlini kaJuda umuntu ogama lakhe linguSawulu waseTarsu; ngokuba bheka, uyakhuleka; 12ubonile indoda, igama layo lingu-Ananiya, ingena, ibeka izandla phezu kwakhe ukuba abone.”

13Kepha u-Ananiya waphendula wathi: “Nkosi, ngizwile ngabaningi ngaleyo ndoda konke okubi ekwenzile kwabangcwele bakho eJerusalema; 14nalapha unamandla avela kubapristi abakhulu okubopha bonke abakhuleka egameni lakho.”

15INkosi yayisithi kuye: “Hamba, ngokuba lo uyisitsha sami esikhethiweyo sokuphatha igama lami phambi kwabezizwe, namakhosi, nabantwana bakwa-Israyeli, 16ngokuba mina ngizakumbonisa konke amelwe ukuhlushwa ngakho ngenxa yegama lami.”

17Khona wahamba u-Ananiya, wangena endlini, wabeka izandla phezu kwakhe, wathi: “Sawulu umzalwane, iNkosi uJesu eyabonakala kuwe endleleni oze ngayo, ingithumile ukuba ubuye ubone, ugcwaliswe ngoMoya oNgcwele.” 18Kwawa masinyane emehlweni akhe kwangathi inkwethu, wabona, wasukuma, wabhapathizwa; 19esedlile wathola amandla.

USawulu ushumayela eDamaseku naseJerusalema

Wahlala nabafundi baseDamaseku izinsuku ezithile. 20Masinyane washumayela emasinagogeni* ngoJesu ukuthi yena uyiNdodana kaNkulunkulu. 21Kepha bamangala bonke abezwayo, bathi: “Lo asiye yini owachitha eJerusalema abakhuleka kulelo gama, nalapha uze ngalokhu ukuba abaqhube beboshiwe kubapristi abakhulu na?” 22Kodwa uSawulu wakhula kakhulu emandleni, wahlula abaJuda abakhileyo eDamaseku eqinisa ukuthi lowo unguKristu.

23Sekudlule izinsuku eziningi, abaJuda benza icebo lokuba bambulale. 24Kepha icebo labo laziwa nguSawulu. Babemhlalela nasemasangweni imini nobusuku ukuba bambulale. 25Abafundi base bemthatha ebusuku, bamehlisa ogangeni, bemewula ngeqoma.

26Esefikile eJerusalema wazama ukuzihlanganisa nabafundi; kepha bonke bamesaba, bengakholwa ukuthi ungumfundi. 27Kodwa uBarnaba wamthatha, wamyisa kubaphostoli, wabalandisa ngokuthi uyibonile iNkosi endleleni, nokuthi ikhulumile kuye, nokuthi eDamaseku wayeshumayele ngesibindi ngegama likaJesu. 28Wayenabo eJerusalema, engena ephuma, eshumayela ngesibindi ngegama leNkosi, 29ekhuluma ephikisana nabaJuda abakhuluma isiGreki; bona bazama ukumbulala. 30Abazalwane sebekwazi lokho bamehlisela eKesariya, bamthumela eTarsu.

31Njalo-ke ibandla laba nokuthula kulo lonke laseJudiya, naseGalile, naseSamariya, lakheka, lihamba ekwesabeni iNkosi, landa ngenduduzo kaMoya oNgcwele.

UPetru uphilisa u-Eneya

32Kwathi uPetru ehambela izindawo zonke, wehlela nakwabangcwele abakhe eLida. 33Wafumana khona umuntu othile ogama lakhe lingu-Eneya, owayeselele ecansini iminyaka eyisishiyagalombili efe uhlangothi. 34Khona uPetru wathi kuye: “Eneya, uJesu Kristu uyakuphilisa; vuka, wendlule icansi lakho.” Wayesevuka masinyane. 35Bambona bonke abakhe eLida naseSarona, baphendukela eNkosini.

UPetru uvusa uThabitha kwabafileyo

36EJopha kwakukhona umfundikazi othile ogama lakhe linguThabitha, okungukuthi uDorka ngokuhunyushwa; yena wayenemisebenzi eminingi emihle nokwabela abampofu izipho. 37Kwathi ngalezo zinsuku wagula, wafa; sebemgezile bambeka ekamelweni eliphezulu. 38Kepha iLida laliseduze neJopha; ngakho-ke abafundi sebezwile ukuthi uPetru ukhona lapho, bathuma kuye amadoda amabili emncenga ethi: “Ungalibali ukuza kithi.” 39Wayesesuka uPetru, wahamba nabo. Esefikile, bamyisa ekamelweni eliphezulu; abafelokazi bonke beza kuye bekhala, bembonisa izambatho nezingubo abezenzile uDorka esenabo.

40Kepha uPetru wabakhipha bonke, waguqa ngamadolo, wakhuleka, waphendukela esidunjini, wathi: “Thabitha, vuka!” Wayesevula amehlo akhe, wabona uPetru, walulama. 41Yena wambamba ngesandla, wamsukumisa. Wayesebiza abangcwele nabafelokazi, wambeka phambi kwabo ephilile. 42Kwezwakala lokho kulo lonke iJopha; abaningi bakholwa yiNkosi. 43Wayesehlala izinsuku eziningi eJopha kwaSimoni umshuki.

IzEnzo 8:1-9:43ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU