Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 300

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

IzEnzo 1

Isingeniso.Ukwenyuka kukaJesu

1Incwadi yokuqala ngayiloba, Theyofilu, ngakho konke uJesu aqala ukukwenza nokukufundisa, 2kwaze kwaba lusuku akhushulwa ngalo, esebayalile ngoMoya oNgcwele abaphostoli ayebakhethile; 3waziveza kubo ephilile emva kokuhlupheka kwakhe ngobufakazi obuningi, wabonwa yibo izinsuku ezingamashumi amane ekhuluma ngezombuso kaNkulunkulu; 4kwathi ehlangene nabo, wabayala ngokuthi: “Ningamuki eJerusalema, kodwa nihlalele isithembiso sikaYise enasizwa ngami. 5Ngokuba uJohane wayebhapathiza ngamanzi, kepha nina nizakubhapathizwa ngoMoya oNgcwele kungakadluli izinsuku eziningi.”

6Khona labo ababebuthene bambuza bathi: “Nkosi, usawubuyisela umbuso ku-Israyeli ngalesi sikhathi na?”

7Wathi kubo: “Akusikho okwenu ukwazi izikhathi noma imizuzu uBaba akumisele ngamandla akhe; 8kodwa nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe ngofakazi bami eJerusalema, naseJudiya lonke, naseSamariya kuze kube sekugcineni komhlaba.”

9Kwathi eseshilo lokho, wakhushulwa bebuka; ifu lamsusa emehlweni abo.

10Bathi besagqolozela ezulwini emuka, bheka, amadoda amabili ayemi kubo, embethe izingubo ezimhlophe, 11athi: “Madoda aseGalile, nimeleni nibheka ezulwini na? UJesu lo, osuswe kini enyuselwa ezulwini, uyakuza kanjalo, njengalokho nimbonile eya ezulwini.”

12Khona babuyela eJerusalema bevela entabeni ethiwa eyemiNqumo eseduze neJerusalema, ibanga lohambo lwesabatha. 13Kwathi sebengenile, benyukela ekamelweni eliphezulu, lapho bebehlala khona: oPetru, noJohane, noJakobe, no-Andreya, noFiliphu, noTomase, noBartolomewu, noMathewu, noJakobe ka-Alfewu, noSimoni umZelothe, noJuda kaJakobe. 14Bonke laba baqinisela nganhliziyonye ekukhulekeni kanye nabesifazane, noMariya unina kaJesu, nabafowabo.

Ukukhethwa kukaMathiya abe ngomunye wabaphostoli esikhundleni sikaJuda

15Ngaleyo mihla uPetru wasukuma phakathi kwabazalwane, isixuku sabantu esasikhona ndawonye kwakungathi ikhulu namashumi amabili, wathi: 16“Madoda, bazalwane, kwakumelwe ukuba kugcwaliseke umbhalo uMoya oNgcwele awukhulumayo ngaphambili ngomlomo kaDavide ngoJuda owayengumholi kulabo ababamba uJesu, 17ngokuba wayebalwe kanye nathi, wathola isabelo kule nkonzo.”

18Lowo-ke wazuza insimu ngomvuzo wokungalungi, wawa ngekhanda, waqhuma phakathi, nezibilini zakhe zonke zachitheka; 19kwaziwa yibo bonke abakhileyo eJerusalema, yaze yaqanjwa leyo nsimu ngolimi lwakubo ngokuthi i-Akeldama, okungukuthi iNsimu Yegazi.

20Ngokuba kulotshiwe eNcwadini yamaHubo ukuthi:

“Umuzi wakhe mawube yihlane,

kungabikho ohlala kuwo,”

nokuthi:

“Isikhundla sakhe asithathwe ngomunye.”

21“Ngakho kulawo madoda ayehamba nathi isikhathi sonke, lapho iNkosi uJesu ingena, iphuma phakathi kwethu, 22kuqalela embhapathizweni kaJohane kwaze kwaba lusuku akhushulwa ngalo kithi, kumelwe ukuba enye kuwo ibe ngufakazi kanye nathi ngokuvuka kwakhe.”

23Base bemisa ababili, uJosefa othiwa uBarsaba, othiwa futhi uJustu, kanye noMathiya. 24Base bekhuleka bethi: “Wena Nkosi, owazi izinhliziyo zabantu bonke, ake ukhombe omunye kulaba ababili omkhethileyo 25ukuba athathe isikhundla sale nkonzo nobuphostoli aphambuka kuso uJuda ukuya endaweni yakhe.” 26Base bebenzela inkatho; yadla uMathiya; wabalwa kanye nabaphostoli abayishumi nanye.

IzEnzo 2

Ukuthululwa kukaMoya oNgcwele

1Kwathi sekufikile usuku lwePhentekoste, bonke babebuthene ndawonye. 2Ngokungazelelwe kwavela ezulwini inhlokomo kwangathi eyokuvunguza komoya onamandla; yona yagcwalisa indlu yonke ababehlezi kuyo. 3Kwase kubonakala kubo izilimi ezahlukeneyo kungathi ezomlilo; zahlala phezu kwalowo nalowo kubo. 4Base begcwala bonke uMoya oNgcwele, baqala ukukhuluma ngezinye izilimi, njengalokho uMoya wabapha ukuphumisela.

5Kepha kwakukhona abaJuda abakhile eJerusalema, amadoda akholwayo, evela ezizweni zonke eziphansi kwezulu; 6kwathi kuzwakele lowo mdumo, uquqaba lwabuthana, lwaphithiza, ngokuba kwaba yilowo nalowo wabezwa bekhuluma ngolimi lwakubo. 7Bethuka, bamangala bathi: “Bheka, bonke laba abakhulumayo abasibo abaseGalile na? 8Yini, pho, ukuba sonke ngabanye sizwe ngolimi lwakithi esazalwa nalo na? 9AmaParte, namaMede, nama-Elamithi, nabakhile eMesopotamiya, naseJudiya, naseKhaphadosiya, nasePontu, nase-Asiya, 10naseFrigiya, nasePhamfiliya, naseGibithe, nasezweni laseLibiya ngaseKhurene, nezihambi zaseRoma, 11nabaJuda namaproselite,* abaseKrethe nabase-Arabiya, siyabezwa bekhuluma ngezilimi zakithi ngemisebenzi emikhulu kaNkulunkulu.” 12Bonke bamangala, basambatheka, bathi omunye komunye: “Kuthini lokhu na?”

13Kepha abanye bebabhuqa bathi: “Bagcwele iwayini elimnandi.”

Intshumayelo kaPetru

14Wayesesukuma uPetru nabayishumi nanye, waphakamisa izwi lakhe, waphumisela wathi kubo:

“Madoda akwaJuda nani nonke enakhileyo eJerusalema, makwazeke lokhu kini, nibeke indlebe emazwini ami. 15Ngokuba laba kabadakiwe njengokucabanga kwenu, lokhu kuseyihora lesithathu lemini; 16kodwa lokhu kuyikho okwakhulunywa ngomprofethi uJoweli ukuthi:

17“ ‘Kuyakuthi ezinsukwini zokuphela, kusho uNkulunkulu,

ngiyakuthulula uMoya wami

phezu kwayo yonke inyama;

amadodana enu namadodakazi enu ayakuprofetha,

izinsizwa zenu zibone imibono,

abadala benu baphuphe amaphupho;

18yebo, naphezu kwezinceku zami

nezincekukazi zami

ngiyakuthulula uMoya wami ngaleyo mihla,

ziyakuprofetha.

19Ngiyakuveza izimangaliso ezulwini phezulu

nezibonakaliso emhlabeni phansi,

igazi, nomlilo, nokuthunqa komusi.

20Ilanga liyakuphenduka ubumnyama,

inyanga ibe yigazi,

lungakafiki usuku olukhulu

noluqhamileyo lweNkosi.

21Kuyakuthi yilowo nalowo

obiza igama leNkosi uyakusindiswa.’

22“Madoda akwa-Israyeli, zwanini lawa mazwi: UJesu waseNazaretha, indoda efakazelwe nguNkulunkulu phambi kwenu ngemisebenzi yamandla nangezimangaliso nangezibonakaliso uNkulunkulu azenza ngaye phakathi kwenu, njengalokhu nazi nina uqobo lwenu, 23yena lo, esenikelwe ngesu elimisiweyo nangokwaziphambili kukaNkulunkulu, nambethela ngezandla zabangenamthetho, nambulala; 24lowo uNkulunkulu wamvusa ethukulula iminjunju yokufa, lokhu kwakungenakwenzeka ukuba abanjwe yikho. 25Ngokuba uDavide uthi ngaye:

“ ‘Ngayibona iNkosi phambi kwami njalo,

ngokuba ingakwesokunene sami,

ukuze nginganyakaziswa.

26Ngalokho inhliziyo yami iyajabula,

nolimi lwami luyethaba;

ngisho nenyama yami iyakuhlala

ngokwethemba.

27Ngokuba awuyikushiya umphefumulo wami eHayidese,*

futhi awuyikuvuma oNgcwele wakho

abone ukubola.

28Wangazisa izindlela zokuphila;

uyakungigcwalisa ngokujabula ebusweni bakho.’

29“Madoda, bazalwane, ake ngikhulume kini ngokusobala ngokhokho uDavide ukuthi wafa, nokuthi wembelwa, nokuthi ithuna lakhe lisekhona kithi nanamuhla. 30Ngakho lokhu engumprofethi, ekwazi ukuthi uNkulunkulu wayefungile kuye ngesifungo ukuthi enzalweni yokhalo lwakhe uyakubeka omunye esihlalweni sakhe sobukhosi, 31ebona kuse phambili, wakhuluma ngokuvuka kukaKristu ukuthi akashiywanga eHayidese,* nenyama yakhe ayibonanga ukubola. 32UJesu lo uNkulunkulu wamvusa, esingofakazi bakho thina sonke; 33ngakho ephakanyiselwe ngakwesokunene sikaNkulunkulu, esamukele kuYise isithembiso sikaMoya oNgcwele, wakuthulula lokhu enikubonayo nenikuzwayo. 34Ngokuba uDavide akenyukelanga ezulwini, kepha yena uthi: ‘INkosi yathi eNkosini yami: “Hlala ngakwesokunene sami, 35ngize ngibeke izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho.” ’

36“Ngakho indlu yonke yakwa-Israyeli mayazi impela ukuthi uNkulunkulu umenzile iNkosi noKristu uJesu lo enambethela nina esiphambanweni.”

Ukuphenduka nokubhapathizwa kwaba yizinkulungwane ezintathu

37Sebekuzwa bahlabeka enhliziyweni, bathi kuPetru nakwabanye abaphostoli: “Madoda, bazalwane, siyakwenze njani na?”

38UPetru wayesethi: “Phendukani, yilowo nalowo abhapathizwe egameni likaJesu Kristu kukho ukuthethelelwa kwezono zenu; khona niyakwamukeliswa isiphiwo sikaMoya oNgcwele. 39Ngokuba isithembiso ngesenu nesabantwana benu, esabo bonke abakude, bonke iNkosi uNkulunkulu wethu eyakubabiza.”

40Wafakaza nangamanye amazwi amaningi, wabayala wathi: “Zisindiseni kulesi sizukulwane esiphambeneyo.” 41Ngakho abalamukeleyo izwi lakhe babhapathizwa, kwenezelwa ngalowo muhla abantu kungathi izinkulungwane ezintathu.

Ibandla laseJerusalema

42Baqinisela njalo esifundisweni sabaphostoli, nasekuhlanganeni, nasekuhlephuleni isinkwa, nasemikhulekweni. 43Kepha kwaba yilowo nalowo muntu wehlelwa ngukwesaba; kwenziwa ngabaphostoli izimangaliso nezibonakaliso eziningi. 44Bonke abakholwayo babe ndawonye, bahlanganyela izinto zonke; 45bathengisa ngemfuyo nangempahla, babela bonke ngayo njengokuswela kwabo. 46Imihla ngemihla baqinisela nganhliziyonye ethempelini, bahlephula isinkwa ekhaya, badla ukudla kwabo ngentokozo nangobumhlophe benhliziyo, 47bemdumisa uNkulunkulu, bethandeka kubantu bonke. INkosi yenezela ebandleni imihla ngemihla abasindiswayo.

IzEnzo 3

UPetru uphilisa umuntu oyisishosha

1UPetru noJohane bakhuphukela ethempelini ngehora lokukhuleka, elesishiyagalolunye. 2Kwase kulethwa indoda ethile eyisishosha kwasesiswini sikanina, ababeyibeka imihla ngemihla ngasemnyango wethempeli othiwa Omuhle ukuba icele ukwabelwa izipho kwabangenayo ethempelini. 3Kwathi ukuba abone oPetru noJohane bezakungena ethempelini, wacela ukwabelwa isipho. 4Kepha uPetru wamgqolozela kanye noJohane, wathi: “Sibheke!” 5Wayesebabheka ethemba ukuba amukele utho kubo.

6Kodwa uPetru wathi: “Isiliva negolide anginalo; kepha lokho enginakho ngikupha khona: egameni likaJesu Kristu waseNazaretha, hamba.” 7Wayesembamba ngesandla sokunene, wamsukumisa; kwaqina masinyane izinyawo zakhe namaqakala, 8egxuma, wema, wahamba, wangena nabo ethempelini, ehamba, egxuma, emdumisa uNkulunkulu. 9Abantu bonke bambona ehamba, edumisa uNkulunkulu. 10Kepha base bemazi ukuba nguyena owayehlalela ukuphiwa ngaseMnyango Omuhle wethempeli, behlelwa ngukwesaba nokumangala ngokwenzakele kuye.

UPetru ukhuluma ngoKristu ukuthi uyiNkosi yokuphila

11Esabambelele koPetru noJohane, bonke abantu bagijimela kubo emphemeni othiwa okaSolomoni, besaba kakhulu. 12Khona uPetru ebona lokho wathatha wathi kubantu: “Madoda akwa-Israyeli, nimangalelani ngalona, nisigqolozelelani ngokungathi simenze ukuba ahambe ngawethu amandla nangokwethu ukukholwa na? 13UNkulunkulu ka-Abrahama noka-Isaka nokaJakobe, uNkulunkulu wawobaba bethu uyidumisile iNceku yakhe uJesu enayikhaphela, nayiphika ebusweni bukaPilatu, yena esenqumile ukuyikhulula; 14kepha nina namphika oNgcwele noLungileyo, nacela ukuba niphiwe ongumbulali, 15nayibulala iNkosi yokuphila ayivusayo uNkulunkulu kwabafileyo, esingofakazi bakho thina. 16Ngokukholwa egameni layo lo enimbonayo nenimaziyo igama layo lamenza aqine, nokukholwa okungayo kumnike le mpilo phambi kwenu nonke.

17“Kalokhu, bazalwane, ngiyazi ukuthi nenza lokho ngokungazi njengabo ababusi benu. 18Kepha lokho uNkulunkulu akumemezela ngaphambili ngomlomo wabaprofethi bonke ukuthi uKristu wakhe uyakuhlupheka, ukugcwalisile kanje. 19Ngalokhu phendukani, niguquke ukuba kuhlangulwe izono zenu, 20ukuze kufike izikhathi zokuhlunyelelwa ezivela ebusweni beNkosi nokuba ithume uKristu Jesu enimmiselweyo, 21okumelwe ukuba izulu limamukele, kuze kube yizikhathi zokubuyiselwa kwakho konke uNkulunkulu akhuluma ngakho ngomlomo wabaprofethi bakhe abangcwele, kusukela kwaphakade. 22UMose kambe wathi: ‘INkosi uNkulunkulu iyakunivusela umprofethi kubazalwane benu njengami, niyakumlalela kukho konke azakukukhuluma kini. 23Kuyakuthi wonke umuntu ongayikumlalela lowo mprofethi uyakuchithwa kubantu.’

24“Yebo, nabaprofethi bonke, kusukela kuSamuweli nabalandelayo, bonke abakhulumileyo, bamemezela lezo zinsuku. 25Nina ningamadodana abaprofethi nawesivumelwano uNkulunkulu asenzayo nawoyihlo, ethi ku-Abrahama: ‘Ngenzalo yakho iyakubusiswa imindeni yonke yomhlaba.’ 26UNkulunkulu eseyivusile iNceku yakhe wayithumela kini kuqala ukunibusisa ngokuniguqula, kube yilowo nalowo kini ebubini bakhe.”

IzEnzo 4

Ukuboshwa kukaPetru noJohane, nokuma kwabo phambi komphakathi wabaJuda

1Kepha besakhuluma kubantu, abapristi nenduna yethempeli nabaSadusi babafikela, 2benengwa ngukufundisa kwabo abantu nokumemezela ngoJesu ukuvuka kwabafileyo, 3bababamba, babafaka etilongweni kwaze kwaba kusasa, ngokuba kwase kuhlwile. 4Kepha abaningi kwabezwayo izwi bakholwa; umumo wamadoda waba kungathi izinkulungwane eziyisihlanu.

5Kwathi ngangomuso kwabuthana eJerusalema ababusi namalunga nababhali babo, 6no-Anase umpristi omkhulu, noKayafase, noJohane, no-Aleksandru, nabo bonke abendlu yompristi omkhulu, 7babamisa phakathi kwabo, bababuza bathi: “Lokho nikwenze ngamaphi amandla nangaliphi igama na?”

8Khona uPetru egcwele uMoya oNgcwele wathi kubo: “Nina babusi bezizwe namalunga, 9nxa sibuzwa namuhla ngomsebenzi omuhle kumuntu ogulayo ukuthi yena usindiswe ngani, 10makwazeke kini nonke nasesizweni sonke sakwa-Israyeli ukuthi ngegama likaJesu Kristu waseNazaretha enambethela esiphambanweni, amvusayo uNkulunkulu kwabafileyo, ngaye umi lo muntu phambi kwenu esindile. 11Yena uyitshe eladelelwa yinina bakhi, eselaba yinhloko yegumbi.

12“Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba alikho futhi elinye igama phansi kwezulu elinikiwe ebantwini, esimelwe ukusindiswa ngalo.”

13Kwathi bebona isibindi sikaPetru noJohane, beqonda ukuthi bangabantu abangafundile, bayimifunda nje, bamangala; babazi ukuthi kade benoJesu; 14kepha bebona umuntu ophilisiweyo emi nabo, babengenakuphika lutho. 15Kodwa sebebayalile ukuba baphume emphakathini balulekana bodwa, 16bathi: “Sizakubenzani laba bantu na? Ngokuba kusobala kubo bonke abakhileyo eJerusalema ukuthi isibonakaliso esiqhamileyo senziwe yibo, asinakukuphika. 17Kodwa ukuze kungabe kusanda phakathi kwabantu, asibalaye, bangabe besakhuluma kumuntu namunye ngalelo gama.”

18Base bebabiza, babayala ngokuthi bangakhulumi, bangafundisi nakanye ngegama likaJesu. 19Kepha oPetru noJohane baphendula, bathi kubo: “Nqumani nina ukuba kulungile yini ebusweni bukaNkulunkulu ukulalela nina kunoNkulunkulu, 20ngokuba thina asinakuyeka ukukhuluma ngalokho esikubonileyo nesikuzwileyo.”

21Khona sebebalayile futhi babayeka, bengafumananga ukuthi bangabajezisa kanjani ngenxa yabantu, ngokuba bonke bedumisa uNkulunkulu ngalokho okwenzekileyo; 22ngokuba umuntu esenziwe kuye leso sibonakaliso sokuphulukiswa wayeneminyaka eve emashumini amane.

Ukukhuleka kwebandla

23Sebeyekiwe baya kwabakubo, babika konke abapristi abakhulu namalunga abekushilo kubo. 24Bona sebezwile baphakamisa izwi kuNkulunkulu nganhliziyonye, bathi: “Somandla, wena owenza izulu, nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho, 25owasho ngoMoya oNgcwele ngomlomo kababa uDavide inceku yakho ukuthi:

“ ‘Kungani ukuba abezizwe baxokozele,

nabantu bacebe okuyize, na?

26Amakhosi omhlaba aqhelile,

nababusi bayihlanganyele

iNkosi noGcotshiweyo wayo.’

27“Ngokuba ngempela oHerode, noPontiyu Pilatu, kanye nabezizwe, nabantu bakwa-Israyeli bayihlanganyela kulo muzi iNceku yakho engcwele uJesu owamgcobayo 28ukuzakukwenza lokho okumiswe ngaphambili yisandla necebo lakho ukuba kwenzeke. 29Manje-ke, Nkosi, bheka ukusongela kwabo, unike izinceku zakho ukuba zikhulume izwi lakho ngaso sonke isibindi 30ngokwelula isandla sakho ukuphulukisa, kwenziwe izibonakaliso nezimangaliso ngegama leNceku yakho engcwele uJesu.”

31Kwathi sebekhulekile, kwazanyazanyiswa indawo lapho bebebuthene khona, bagcwaliswa bonke nguMoya oNgcwele, bakhuluma izwi likaNkulunkulu ngesibindi.

Ukuhlanganyela kwebandla izinto zonke

32Isixuku sabakholwayo sasinhliziyonye nomphefumulo munye; akwabakho noyedwa owasho ngezimpahla zakhe ukuthi ngezakhe, kodwa bakuhlanganyela konke. 33Abaphostoli baveza ngamandla amakhulu ubufakazi ngokuvuka kweNkosi uJesu; umusa omkhulu wawuphezu kwabo bonke. 34Kwakungekho oswelayo phakathi kwabo; ngokuba bonke ababengabanikazi bamazwe noma bezindlu bathengisa ngakho, baletha imali yalokho abathengise ngakho, 35bayibeka ngasezinyaweni zabaphostoli; kwaba yilowo nalowo wabelwa njengokuswela kwakhe.

36Kwathi uJosefa owathiwa ngabaphostoli uBarnaba, okungukuthi ngokuhunyushwa indodana yenduduzo, umLevi waseKhupro ngokuzalwa, 37enensimu, wathengisa ngayo, waletha imali, wayibeka ngasezinyaweni zabaphostoli.

IzEnzo 5

O-Ananiya noSafira

1Kepha indoda ethile, igama layo lingu-Ananiya, inoSafira umkayo, yathengisa ngendawo; 2yagodla inxenye yemali, nomkayo ekwazi, yaletha inxenye ethile, yayibeka ngasezinyaweni zabaphostoli.

3Wayesethi uPetru: “Ananiya, kungani ukuba uSathane agcwalise inhliziyo yakho, uqambe amanga kuMoya oNgcwele, ugodle inxenye yemali yezwe, na? 4Lisekhona belingesilo elakho na? Selithengisiwe belingekho emandleni akho na? Uyibekeleni leyo nto enhliziyweni yakho na? Awuqambanga amanga kubantu kepha kuNkulunkulu.”

5Kuthe u-Ananiya ezwa lawo mazwi, wawa phansi, wafa, ukwesaba okukhulu kwehlela bonke abezwa lokho. 6Izinsizwa zasuka, zamsongelezela, zamkhiphela phandle, zammbela.

7Kwathi emva kwesikhathi esingaba ngamahora amathathu kwangena nomkakhe, engakwazi okwenzakeleyo. 8UPetru wayesethatha ethi: “Ngitshele ukuba izwe nilithengise ngokungaka na?”

Wathi: “Yebo, ngokungaka.”

9Kepha uPetru wathi kuye: “Kungani ukuba nivumelene ngokulinga uMoya weNkosi na? Bheka, izinyawo zabambele indoda yakho zisemnyango, nawe bazakukukhiphela phandle.”

10Wayesewa phansi masinyane ngasezinyaweni zakhe, wafa; izinsizwa zangena, zamfumana efile, zamkhiphela phandle, zammbela ngasendodeni yakhe. 11Ukwesaba okukhulu kwalehlela ibandla lonke nabo bonke abezwa lokho.

Izimangaliso zabaphostoli

12Kwenziwa izimangaliso nezibonakaliso eziningi ebantwini ngezandla zabaphostoli; bonke babe nhliziyonye besemphemeni kaSolomoni. 13Kepha kwabanye akwabakho owayenesibindi sokuzihlanganisa nabo, kepha abantu babebazisa kakhulu; 14benezelwa kakhulu abakholwa yiNkosi, abaningi nabesilisa nabesifazane, 15ngangokuba bakhiphela phandle emigwaqweni abagulayo, bababeka emacansini nasezinhlakeni, kuze kuthi lapho eza uPetru, isithunzi nje sakhe sisithibeze abanye kubo. 16Kwabuthana nesixuku esivela emizini ezungeze iJerusalema, beletha abagulayo nabakhathazwa ngawomoya abangcolileyo; baphulukiswa bonke.

IzEnzo 1:1-5:16ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU