Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 298

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

NgokukaLuka 21

Umnikelo womfelokazi

1Kwathi ebheka, wabona abacebileyo bebeka iminikelo yabo emphongolweni womnikelo. 2Wabona nomfelokazi othile ompofu ebeka khona amafadingi* amabili; 3wathi: “Ngiqinisile ngithi kini: Lo mfelokazi ompofu ubeke okuningi kunabo bonke. 4Ngokuba bonke laba babeka eminikelweni kokuchichimileyo kwabo, kepha yena ebumpofini bakhe ubeke konke abephila ngakho.”

Ukuchithwa kweJerusalema nokufika kweNdodana yomuntu

5Besakhuluma abanye ngethempeli ukuthi lihlotshiswe ngamatshe amahle nangezipho, wathi kubo: 6“Kuyakufika izinsuku, lapho kungayikushiywa kulokhu enikubonayo itshe phezu kwetshe elingayikudilizelwa phansi.”

7Base bembuza bethi: “Mfundisi, lokhu kuyakuba nini na? Nesibonakaliso siyakuba yini, lapho sekuyakwenzeka lokhu, na?”

8Wathi: “Qaphelani ningadukiswa, ngokuba kuyakuza abaningi ngegama lami, bathi: ‘Nginguye;’ bathi futhi: ‘Isikhathi sesisondele;’ maningabalandeli. 9Nxa nizwa ngezimpi neziyaluyalu, ningethuki, ngokuba kumelwe ukuba kwenzeke lokho kuqala, kepha ukuphela akukabikho masinyane.”

10Khona wathi kubo: “Isizwe siyakuvukela isizwe, nombuso uvukele umbuso; 11kuyakuba khona ukuzamazama okukhulu komhlaba, nobhici, nendlala izindawo ngezindawo, kube khona izinto ezesabekayo nezibonakaliso ezinkulu ezivela ezulwini.

12“Kepha ngaphambi kwakho konke lokho bayakunibamba, banizingele, banikhaphele emasinagogeni* nasematilongweni, baniyise phambi kwamakhosi nababusi ngenxa yegama lami. 13Kuyakunehlela kube ngubufakazi. 14Ngakho kugcineni ezinhliziyweni zenu ukuba ningazindli ngaphambili eniyakuziphendulela ngakho; 15ngokuba mina ngiyakuninika umlomo nokuhlakanipha abangemelane nakho, bakuphike, bonke abayimpi kini. 16Yebo, niyakukhashelwa nangabazali, nabafowenu, nezihlobo, nabangane; abanye benu bayakubulawa yibo. 17Niyakuzondwa yibo bonke ngenxa yegama lami. 18Akuyikulahleka nalunwele lwekhanda lenu. 19Ngokukhuthazela kwenu niyakuzuza imiphefumulo yenu.

20“Kepha nxa nibona iJerusalema lihaqiwe yizimpi, yazini ukuthi sekusondele ukuchithwa kwalo. 21Khona abaseJudiya mababalekele ezintabeni, abaphakathi kwalo baphume, abasemaphandleni bangangeni kulo. 22Ngokuba lezi ziyizinsuku zempindiselo ukuba kugcwaliseke konke okulotshiweyo. 23Maye kwabakhulelweyo nabancelisayo ngalezo zinsuku! Ngokuba kuyakuba khona ukuhlupheka okukhulu emhlabeni nentukuthelo phezu kwalesi sizwe. 24Bayakuwa bedliwa yinkemba, bathunjelwe ezizweni zonke; iJerusalema liyakunyathelwa phansi ngabezizwe, kuze kugcwaliseke izikhathi zabezizwe.

25“Kuyakuba khona izibonakaliso elangeni nasenyangeni nasezinkanyezini; nasemhlabeni usizi luyakwehlela izizwe, zixakeke ngokuduma kolwandle namaza, 26abantu baphele amandla ngokwesaba nangokubheka okuvelela umhlaba ngokuba amandla ezulu ayakunyakaziswa. 27Khona bayakuyibona iNdodana yomuntu iza efwini, inamandla nenkazimulo enkulu. 28Kepha nxa kuqala ukuvela lokho, lulamani, niphakamise amakhanda enu, ngokuba kusondele ukukhululwa kwenu.”

29Wabalandisa umfanekiso wokuthi: “Bhekani umkhiwane nemithi yonke. 30Nxa isihluma, niyabona, nazi ngokwenu ukuthi ihlobo seliseduze. 31Kanjalo nani, nxa nibona lezo zinto zenzeka, yazini ukuthi umbuso kaNkulunkulu useduze.

32“Ngiqinisile ngithi kini: Lesi sizukulwane asiyikudlula, kungakenzeki konke. 33Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awasoze adlula.

34“Xwayani ukuba izinhliziyo zenu zingasindwa ngukuminza nokudakwa nokunaka okwalokhu kuphila, lunizume lolo suku ningazelele, 35ngokuba luyakufika njengogibe phezu kwabo bonke abahlezi emhlabeni wonke. 36Ngakho lindani ngesikhathi sonke, nikhuleke ukuba nibe namandla okuphepha kukho konke lokhu okuyakwenzeka nawokuma phambi kweNdodana yomuntu.”

37Njalo wayefundisa ethempelini emini, kepha kusihlwa wayephuma ayokulala entabeni ethiwa eyemiNqumo. 38Ekuseni abantu bonke beza kuye ethempelini ukumuzwa.

NgokukaLuka 22

Iwundlu lePhasika

1Kwasondela umkhosi wesinkwa esingenamvubelo othiwa iPhasika. 2Abapristi abakhulu nababhali bafuna ukuba bangambulala kanjani; ngokuba babesaba abantu.

Umvuzo wokumkhaphela uJesu

3Kepha uSathane wangena kuJuda othiwa u-Iskariyothe engowabayishumi nambili. 4Wasuka wakhuluma nabapristi abakhulu nezinduna ngokuthi angamkhaphela kanjani kubo. 5Bathokoza, bavumelana naye ukumnika imali. 6Wavuma-ke, waze wafuna ithuba lokumkhaphela kubo, singekho isixuku.

Ukumiswa kwesidlo esingcwele

7Lwase lufika usuku lwesinkwa esingenamvubelo okumelwe ukuba kuhlatshwe ngalo iphasika. 8Wathuma oPetru noJohane, wathi: “Hambani niye ukusilungisela iphasika ukuba sidle.”

9Bathi kuye: “Uthanda ukuba sikulungiselephi na?”

10Wathi kubo: “Bhekani, seningene emzini niyakuhlangana nomuntu othwele imbiza yamanzi; mlandeleni, niye endlini angena kuyo, 11nize nithi kumninindlu: ‘Uthi uMfundisi kuwe: Liphi ikamelo lokungenisa, lapho ngingadlela khona iphasika nabafundi bami, na?’ 12Lowo-ke uzakunikhombisa ikamelo elikhulu eliphezulu, elendlelweyo; lungiselani lapho.”

13Basuka, bafumana kunjengokusho kwakhe kubo; base belungisa iphasika.

14Kwathi ukuba kufike isikhathi, wahlala phansi, nabaphostoli kanye naye. 15Wayesethi kubo: “Nginxanele nokunxanela ukudla nani leli phasika ngingakahlupheki. 16Ngokuba ngithi kini: Angisayikulidla ngempela lize ligcwaliseke embusweni kaNkulunkulu.”

17Wamukela isitsha, wabonga wathi: “Thabathani lokhu, nabelane; 18ngokuba ngithi kini kusukela manje angisayikuphuza okwesithelo somvini, uze ufike umbuso kaNkulunkulu.”

19Wayesethabatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, wabanika, wathi: “Lokhu kungumzimba wami onikelwa nina; yenzani lokhu ukuba ningikhumbule.”

20Kanjalo-ke nesitsha emva kokudla, ethi: “Lesi sitsha siyisivumelwano esisha egazini lami elithululelwa nina. 21Kepha bhekani, isandla songikhaphelayo sinami etafuleni. 22Ngokuba iNdodana yomuntu isihamba njengokumisiweyo, kepha maye kulowo muntu ekhashelwa ngaye!” 23Base beqala ukubuzana bodwa ukuthi kungase kube ngubani kubo ozakukwenza lokho.

24Kwavela nokuphikisana phakathi kwabo kokuthi ngumuphi kubo ongathiwa omkhulu. 25Wayesethi kubo: “Ababusi bezizwe bazenza amakhosi phezu kwazo, neziphathimandla zazo zithiwa abazenzela okuhle. 26Kepha nina aninjalo; kodwa omkhulu kini makabe njengomncinyane, nobusayo makabe njengokhonzayo. 27Ngokuba ngumuphi omkhulu, ohlezi ekudleni noma okhonzayo, na? Akusiye ohlezi ekudleni na? Kepha mina ngiphakathi kwenu njengokhonzayo. 28Nina-ke ningababekhuthazela nami ekulingweni kwami; 29nanjengokuba uBaba engimisele umbuso, nami nginimisela wona 30ukuba nidle, niphuze etafuleni lami embusweni wami; niyakuhlala ezihlalweni zobukhosi, nahlulele izizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli.

USimoni Petru uyaxwayiswa

31“Simoni, Simoni, bheka, uSathane unifunile ukuba anihlunge njengokolweni; 32kepha mina ngikunxusele ukuba ukukholwa kwakho kungapheli; wena-ke, nxa usuphendukile, uqinise abafowenu.”

33Wathi kuye: “Nkosi, ngilungele ukuya nawe nasetilongweni nasekufeni.”

34Wayesethi: “Ngiyakutshela, Petru, ukuthi iqhude aliyikukhala namhlanje, ungakangiphiki kathathu ukuthi awungazi.”

35Wathi kubo: “Mhla nginithuma ningenasikhwama, nayika, nazicathulo, naswela utho na?”

Bathi: “Lutho.”

36Wayesethi kubo: “Kepha manje onesikhwama kasithathe, neyika futhi; oswelayo kathengise ngengubo yakhe, athenge inkemba. 37Ngokuba ngithi kini: Kumelwe ukugcwaliseka kimi lokho okulotshiweyo kokuthi: ‘Wabalwa kanye nezelelesi;’ ngokuba okuqondene nami sekuyaphelela.”

38Base bethi: “Nkosi, bheka, nazi izinkemba ezimbili.”

Wathi kubo: “Kwanele.”

EGetsemane

39Wayesephuma, waya eNtabeni Yeminqumo njengomkhuba wakhe, nabafundi bakhe bamlandela. 40Esefikile endaweni wathi kubo: “Khulekani ukuba ningangeni ekulingweni.” 41Wamonyuka kubo kungathi ibanga lokuphonsa itshe, waguqa phansi, wakhuleka, 42wathi: “Baba, uma uthanda, susa lesi sitsha kimi; nokho makungenziwa intando yami kodwa eyakho.” 43Kwabonakala kuye ingelosi ivela ezulwini, imqinisa. 44Esosizini olunzima wakhuleka eqinisela, izithukuthuku zakhe zaba njengamathonsi egazi, aconsela emhlabathini.

45Esesukume ekukhulekeni weza kubafundi bakhe, wabafumana belele ngokudabuka. 46Wathi kubo: “Nilaleleni na? Vukani nikhuleke ukuba ningangeni ekulingweni.”

Ukuboshwa kukaJesu

47Esakhuluma, bheka, kwafika isixuku; naye othiwa uJuda, omunye wabayishumi nambili, wayehamba phambi kwabo, wasondela kuJesu ukumanga. 48Kepha uJesu wathi kuye: “Juda, uyayikhaphela iNdodana yomuntu ngokuyanga na?”

49Kuthe ababengakuye sebebona okuzakwenzeka, bathi: “Nkosi, sigadle ngenkemba na?” 50Omunye othile kubo wayigadla inceku yompristi omkhulu, wayinquma indlebe yokunene.

51Kepha uJesu wathatha wathi: “Musani; sekwanele.” Wayiphatha indlebe, wayipholisa.

52Wathi uJesu kubapristi abakhulu, nezinduna zethempeli, namalunga ababeze kuye: “Niphumile kungathi nize kumphangi niphethe izinkemba nezinduku. 53Benginani imihla ngemihla ethempelini, anelulanga zandla kimi; kepha lokhu kuyihora lenu namandla obumnyama.”

Ukuphika kukaPetru

54Base bembamba, bamuka naye, bamusa endlini yompristi omkhulu. UPetru walandela ekude. 55Sebebasile umlilo phakathi egcekeni bahlala phansi ndawonye; uPetru wahlala phakathi kwabo. 56Intombazana ethile, imbona ehlezi ngasemlilweni, yamgqolozela yathi: “Nalona ube naye.”

57Kepha waphika, wathi: “Sifazane, angimazi.”

58Emva kwesikhashana omunye wambona, wathi: “Nawe ungomunye wabo.”

Kepha uPetru wathi: “Muntundini, angisiye.”

59Sekudlulile okungathi ihora linye, omunye umuntu waqinisa wathi: “Impela nalona ube naye, ngokuba futhi ungowaseGalile.”

60Kepha uPetru wathi: “Muntundini, angikwazi ukuthi uthini.” Masinyane esakhuluma, lakhala iqhude. 61INkosi yayisiphenduka, yambheka uPetru. UPetru walikhumbula izwi leNkosi, njengokuba ithe kuye: “Iqhude lingakakhali namhlanje, uzakungiphika kathathu.” 62Waphumela phandle, wakhala kamunyu.

UJesu uphathwa kabi egcekeni lompristi omkhulu, alahlwe

63Amadoda abembambile uJesu ambhinqa emshaya. 64Ammboza ubuso, ambuza ethi: “Profetha ukuthi ngubani okushayileyo na?” 65Nokunye okuningi akukhuluma kuye emthuka.

66Kwathi sekusile, kwabuthana amalunga abantu nabapristi abakhulu nababhali, bamyisa emphakathini wabo, 67bathi: “Uma unguKristu, sitshele.”

Wathi kubo: “Uma nginitshela, anisoze nakholwa; 68noma ngibuza, anisoze naphendula. 69Kepha kusukela manje iNdodana yomuntu izakuhlala ngakwesokunene samandla kaNkulunkulu.”

70Base bethi bonke: “Kanti uyiNdodana kaNkulunkulu na?”

Wathi kubo: “Nisho khona, ngokuba ngiyiyo.”

71Bathi: “Pho, sisaswele bufakazi na? Ngokuba sesizwile uqobo lwethu ngomlomo wakhe.”

NgokukaLuka 21:1-22:71ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU