Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 290

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

NgokukaLuka 6

UJesu uchachisa umyalelo wesabatha

1Kwathi ngesabatha wadabula amasimu; abafundi bakhe bakha izikhwebu, badla bezihlikihla ngezandla. 2Kepha abathile babaFarisi bathi: “Nenzelani lokho okungavunyelwe ngesabatha na?”

3UJesu ebaphendula wathi: “Anifundanga yini ngalokho akwenza uDavide mhla elambile yena nababe naye 4ukuthi wangena endlini kaNkulunkulu, wathatha izinkwa zokubukwa ezingavunyelwe ukudliwa muntu, ngabapristi bodwa, wadla, wanika nababe naye, na?” 5Wathi kubo: “INdodana yomuntu iyiNkosi neyesabatha.”

UJesu uphilisa ngesabatha

6Kwathi-ke ngelinye isabatha wangena esinagogeni,* wafundisa. Kwakukhona umuntu lapho osandla sakhe sokunene sasishwabene. 7Ababhali nabaFarisi bamqaphelisisa ukuthi uyaphilisa yini ngesabatha, ukuze bathole ukumbeka icala. 8Kepha wazazi izizindlo zabo wathi kuyo indoda esandla sishwabene: “Sukuma, ume phakathi.” Wasukuma-ke, wema.

9UJesu wathi kubo: “Ngiyanibuza ukuthi kuvunyelwe ngesabatha ukwenza okuhle noma okubi yini, ukusindisa umuntu noma ukumbulala, na?”

10Esebaqalazile bonke wathi kuye: “Yelula isandla sakho.” Wenze njalo-ke saze saphiliswa isandla sakhe. 11Base begcwala ukuhlanya, bakhuluma bodwa ngokuthi bangamenze njani uJesu.

Ukukhethwa kwabaphostoli

12Kwathi ngalezo zinsuku waphuma waya entabeni ukuyokhuleka; wahlala ubusuku bonke ekhuleka kuNkulunkulu. 13Kwathi sekusile, wababiza abafundi bakhe, wakhetha kubo abayishumi nambili, wabaqamba ngokuthi abaphostoli: 14uSimoni owamqamba ngokuthi uPetru, no-Andreya umfowabo, noJakobe, noJohane, noFiliphu, noBartolomewu, 15noMathewu, noTomase, noJakobe ka-Alfewu, noSimoni othiwa isishisekeli, 16noJuda kaJakobe, noJuda Iskariyothe owaba ngumkhapheli.

17Khona wehla nabo, wema endaweni eyithafa kanye nesixuku esikhulu sabafundi bakhe noquqaba lwabantu abavela kulo lonke laseJudiya, naseJerusalema, nangaselwandle lwaseTire neSidoni, 18ababezile ukumuzwa nokuphulukiswa ezifweni zabo; nababekhathazwa ngawomoya abangcolileyo baphulukiswa. 19Isixuku sonke safuna ukumthinta, ngokuba kwakuphuma kuye amandla abaphilisa bonke.

Intshumayelo yasentabeni

20Wayesephakamisela amehlo akhe ngakubafundi bakhe, wathi:

“Nibusisiwe nina bampofu,

ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowenu.

21Nibusisiwe nina balambileyo kalokhu,

ngokuba niyakusuthiswa.

Nibusisiwe nina bakhalayo kalokhu,

ngokuba niyakuhleka.

22Nibusisiwe, nxa abantu benizonda

nanxa benicwasa, benithuka,

belilahla igama lenu ngokungathi libi

ngenxa yeNdodana yomuntu.

23“Thokozani ngalolo suku, nigxume; ngokuba bhekani, umvuzo wenu mkhulu ezulwini; ngokuba oyise babo benze njalo kubaprofethi.

24“Kepha maye kinina bacebileyo,

ngokuba niyamukele induduzo yenu!

25Maye kinina basuthiyo kalokhu,

ngokuba niyakulamba!

Maye kinina bahlekayo kalokhu,

ngokuba niyakulila, nikhale!

26Maye kinina,

nxa abantu bonke bekhuluma kahle ngani,

ngokuba oyise babo benze njalo kubaprofethi bamanga!

27“Kepha ngithi kini enizwayo: Thandani izitha zenu, nenze okuhle kwabanizondayo, 28nibusise abaniqalekisayo, nibakhulekele abanidumazayo. 29Okushaya esihlathini, mnike nesinye; nokwaphuca ingubo, ungamnqabeli nebhantshi. 30Muphe yilowo nalowo ocela kuwe; nokwaphuca okwakho, ungabuyi ukubize kuye. 31Njengalokhu nithanda ukuba abantu benze kini, yenzani njalo kubo.

32“Uma nithanda abanithandayo, ninakubongwa kuni na? Ngokuba nezoni zithanda abazithandayo. 33Ngakho uma nenza okuhle kwabenza okuhle kini, ninakubongwa kuni na? Ngokuba nezoni zenza khona lokho. 34Uma nitsheleka labo enithemba ukwamukela kubo, ninakubongwa kuni na? Nezoni zitsheleka izoni ukuba zamukele okungako. 35Kepha thandani izitha zenu, nenze okuhle, nitsheleke, ningadikibali; nomvuzo wenu uyakuba mkhulu, nibe ngabantwana boPhezukonke, ngokuba umnene yena kwabangabongiyo nababi. 36Yibani nesihawu, njengokuba uYihlo enesihawu.

37“Ningahluleli, khona anisoze nahlulelwa; ningalahli, khona anisoze nalahlwa; thethelelani, khona niyakuthethelelwa. 38Yiphani, khona niyakuphiwa; bayakunipha esifubeni senu isilinganiso esihle, esigxushiweyo, esigqishiweyo, esichichimayo; ngokuba ngesilinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso.”

39Wabatshela nomfanekiso wokuthi: “Impumputhe ingahola impumputhe na? Aziyikukhalakathela emgodini zombili na? 40Umfundi kaphezu komfundisi; kepha yilowo ophelelisiwe uyakuba njengomfundisi wakhe.

41“Ubhekelani ucezwana olusesweni lomfowenu, kanti ugongolo olukwelakho iso awuluboni na? 42Ungasho kanjani kumfowenu ukuthi: ‘Mfowethu, ake ngikhiphe ucezwana olusesweni lakho,’ wena ongaboni ugongolo olukwelakho iso, na? Mzenzisi, khipha kuqala ugongolo olukwelakho iso, yikhona uyakubonisisa ukukhipha ucezwana olusesweni lomfowenu.

43“Ngokuba akukho muthi omuhle othela isithelo esibi; futhi nomuthi omubi awutheli isithelo esihle. 44Ngokuba yilowo nalowo muthi waziwa ngesithelo sawo. Akukhiwa kambe amakhiwane emeveni, nezithelo zomvini azikhiwa ejikijolweni. 45Umuntu omuhle uveza okuhle emfuyweni enhle yenhliziyo, nomubi uveza okubi emfuyweni embi; ngokuba umlomo wakhe ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.

46“Ningibizelani ngokuthi: ‘Nkosi, Nkosi,’ ningakwenzi engikushoyo, na? 47Yilowo nalowo oza kimi, ezwe amazwi ami, awenze, ngonikhombisa lowo afana naye. 48Ufana nomuntu owayakha indlu, wemba washonisa, wabeka isisekelo edwaleni. Ekufikeni kwesikhukhula umfula washaya leyo ndlu, kepha wawungenamandla okuyinyakazisa, ngokuba yayakhiwe kahle. 49Kodwa ozwayo engenzi unjengomuntu owakha indlu emhlabathini ingenasisekelo; umfula wayishaya, yawa masinyane; kwaba kukhulu ukudilika kwaleyo ndlu.”

NgokukaLuka 7

Ukuphulukiswa kwenceku yenduna

1Kwathi eseqede onke amazwi akhe ezindlebeni zabantu, wangena eKapernawume. 2Inceku yenduna yekhulu ethile ethandekayo kuyo yayigula, isizakufa. 3Isizwile ngoJesu yathuma amalunga abaJuda kuye, imcela ukuba eze ayisindise inceku yayo. 4Esefikile kuJesu amncenga kakhulu, ethi: “Ifanele ukuba uyenzele lokho, 5ngokuba ithanda isizwe sakithi; yiyo esakhele isinagoge.*” 6UJesu wayesehamba nawo.

Kepha engasekude nendlu, induna yekhulu yathumela kuye abahlobo, bathi kuye: “Nkosi, ungazihluphi, ngokuba angifanele ukuba ungene phansi kophahla lwami. 7Ngakho angizibonanga ukuthi ngifanele ukuza kuwe; kepha yisho izwi, khona inceku yami iyakusinda. 8Ngokuba nami ngingumuntu ophansi kwamakhosi, nginamabutho phansi kwami; ngithi kwelinye: ‘Hamba,’ lihambe; nakwelinye: ‘Woza,’ lize; nasencekwini yami: ‘Yenza lokhu,’ ikwenze.”

9UJesu ekuzwa lokho wamangala ngayo, waphenduka, wathi esixukwini esimlandelayo: “Ngithi kini: Angizange ngifumane ukukholwa okungaka nakwa-Israyeli.” 10Ababethunyiwe sebebuyele ekhaya bafumana inceku isindile.

Indodana yomfelokazi waseNayini ivuswa ekufeni

11Kwathi ngangomuso waya emzini othiwa iNayini; kwahamba naye abafundi bakhe nesixuku esikhulu. 12Esesondela esangweni lomuzi, bheka, kwaphunyiswa ofileyo, indodana eyodwa kanina, yena engumfelokazi; nabantu abaningi bomuzi babe naye. 13Yathi iNkosi isimbona, yamhawukela, yathi kuye: “Ungakhali.”

14Yasondela, yathinta uhlaka; abaluthweleyo base bema. Yayisithi: “Nsizwa, ngithi kuwe: Vuka!” 15Ofileyo wavuka, waqala ukukhuluma; yamnika unina.

16Bafikelwa ngukwesaba bonke, bamdumisa uNkulunkulu, bathi: “Kuvele umprofethi omkhulu phakathi kwethu,” nokuthi: “UNkulunkulu ubahambele abantu bakhe.” 17Kwaphumela leli zwi ngaye kulo lonke iJudiya nakulo lonke langakhona.

Ukufakaza kukaJesu kubafundi bakaJohane nakubantu

18Abafundi bakaJohane bambikela ngazo zonke lezo zinto. 19UJohane wayesebiza ababili kubafundi bakhe, wabathumela eNkosini, wathi: “Wena unguye ozayo, noma sobheka omunye na?”

20Amadoda esefikile kuyo athi: “UJohane uMbhapathizi usithumele kuwe, ethi: ‘Wena unguye ozayo, noma sobheka omunye na?’ ” 21Ngalowo mzuzu yayiphulukisa abaningi ezifweni nasebuhlungwini nakomoya ababi; nezimpumputhe eziningi yazipha ukubona.

22Yaphendula, yathi kuwo: “Hambani nimlandise uJohane lokho enikubonile nenikuzwile ukuthi: Izimpumputhe ziyabona, izinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, izithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, abampofu bayashunyayezwa ivangeli; 23ubusisiwe ongayikukhubeka ngami.”

24Sezimukile izithunywa zikaJohane, yaqala ukukhuluma ezixukwini ngoJohane, ithi: “Naphuma naya ehlane ukuyobonani na? Umhlanga ontengantengiswa ngumoya na? 25Kanti naphuma ukuyobonani na? Umuntu owembethe izingubo ezinothonotho na? Bhekani, abembethe okukhazimulayo, betamasa, basezindlini zamakhosi. 26Kodwa naphuma ukuyobonani na? Umprofethi na? Yebo, ngithi kini: Odlula umprofethi. 27Nguye okulotshwe ngaye ukuthi:

“ ‘Bheka, ngiyathuma isithunywa sami phambi kobuso bakho

esiyakulungisa indlela yakho phambi kwakho.’

28“Ngithi kini: Kwabazelwe ngabesifazane akakho omkhulu kunoJohane; kepha omncane embusweni kaNkulunkulu mkhulu kunaye.”

29Abantu bonke, yebo, nabathelisi sebezwile bamvuma uNkulunkulu, babhapathizwa ngombhapathizo kaJohane. 30Kepha abaFarisi nezazimthetho balenza ize icebo likaNkulunkulu maqondana nabo bengabhapathizwanga nguye.

31“Pho-ke, abantu balesi sizukulwane ngiyakubafanisa nani na? Bafana nani na? 32Bafana nabantwana abahlezi esigcawini bememezana bethi:

“ ‘Sinibethele imitshingo, anisinanga;

salilisela, anikhalanga.’

33“Ngokuba uJohane uMbhapathizi ufikile engadli sinkwa, engaphuzi wayini; nithi-ke: ‘Unedemoni.’ 34Ifikile iNdodana yomuntu, idla, iphuza, senithi: ‘Bhekani, umuntu oyisiminzi nesiphuzi, umhlobo wabathelisi nezoni.’ 35Kodwa ukuhlakanipha kuvunyiwe ngabantwana bakho bonke.”

NgokukaLuka 6:1-7:35ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU