Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 286

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

EkaJakobe 3

Ukuhlakanipha okuvela phezulu

13Ngubani ohlakaniphileyo nowaziyo phakathi kwenu na? Makakhombise ngenkambo enhle imisebenzi yakhe ngobumnene bokuhlakanipha. 14Kepha uma ninomhawu obabayo nombango ezinhliziyweni zenu, ningazibongi, ningaliqambeli iqiniso. 15Lokhu kuhlakanipha akusikho okwaphezulu kodwa kungokomhlaba, kungokwemvelo, kungokwamademoni; 16ngokuba lapho kukhona umhawu nombango, kukhona isiyaluyalu nezenzo zonke ezimbi.

17Kepha ukuhlakanipha okwaphezulu okokuqala kumhlophe, andukuba kube nokuthula, nokuva, nokulalela, kugcwele isihawu nezithelo ezinhle; akunakungabaza, akunakuzenzisa. 18Kepha isithelo sokulunga sihlwanyelwa ngokuthula kubo abakwenzayo ukuthula.

EkaJakobe 4

UJakobe uxwayisa ngokulwa, nangokuzidla, nangokuhleba

1Zivelaphi izimpi, nokulwa kuvelaphi phakathi kwenu na? Akuveli yini lapho ezinkanukweni zenu ezilwayo ezithweni zenu na? 2Niyafisa, nokho aninalutho; niyabulala ninomhawu, nokho anizuzi lutho; niyalwa nenza impi. Aninalutho, ngokuba ningaceli; 3niyacela, nokho anamukeliswa, ngokuba nicela kabi, ukuze nikuchithele ezinkanukweni zenu.

4Ziphingi, anazi yini ukuthi ukuthanda izwe kungubutha kuNkulunkulu na? Ngakho lowo othanda ukuba ngumhlobo wezwe, umi eyisitha sikaNkulunkulu. 5Niyacabanga yini ukuthi umbhalo usho ngeze ukuthi: “Umoya awuhlalisa kithi unxanela ngokomhawu,” na? 6Kodwa unika umusa ngokwenezela; ngakho uthi: “UNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa.”

7Ngakho thobelani uNkulunkulu, kepha nimelane noSathane, khona uyakunibalekela; 8sondelani kuNkulunkulu, khona uyakusondela kinina. Hlanzani izandla nina zoni, nihlambulule izinhliziyo nina bonhliziyombili. 9Yibani lusizi, nidabuke, nikhale; ukuhleka kwenu makuphenduke ukudabuka, nokujabula kube ngukujabha. 10Zithobeni ebusweni beNkosi, khona iyakuniphakamisa.

11Ningahlebani, bazalwane. Ohleba umzalwane, noma ahlulele umzalwane wakhe, uhleba umthetho, ahlulele umthetho; kepha uma wahlulela umthetho, awusiye owenza okomthetho kodwa ungumahluleli. 12Munye ongummisimthetho nomahluleli; nguyena onamandla okusindisa nokubhubhisa; kepha ungubani wena omahlulelayo umakhelwane na?

Umuntu akakwazi okuzakumvelela ngomuso

13Minani nina enithi: “Namuhla noma ngomuso siyakuya kulona noma kulowaya muzi, siqede khona umnyaka, sithengiselane, sizuze,” 14anikwazi okwangomuso; kuyini ukuphila kwenu na? Ngokuba niyinkungu ebonakala isikhashana, ibisinyamalala. 15Nga nisho nithi: “Uma iNkosi ithanda, siphila, siyakwenza lokhu nalokho.” 16Kepha manje niyazibonga ngokuzigabisa kwenu; konke ukuzigabisa okunjalo kubi. 17Ngakho owaziyo ukwenza okuhle engakwenzi kuyisono kuye.

EkaJakobe 5

Izicebi ezingalungile

1Minani nina bacebileyo; khalani, nilile ngezinhlupheko eziyakunehlela. 2Ingcebo yenu ibolile, nezingubo zenu zidliwe yizinundu; 3igolide lenu nesiliva kugwalile, nokugwala kwakho kuyakuba ngufakazi ngakini, kudle inyama yenu njengomlilo. Niqongelele ingcebo ezinsukwini zokuphela. 4Bhekani, umvuzo wezisebenzi ezavuna amasimu enu eniwugodlileyo uyakhala, nokukhala kwabavunileyo kungenile ezindlebeni zeNkosi Sebawoti. 5Nibusile emhlabeni, natamasa; ninonisile izinhliziyo zenu ngosuku lokuhlaba. 6Nilahlile, nabulala olungileyo; akamelani nani.

Ukubekezela

7Ngakho bekezelani, bazalwane, ize ifike iNkosi. Bhekani, umlimi uyalindela isithelo somhlaba esiyigugu, ebekezelela sona, size sithole imvula yokuqala neyamuva. 8Bekezelani nani, niqinise izinhliziyo zenu, ngokuba ukufika kweNkosi kusondele. 9Ningavungamelani, bazalwane, ukuba ningahlulelwa; bhekani, umahluleli umi ngaseminyango.

10Bazalwane, misani abaprofethi ababekhuluma egameni leNkosi babe yisibonelo sokuhlupheka nokubekezela. 11Bhekani, babusisiwe abakhuthazelayo; nizwile ngokukhuthazela kukaJobe, nibonile impetho yeNkosi ukuthi iNkosi inesihe esikhulu nesihawu.

Ukufunga

12Kepha phezu kwakho konke, bazalwane bami, ningafungi; ningafungi izulu noma umhlaba noma esinye isifungo; kodwa uyebo wenu makabe nguyebo, noqhabo uqhabo, ukuze ningaweli ekwahlulelweni.

Ukukhuleka

13Kukhona ohluphekayo phakathi kwenu na? Makakhuleke; kukhona owenamileyo na? Makahube. 14Kukhona ogulayo phakathi kwenu na? Makabize amalunga ebandla, amkhulekele, amgcobe ngamafutha egameni leNkosi. 15Umkhuleko wokukholwa uyakumsindisa ogulayo, iNkosi imvuse; noma enzile izono, uzakuthethelelwa zona. 16Ngakho, vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuba niphulukiswe. Umkhuleko oqinileyo wolungileyo unamandla kakhulu.

17U-Eliya wayengumuntu efana nathi; wakhuleka nokukhuleka ukuba lingani; alinanga emhlabeni iminyaka emithathu nezinyanga eziyisithupha. 18Wabuye wakhuleka; izulu lana imvula, nomhlaba wathela izithelo zawo.

Abadukisiweyo

19Bazalwane bami, uma omunye kini eduka eqinisweni, omunye ambuyise, 20yazini ukuthi obuyisile isoni ekudukeni kwendlela yaso uyakusindisa umphefumulo wakhe ekufeni, asibekele izono eziningi.

EkaJakobe 3:13-5:20ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU