Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 284

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

NgokukaMathewu 26

57Ababembambile uJesu bamusa kuKayafase umpristi omkhulu, lapho kwakubuthene khona ababhali namalunga. 58Kepha uPetru wamlandela ekude kwaze kwaba segcekeni lompristi omkhulu; wangena phakathi, wahlala phansi nezikhonzi ukuba abone isigcino.

59Abapristi abakhulu nomphakathi wonke bafuna ubufakazi bamanga ngoJesu, ukuze bambulale; 60kepha ababufumananga, nakuba kwafika ofakazi abaningi bamanga. Kodwa kamuva kwavela ababili, 61bathi: “Lo wathi: ‘Nginamandla okudiliza ithempeli likaNkulunkulu, ngibuye ngilakhe ngezinsuku ezintathu.’ ”

62Kwase kusukuma umpristi omkhulu, wathi kuye: “Awuphenduli lutho na? Kuyini abakufakaza ngawe laba na?” 63Kepha uJesu wathula.

Wayesethi kuye umpristi omkhulu: “Ngikufungisa uNkulunkulu ophilayo ukuba usitshele uma unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu.”

64UJesu wayesethi kuye: “Usho khona. Nokho ngithi kini: Kusukela manje niyakubona iNdodana yomuntu ihlezi ngakwesokunene saMandla, iza emafwini ezulu.”

65Khona umpristi omkhulu waklebhula izingubo zakhe, wathi: “Usehlambalazile; sisaswelelani ofakazi na? Bheka, kalokhu nikuzwile ukuhlambalaza kwakhe. 66Nithini na?”

Kepha baphendula bathi: “Ufanele ukufa.”

67Base bemkhafulela ngamathe ebusweni, bamdushuza, kepha abanye bammukula, 68bathi: “Siprofethele, Kristu; ngubani okushayileyo na?”

Ukuphika kukaPetru

69Kepha uPetru wayehlezi ngaphandle egcekeni; kweza kuye intombazana, yathi: “Nawe ubunoJesu waseGalile.”

70Kodwa waphika phambi kwabo bonke, wathi: “Angikwazi lokhu okushoyo.”

71Kwathi esephumele esangweni, enye intombazana yambona, yathi kwababe lapho: “Lona ubenoJesu waseNazaretha.”

72Waphika futhi ngokufunga, wathi: “Angimazi lowo muntu.”

73Emva kwesikhashana ababemi khona basondela, bathi kuPetru: “Nempela nawe ungomunye wabo, ngokuba nokukhuluma kwakho kuyakudalula.”

74Khona waqala ukuthuka nokufunga, wathi: “Angimazi lowo muntu.”

Masinyane lase likhala iqhude. 75UPetru wayesekhumbula izwi likaJesu abelishilo lokuthi: “Iqhude lingakakhali, uzakungiphika kathathu.” Waphumela phandle, wakhala kamunyu.

NgokukaMathewu 27

UJesu ephambi kukaPilatu.Ukuzibulala kukaJuda

(Mark. 15:1; Luk. 23:1,13; Joh. 18:28; 19:2,16)

1Kwathi sekusile, bonke abapristi abakhulu namalunga esizwe benza icebo ngoJesu lokuba bambulale; 2bambopha, bamuka naye, bamnikela kuPilatu umbusi.

3Khona uJuda owamkhaphelayo, ebona ukuthi ulahliwe, wazisola, wabuyisela izinhlamvu zesiliva ezingamashumi amathathu kubapristi namalunga, 4wathi: “Ngonile ukuba ngikhaphele igazi elingenacala.”

Bona bathi: “Kuyini lokho kithi na? Zibonele wena.”

5Wayesephonsa izinhlamvu zesiliva ethempelini, wamuka, waziphanyeka.

6Kepha abapristi abakhulu bazithatha izinhlamvu zesiliva, bathi: “Akuvunyelwe ukuzifaka emnikelweni, ngokuba kuyimali yegazi.” 7Benza icebo, bathenga ngayo insimu yombumbi, ibe ngeyokumbela abafokazi. 8Ngalokho insimu leyo ithiwa insimu yegazi kuze kube namuhla. 9Khona kwagcwaliseka okwashiwo ngomprofethi uJeremiya ukuthi: “Bathatha izinhlamvu zesiliva ezingamashumi amathathu, inani lowamiselwa inani onani lakhe lamiswa ngamadodana ka-Israyeli; 10bakhokha ngazo insimu yombumbi, njengokuba iNkosi ingiyalile.”

11Kepha uJesu wayemi phambi kombusi; umbusi wambuza wathi: “Wena uyinkosi yabaJuda na?”

UJesu wathi kuye: “Usho khona.”

12Kwathi lapho abapristi abakhulu namalunga bemthwesa icala, kaphendulanga lutho. 13Khona uPilatu wathi kuye: “Awuzwa yini lokho okungaka abakufakaza ngawe na?” 14Akaze amphendula nakwelilodwa izwi, umbusi waze wamangala kakhulu.

15Kepha ngomkhosi umbusi wayejwayele ukukhululela isixuku isiboshwa sibe sinye esasisithanda. 16Ngaleso sikhathi babe nesiboshwa esidumileyo esithiwa uBaraba. 17Ngakho sebebuthene, uPilatu wathi kubo: “Nithanda ukuba nginikhululele bani, uBaraba nokuba uJesu othiwa uKristu, na?” 18Ngokuba wayekwazi ukuthi bamnikele ngomhawu.

19Esahlezi esihlalweni sokwahlulela, umkakhe wathumela kuye, wathi: “Ungabi nandaba kulowo muntu olungileyo; ngokuba ngihluphekile kakhulu namuhla ngaye ephusheni.”

20Kepha abapristi abakhulu namalunga bancenga izixuku ukuba zicele uBaraba, zimbulale uJesu.

21Wayesephendula umbusi, wathi kubo: “Nithanda ukuba nginikhululele muphi kulaba ababili na?”

Bathi: “UBaraba.”

22UPilatu wathi kubo: “Pho-ke, ngimenze njani uJesu othiwa uKristu na?”

Bonke bathi: “Makabethelwe esiphambanweni.”

23Wayesethi: “Ngokuba wenze bubi buni na?”

Kepha bamemeza kakhulu, bathi: “Makabethelwe esiphambanweni.”

24UPilatu esebona ukuthi akanakwenza lutho nokuthi isiphithiphithi sesanda kakhulu, wathatha amanzi, wahlamba izandla phambi kwesixuku, wathi: “Anginacala egazini lalo muntu; ziboneleni nina.”

25Abantu bonke base bephendula bethi: “Igazi lakhe malibe phezu kwethu naphezu kwabantwana bethu.”

26Wayesebakhululela uBaraba, kepha wamshaya uJesu, wamnikela ukuba abethelwe esiphambanweni.

27Khona amabutho ombusi ayesemthatha uJesu, amngenisa enqabeni, aqoqela kuye ibutho lonke. 28Amhlubula, amembathisa ingubo ebomvu, 29aluka umqhele wameva, awufaka ekhanda lakhe, nomhlanga esandleni sakhe sokunene, aguqa ngamadolo phambi kwakhe, ambhinqa athi: “Bayede, nkosi yabaJuda!” 30Amkhafulela ngamathe, athatha umhlanga, amshaya ekhanda lakhe. 31Esembhinqile amhlubula ingubo, amembathisa izingubo zakhe, amuka naye ukuyombethela esiphambanweni.

32Esaphuma afumana umuntu waseKhurene, nguSimoni igama lakhe; amcindezela lowo ukuba athwale isiphambano sakhe.

UJesu esesiphambanweni

(Mark. 15:22; Luk. 23:26; Joh. 19:17)

33Esefikile endaweni ethiwa iGolgotha okungukuthi iNdawo Yekhanda, 34amphuzisa iwayini elixutshwe nenyongo; kepha kuthe elizwa, akathandanga ukuliphuza. 35Esembethele esiphambanweni abelana izingubo zakhe, enzelana inkatho; 36ahlala amlinda khona. 37Abeka ngaphezu kwekhanda lakhe icala lakhe libhalwe ngokuthi: LO NGUJESU, INKOSI YABAJUDA. 38Kwabethelwa kanye naye abaphangi ababili, omunye ngakwesokunene nomunye ngakwesokhohlo. 39Kepha abadlulayo bamhlambalaza benikina amakhanda abo, 40bathi: “Wena odiliza ithempeli, ubuye ulakhe ngezinsuku ezintathu, zisindise, uma uyiNdodana kaNkulunkulu, wehle esiphambanweni.”

41Kanjalo nabapristi abakhulu bambhinqa kanye nababhali namalunga, bathi: 42“Wasindisa abanye, angezisindise yena; uyinkosi yakwa-Israyeli, akehle manje esiphambanweni, sikholwe nguye. 43Wethembile uNkulunkulu; makamkhulule manje, uma emthanda, ngokuba wathi: ‘NgiyiNdodana kaNkulunkulu.’ ” 44Kepha nabaphangi ababebethelwe esiphambanweni kanye naye bamdumaza kanjalo.

45Kepha kusukela ngehora lesithupha kwaba mnyama emhlabeni wonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye. 46Kepha ngehora lesishiyagalolunye uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Eli, Eli, lama sabaktani?” okungukuthi: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?”

47Abanye kwababemi khona bekuzwa bathi: “Lo ubiza u-Eliya.”

48Masinyane omunye kubo wagijima, wathatha ilula, waligcwalisa ngoviniga, walihloma emhlangeni, wamphusiza. 49Kepha abanye bathi: “Yeka, sibone uma u-Eliya eza ukumsindisa.”

50UJesu wabuye wamemeza ngezwi elikhulu, wafa.

51Bheka-ke, isihenqo sethempeli sadabuka kabili, kusukela phezulu kuze kufike phansi; umhlaba wazamazama, amadwala aqhekezeka; 52amathuna avuleka, imizimba eminingi yabangcwele ababelele yavuka; 53baphuma emathuneni emva kokuvuka kwakhe, bangena emzini ongcwele, babonakala kwabaningi.

54Kepha induna yekhulu nababe nayo belinda uJesu sebebona ukuzamazama nalokho okwenzekileyo besaba kakhulu, bathi: “Nempela lo ube yiNdodana kaNkulunkulu.”

55Kwakukhona lapho abesifazane abaningi bebukela, bekude, ababemlandele uJesu bevela eGalile, bemkhonza; 56phakathi kwabo kwakukhona oMariya Magdalena, unina kaJakobe nokaJose, nonina wamadodana kaZebedewu.

Ukumbelwa kukaJesu

(Mark. 15:42; Luk. 23:50; Joh. 19:38)

57Sekuhlwile, kwafika umuntu ocebileyo wase-Arimatheya, igama lakhe nguJosefa, owayengumfundi kaJesu naye; 58lo waya kuPilatu, wacela isidumbu sikaJesu. Khona uPilatu wayala ukuba anikwe sona. 59UJosefa wasithatha isidumbu, wasisonga ngendwangu enhle ehlanzekileyo, 60wasibeka ethuneni lakhe elisha ayeliqophe edwaleni, wagingqela itshe elikhulu emnyango wethuna, wahamba. 61Kepha kwakukhona lapho uMariya Magdalena nomunye uMariya behlezi phambi kweliba.

62Kepha ngangomuso okungolulandela usuku lokulungisela abapristi abakhulu nabaFarisi babuthana kuPilatu, 63bathi: “Nkosi, sikhumbula ukuthi lowo mkhohlisi esekhona wathi: ‘Emva kwezinsuku ezintathu ngizakuvuka.’ 64Ngakho yala ukuba iliba ligcinwe kuze kube lusuku lwesithathu ukuba abafundi bakhe bangaze bafike bamebe, bathi kubantu: ‘Uvukile kwabafileyo;’ kuthi inkohliso yokugcina ibe mbi kuneyokuqala.”

65UPilatu wathi kubo: “Nampa abalindi; hambani niligcine njengokubona kwenu.” 66Base behamba, baligcina iliba, babeka uphawu etsheni bekanye nabalindi.

NgokukaMathewu 28

Ukuvuka nokuzibonakalisa kukaJesu

1Kepha ekupheleni kwesabatha ngovivi lolokuqala lweviki kwafika uMariya Magdalena nomunye uMariya, beza ukuyobona iliba.

2Bheka, kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, ngokuba ingelosi yeNkosi yehla ezulwini, yeza yagingqa itshe, yahlala phezu kwalo. 3Ukubonakala kwayo kwakunjengonyazi, nesambatho sayo sasimhlophe njengongqoqwane. 4Kepha abalindi bathuthumela ngokuyesaba, baba njengabafileyo.

5Kodwa ingelosi yaphendula, yathi kwabesifazane: “Ningesabi nina; ngokuba ngiyazi ukuthi nifuna uJesu obebethelwe esiphambanweni; 6kakho lapha, ngokuba uvukile njengokusho kwakhe; zanini nibone indawo lapho ebelele khona. 7Hambani masinyane, nitshele abafundi bakhe ukuthi uvukile kwabafileyo; bhekani, uyanandulela ukuya eGalile, nizakumbona khona. Bhekani, nginitshelile.” 8Base beshesha bamuka ethuneni benokwesaba nokuthokoza okukhulu, bagijima baya ukubikela abafundi bakhe. 9Bheka, uJesu wabahlangabeza, wathi: “Sanibona.” Besondela babamba izinyawo zakhe, bakhuleka kuye. 10Khona uJesu wathi kubo: “Ningesabi; hambani, nibikele abafowethu ukuba bahambe baye eGalile; bayakungibona khona.”

11Besahamba, bheka, abanye kubalindi bafika emzini, babikela abapristi abakhulu konke okwenzekileyo. 12Sebebuthene namalunga benza icebo, banika amabutho imali eningi, 13bathi: “Shonini ukuthi abafundi bakhe beza ebusuku, bameba silele. 14Uma kuzwakala lokho kumbusi, siyakuncengana naye thina, nina ningakhathazeki.” 15Ayeseyithatha imali, enza njengokufundiswa kwawo. Leli zwi landa phakathi kwabaJuda kuze kube namuhla.

Isiyalezo sokugcina sikaJesu

16Kepha abafundi abayishumi nanye baya eGalile kuleyo ntaba uJesu ayebayalele yona; 17sebembona bakhuleka kuye, kepha abanye bangabaza. 18UJesu wasondela, wakhuluma kubo, wathi: “Ngiphiwe amandla onke ezulwini nasemhlabeni; 19ngalokho hambani nenze izizwe zonke abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele, 20nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke kuze kube sekupheleni kwezwe.”

NgokukaMathewu 26:57-28:20ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU