Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 270

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UJobe 34

U-Elihu uvikela ukulunga kukaNkulunkulu

1U-Elihu wathatha wathi:

2“Yizwani amazwi ami,

nina zihlakaniphi,

nibeke indlebe kimi nina zazi.

3Ngokuba indlebe iyavivinya amazwi,

njengokuba ulwanga luzwa ukudla.

4Masizikhethele okulungileyo,

sazi phakathi kwethu okuhle.

5Ngokuba uJobe uthe: ‘Ngilungile;

uNkulunkulu ususile ukwahlulelwa kwami.

6Phezu kokwahlulelwa kwami ngishaywa onamanga;

inxeba lami alinakupholiswa,

noma ngingenasiphambeko.’

7Ngumuphi umuntu onjengoJobe

ophuza usulu njengamanzi,

8ohamba ngokwazana nabenza okubi,

ahambisane nabantu ababi, na?

9Ngokuba uthi: ‘Akunalusizo kumuntu

ukuba azane noNkulunkulu.’

10“Ngalokho ngizweni nina bantu abanokuqonda;

makube kude noNkulunkulu ukuba enze okubi,

nakuSomandla ukuba enze ukona.

11Ngokuba uyabuyisela kumuntu njengokwenza kwakhe,

atholise kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe.

12Impela uNkulunkulu akenzi okubi;

uSomandla kahlanekezeli ukwahlulela.

13Ngubani owambeka phezu komhlaba na?

Ngubani owamisa izwe lonke na?

14Uma ebeyakuzibheka yena,

azibuyisele umoya wakhe nomphefumulo wakhe,

15inyama yonke ibiyakufa kanyekanye,

umuntu abuyele othulini.

16“Uma unengqondo, yizwa lokhu,

ulalele izwi lokukhuluma kwami.

17Imbala ozonda ukwahlulela uyakubusa na?

Uyakumlahla olungileyo nonamandla

18oshoyo enkosini ukuthi:

‘Muntu omubi,’

nasezikhulwini: ‘Mashinga,’

19ongakhethi ubuso bezikhulu,

onganaki ocebileyo kunompofu, na?

Ngokuba bonke bangumsebenzi wezandla zakhe.

20Bayafa ngokuphazima kweso;

phakathi kwamabili abantu bayathuthumela,

banyamalale;

amaqhawe ayasuswa,

kepha kungengasandla.

21“Ngokuba amehlo akhe akuzo izindlela zomuntu;

ubona zonke izinyathelo zakhe.

22Abukho ubumnyama,

nethunzi lokufa alikho,

lapho abenza okubi bengacasha khona.

23Ngokuba akadingi ukuba abelokhu ebheka umuntu

ukuba aye kuNkulunkulu ukwahlulelwa.

24Uyaphahlaza abanamandla,

kungahlolwanga,

amise abanye ezikhundleni zabo.

25Ngalokho uyazi imisebenzi yabo;

uyabagumbuqela ebusuku,

bachotshozwe.

26Uyabashaya njengababi

endaweni lapho bebonwa khona,

27ngokuba bachezuka ekumlandeleni,

abanakanga neyodwa yezindlela zakhe,

28baze benza ukuba ukukhala kwabampofu kufike kuye,

wezwa ukukhala kwabahluphekayo.

29Lapho yena ethula,

ngubani ongalahla,

nalapho ethukusa ubuso bakhe,

ngubani ongambona na?

Ubusa ngokufananayo,

noma kuyisizwe noma kungumuntu,

30ukuba kungabusi muntu ongenaNkulunkulu,

abantu bacushwe.

31“Ngokuba ukhona oke wathi kuNkulunkulu:

‘Ngithweswe icala noma ngingonanga, na?

32Lokhu engingakuboni,

ngifundise khona;

uma ngenzile okubi,

angisayikukuphinda.’

33Uyakuphindisela njengokuthanda

kwakho, lokhu ukwenqaba, na?

Ngokuba nguwe ozakukhetha,

akusimina;

khuluma okwaziyo.

34“Abantu abanokuqonda bayakusho kimi,

yebo, nezihlakaniphi,

lapho zingizwa, ziyakuthi:

35‘UJobe ukhuluma engenalwazi;

amazwi akhe awanangqondo.’

36Sengathi uJobe angavivinywa kuze kube sekupheleni,

ngokuba uphendula njengabantu ababi.

37Ngokuba uyenezela ukuhlubuka esonweni sakhe;

ushaya ihlombe phakathi kwethu,

andise amazwi akhe kuNkulunkulu.”

UJobe 35

U-Elihu uthi: UNkulunkulu umelwe ukufunwa ngokuthobeka

1U-Elihu wathatha wathi:

2“Usho uthi lokhu kulungile na?

Uthi: ‘Yilungelo lami kuNkulunkulu yini,’

3njengokuba uthi: ‘Kungisiza ngani?’

nokuthi: ‘Ngizuzeni kunalokho ebengiyakukuzuza,

uma ngonile, na?’

4“Ngizakukuphendula mina ngamazwi,

wena nabangane bakho.

5Bheka ngasezulwini, ubone,

uqaphele amafu aphakeme kunawe.

6Uma wona, wenzani kuye na?

Uma iziphambeko zakho ziziningi,

wenzani kuyena na?

7Uma ulungile, umnikani yena,

noma umukelani esandleni sakho na?

8Ububi bakho buqondene nomuntu onjengawe,

nokulunga kwakho kuthintana nendodana yomuntu.

9“Abantu bakhala ngobuningi bezinkahlo;

bakhala ngokusizwa ngenxa yengalo yabanamandla.

10Kepha akakho othi: ‘Uphi uNkulunkulu, uMenzi wami,

ozwakalisa amahubo ebusuku,

11osifundisa phezu kwezilwane zomhlaba,

asenze sihlakaniphe phezu kwezinyoni zezulu.’

12Lapho bayakhala ngokuzidla kwababi,

kepha akaphenduli.

13Impela uNkulunkulu akezwa okuyize,

uSomandla akayikukunakekela;

14kakhulu kangakanani,

lapho uthi awumboni

nokuthi, noma icala liphambi kwakhe,

usamhlalela, na?

15Kepha manje, ngokuba intukuthelo yakhe ingajezisi,

anganaki kakhulu iziphambeko,

16uJobe uvulela ize umlomo wakhe;

uyandisa amazwi engenalwazi.”

UJobe 36

U-Elihu uthi: UNkulunkulu ufuna kuphela ukuba isoni siphenduke

1U-Elihu waqhubeka wathi:

2“Ngihlalele kancane, ngiyakukubonisa,

ngokuba ngisenamazwi okummela uNkulunkulu.

3Ngiyakulanda kude ulwazi lwami,

nginike uMenzi wami ukulunga.

4Impela amazwi ami awasiwo amanga;

unawe ophelele ekwazini.

5“Bheka, uNkulunkulu unamandla,

kepha kadeleli muntu;

mkhulu emandleni okuqonda.

6Akenzi ukuba omubi aphile,

kepha abampofu uyabanika ukwahlulelwa.

7Akabuyisi amehlo akhe kwabalungileyo,

kepha ubahlalisa namakhosi ezihlalweni zobukhosi,

baphakame kuze kube phakade.

8Uma beboshwa ngamaketanga,

babanjwe ngezintambo zokuhlupheka,

9uyababonisa izenzo zabo

neziphambeko zabo zokuthi baziphakamisile.

10Uyavulela izindlebe zabo ukulaywa,

asho ukuba babuye ebubini.

11Uma belalela, bamkhonze,

bayakuqeda imihla yabo ebuhleni

neminyaka yabo kukho okumnandi.

12Kepha uma bengalaleli,

bayakuphela ngenkemba,

bafe bengenalwazi.

13“Abangesabi ngenhliziyo baqongelela ulaka;

abakhali lapho ebabopha.

14Bafa besebasha,

ukuphila kwabo kube njengokwezifebe zethempeli.

15Ukhulula ompofu ngobumpofu bakhe,

avule indlebe yabo ngokuhlupheka.

16“Yebo, nga ekuvusa ukuba uphume emlonyeni wosizi,

uye endaweni ebanzi,

lapho kungekho kunyinyeka khona,

kunone okubekwa etafuleni lakho.

17Kepha ugcwele ukwahlulelwa kwababi;

ukwahlulela nokulunga kuyakubamba.

18Xwaya ukuba ulaka lungakuvusi usashaywa,

ungachezukiswa ngobuningi bamahlawulo.

19Ukukhala kwakho kungakusiza ukuba ungahlali osizini,

nazo zonke izikhwepha zamandla akho, na?

20Ungafisi ubusuku,

lapho abantu beyakususwa ezindaweni zabo.

21Xwaya ukuba ungabhekisi ubuso bakho ebubini,

ngokuba ukhethile lokho kunokuhlupheka.

22“Bheka, uNkulunkulu uphakeme ngamandla akhe;

ngubani ofundisa njengaye na?

23Ngubani ommisele indlela yakhe na?

Ngubani ongasho ukuthi:

‘Wenzile okubi,’ na?

24Khumbula ukukhulisa izenzo zakhe

abahlabelela ngazo abantu.

25Bonke abantu bayazibona;

abokufa bayazibuka besekude.

26Bheka, uNkulunkulu uphakeme,

asimqondi;

umumo weminyaka yakhe ayinakuphenywa.

27“Wenyusa amathonsi amanzi,

abuye awathulule njengemvula enkungwini yakhe;

28amafu awenza ukuba aconse,

awathele phezu kwabantu abaningi.

29Ukhona ongaqonda ukwenekeka kwamafu

nokuduma kwedokodo lakhe na?

30Bheka, uyasakaza ukukhanya kwakhe ngakuye;

uyasibekela ubuphansi bolwandle.

31Ngokuba ngalokho uyabahlulela abantu,

aphane kakhulu ngokudla.

32Uyasibekela izandla zakhe ngokukhanya,

akuyale ukuba kushaye isigcibisholo.

33Umsindo wakhe ulanda ngaye oshisekela ububi ngentukuthelo.

UJobe 34:1-36:33ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU