Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 251

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

1 iziKronike 9

Abakhileyo eJerusalema; inkonzo yasethempelini

1Wabhalwa-ke wonke u-Israyeli ngezizukulwane; bheka, balotshiwe encwadini yamakhosi akwa-Israyeli; uJuda wathunjelwa eBabele ngeziphambeko zakhe. 2Abakhileyo kuqala emafeni abo emizini yabo babe ngu-Israyeli, nabapristi, namaLevi, namaNethini.*

3EJerusalema kwahlala kubantwana bakwaJuda, nakubantwana bakwaBenjamini, nakubantwana bakwa-Efrayimi noManase: 4ngu-Uthayi ka-Amihudi ka-Omri ka-Imri kaBani kubantwana bakwaPheresi kaJuda. 5KumaShiloni: ngu-Asaya izibulo namadodana akhe. 6Kumadodana kaZera: nguJehuweli nabafowabo, bengamakhulu ayisithupha namashumi ayisishiyagalolunye. 7Kumadodana kaBenjamini: nguSalu kaMeshulamu kaHodaviya kaHasenuwa, 8no-Ibineya indodana kaJerohamu, no-Ela ka-Uzi kaMikiri, noMeshulamu kaShefathiya kaRehuweli kaJibiniya, 9nabafowabo ngezizukulwane zabo, bengamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi ayisihlanu nesithupha. Bonke labo bantu babe yizinhloko zezindlu zawoyise ngokwezindlu zawoyise.

10Kubapristi: ngoJedaya, noJehoyaribi, noJakini, 11no-Azariya kaHilikiya kaMeshulamu kaSadoki kaMerayoti ka-Ahithubi, umphathi wendlu kaNkulunkulu, 12no-Adaya kaJerohamu kaPhashuri kaMalikhiya noMahasayi ka-Adiyeli kaJahizera kaMeshulamu kaMeshilemiti ka-Imeri, 13nabafowabo, izinhloko zezindlu zawoyise, beyinkulungwane namakhulu ayisikhombisa namashumi ayisithupha, amadoda ahlakaniphile emsebenzini wenkonzo yasendlini kaNkulunkulu.

14KumaLevi: nguShemaya kaHashubi ka-Azirikamu kaHashabiya kumadodana kaMerari, 15noBakibakari, noHereshi, noGalali, noMathaniya kaMika kaZikiri ka-Asafa, 16no-Obadiya kaShemaya kaGalali kaJeduthuni, noBerekiya ka-Asa ka-Elkana owahlala emizaneni yamaNethofa, 17nabalindisango oShalumi, no-Akubi, noThalimoni, no-Ahimani, nabafowabo; uShalumi wayeyinhloko. 18Kwaze kwaba kuleso sikhathi babe sesangweni lenkosi ngasempumalanga; babe ngabalindisango bekamu* labantwana bakwaLevi. 19UShalumi kaKore ka-Ebiyasafa kaKora, nabafowabo bendlu kayise, amaKorahi, babephethe umsebenzi wenkonzo, bengabalindisango etabernakele;* oyise babemele ikamu* likaJehova bengabalindisango. 20UFinehasi indodana ka-Eleyazare wayengumbusi phezu kwabo ngesikhathi esidlulileyo. UJehova wayenaye. 21UZakariya indodana kaMeshelemiya wayengumlindisango etendeni lokuhlangana.

22Bonke labo ababekhethiwe ukuba babe ngabalindisango babe ngamakhulu amabili neshumi nambili. Babhalwa ngezizukulwane emizaneni yabo, bamiswa ngoDavide noSamuweli umboni ezikhundleni zabo. 23Bona nabantwana babo babephethe amasango endlu kaJehova, indlu yetende, belinda. 24Abalindi babekhona ezinhlangothini ezine: ngasempumalanga, nangasentshonalanga, nangasenyakatho, nangaseningizimu. 25Abafowabo emizaneni yabo babeyakungena emva kwezinsuku eziyisikhombisa njalo izikhathi ngezikhathi ukuba babe nabo, 26ngokuba abalindi abane abakhulu ababe ngamaLevi babe sesikhundleni njalo, bephethe amakamelo nengcebo endlini kaNkulunkulu. 27Bahlala ebusuku bezungeza indlu kaNkulunkulu, ngokuba kwakungokwabo ukuyilinda, kwakungokwabo futhi ukuyivula ekuseni imihla ngemihla. 28Abanye babephethe izitsha zenkonzo, ngokuba zangeniswa ngokubalwa, zakhishwa ngokubalwa. 29Abanye kubo babemiselwe impahla, nezitsha zonke zendlu engcwele, nempuphu, newayini, namafutha, nenhlaka, namakha. 30Abanye bamadodana abapristi bagxoba amakha aba ngamafutha. 31UMatithiya, omunye wamaLevi, owayeyizibulo likaShalumi umKorahi wayenesikhundla sokubheka izinto ezenziwa amakhanzini. 32Abanye abafowabo bamadodana amaKohati babephethe izinkwa zokubukwa ukuba bazilungise onke amasabatha.

33Kepha abanye, abahlabeleli, izinhloko zezindlu zawoyise zamaLevi, babe semakamelweni bekhululekile kokunye, ngokuba babe semsebenzini wabo imini nobusuku.

34Labo babe yizinhloko zezindlu zawoyise bamaLevi, izinhloko ezizukulwaneni zabo, bahlala eJerusalema.

35EGibeyoni kwahlala uyise kaGibeyoni uJehiyeli ogama lomkakhe lalinguMahakha, 36nendodana yakhe eyizibulo u-Abidoni, kanye noSuri, noKishi, noBali, noNeri, noNadabi, 37noGedori, no-Ahiyo, noZakariya, noMikiloti. 38UMikiloti wazala uShimeyamu. Nabo bahlala nabafowabo eJerusalema malungana nabafowabo. 39UNeri wazala uKishi; uKishi wazala uSawule; uSawule wazala oJonathani, noMaliki Shuwa, no-Abinadaba, no-Eshi Bali. 40Indodana kaJonathani yayinguMeribi Bali; uMeribi Bali wazala uMika. 41Amadodana kaMika: ngoPhithoni, noMeleki, noThareya, no-Ahazi. 42U-Ahazi wazala uJara; uJara wazala o-Alemeti, no-Azimaveti, noZimri; uZimri wazala uMosa; 43uMosa wazala uBineya; uRefaya wayeyindodana yakhe; ngu-Eleyasa indodana yakhe, ngu-Aseli indodana yakhe; 44u-Aseli wayenamadodana ayisithupha; amagama awo yilawa: o-Azirikamu, noBokeru, no-Ishmayeli, noShehariya, no-Obadiya, noHanani; labo babe ngamadodana ka-Aseli.

1 iziKronike 9:1-44ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

U-Ezra 4

24Wawusuthiywa umsebenzi wendlu kaNkulunkulu eseJerusalema. Wathiywa kwaze kwaba ngumnyaka wesibili wokubusa kukaDariyu inkosi yasePheresiya.

U-Ezra 5

Umsebenzi wokwakha uyaqala futhi. UDariyu uyabhalelwa

1Abaprofethi, uHagayi umprofethi noZakariya indodana ka-Ido, baprofetha kubaJuda ababekwaJuda naseJerusalema ngegama likaNkulunkulu ka-Israyeli owayephezu kwabo. 2Kwase kusuka uZerubabele indodana kaSheyalitiyeli noJeshuwa, indodana kaJosadaki, baqala ukwakha indlu kaNkulunkulu eseJerusalema; abaprofethi bakaNkulunkulu babenabo bebasiza.

3Ngasona leso sikhathi kwafika kubo uThathenayi, umbusi phesheya koMfula,* noShethati Bozenayi, nabangane babo, basho kanje kubo, bathi: “Ngubani owaniyaleza ukwakha le ndlu nokuqeda lolu gange na?” 4Khona sabatshela ukuthi angobani amagama abantu abakha le ndlu. 5Kepha iso likaNkulunkulu wabo laliphezu kwamalunga abaJuda, ababathiyanga, ize iye leyo ndaba kuDariyu, kubuyiselwe impendulo ngayo ngencwadi.

6Nansi impinda yencwadi uThathenayi, umbusi waphesheya koMfula,* noShethari Bozenayi, nabangane bakhe ama-Afarisaki ayengaphesheya koMfula* abayithuma kuDariyu inkosi; 7bathuma incwadi kuye okulotshwe kuyo ukuthi:

“KuDariyu inkosi; makube ngukuthula konke.

8“Makwazeke enkosini ukuthi saya ezweni lakwaJuda endlini kaNkulunkulu omkhulu eyakhiwe ngamatshe amakhulu, imithi ifakwe ezindongeni; lo msebenzi uqhubeka ngesineke, unempumelelo ezandleni zabo.

9“Sase sibuza kulawo malunga, sasho kuwo kanje, sathi: ‘Ngubani owaniyaleza ukwakha le ndlu nokuqeda lolu gange na?’ 10Sabuza namagama abo ukuba sikwazise, sibhale amagama abantu ababe yizinhloko zabo.

11“Babuyisela impendulo kithi, bathi: ‘Thina siyizinceku zikaNkulunkulu wezulu nomhlaba, sakha indlu ekade yakhiwa sekudlule iminyaka eminingi, eyakhiwa yinkosi enkulu yakwa-Israyeli, yaqedwa. 12Kepha ngokuba obaba bese bemthukuthelisile uNkulunkulu wezulu, wabanikela esandleni sikaNebukadinesari inkosi yaseBabele, umKaledi, owachitha le ndlu, wabamukisa, wabayisa eBabele.

13“ ‘Kepha ngomnyaka wokuqala kaKoresi inkosi yaseBabele, uKoresi inkosi wakhipha isimemezelo sokuba kwakhiwe le ndlu kaNkulunkulu. 14Futhi izitsha zegolide nezesiliva zendlu kaNkulunkulu azikhipha uNebukadinesari ethempelini elaliseJerusalema wazingenisa ethempelini laseBabele, zona lezo uKoresi inkosi wazikhipha ethempelini laseBabele, zanikwa omunye ogama lakhe lalinguSheshebasari, owayemenze umbusi; 15wathi kuye: “Thatha lezi zitsha, uye uzibeke ethempelini eliseJerusalema, indlu kaNkulunkulu yakhiwe endaweni yayo.” 16Wayesefika lowo Sheshebasari, wabeka izisekelo zendlu kaNkulunkulu eseJerusalema; kusukela kuleso sikhathi kuze kube manje isakhiwa njalo, kayikapheli.’

17“Ngalokho uma kukuhle enkosini, makucingwe endlini yengcebo yenkosi elapho eBabele ukuba kunjalo yini ukuthi uKoresi inkosi wakhipha isimemezelo sokuba kwakhiwe le ndlu kaNkulunkulu eJerusalema; inkosi mayithume kithi inhloso yayo ngalokho.”

U-Ezra 6

Ithempeli liyaqedwa; liyahlanjululwa

1Khona uDariyu wakhipha isimemezelo, kwacingwa endlini yezincwadi, lapho ingcebo yayibekelelwa khona eBabele. 2Kwafunyanwa e-Akimetha endlini yamakhosi esezweni laseMediya umqulu okwakulotshwe kuwo isikhumbuzo sokuthi:

3“Ngomnyaka wokuqala kaKoresi inkosi, uKoresi inkosi wakhipha isimemezelo sokuthi: Ngendlu kaNkulunkulu eseJerusalema, indlu mayakhiwe endaweni lapho benikelela khona ngemihlatshelo, zibekwe izisekelo zayo, ziqine, ukuphakama kwayo kube yizingalo ezingamashumi ayisithupha, ububanzi bayo bube yizingalo ezingamashumi ayisithupha; 4ayibe nezinhla ezintathu zamatshe amakhulu, nohla lwemithi emisha, izindleko zikhishwe endlini yenkosi; 5futhi izitsha zegolide nezesiliva zendlu kaNkulunkulu, uNebukadinesari azikhipha ethempelini eliseJerusalema waziyisa eBabele, mazibuyiswe, ziyiswe ethempelini eliseJerusalema, kube yileso naleso endaweni yaso, zibekwe endlini kaNkulunkulu.

6“Ngalokho, Thathenayi, mbusi phesheya koMfula,* nawe Shethari Bozenayi nabangane benu ama-Afarisaki abangaphesheya koMfula, manibe kude nalapho; 7wuyekeni umsebenzi waleyo ndlu kaNkulunkulu; umbusi wabaJuda namalunga abaJuda mabakhe le ndlu kaNkulunkulu endaweni yayo.

8“Futhi ngikhipha isimemezelo ngeniyakukwenza kulawo malunga abaJuda ukuba kwakhiwe leyo ndlu kaNkulunkulu: labo bantu mabanikwe kakhulu izindleko empahleni yenkosi, intela yaphesheya koMfula,* ukuba bangathiywa. 9Abakudingayo, amaduna, nezinqama, namawundlu okuyakuba yiminikelo yokushiswa kuNkulunkulu wezulu, kanye nokolweni, nosawoti, newayini, namafutha, njengezwi labapristi abaseJerusalema, mabanikwe khona imihla ngemihla kungaphuthi 10ukuba banikele ngemihlatshelo yephunga elimnandi kuNkulunkulu wezulu, bakhulekele ukuphila kwenkosi namadodana ayo.

11“Futhi ngikhiphe isimemezelo sokuthi yilowo nalowo oguqula leli zwi, makukhishwe umuthi endlini yakhe, aphakanyiswe, abethelwe kuwo, indlu yakhe yenziwe ibe yiquba ngenxa yalokho, 12uNkulunkulu ohlalise khona igama lakhe awise phansi onke amakhosi nabantu abayakwelula izandla zabo ukuba baguqule lokho, bachithe le ndlu kaNkulunkulu eseJerusalema. Mina Dariyu ngikhiphe isimemezelo; masenziwe ngaso sonke isineke.”

U-Ezra 4:24-6:12ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU