Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 247

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UHagayi 1

Ukwakhiwa kwethempeli

1Ngomnyaka wesibili kaDariyu inkosi ngenyanga yesithupha ngosuku lokuqala lwenyanga lafika izwi likaJehova ngesandla sikaHagayi umprofethi kuZerubabele indodana kaSheyalitiyeli, umbusi wakwaJuda, nakuJoshuwa indodana kaJehosadaki, umpristi omkhulu, ngokuthi:

2Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Laba bantu bathi: ‘Akukabi yisikhathi sokuza, isikhathi sokwakha indlu kaJehova.’ ”

3Kwase kufika izwi likaJehova ngoHagayi umprofethi, lathi: 4“Kuyisikhathi sokuba nihlale ezindlini zenu ezembesiweyo, le ndlu iseyize, na?”

5Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Bekani ezinhliziyweni zenu izindlela zenu. 6Nihlwanyela okuningi, ningenisa okuyingcosana; niyadla, kepha anisuthi; niyaphuza, kepha ananeliswa; niyembatha, kepha akakho ofudumalayo; ozuza imali uyizuzela isikhwama esibhobokileyo.”

7Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Bekani ezinhliziyweni zenu izindlela zenu. 8Khuphukelani entabeni, nilethe imithi, nakhe indlu; ngiyakuyenamela, ngikhazimuliswe,” usho uJehova. 9“Nabheka okuningi; bhekani, kwaphenduka okuncane; lapho nakuletha ekhaya, ngakuphephetha. Ngani na?” usho uJehova Sebawoti. “Ngenxa yendlu yami eyize, nina nisagijimela, kube yilowo nalowo endlini yakhe. 10Ngalokho izulu livinjelwe kungabe kusabakho mazolo, nomhlaba uvinjelwe ungabe usaba nazithelo. 11Ngase ngibiza ukoma phezu kwezwe, naphezu kwezintaba, naphezu kwamabele, naphezu kwewayini elisha, naphezu kwamafutha, naphezu kokuvezwa ngumhlaba, naphezu kwabantu, naphezu kwezinkomo, naphezu kwayo yonke imisebenzi yezandla.”

12UZerubabele indodana kaSheyalitiyeli noJoshuwa indodana kaJehosadaki, umpristi omkhulu, nayo yonke insali yabantu balalela izwi likaJehova uNkulunkulu wabo namazwi kaHagayi umprofethi, njengokuba uJehova uNkulunkulu wabo emthumile; abantu besaba phambi kukaJehova.

13Wayesekhuluma uHagayi, isithunywa sikaJehova, ngesimemezelo sikaJehova kubantu, wathi: “Nginani,” usho uJehova. 14UJehova wavuselela umoya kaZerubabele indodana kaSheyalitiyeli, umbusi wakwaJuda, nomoya kaJoshuwa indodana kaJehosadaki, umpristi omkhulu, nomoya wensali yonke yabantu, bafika, benza umsebenzi endlini kaJehova Sebawoti, uNkulunkulu wabo, 15ngosuku lwamashumi amabili nane ngenyanga yesithupha ngomnyaka wesibili kaDariyu inkosi.

UHagayi 2

Abakhi bayakhuthazwa

1Ngenyanga yesikhombisa ngolwamashumi amabili nanye lwenyanga izwi likaJehova lafika ngesandla sikaHagayi umprofethi, lathi: 2“Ake ukhulume kuZerubabele indodana kaSheyalitiyeli, umbusi wakwaJuda, nakuJoshuwa indodana kaJehosadaki, umpristi omkhulu, nakuyo insali yabantu, uthi: 3‘Ngubani oseleyo phakathi kwenu owayibona le ndlu ekukhazimuleni kwayo kokuqala? Niyayibona injani manje na? Ayinjengento yalutho emehlweni enu na? 4Kepha qina manje, Zerubabele,’ usho uJehova, ‘ube namandla, Joshuwa, ndodana kaJehosadaki, mpristi omkhulu, niqine nonke nina bantu bezwe,’ usho uJehova, ‘nisebenze ngokuba nginani,’ usho uJehova Sebawoti. 5‘Isithembiso enganinika sona ekuphumeni kwenu eGibithe noMoya wami kuyakuhlala phakathi kwenu; ningesabi.’

6“Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Kusezakuba yisikhashana nje ngizamazamisa amazulu nomhlaba, nolwandle, nomhlabathi owomileyo, 7ngizamazamise nabo bonke abezizwe, kufike okunxanelekayo kwabo bonke abezizwe, ngiyigcwalise le ndlu ngenkazimulo,’ usho uJehova Sebawoti. 8‘Ngelami isiliva, ngelami igolide,’ usho uJehova Sebawoti. 9‘Inkazimulo yokugcina yale ndlu iyakuba nkulu kuneyokuqala,’ usho uJehova Sebawoti, ‘nginike ukuthula kule ndawo,’ usho uJehova Sebawoti.”

10Ngolwamashumi amabili nane lwenyanga yesishiyagalolunye ngomnyaka wesibili kaDariyu izwi likaJehova lafika kuHagayi umprofethi, lathi: 11“Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Ake ubabuze abapristi ngomthetho, uthi: 12Uma umuntu ephethe inyama engcwele emphethweni wengubo yakhe, ethinta ngomphetho wakhe isinkwa, noma ukudla, noma iwayini, noma amafutha, noma yikuphi ukudla, kuyakuba ngcwele na?’ ”

Abapristi baphendula bathi: “Qha.”

13Wayesethi uHagayi: “Uma ongcolile ngesidumbu ethinta noma yikuphi kulokhu, kuyakungcola na?”

Abapristi baphendula bathi: “Kuyakungcola.”

14Wayesethatha uHagayi, wathi: “ ‘Banjalo laba bantu, sinjalo lesi sizwe ngaphambi kwami,’ usho uJehova; ‘injalo futhi yonke imisebenzi yezandla zabo; nalokhu abakusondeza khona kungcolile.

15“ ‘Ake nibeke ezinhliziyweni zenu manje, kusukela kulolu suku nangaphambili, ukuthi kungakabekwa itshe phezu kwetshe ethempelini likaJehova, 16kusukela kulezo, lapho kwayiwa enqwabeni yezilinganiso ezingamashumi amabili, kwakuyishumi nje, nalapho kwayiwa ezikhamweni zewayini ukukha izitsha ezingamashumi ayisihlanu, kwakungamashumi amabili nje. 17Nganishaya ngokuhamuka, nangesikhutha, nangesichotho kuyo yonke imisebenzi yezandla zenu, kepha nokho anibuyelanga kimi,’ usho uJehova. 18‘Ake nikubeke ezinhliziyweni zenu, kusukela kulolu suku nangaphambili, kwasosukwini lwamashumi amabili nane lwenyanga yesishiyagalolunye, kwasosukwini okwabekwa ngalo isisekelo sethempeli likaJehova, yebo, nikubeke ezinhliziyweni zenu. 19Imbewu isesibuyeni na? Qha, imivini, nemikhiwane, namapomegranati,* neminqumo akuthelanga; kepha kusukela kulolu suku ngiyakukubusisa.’ ”

20Izwi likaJehova lafika ngokwesibili kuHagayi ngolwamashumi amabili nane lwenyanga, lathi: 21“Yisho kuZerubabele umbusi wakwaJuda, uthi: ‘Ngiyakuzamazamisa amazulu nomhlaba, 22ngigumbuqele isihlalo sobukhosi semibuso, ngichithe amandla emibuso yabezizwe, ngigumbuqele izinqola nabakhwela kuzo; namahhashi ayakuwa nezinkweli zawo, kube yileyo naleyo ngenkemba yomfowabo.

23“ ‘Ngalolo suku,’ usho uJehova Sebawoti, ‘ngiyakukuthatha, Zerubabele, nceku yami, ndodana kaSheyalitiyeli,’ usho uJehova, ‘ngikwenze indandatho, ngokuba ngikukhethile,’ usho uJehova Sebawoti.”

UHagayi 1:1-2:23ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UZakariya 1

Abantu bayalezwa ukuphenduka

1Ngenyanga yesishiyagalombili ngomnyaka wesibili kaDariyu izwi likaJehova lafika kuZakariya indodana kaBerekiya ka-Ido, umprofethi, lathi:

2“UJehova wathukuthelela nokuthukuthelela oyihlo. 3Kepha yisho wena kubo, uthi: Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Buyelani kimi,’ usho uJehova Sebawoti, ‘ngiyakubuyela kini,’ usho uJehova Sebawoti. 4Ningabi njengawoyihlo abaprofethi bokuqala abamemeza kubo, bathi: Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Ake nibuye ezindleleni zenu ezimbi nasezenzweni zenu ezimbi;’ kepha kabalalelanga, kabangiqaphelanga, usho uJehova. 5Oyihlo baphi na? Nabaprofethi bakhona kuze kube phakade na? 6Kanti amazwi ami nezimiso zami engayala ngakho izinceku zami abaprofethi akubaficanga yini oyihlo, baze baphenduka, bathi: ‘Njengalokho uJehova Sebawoti ebehlosa ukwenza kithi njengezindlela zethu nemisebenzi yethu, wenze kanjalo kithina, na?’ ”

Umbono ngezinkweli zamahhashi

7Ngosuku lwamashumi amabili nane lwenyanga yeshumi nanye eyinyanga kaShebati ngomnyaka wesibili kaDariyu izwi likaJehova lafika kuZakariya indodana kaBerekiya ka-Ido, umprofethi, lathi:

8Ngabona ebusuku; bheka, nango umuntu ekhwele ihhashi elibomvu, wema phakathi kwemibomvana eyayisesigodini, nasemva kwakhe kwakukhona amahhashi abomvu, nalufipha, namhlophe.

9Ngase ngithi: “Bayini laba?”

Ingelosi eyayikhuluma nami yathi kimi: “Ngiyakukubonisa ukuthi bayini laba.”

10Umuntu owayemi phakathi kwemibomvana wathatha wathi: “Laba yibo uJehova abathumile ukuba bahambahambe emhlabeni.”

11Base bethatha, bathi kuyo ingelosi kaJehova eyayimi phakathi kwemibomvana: “Sihambahambile emhlabeni; bheka, wonke umhlaba uhlezi uthule.”

12Yayisithatha ingelosi kaJehova, yathi: “Jehova Sebawoti, koze kube nini ungabi nasihe kulo iJerusalema nakuyo imizi yakwaJuda oyithukuthelele le minyaka engamashumi ayisikhombisa na?” 13UJehova wayesephendula ingelosi eyayikhuluma kimi ngamazwi amahle, amazwi amnandi.

14Yayisithi kimi ingelosi eyayikhuluma nami: “Memeza uthi: Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Ngihawukela iJerusalema neSiyoni ngokuhawukela okukhulu. 15Ngentukuthelo enkulu ngiyathukuthelela izizwe ezizinzileyo, ngokuba lapho ngithukuthele kancane nje, zandisa okubi.’

16“Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: ‘Ngiyakubuyela eJerusalema ngomusa, indlu yami yakhiwe kulo,’ usho uJehova Sebawoti, ‘kwelulwe umucu wokulinganisa phezu kweJerusalema.’

17“Phinda umemeze, uthi: Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Imizi yami isayakuchichima okuhle, uJehova abuye aliduduze iSiyoni, abuye alikhethe iJerusalema.’ ”

Umbono ngezimpondo ezine nabakhandi bensimbi

18Ngase ngiphakamisa amehlo ami, ngabona; bheka, nazo izimpondo ezine. 19Ngathi kuyo ingelosi eyayikhuluma nami: “Ziyini lezi?”

Yathi kimi: “Lezi ziyizimpondo ezihlakazile oJuda, no-Israyeli, neJerusalema.”

20UJehova wayesengibonisa abakhandi abane bensimbi. 21Ngathi: “Laba bafike ukwenzani na?”

Wakhuluma wathi: “Leziya ziyizimpondo ezazimhlakaza uJuda ngangokuba kungabangakho muntu ophakamisa ikhanda lakhe, kepha laba bafikile ukubashaya ngovalo, bawise phansi izimpondo zabezizwe ezaziphakamisa uphondo ngezwe lakwaJuda ukuba lihlakazwe.”

UZakariya 2

Intambo yokulinganisa

1Ngaphakamisa amehlo ami, ngabona; bheka, nango umuntu enentambo yokulinganisa esandleni sakhe. 2Ngathi: “Uya ngaphi?”

Wathi kimi: “Ngiya ukulinganisa iJerusalema, ngibone ukuthi bungakanani ububanzi balo, bungakanani nobude balo.”

3Bheka, ingelosi eyayikhuluma nami yayisiphuma, nenye ingelosi yaphuma ukuyihlangabeza, 4yathi kuyo: “Gijima ukhulume kule nsizwa ukuthi iJerusalema liyakwakhiwa njengemizi engenanzingange ngenxa yobuningi babantu nezinkomo okuphakathi kwalo. 5‘Kepha mina,’ usho uJehova, ‘ngiyakuba lugange lomlilo kulo nxazonke, futhi ngibe yinkazimulo phakathi kwalo.’

6“Hheyi, hheyi, balekelani izwe lasenyakatho!” usho uJehova, “ngokuba nginihlakazile njengemimoya yomine yezulu,” usho uJehova.

7“Hheyi, zikhulule, uye eSiyoni, wena ohlezi nendodakazi yaseBabele!” 8Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti ongithumile ukulanda inkazimulo yakhe ezizweni ezaziniphanga ngokuba othinta nina uthinta inhlamvu yeso lakhe uthi: 9“Bhekani, ngiyakuqhweba ngesandla phezu kwabo, babe yimpango yababebakhonza, nazi ukuthi nguJehova Sebawoti ongithumileyo.

10“Hlabelela ngokujabula, uthokoze, ndodakazi yaseSiyoni, ngokuba bhekani, ngiyeza, ngiyakuhlala phakathi kwakho,” usho uJehova. 11“Izizwe eziningi ziyakuzihlanganisa noJehova ngalolo suku, zibe ngabantu bami; ngiyakuhlala phakathi kwakho, wazi ukuthi nguJehova Sebawoti ongithumile kuwe. 12UJehova uyakudla ifa lakwaJuda, libe yisabelo sakhe ezweni elingcwele, abuye akhethe iJerusalema. 13Thula, nyama yonke, phambi kukaJehova, ngokuba uvukile, waphuma endaweni yakhe engcwele.”

UZakariya 3

UJoshuwa umpristi omkhulu ephambi kwengelosi kaJehova

1Wayesengibonisa uJoshuwa umpristi omkhulu emi phambi kwengelosi kaJehova, noSathane emi ngakwesokunene sakhe ukumelana naye. 2UJehova wathi kuSathane: “UJehova uyakukukhuza, Sathane, yebo, uJehova olikhethile iJerusalema uyakukukhuza; lo akasiso isikhuni esophulwe emlilweni na?”

3UJoshuwa wayembethe izingubo ezingcolileyo; wayemi phambi kwengelosi. 4Yathatha yasho kwababemi phambi kwayo, yathi: “Mkhumuleni izingubo ezingcolileyo.” Kuyena yathi: “Bheka, ngidedisile kuwe ububi bakho; ngiyakukwembathisa ezobukhosi.”

5Ngase ngithi: “Mababeke isigqoko esihlanzekileyo ekhanda lakhe.” Base bebeka isigqoko esihlanzekileyo ekhanda lakhe, bamembathisa izingubo, ingelosi kaJehova isemi khona.

6Ingelosi kaJehova yagomela kuJoshuwa, yathi: 7“Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Uma uhamba ngezindlela zami, ugcine inkonzo yami, uyakwahlulela endlini yami, ugcine namagceke ami; ngiyakukunika ukuba uhambe phakathi kwalaba abemi lapha.

8“ ‘Ake uzwe, Joshuwa, mpristi omkhulu, wena nabangane bakho abahlala phambi kwakho, ngokuba bangabantu abayisibonakaliso: bhekani, ngiyakuveza inceku yami, uHlumela. 9Ngokuba bheka, itshe engilibeke phambi kukaJoshuwa kukhona amehlo ayisikhombisa etsheni lilodwa ngiyakuqopha ukuqoshwa kwalo,’ usho uJehova Sebawoti, ‘ngidedisele kude ububi balelo zwe ngalusuku lunye.

10“ ‘Ngalolo suku,’ usho uJehova Sebawoti, ‘niyakumema, kube yilowo nalowo umngane wakhe phansi komvini naphansi komkhiwane.’ ”

UZakariya 1:1-3:10ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU