Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 227

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UHezekeli 34

Isiprofetho ngabelusi bakwa-Israyeli

1Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 2“Ndodana yomuntu, profetha ngabelusi bakwa-Israyeli; profetha uthi kubo, kubelusi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Wo kubelusi bakwa-Israyeli abazibonelela bona! Abelusi bebengayikuzalusa izimvu na? 3Niyadla amanoni, nembatha uboya, nihlaba ezikhulupheleyo, kepha izimvu anizalusi. 4Ezibuthakathaka aniziqinisanga, negulayo aniyiphilisanga, neyaphukileyo aniyibophanga, nexoshiweyo aniyibuyisanga, nelahlekileyo aniyifunanga, kepha nizibusile ngamandla alukhuni. 5Zazihlakazekile, ngokuba umalusi wayengekho; zaba ngukudla kwazo zonke izilwane zasendle, zahlakazeka. 6Izimvu zami zazulazula kuzo zonke izintaba nakuwo onke amagquma aphakemeyo, yebo, izimvu zami zazihlakazekele ebusweni bonke bomhlaba, akwabakho ozifunayo nozicingayo.

7“ ‘Ngalokho, belusi, zwanini izwi likaJehova lokuthi: 8Kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, impela ngenxa yokuba izimvu zami zaba yimpango, nangokuba izimvu zami zaba ngukudla kwazo zonke izilwane zasendle, lokhu umalusi engekho, nangokuba abelusi bami bengafunanga izimvu zami, abelusi bezibonelela bona, bengazalusi izimvu zami, 9ngalokho, belusi, zwanini izwi likaJehova lokuthi: 10Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bhekani, ngimelene nabelusi, ngiyakuzibiza izimvu zami esandleni sabo, ngenze ukuba bangabe besazalusa izimvu, abelusi bangabe besazibonelela bona, ngophule izimvu zami emlonyeni wabo, zingabi ngukudla kwabo.

11“ ‘Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bhekani, mina ngiyakuzifuna izimvu zami, ngizicinge. 12Njengomalusi efuna umhlambi wakhe mhla ephakathi kwezimvu zakhe ezilahlekileyo, kanjalo ngiyakufuna izimvu zami, ngizophule kuzo zonke izindawo ezihlakazekele kuzo ngosuku lwamafu nolobumnyama. 13Ngiyakuzikhipha kubantu, ngiziqoqe emazweni, ngiziyise ezweni lazo, ngizaluse ezintabeni zakwa-Israyeli, ngasemifuleni, nasezindaweni zonke ezakhiweyo zezwe. 14Ngiyakuzalusela emadlelweni amahle, isibaya sazo sibe sezintabeni zempakama yakwa-Israyeli; ziyakubuthisa khona esibayeni esihle, ziklabe emadlelweni aluhlaza ezintabeni zakwa-Israyeli. 15Mina ngiyakuzalusa izimvu zami, ngenze ukuba zibuthise, isho iNkosi uJehova. 16Ngiyakufuna ezilahlekileyo, ngibuyise ezixoshiweyo, ngibophe ezaphukileyo, ngiqinise ezigulayo; kepha ezikhulupheleyo nezinamandla ngiyakuzichitha, ngizaluse ngokwahlulela.

17“ ‘Nina-ke, zimvu zami, isho iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakwahlulela phakathi kwemvu nemvu naphakathi kwezimpongo. 18Kuncane kini yini ukuklaba edlelweni elihle nize ninyathele ngezinyawo zenu okuseleyo kwedlelo lenu, nokuphuza amanzi acwebileyo nize nidunge aseleyo ngezinyawo zenu na? 19Izimvu zami ziyadla okunyathelwe ngezinyawo zenu, ziphuza okudungiwe ngezinyawo zenu.

20“ ‘Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova kuzo, ithi: Bhekani, mina ngiyakwahlulela phakathi kwezimvu ezikhulupheleyo nezimvu ezondileyo. 21Ngokuba nisunduza ngohlangothi nangehlombe, niqhubukusha zonke ezigulayo ngezimpondo zenu, nize nizihlakazele ngaphandle, 22ngiyakusindisa izimvu zami, azisayikuba yimpango, ngahlulele phakathi kwezimvu nezimvu. 23Ngiyakumisa umalusi phezu kwazo, azaluse: inceku yami uDavide; uyakuzalusa, abe ngumalusi wazo. 24Mina Jehova ngiyakuba nguNkulunkulu wazo, inceku yami uDavide ibe yisikhulu phakathi kwazo; mina Jehova ngikhulumile.

25“ ‘Ngiyakwenza nazo isivumelwano sokuthula, ngiqede izilwane ezimbi ezweni, zihlale zilondekile ehlane, zilale emahlathini. 26Ngiyakuzenza zona nezindawo ezizungeza intaba yami zibe yisibusiso, ngehlise imvula ngesikhathi sayo, ibe yizihlambi zesibusiso. 27Umuthi osendle uyakuthela izithelo zawo, umhlabathi uthele ukudla kwawo, zihlale zilondekile ezweni lazo, zazi ukuthi nginguJehova, lapho sengaphulile izikeyi* zejoka lazo, ngazophula esandleni salabo ezenziwa izikhonzi yibo. 28Azisayikuba yimpango yabezizwe, nesilwane somhlaba asiyikuzidla, kepha ziyakuhlala zilondekile, zingesatshiswa muntu. 29Ngiyakuzivusela insimu edumileyo; azisayikususwa yindlala ezweni, zingasalithwali ihlazo labezizwe. 30Ziyakwazi ukuthi mina Jehova uNkulunkulu wazo nginazo nokuthi zona, indlu yakwa-Israyeli, zingabantu bami, isho iNkosi uJehova. 31Nina niyizimvu zami, niyizimvu zedlelo lami; ningabantu, mina nginguNkulunkulu wenu, isho iNkosi uJehova.’ ”

UHezekeli 35

Isiprofetho ngentaba yaseSeyiri

1Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 2“Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho ngasentabeni yaseSeyiri, uprofethe ngayo, 3uthi kuyo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngimelene nawe ntaba yaseSeyiri; ngiyakwelulela kuwe isandla sami, ngikwenze incithakalo nokuyize. 4Ngiyakwenza imizi yakho ibe yihlane, wena ube yincithakalo, wazi ukuthi nginguJehova.

5“ ‘Ngokuba unobutha obuphakade, futhi unikele abantwana bakwa-Israyeli osikweni lwenkemba ngesikhathi sesigemegeme sabo, ngesikhathi sokuphela kokubi, 6ngalokho, kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, ngiyakwenza ube yigazi, igazi likuxoshe; ngokuba ungazondanga igazi, igazi liyakukulandela. 7Ngiyakwenza intaba yaseSeyiri ibe yincithakalo nokuyize, nginqume kuyo odlulayo nobuyayo. 8Ngiyakugcwalisa izintaba zayo ngababuleweyo bayo, abagwazwe ngenkemba bawa emagqumeni akho, nasezigodini zakho, nakuyo yonke imifula yakho. 9Ngiyakukwenza incithakalo ephakade, imizi yakho ingabe isahlalwa, nazi ukuthi nginguJehova.

10“ ‘Ngokuba wathi: “Lezi zizwe ezimbili nalawa mazwe amabili kuyakuba ngokwami, sidle ifa lakho,” noma uJehova ebelapho, 11ngalokho, kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, ngiyakwenza njengolaka lwakho nanjengomhawu wakho obafele wona ngokubazonda kwakho, ngizazise kubo, lapho ngikwahlulela. 12Uyakwazi ukuthi nginguJehova; ngizwile zonke izithuko zakho ozikhulume ngezintaba zakwa-Israyeli ngokuthi: “Yincithakalo; siphiwe zona ukuba sizidle.” 13Nizikhulisile kimi ngomlomo wenu, nandisile amazwi enu kimi; mina ngiwezwile. 14Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Lapho uthokoza umhlaba wonke, ngiyakukwenza incithakalo. 15Njengokuthokoza kwakho ngefa lendlu yakwa-Israyeli, ngokuba ibiyincithakalo, kanjalo ngiyakwenza kuwe: uyakuba yincithakalo, ntaba yaseSeyiri, naye wonke u-Edomi, yebo, wonke wakhe, bazi ukuthi nginguJehova.’ ”

UHezekeli 36

Ukubuyiswa kuka-Israyeli

1“Wena ndodana yomuntu, profetha ngezintaba zakwa-Israyeli, uthi: ‘Nina zintaba zakwa-Israyeli, zwanini izwi likaJehova. 2Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba isitha sisho kuwe, sithi: “Ashila,” nokuthi: “Izindawo eziphakemeyo zamandulo seziyifa lethu,” ’ 3ngalokho profetha, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba, yebo, ngokuba banenza incithakalo, banigwinya nxazonke ukuba nibe yifa lezizwe eziseleyo, futhi niphathwa ngezindebe zezideleli nangokuhleba kwabantu, 4ngalokho, zintaba zakwa-Israyeli, zwanini izwi leNkosi uJehova lokuthi: Isho kanje iNkosi uJehova kuzo izintaba nakuwo amagquma, kuyo imifula nakuzo izigodi, nakuzo izindawo ezichithekileyo, nakuyo imizi eshiyiweyo, osekuyimpango nenhlekiso yezizwe eziseleyo ezikhona nxazonke, 5yebo, ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Impela ngomlilo womhawu wami ngikhulumile ngensali yezizwe nangawo wonke u-Edomi, ababeke izwe lami libe yifa labo ngentokozo yenhliziyo yabo yonke nangamafundululu omphefumulo, ukuze lilahlwe libe yimpango;’ 6ngalokho profetha ngezwe lakwa-Israyeli, uthi kuzo izintaba nakuwo amagquma, kuyo imifula nakuzo izigodi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bhekani, ngikhulume ngomhawu wami nangokufutheka kwami, ngokuba nithwele ihlazo labezizwe. 7Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiphakamisile isandla sami ngokuthi: Impela abezizwe abakini nxazonke bayakuthwala ihlazo labo.

8“ ‘Kepha nina zintaba zakwa-Israyeli niyakuveza amagatsha enu, nithelele abantu bami izithelo zenu, ngokuba sebeseduze ukubuya. 9Ngokuba bhekani, nginani; ngiyakuphendukela kini, niyakulinywa, nihlwanyelwe. 10Ngiyakwandisa abantu phezu kwenu, yonke indlu yakwa-Israyeli, yonke yayo; imizi iyakuhlalwa, nezindawo ezichithekileyo ziyakwakhiwa. 11Ngiyakwandisa phezu kwenu abantu nezilwane; kuyakwanda, kuzale; ngiyakwenza ukuba nihlalwe njengakuqala, kube kuhle kini kunakuqala, nazi ukuthi nginguJehova. 12Ngiyakuhambisa abantu phezu kwenu, abantu bami u-Israyeli; bayakukuzuza, ube yifa labo; awusayikubaphuca abantwana.

13“ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba bathi kuwe: “Wena ungodlayo abantu, waphucile abantwana besizwe sakini,” 14ngalokho awusayikudla abantu, ungasaphuci abantwana besizwe sakini, isho iNkosi uJehova. 15Angisayikukuzwisa ihlazo labezizwe, ungasathwali amahloni abantu, ungasakhubekisi isizwe sakini, isho iNkosi uJehova.’ ”

16Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 17“Ndodana yomuntu, indlu yakwa-Israyeli isahlala ezweni layo balingcolisa ngezindlela zabo nangezenzo zabo; indlela yabo yayingcolile phambi kwami njengowesifazane ekungcoleni kwakhe. 18Ngase ngithulula ukufutheka kwami phezu kwabo ngenxa yegazi ababelichithe ezweni, nangokuba babelingcolisile ngezithombe zabo. 19Ngabahlakazela phakathi kwezizwe, basabalaliselwa emazweni; ngabahlulela njengendlela yabo nezenzo zabo. 20Nxa sebefika ezizweni lapho beya khona, balihlambalaza igama lami elingcwele, lapho kwakuthiwa ngabo: ‘Laba bangabantu bakaJehova, kepha nokho baphumile ezweni lakubo.’ 21Kodwa ngalihawukela igama lami elingcwele eyayilingcolisile indlu yakwa-Israyeli phakathi kwezizwe, lapho yaya khona.

22“Ngalokho yisho kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi: ‘Isho kanje iNkosi, uJehova, ithi: Angikwenzi lokho ngenxa yenu nina ndlu yakwa-Israyeli, kepha ngenxa yegama lami elingcwele enilihlambalazile phakathi kwezizwe, lapho naya khona. 23Ngiyakulingcwelisa igama lami elikhulu elihlanjalaziwe phakathi kwezizwe, enilihlambalazile phakathi kwazo, izizwe zazi ukuthi nginguJehova, isho iNkosi uJehova, lapho ngiyakungcweliseka ngani emehlweni abo.

24“ ‘Ngiyakunithabatha ezizweni, nginibuthe emazweni onke, nginiyise ezweni lakini. 25Ngiyakunifafaza ngamanzi ahlambulukileyo, nihlambuluke, nginihlambulule kukho konke ukungcola kwenu nakuzo zonke izithombe zenu. 26Ngiyakuninika inhliziyo entsha, ngifake phakathi kwenu umoya omusha, ngikhiphe inhliziyo yetshe enyameni yenu, ngininike inhliziyo yenyama. 27Ngiyakufaka umoya wami phakathi kwenu, ngenze ukuba nihambe ngezimiso zami; niyakugcina izahlulelo zami, nizenze. 28Niyakuhlala ezweni engalinika oyihlo, nibe ngabantu bami, mina ngibe nguNkulunkulu wenu. 29Ngiyakunisindisa kukho konke ukungcola kwenu, ngibize amabele, ngiwandise, ngingabeki indlala phezu kwenu. 30Ngiyakwandisa izithelo zomuthi nokudla komhlabathi, ningabe nisamukeliswa ihlazo lendlala phakathi kwezizwe. 31Seniyakukhumbula izindlela zenu ezimbi nezenzo zenu ezingezinhle, ninengeke emehlweni enu ngenxa yobubi benu nangenxa yezinengiso zenu. 32Angikwenzi lokhu ngenxa yenu, isho iNkosi uJehova; makwaziwe kini; jabhani, nibe namahloni ngenxa yezindlela zenu nina ndlu yakwa-Israyeli.

33“ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Mhla nginihlambulula ebubini benu bonke, ngiyakwenza ukuba imizi ihlalwe, zakhiwe izindawo ezichithekileyo. 34Izwe elaliyize liyakulinywa esikhundleni sokuba yincithakalo emehlweni abo bonke abadlulayo. 35Bayakuthi: “Leli zwe ekade laliyize selinjengensimu yase-Edene, nemizi echithekileyo neyayiyincithakalo nediliziweyo isibiyelwe, iyahlalwa.” 36Seziyakwazi izizwe ezisele nxazonke zenu ukuthi mina Jehova ngakhile izindawo ezidiliziweyo, ngatshala lokhu okukade kwakuyincithakalo; mina Jehova ngikhulumile, ngiyakukwenza.’

37“Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Nangalokhu ngiyakucelwa yindlu yakwa-Israyeli ukuba ngiyenzele: ngiyakuyandisela abantu njengezimvu. 38Njengomhlambi ongcwelisiweyo, njengomhlambi waseJerusalema emikhosini yalo emisiweyo, kanjalo imizi echithekileyo iyakugcwala imihlambi yabantu, bazi ukuthi nginguJehova.”

UHezekeli 34:1-36:38ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU