Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 220

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UHezekeli 14

Isijeziso sabakhonza izithombe

1Kwafika kimi amadoda amalunga akwa-Israyeli, ahlala phambi kwami. 2Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 3“Ndodana yomuntu, lawa madoda angenisile izithombe zawo ezinhliziyweni zawo, abeka isikhubekiso sokona kwawo phambi kobuso bawo. Impela ngiyakubuzwa yiwo na? 4Qha! Ngalokho khuluma kuwona, uthi kuwo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Yilowo nalowo muntu wakwa-Israyeli ongenisa izithombe zakhe enhliziyweni yakhe, abeke isikhubekiso sokona kwakhe phambi kobuso bakhe, eze kumprofethi, mina Jehova ngiyakumphendula ngokobuningi bezithombe zakhe, 5ukuze ngibambe indlu yakwa-Israyeli ngenhliziyo yabo, ngokuba bonke bazahlukanisile nami ngezithombe zabo.’

6“Ngalokho yisho kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Phendukani, nibuye ezithombeni zenu, nifulathele zonke izinengiso zenu.

7“ ‘Ngokuba yilowo nalowo muntu wendlu ka-Israyeli nomfokazi ogogobele kwa-Israyeli, ozahlukanisa nami, angenise izithombe zakhe enhliziyweni yakhe, abeke isikhubekiso sokona kwakhe phambi kobuso bakhe, eze kumprofethi ukuba azibuzele kimi, mina Jehova ngiyakumphendula ngokwami, 8ngibhekise ubuso bami bumelane nalowo muntu, ngimbeke abe yisibonakaliso nesaga, ngimnqume, asuke phakathi kwabantu bami, nazi ukuthi nginguJehova.

9“ ‘Uma umprofethi eyengwa akhulume izwi, mina Jehova ngimyengile lowo mprofethi; ngiyakwelulela isandla sami phezu kwakhe, ngimchithe phakathi kwabantu bami u-Israyeli. 10Bayakuthwala ukona kwabo, ukona kobuzayo kube njengokona komprofethi, 11ukuze indlu yakwa-Israyeli ingabe isaduka kimi, ingabe isazingcolisa ngeziphambeko zayo zonke, kepha ibe ngabantu bami, mina ngibe nguNkulunkulu wabo, isho iNkosi uJehova.’ ”

12Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 13“Ndodana yomuntu, lapho izwe lona kimi ngokwenza iziphambeko, ngelulele isandla sami phezu kwalo, ngaphule uzime lwalo lwesinkwa, ngithume indlala kulo, nginqume kulo abantu nezilwane, 14noma ebekhona phakathi kwalo lawa madoda amathathu, oNowa, noDaniyeli, noJobe, wona ayeyakophula imiphefumulo yawo kuphela ngokulunga kwawo, isho iNkosi uJehova.

15“Uma ngidabulisa izilwane ezimbi ezweni, ziliphange libe yincithakalo, ukuze kungadluli muntu ngenxa yezilwane, 16noma ebekhona lawo madoda amathathu phakathi kwalo, kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, ayengayikophula amadodana noma amadodakazi, ophulwe wona odwa, izwe libe yincithakalo.

17“Nokuba bengiyakwehlisela inkemba phezu kwalelo zwe, ngithi: ‘Inkemba mayidabule ezweni,’ ukuze nginqume kulo abantu nezilwane, 18noma ebekhona lawo madoda amathathu phakathi kwalo, kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, ayengayikophula amadodana noma amadodakazi, ophulwe wona odwa.

19“Nokuba bengiyakuthuma isifo kulelo zwe, ngithele ukufutheka kwami phezu kwalo ngegazi ukuba nginqume kulo abantu nezilwane, 20noma bebekhona oNowa, noDaniyeli, noJobe phakathi kwalo, kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, bebengayikophula amadodana noma amadodakazi, bophule imiphefumulo yabo kuphela ngokulunga kwabo.

21“Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Kakhulu kangakanani, lapho ngithuma eJerusalema izahlulelo zami ezine ezimbi, inkemba, nendlala, nezilwane ezesabekayo, nesifo ukuba nginqume kulo abantu nezilwane, na? 22Kepha bheka, kuyakushiywa kulo ababalekileyo abayakukhishwa, amadodana namadodakazi; bheka, ayakuphumela kini, nibone indlela yawo nemisebenzi yawo, niduduzwe ngokubi engehlisele khona phezu kweJerusalema, yebo, ngakho konke engehlisele khona phezu kwalo. 23Ayakuniduduza, lapho nibona indlela yawo nemisebenzi yawo, nazi ukuthi angenzanga ngaphandle kwesizathu konke engikwenzileyo phakathi kwalo, isho iNkosi uJehova.”

UHezekeli 15

Umvini owomileyo

1Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 2“Ndodana yomuntu, umuthi womvini udlula ngani imithi yonke, igatsha lomvini eliphakathi kwemithi yasehlathini, na? 3Kuyakuthathwa kuwo umuthi wokwenza umsebenzi, noma kuthathwe kuwo isikhonkwane ukuphanyeka isitsha, na? 4Bheka, uyafakwa emlilweni ukuba udliwe, ziqedwe ngumlilo izihloko zawo zombili, kuhanguke okuphakathi kwazo; usulungele umsebenzi na? 5Bheka, usaphelele awenziwanga waba ngokomsebenzi; kakhulu kangakanani, lapho umlilo uwuqedile wahanguka, uyobe usenziwa ube ngokomsebenzi, na?

6“Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Njengomuthi womvini phakathi kwemithi yasehlathini engiwunike umlilo ukuba uqedwe, kanjalo ngiyakunikela abakhileyo eJerusalema. 7Ngiyakubhekisa ubuso bami bumelane nabo; baphumile emlilweni, kepha umlilo uyakubaqeda; niyakwazi ukuthi nginguJehova, lapho ngibhekisa ubuso bami bumelane nabo. 8Ngiyakwenza izwe libe yincithakalo, ngokuba benze isiphambeko, isho iNkosi uJehova.”

UHezekeli 16

Umfazi ongathembekiyo

1Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 2“Ndodana yomuntu, yazisa iJerusalema izinengiso zalo, 3uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova kulo iJerusalema, ithi: Ukudabuka kwakho nokuzalwa kwakho kungokwezwe laseKhanani; uyihlo wayengumAmori, nonyoko wayengumHetikazi. 4Ekuzalweni kwakho inkaba yakho ayinqunywanga ngosuku lokuzalwa kwakho, awugezwanga ngamanzi ukuba uhlambuluke, awuhlikihlwanga nakanye ngosawoti, awusongwanga nokusongwa. 5Awuhawukelwanga yiso ukuba kwenziwe lokhu kuwe, uphathwe ngobubele, kepha waphonswa endle, lokhu wanengeka ngosuku lokuzalwa kwakho.

6“ ‘Lapho ngidlula kuwe, ngikubona ungqasha egazini lakho, ngathi kuwe: Wena osegazini lakho: “Phila!” yebo, ngathi kuwe, wena osegazini lakho: “Phila!” 7Wande njengehlumela lasendle; wanda, wakhula, wabukeka nokubukeka; amabele akho aphuhla, izinwele zakho zazimilile, kepha wawunqunu, wawuze.

8“ ‘Lapho ngidlula kuwe, ngikubona, bheka, kwakuyisikhathi sakho, isikhathi sokuthanda; ngeneka ingubo yami phezu kwakho, ngembathisa ubunqunu bakho; yebo, ngafunga kuwe, ngangena esivumelwaneni nawe, isho iNkosi uJehova, waba ngowami.

9“ ‘Ngakugeza ngamanzi, ngahlanzisisa igazi lakho kuwe, ngakugcoba ngamafutha. 10Ngakwembathisa imifekethiso, ngakufaka izicathulo zesikhumba samatahasi,* ngakubhincisa ilineni elicolekileyo, ngakusibekela ngosilika.* 11Ngakuvunulisa ngezivunulo, ngafaka amasongo ezandleni zakho nomnaka entanyeni yakho. 12Ngafaka icici emakhaleni akho, namagenqeza ezindlebeni zakho, nomqhele omuhle ekhanda lakho. 13Wawusuhlotshisiwe ngegolide nangesiliva, isambatho sakho sasiyilineni elicolekileyo, nosilika*, nemifekethiso; wadla impuphu ecolekileyo, nezinyosi, namafutha; wawumuhle kakhulu impela, wahlahlamela, waze wathola ubukhosikazi. 14Igama lakho laphumela ezizweni ngobuhle bakho, ngokuba laliphelele ngemihlobiso engangiyibeke kuwe, isho iNkosi uJehova.

15“ ‘Kepha wethemba ebuhleni bakho, wafebela igama lakho, wathululela bonke abadlulayo ubufebe bakho, baba ngobakhe. 16Wathatha ezingutsheni zakho, wazenzela izindawo eziphakemeyo ezingamagqabhagqabha, wafeba kuzo, okungazange kwenzeke nokungasoze kwenziwa. 17Wathatha izinto zakho ezinhle, egolideni lami nasesiliveni lami engangikunike khona, wazenzela izithombe zabesilisa, wafeba nazo. 18Wathatha izingubo zakho ezifekethisiweyo, wazisibekela, wabeka amafutha ami nempepho yami phambi kwazo. 19Nesinkwa sami engangikunike sona, impuphu ecolekileyo, namafutha, nezinyosi engangikudlise khona, wakubeka phambi kwazo, kwaba yiphunga elimnandi; kwaba njalo, isho iNkosi uJehova.

20“ ‘Wawathatha amadodana akho namadodakazi akho owangizalela wona, wawahlabela zona ukuba adliwe. Babubuncane ubufebe bakho 21ukuba ubulale abantwana bami, unikele ngabo kuzo ngokubadabulisa emlilweni, na? 22Kuzo zonke izinengiso zakho nakubo bonke ubufebe bakho awukhumbulanga izinsuku zobusha bakho, lapho wawunqunu, wawuze, wangqasha egazini lakho.

23“ ‘Kwathi emva kwabo bonke ububi bakho – maye, maye kuwe! isho iNkosi uJehova – 24wazakhela iqhugwane, wazenzela indawo ephakemeyo ezigcawini zonke. 25Ezingosini zonke zezitaladi wakha izindawo zakho eziphakemeyo, wenza ubuhle bakho baba yisinengiso, wenekela bonke abadlulayo imilenze yakho, wandisa ubufebe bakho. 26Wafeba nabaseGibithe, abakhelwane bakho, abanyama inkulu, wandisa ubufebe ukungicunula. 27Bheka, ngase ngelulela isandla sami kuwe, nganciphisa ukudla owakunqunyelwayo, ngakunikela entandweni yabakuzondayo, amadodakazi amaFilisti, ayenamahloni ngendlela yakho yokukhanuka. 28Wafeba nama-Asiriya ngokuba wawungakadeli; yebo wafeba nawo, kepha namanje wawungakadeli. 29Wandisa ubufebe bakho kuze kubesezweni labathengi, iKalideya, kepha nangalokho awudelanga.

30“ ‘Yeka ubuthakathaka benhliziyo yakho, isho iNkosi uJehova, lokhu wenza zonke lezi zinto, izenzo zowesifazane oyisifebe esingazibambiyo. 31Wakha iqhugwane lakho ezingosini zezitaladi, wenza indawo yakho ephakemeyo kuzo zonke izigcawu, ungaba nganjengezifebe ngokudelela inkokhelo, 32wena mfazi ophingayo, othatha abafokazi esikhundleni sendoda yakhe. 33Zonke izifebe ziphiwa imivuzo, kepha wena unika zonke izithandwa zakho imivuzo, uziqashe ukuba zifike kuwe nxazonke ekufebeni kwakho. 34Wahlukene nabanye abesifazane ekufebeni kwakho ngalokho ukuthi akakho olandela wena ukuyofeba; ngokunika kwakho imivuzo, ungaphiwa imivuzo kodwa wena, ngalokho wahlukene.

35“ ‘Ngalokho yizwa, sifebe, izwi likaJehova. 36Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba uthululile amahloni akho, nobunqunu bakho bambulwa ngobufebe bakho nezithandwa zakho, nangenxa yazo zonke izithombe zezinengiso zakho, nangegazi labantwana bakho owabanika lona, 37ngalokho bheka, ngiyakubutha zonke izithandwa zakho ozenamisile nazo, nazo zonke ozithandileyo, nazo zonke ozizondileyo, ngizibuthe ngakuwe zivela nxazonke, ngizambulele ubunqunu bakho ukuba zibone bonke ubunqunu bakho. 38Ngiyakukwahlulela ngesahlulelo seziphingikazi nesabachithi begazi, ngehlisele phezu kwakho igazi lokufutheka nomhawu. 39Ngiyakukunikela esandleni sazo, zilibhidlize iqhugwane lakho, zizidilize izindawo zakho eziphakemeyo, zikuhlubule izingubo zakho, zithathe izinto zakho ezinhle, zikushiye unqunu, uze. 40Ziyakukwenyusela isixuku, zikukhande ngamatshe, zikuhlahlele ngezinkemba zazo. 41Ziyakushisa izindlu zakho ngomlilo, zikwahlulele emehlweni abesifazane abaningi, ngenze ukuba uyeke ukufeba, wena ungabe usanika umvuzo. 42Ngiyakuqeda ukufutheka kwami kuwe, umhawu wami usuke kuwe, ngibe nokuthula, ngingabe ngisacunuka.

43“ ‘Ngokuba awukhumbulanga izinsuku zobusha bakho, kepha ungikhathazile kukho konke lokhu, ngiyakwehlisela indlela yakho phezu kwekhanda lakho, isho iNkosi uJehova, ungenzi ukukhanuka phezu kwazo zonke ezinye izinengiso.

44“ ‘Bonke abalinganisa ngezaga bayakulinganisa ngalesi kuwe, bathi: “Njengonina, injalo indodakazi.” 45Uyindodakazi kanyoko owanengwa yindoda yakhe nabantwana bakhe; ungudade wawodadewenu abanengwa ngamadoda abo nabantwana babo; unyoko wayengumHetikazi, uyihlo wayengumAmori. 46Udadewenu omkhulu uyiSamariya elihlezi namadodakazi alo ngakwesokhohlo sakho; udadewenu omncane ohlezi ngakwesokunene sakho uyiSodoma namadodakazi alo. 47Awuhambanga ngezindlela zabo, awenzanga ngezinengiso zabo, kepha njengokuba lokho kwakuyinto encane nje, wonakala kuzo zonke izindlela zakho kunabo. 48Kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, iSodoma udadewenu alenzanga lona namadodakazi alo njengalokho wenzile wena namadodakazi akho.

49“ ‘Bheka, nakhu ukona kukadadewenu iSodoma; ukuzidla, nokusutha ukudla, nokuzinza okuthuleyo kwakukhona kulo nakuwo amadodakazi alo, kepha aliqinisanga isandla sabampofu nabaswelayo. 50Babeziphakamisa, benza izinengiso phambi kwami; ngase ngibasusa njengokubona kwami. 51ISamariya alenzanga inxenye yezono zakho; kepha wandisile izinengiso zakho kunabo, wathetha odadewenu ngazo zonke izinengiso ozenzileyo. 52Thwala wena ihlazo lakho, lokhu wathetha odadewenu; ngezono zakho ozenzileyo ezinengekayo balungile kunawe; yebo, mawujabhe, uthwale ihlazo lakho ngokuthetha odadewenu.

53“ ‘Ngiyakubuyisa ukuthunjwa kwabo, ukuthunjwa kweSodoma nokwamadodakazi alo, nokuthunjwa kweSamariya nokwamadodakazi alo, nokuthunjwa kwabathunjwa bakho phakathi kwawo 54ukuba uthwale ihlazo lakho, ujabhe ngenxa yakho konke okwenzileyo, ube yinduduzo kubo. 55Odadewenu, iSodoma namadodakazi alo, bayakubuyela esimweni sabo sokuqala, neSamariya namadodakazi alo bayakubuyela esimweni sabo sokuqala, wena namadodakazi akho nibuyele esimweni senu sokuqala. 56Ngokuba udadewenu iSodoma akaphathwanga ngomlomo wakho ngosuku lokuzidla kwakho, 57bungakambulwa ububi bakho, njengasesikhathini sehlazo lamadodakazi ase-Aramu nawo onke amadodakazi amaFilisti alihaqayo, akudumaza nxazonke. 58Usuyathwala ukukhanuka kwakho nezinengiso zakho, usho uJehova.

59“ ‘Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakwenza kuwe njengalokho okwenzileyo, udelele isifungo, waphula isivumelwano. 60Kepha mina ngiyakusikhumbula isivumelwano sami nawe ebusheni bakho, ngikumisele isivumelwano esiphakade. 61Usuyakuzikhumbula izindlela zakho, ujabhe, lapho uyakubamukela odadewenu, omkhulu nomncane, ngikunike wona abe ngamadodakazi, kungabi ngesivumelwano sakho kodwa. 62Sengiyakumisa isivumelwano sami nawe, wazi ukuthi nginguJehova 63ukuba ukhumbule, ube namahloni, ungabe usavula umlomo wakho ngenxa yehlazo lakho, lapho ngikuthethelele konke okwenzileyo, isho iNkosi uJehova.’ ”

UHezekeli 14:1-16:63ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU