Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 214

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UJeremiya 52

Ukuwa kweJerusalema

1USedekiya wayeneminyaka engamashumi amabili nanye ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nanye eJerusalema; igama likanina lalinguHamuthali indodakazi kaJeremiya waseLibina. 2Wenza okubi emehlweni kaJehova njengakho konke akwenzileyo uJehoyakimi. 3Ngokuba kwenzeka lokho eJerusalema nakwaJuda ngenxa yentukuthelo kaJehova, waze wabalahla ebusweni bakhe; uSedekiya wayihlubuka inkosi yaseBabele.

4Kwathi ngomnyaka wesishiyagalolunye wokubusa kwakhe ngenyanga yeshumi, ngolweshumi lwenyanga, kwafika uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, yena nayo yonke impi yakhe, eJerusalema, wamisa malungana nalo, bakha inqaba ngakulo nxazonke. 5Wawusuvinjezelwa umuzi kwaze kwaba ngumnyaka weshumi nanye wenkosi uSedekiya.

6Ngenyanga yesine ngolwesishiyagalolunye lwenyanga indlala yaba namandla emzini, akubangakho kudla kubantu bezwe. 7Kepha wawusufohlwa umuzi, onke amadoda empi abaleka, aphuma emzini ebusuku ngendlela yesango phakathi kwezingange zombili ezazingasensimini yenkosi – amaKaledi ayekhona nxazonke zomuzi – ahamba ngendlela yase-Araba. 8Kodwa impi yamaKaledi yayixosha inkosi, yamfica uSedekiya emathafeni aseJeriko, yonke impi yakhe yahlakazeka. 9Ayeseyibamba inkosi, ayenyusela enkosini yaseBabele eRibila ezweni laseHamati, ayahlulela. 10Inkosi yaseBabele yabulala amadodana kaSedekiya phambi kwamehlo akhe; yabulala nazo zonke izikhulu zakwaJuda eRibila. 11Yakhipha namehlo kaSedekiya; inkosi yaseBabele yambopha ngamaketanga, yamyisa eBabele, yamfaka etilongweni kwaze kwaba sosukwini lokufa kwakhe.

12Ngenyanga yesihlanu, ngolweshumi lwenyanga okwakungumnyaka weshumi nesishiyagalolunye wenkosi uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, kwafika uNebuzaradani induna yabalindi, inceku yenkosi yaseBabele, eJerusalema. 13Washisa indlu kaJehova nendlu yenkosi; nazo zonke izindlu zaseJerusalema, zonke izindlu ezinkulu, wazishisa ngomlilo. 14Yonke impi yamaKaledi induna yabalindi eyayinayo yadiliza izingange zaseJerusalema nxazonke. 15Abantu abathile abayizimpofana, nabantu abaseleyo ababesele emzini, nabahlubukileyo behlubukela enkosini yaseBabele, nesixuku esiseleyo uNebuzaradani induna yabalindi wabathumba. 16Kepha uNebuzaradani induna yabalindi washiya abantu abathile bezwe abayizimpofana ukuba baphathe izivini namasimu.

17Izinsika zethusi ezazisendlini yenkosi, nezinqe, nolwandle lwethusi okwakusendlini kaJehova amaKaledi akuhlephula, athuthela lonke ithusi lakho eBabele. 18Amakhanzi, namafosholo, nezizenze, nemicakulo, nezinkezo, nazo zonke izitsha zethusi ababekhonza ngazo akuthatha. 19Izindebe, nemicengezi yomlilo, nezitsha, namakhanzi, nezinti zezibani, nezinkezo, nezinkamba, okwegolide lodwa nesiliva lodwa, nalokho induna yabalindi yakuthatha.

20Izinsika zombili, nolwandle olwalulunye nje, nezinkabi eziyishumi nambili zethusi ezaziphansi kwezinye, inkosi uSolomoni eyayikwenzele indlu kaJehova, ithusi lazo zonke lezi zinto lalingenakulinganiswa. 21Izinsika-ke, ukuphakama kwensika eyodwa kwakuyizingalo eziyishumi nesishiyagalombili; umucu oyizingalo eziyishumi nambili wawuyizungeza; uhlonze lwayo lwaluyiminwe emine, yayiyigobongo. 22Kwakukhona isihloko sethusi; ukuphakama kwesihloko esisodwa kwakuyizingalo eziyisihlanu; kwakukhona nenetha namapomegranati* phezu kwesihloko nxazonke, konke kwakungokwethusi; njengangale kwakunjalo nasensikeni yesibili enamapomegranati. 23Kwakukhona amapomegranati* angamashumi ayisishiyagalolunye nesithupha ngasemoyeni; onke amapomegranati asenetheni nxazonke ayeyikhulu.

24Induna yabalindi yathatha uSeraya, umpristi omkhulu, noZefaniya, umpristi wesibili, nabalindimnyango abathathu; 25yathatha emzini induna eyayimiswe phezu kwamadoda empi, nabantu abayisikhombisa kwaba besebusweni benkosi abafunyanwa emzini, nombhali wenduna yempi eyayibala abantu bezwe, nabantu bezwe abangamashumi ayisithupha abafunyanwa phakathi komuzi. 26UNebuzaradani, induna yabalindi, wabathatha, wabayisa enkosini yaseBabele eRibila. 27Inkosi yaseBabele yabashaya, yababulala eRibila ezweni laseHamati. Wathunjwa kanjalo uJuda ezweni lakubo. 28Nampa abantu uNebukadinesari abathumbayo: ngomnyaka wesikhombisa abaJuda abayizinkulungwane ezintathu namashumi amabili nantathu, 29nangomnyaka weshumi nesishiyagalombili kaNebukadinesari wathumba eJerusalema abantu abangamakhulu ayisishiyagalombili namashumi amathathu nambili. 30Ngomnyaka wamashumi amabili nantathu kaNebukadinesari uNebuzaradani induna yabalindi wathumba abaJuda, abantu abangamakhulu ayisikhombisa namashumi amane nanhlanu. Bonke abantu babe yizinkulungwane ezine namakhulu ayisithupha.

Ukukhululwa kukaJehoyakini

31Kwathi ngomnyaka wamashumi amathathu nesikhombisa wokuthunjwa kukaJehoyakini, inkosi yakwaJuda, ngenyanga yeshumi nambili, ngolwamashumi amabili nanhlanu lwenyanga, u-Evili Merodaki inkosi yaseBabele ngomnyaka wokuqala wokubusa kwakhe waphakamisa ikhanda likaJehoyakini inkosi yakwaJuda, wamkhipha etilongweni, 32wakhuluma kahle kuye, wabeka isihlalo sakhe phezu kwezihlalo zamakhosi ayenaye eBabele. 33Waguqula izingubo zakhe zasetilongweni; wadla njalo phambi kwakhe zonke izinsuku zokuhamba kwakhe. 34Isabelo sakhe sasiyisabelo esimiyo semihla ngemihla, asiphiwa yinkosi yaseBabele zonke izinsuku zokuhamba kwakhe kwaze kwaba sosukwini lokufa kwakhe.

UJeremiya 52:1-34ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UHabakuki 1

UHabakuki ukhala kuNkulunkulu

1Isiprofetho owasibonayo uHabakuki umprofethi.

2Ngiyakukuncenga kuze kube nini,

Jehova, ungezwa,

ngikhala ngendluzula, ungasindisi, na?

3Ungiboniselani ububi,

ungibhekise ukukhathazeka na?

Ngokuba ukuchitheka nendluzula kuphambi kwami;

kukhona ukulwa,

ukuxabana kuyaqhamuka.

4Ngalokho umthetho uba buthakathaka,

nokwahlulela akuphumi kuze kube nini,

ngokuba omubi uhaqa olungileyo;

ngalokho ukwahlulela kuphuma kuhlanekezelwe.

UNkulunkulu uvusela u-Israyeli amaKaledi

5“Bonani phakathi kwabezizwe,

nibheke,

nimangale nokumangala,

ngokuba wenza isenzo ezinsukwini zenu

eningayikukholwa yiso,

lapho silandwa.

6Ngokuba bhekani,

ngiyavusa amaKaledi,

isizwe esibabayo nesiphulukundlelayo,

esidabula ebubanzini bomhlaba

ukuyokudla izindawo zokuhlala ezingeyizo ezaso.

7Siyethusa, siyesabeka;

kuphuma kuso ukwahlulela kwaso nesithunzi saso.

8Amahhashi aso anejubane kunezingwe,

anonya kunezimpisi zakusihlwa;

abamahhashi baso bayaqinisela;

yebo, bavela kude abamahhashi baso,

bandiza njengokhozi oluphuthuma ukudla.

9Zonke zifikela indluzula,

ubuso bazo bujonga phambili;

zibutha abathunjwa njengesihlabathi.

10Yebo, sibhinqa amakhosi,

nababusi balusulu kuso;

sihleka zonke izinqaba,

sinqwabela uthuli, sizithathe.

11Bese sikhukhula njengomoya, sidlule,

sizitholele icala,

sona esimandla aso angunkulunkulu waso.”

12Wena Jehova Nkulunkulu wami, oNgcwele,

awungowasendulo na?

Asiyikufa;

Jehova, usinqumele ukwahlulelwa;

wena Dwala, usimisele ukujeziswa.

13Wena omehlo akho ahlambulukile ukuba ungaboni okubi,

ungenakubheka ukuhlanekezela,

ubhekelani abakhohlisayo,

uthulelani lapho omubi egwinya olungileyo kunaye,

14wenze abantu babe njengezinhlanzi zaselwandle,

njengezilwanyana ezinwabuzelayo ezingenambusi phezu kwazo na?

15Uyabakhipha bonke ngodobo,

abadonse ngenetha,

ababuthe ngenetha lakhe elihudulwayo;

ngalokho uyathokoza, uyajabula.

16Ngalokho uyahlabela inetha lakhe,

ashisele inetha lakhe elihudulwayo impepho,

ngokuba isabelo sakhe siyanona ngakho,

kube mnandi ukudla kwakhe.

17Ngalokho uyakuthulula inetha lakhe,

abulale njalo izizwe ngokunganqamukiyo, na?

UHabakuki 2

Ukwahlulelwa kwezizwe

1Ngiyakuma endaweni yami yokulinda,

ngigcule enqabeni,

ngikhangele ukubona ukuthi uyakukhulumani kimi

nokuthi ngiyakuphendulani ngokusola kwami.

2UJehova wangiphendula wathi:

“Wulobe umbono,

uwuqophe ezibhebheni ukuba kufundwe kalula.

3Ngokuba umbono usengowesikhathi esimisiweyo;

uphuthuma ekupheleni, awuyikukhohlisa;

noma ulibala, wulindele,

ngokuba uyakufika nokufika,

awuyikwephuza.

4“Bheka, umphefumulo wakhe uziphakamisile,

awuqotho phakathi kwakhe,

kepha olungileyo uzakuphila ngokukholwa kwakhe.

5Yebo, iwayini liyakhohlisa,

lingumuntu okhukhumeleyo ongayikuma,

owandisa ukufisa kwakhe njengendawo yabafileyo;

unjengokufa: akasuthi;

uyazibuthela zonke izizwe,

uziqoqela bonke abantu.

6“Bona abayikuphakamisa isaga nomfanekiso wemfumbe ngaye, bathi:

“ ‘Wo kuyena owandisa okungesikho okwakhe

koze kube nini na? –

nozisindisa ngezibambiso!’

7Abayikuvuka ngokuzumayo abakulumayo,

bavuke abakuthuthumelisayo,

ube yimpango yabo, na?

8Ngokuba wena uphangile izizwe eziningi,

bonke abanye abantu bayakuphanga wena,

ngenxa yezingazi zabantu nendluzula eyenziwe ezweni,

nasemzini, nakubo bonke abakhe kuwo.

9“Wo kozuzela indlu yakhe inzuzo embi

ukuba abeke isidleke sakhe phezulu ukuyophulwa esandleni sobubi!

10Ucebele indlu yakho okubi ngokuchitha abantu abaningi,

wona kuwo umphefumulo wakho.

11Ngokuba amatshe ayakukhala esodongeni,

nomshayo uyakuwaphendula usemithini.

12“Wo kowakha umuzi ngezingazi,

aqinise idolobha ngobubi!

13Bheka, akuveli kuJehova Sebawoti

ukuthi abantu bakhandlekela umlilo,

izizwe zizikhathaze ngokuyize, na?

14Ngokuba umhlaba uyakugcwala ukwazi inkazimulo kaJehova,

njengamanzi asibekela ulwandle.

15“Wo komphuzisa umngane wakhe,

axube nokufutheka, amdakise,

ukuze abuke ubunqunu bakhe!

16Uyakusuthiswa ngehlazo esikhundleni senkazimulo,

uphuze nawe, wambule ijwabu,

indebe yesandla sokunene sikaJehova siphendulelwe kuwe,

kube yihlazo phezu kodumo lwakho.

17Ngokuba indluzula eyenziwe eLebanoni iyakukusibekela,

ukuchithwa kwezilwane kukwesabise,

ngenxa yezingazi zabantu nendluzula eyenziwe ezweni,

nasemzini, nakubo bonke abakhe kuwo.

18“Sisizani isithombe esibaziweyo,

lokhu umbumbi waso esibaza,

nesithombe esibunjiweyo nomfundisi wamanga,

lokhu umbumbi waso ethemba kuso,

ukuze enze izithombe eziyizimungulu, na?

19Wo koshoyo kumuthi ukuthi: ‘Vuka!’

nakulo itshe eliyisimungulu: ‘Phaphama!’

Lokhu kungafundisa na?

Bheka, kunamekwe ngegolide nangesiliva,

kungekho neze umoya phakathi kwakho.

20Kepha uJehova usethempelini lakhe elingcwele;

thula phambi kwakhe,

mhlaba wonke.”

UHabakuki 3

Umkhuleko nendumiso

1Umkhuleko kaHabakuki umprofethi; ngeShigiyonoti.*

2Jehova, ngizwile umbiko ngawe,

ngiyesaba izenzo zakho;

zivuselele phakathi kwale minyaka,

wenze ukuba zaziwe kule minyaka,

ukhumbule umusa nasolakeni.

3UNkulunkulu uvela eThemani,

oNgcwele uphuma entabeni yasePharanu. Sela*

Udumo lwakhe lusibekela amazulu,

nomhlaba ugcwele indumiso yakhe.

4Kuqhamuka ukubengezela kunjengokukhanya;

imisebe ivela esandleni sakhe,

efihla lapho amandla akhe.

5Ngaphambi kwakhe kuhamba isifo,

amalangabi aphuma ezinyathelweni zakhe.

6Uyema, uzamazamisa umhlaba;

ubuka, uthuthumelisa izizwe;

izintaba zaphakade ziyahlakazwa,

namagquma amandulo akhothama yizindlela zakhe zaphakade.

7Ngibona amatende aseKushani ephansi kosizi,

izilenge zezwe lakwaMidiyani ziyathuthumela.

8UJehova uyathukuthelela imifula na?

Ulaka lwakho luvuthela imifula,

nentukuthelo yakho ulwandle,

lokhu ukhwele amahhashi akho,

nezinqola zakho zokunqoba, na?

9Umnsalo wakho uvele obala,

wambuliwe,

usuthile ngemicibisholo yesambo sakho. Sela*

Uqhekeza umhlaba ube yimifula.

10Izintaba ziyakubona, zithuthumele;

isikhukhula samanzi siyadlula;

utwa luzwakalisa izwi lalo,

luphakamisela phezulu izandla zalo.

11Ilanga nenyanga kwema endaweni yakho

ngokukhanya kwemicibisholo yakho egijimayo

nangokubengezela kwemikhonto yakho ecwebezelayo.

12Udabula umhlaba ngokuthukuthela,

ubhula izizwe ngolaka.

13Uphumela ukusindiswa kwabantu bakho,

yebo, ukusindiswa kogcotshiweyo wakho;

uphohloza uphahla endlini yababi,

wambula isisekelo kuze kube sentanyeni. Sela*

14Ugwaza ikhanda lomholi wabo ngeyakhe imicibisholo,

lapho besondela njengesivunguvungu ukungihlakaza,

bejabula njengabayakudla ompofu ngasese.

15Unyathela ulwandle ngamahhashi akho,

inqaba yamanzi amaningi.

16Ngiyezwa, kuyathuthumela okuphakathi kwami,

izindebe zami ziyaqhaqhazela ngenhlokomo;

ukubola kungena emathanjeni ami,

ngithuthumela endaweni lapha ngimi khona,

ngilindela usuku lokuhlupheka ukuze kukhuphuke lokhu

okuyakucindezela abantu.

17Noma umkhiwane ungakhahleli,

kungabikho izithelo emvinini,

umsebenzi womnqumo uphuthe,

amasimu angavezi ukudla,

izimvu zinqunywe esibayeni,

kungabikho nkomo ezibayeni,

18nokho mina ngiyakuthokoza ngoJehova,

ngijabulele uNkulunkulu wokusindiswa kwami.

19UJehova, iNkosi yami,

ungamandla ami,

wenza izinyawo zami zibe njengezezindluzelekazi,

angenze ukuba ngihambe ezindaweni zami eziphakemeyo.

Kumholi wokuhlabelela. Ngogubhu.

UHabakuki 1:1-3:19ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU