Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 211

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UJeremiya 47

Isiprofetho ngamaFilisti

1Izwi likaJehova elafika kuJeremiya umprofethi ngamaFilisti, uFaro engakanqobi iGaza.

2Usho kanje uJehova, uthi:

“Bheka, amanzi ayenyuka enyakatho,

abe ngumfula okhukhulayo,

akhukhule izwe nokugcwala kwalo,

umuzi nabakhileyo kuwo;

abantu bayakukhala,

bonke abakhileyo ezweni bahhewule.

3Ngomsindo wokudubhuza kwezinselo zamahhashi akhe anamandla,

nangokuduma kwezinqola zakhe,

nangodumo lwamasondo akhe

oyise ababheki emuva kubantwana

ngenxa yobuthakathaka bezandla zabo

4ngenxa yosuku olufika ukuchitha onke amaFilisti

nokunquma eTire naseSidoni bonke abasizi abaseleyo,

ngokuba uJehova uyakuwachitha amaFilisti,

insali yesiqhingi saseKafitori.

5Ubumpandla bulehlele iGaza;

i-Ashikeloni liphelile,

insali yesigodi sabo;

uyakuzisika kuze kube nini na?

6“Awu wena nkemba kaJehova,

koze kube nini ungathuli na?

Buyela emgodleni wakho,

uthule, uzole.

7Ingathula kanjani,

lapho iyalezwe nguJehova, na?

Uyinqumele i-Ashikeloni nogu lolwandle.”

UJeremiya 48

Isiprofetho ngoMowabi

1NgoMowabi.

Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi:

“Wo kulo iNebo,

ngokuba lichithekile,

iKiriyatayimi lijabhile, linqotshiwe;

iMisigabi lijabhile, liphelile amandla.

2Udumo lukaMowabi alusekho;

eHeshiboni bacebe okubi ngaye ngokuthi:

Wozani simnqume, angabe esaba yisizwe.

Nawe Madimeni uyakuthuliswa,

inkemba ikulandele.

3Izwi lokukhala livela eHoranayimi,

ukuchithwa nokuqothulwa okukhulu.

4UMowabi uchithekile;

abancane bakhe bezwakalisa ukukhala.

5Ngokuba bakhuphuka egqumeni laseLuthite,

bekhala njalo,

nasekwehleni ukuya eHoronayimi

bezwile usizi lokukhala kwencithakalo.

6Balekani, nisindise ukuphila kwenu,

nibe njengesihlahla esiyize ehlane.

7Ngokuba ngenxa yokwethemba

kwakho imisebenzi yakho

nengcebo yakho nawe uyakubanjwa,

uKemoshi aye ekuthunjweni,

abapristi bakhe nezikhulu zakhe kanyekanye.

8Umchithi uyakufikela yonke imizi,

akuyikuphunyuka muzi;

isigodi siyakuchithwa,

ithafa liqothulwe,

njengalokho uJehova eshilo.

9Nikani uMowabi amaphiko,

ngokuba uyakundiza, aphume;

imizi yakhe iyakuba yincithakalo,

kungabikho osahlala kuyo.

10“Makaqalekiswe owenza umsebenzi

kaJehova ngokunganakekeli,

aqalekiswe naye ogodla inkemba yakhe egazini.

11“UMowabi ugciniwe kwasebusheni bakhe,

uphumulile enhleseni yakhe,

kathululwanga ezitsheni ngezitsha,

akayanga ekuthunjweni;

ngalokho ukuzwakala kwakhe kuhlala kuye,

nephunga lakhe aliguquki.

12Ngalokho bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova,

“engiyakuthuma ngazo kuye abathambekayo

abayakumthambeka,

bazithulule izitsha zakhe,

baziphohloze izimvaba zakhe.

13UMowabi uyakujabha ngoKemoshi,

njengalokhu indlu ka-Israyeli yajabha ngeBethele,

ithemba labo.

14“Ningasho kanjani ukuthi:

‘Singamaqhawe

namadoda anamandla okulwa’ na?

15Umchithi kaMowabi nemizi yakhe bakhuphukile,

izinsizwa zakhe ezikhethekileyo zehlele ukuyobulawa,”

isho iNkosi egama layo linguJehova Sebawoti.

16“Ingozi kaMowabi iseduze ukufika,

usizi lwakhe lushesha kakhulu.

17Nina nonke enimzungezayo manimkhalele;

nani nonke enilaziyo igama lakhe anothi:

‘Yeka ukwaphuka kwenduku enamandla,

udondolo oluhle!’

18“Yehla ebukhosini bakho,

uhlale womile,

ndodakazi, ohlala eDiboni,

ngokuba umchithi kaMowabi ukhuphukela kuwe,

achithe izinqaba zakho.

19Yima endleleni,

uqaphele wena ohlezi e-Aroweri,

ubuze obalekayo nowesifazane ophunyukayo ukuthi:

‘Kwenze njani na?’

20UMowabi ujabhile, uphelile amandla;

hhewulani, nikhale,

nikwazise e-Arinoni

ukuthi uMowabi uchithiwe.

21Ukwahlulela kwehlele izwe lethafa:

iHoloni, neJahasi, neMefahati,

22neDiboni, neNebo,

neBeti Dibilatayimi,

23neKiriyatayimi, neBeti Gamuli,

neBeti Mehoni,

24neKeriyote, neBosira,

nemizi yonke yezwe lakwaMowabi

ekude noma eseduze.

25Uphondo lukaMowabi lunqunyiwe,

ingalo yakhe yaphukile,” usho uJehova.

26“Mdakiseni, ngokuba uzikhukhumezile kuJehova;

uMowabi makahuquzele ebuhlanzweni bakhe, abe ngohlekwayo naye.

27U-Israyeli wayengahlekwa nguwe na?

Wafunyanwa phakathi kwamasela,

njengokuba, lapho ukhuluma ngaye,

unikina ikhanda, na?

28Shiyani imizi,

nihlale esiweni nina enakhileyo kwaMowabi,

nibe njengejuba elakha emaceleni omlomo wesiwa.

29Sizwile ngokuzidla kukaMowabi okukhulu kakhulu,

ukuziphakamisa kwakhe,

nokuzidla kwakhe,

nokuziqhenya kwakhe,

nokuzikhukhumeza kwenhliziyo yakhe.

30Ngiyazi intukuthelo yakhe,” usho uJehova;

“amacebo akhe ayinkohliso,

nalokhu akwenzayo kuyinkohliso.

31Ngalokho ngiyakuhhewula ngoMowabi,

ngikhale ngaye wonke uMowabi,

balilisele amadoda aseKhiri Heresi.

32Ngiyakukhalela wena mvini waseSibima kunokukhala kukaJazeri;

amagatsha akho adlulile ulwandle,

afinyelela elwandle lwakwaJazeri;

umchithi uthelekele phezu kwezithelo zenu namavini enu.

33Ukuthokoza nokujabula kususiwe

ensimini nasezweni lakwaMowabi;

ngenze ukuba kuphele iwayini ezikhamweni;

akusayikunyathelwa ngokujabula,

ukumemeza akuseyikho ukumemeza.

34“Kusukela eHeshiboni elikhalayo

liyezwakalisa ukukhala kwalo

kuze kube se-Elehale naseJahasi,

kusukela eSowari kuze kube seHoronayimi

nase-Egilati Shelishiya,

ngokuba namanzi aseNimrimi ayakuba yincithakalo.

35Ngiyakwenza ukuba kuphele kwaMowabi,” usho uJehova,

“yena onikela ezindaweni eziphakemeyo

noshisela onkulunkulu bakhe impepho.

36“Ngalokho inhliziyo yami

ikhalela uMowabi njengemitshingo,

futhi inhliziyo yami

ikhalela amadoda aseKhiri Heresi njengemitshingo,

ngokuba okuseleyo abakuzuzileyo kuyachitheka.

37Ngokuba onke amakhanda ayizimpandla,

nazo zonke izilevu zigundiwe;

zonke izandla zisikiwe,

nasezinkalweni zonke kukhona indwangu yamasaka.

38Phezu kwazo zonke izindlu zakwaMowabi

nasezitaladini zakhe kukhona isililo kuphela,

ngokuba ngimaphulile uMowabi

njengesitsha okungathokozi muntu ngaso,” usho uJehova.

39“Yeka ukuphela kwakhe amandla.

Hhewulani!

Yeka ukufulathela kukaMowabi ngamahloni,

uMowabi abe ngohlekwayo noqeda amandla

kubo bonke abamzungezayo.”

40Ngokuba usho kanje uJehova, uthi:

“Bheka, uyandiza njengokhozi,

elulele amaphiko akhe kuMowabi.

41Imizi inqotshiwe,

nezinqaba zithathiwe;

izinhliziyo zamaqhawe akwaMowabi

ziyakuba njengenhliziyo yowesifazane onemihelo.

42UMowabi uyakuchithwa,

angabe esaba yisizwe,

ngokuba uzikhukhumezile kuJehova.

43Ukwesaba, nomgodi, nogibe

kuphezu kwabakhileyo kwaMowabi,” usho uJehova.

44“Obalekela ukwesaba uyakuwela emgodini,

okhuphuka emgodini uyakubanjwa ogibeni,

ngokuba ngiyakwehlisela phezu kwabo,

phezu kukaMowabi,

umnyaka wokujeziswa kwabo,” usho uJehova.

45“Emthunzini waseHeshiboni

ababalekileyo bayema bephelile amandla,

ngokuba umlilo uphumile eHeshiboni,

nelangabi phakathi kweSihoni;

udlile amacele akwaMowabi,

nokhakhayi lwamadoda omsindo okulwa.

46Maye kuwena Mowabi!

Abantu bakaKemoshi baphelile,

ngokuba amadodana akho athunjiwe,

namadodakazi akho ayiswe ekuthunjweni.

47Kepha ngiyakubuyisa ukuthunjwa kukaMowabi

ngezinsuku ezizayo,” usho uJehova.

Kuphela lapha ukwahlulelwa kukaMowabi.

UJeremiya 49

Isiprofetho ngabakwa-Amoni

1Ngabantwana bakwa-Amoni. Usho kanje uJehova, uthi:

“U-Israyeli kanamadodana,

kanandlalifa, na?

UMilkomu udleleni ifa likaGadi,

abantu bakhe bahlale emizini yakhe, na?

2Ngalokho bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova,

“lapho ngiyakwenza ukuba kuhlatshwe umkhosi wempi

ngeRaba labantwana bakwa-Amoni;

liyakuba yincithakalo,

imizi yalo ishiswe ngomlilo,

u-Israyeli abeselidla ifa lowalidla elakhe,” usho uJehova.

3“Hhewula, Heshiboni,

ngokuba i-Ayi lichithekile,

nikhale, madodakazi aseRaba,

nibhince izindwangu zamasaka,

nilile, nigijime phakathi kwezintango,

ngokuba uMilikomu uyakuya ekuthunjweni,

abapristi bakhe nezikhulu zakhe kanyekanye.

4Uzidumiselani ngezigodi,

isigodi sakho esichichimayo,

wena ndodakazi ehlubukayo,

othemba engcebeni yakho ngokuthi:

‘Ngubani ongehlela mina, na?’

5Bheka, ngiyakwehlisela phezu kwakho uvalo,” isho iNkosi uJehova Sebawoti,

“luvela kubo bonke abakuzungezayo,

nixoshwe, kube yilowo nalowo ngendlela yakhe,

kungabikho obutha ababalekileyo.

6“Kepha ngasemuva ngiyakubuyisa

ukuthunjwa kwabantwana bakwa-Amoni,” usho uJehova.

Isiprofetho ngo-Edomi

7Ngo-Edomi.

Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi:

“Akusekho ukuhlakanipha eThemani na?

Amasu aphelile kwabaqondileyo,

ukuhlakanipha kwabo kunyamalele, na?

8Balekani, nibuye,

nihlale ezigoxini nina bakhileyo eDedani,

ngokuba ngiyakwehlisela phezu kwakhe ingozi ka-Esawu

ngesikhathi sokumhambela kwami.

9Uma bekufika kuwe abavuna izithelo zomvini,

abayikushiya umkhothozo;

namasela ebusuku

abeyakuchitha aze aneliswe.

10Kepha mina ngiyakumhlubula u-Esawu,

ngambule izindawo zakhe ezichithekileyo, kanakucasha;

inzalo yakhe ichithekile,

nabafowabo, nabakhelwane bakhe,

yena abe engasekho.

11Shiya izintandane zakho,

mina ngiyakuziphilisa,

abafelokazi bakho bethembe kimi.”

12Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, labo okwakungesibo okwabo ukuphuza indebe bayakuyiphuza nokuyiphuza; ubuyakuba ngongenacala na? Awuyikuba ngongenacala, ngokuba uyakuyiphuza nokuyiphuza. 13Ngokuba ngizifungile,” usho uJehova, “ukuthi iBosira liyakuba yisimangaliso, nehlazo, nencithakalo, nesiqalekiso, yonke imizi yalo ibe yizincithakalo eziphakade.”

14Ngizwile imibiko evela kuJehova;

kuthunyiwe isithunywa phakathi kwezizwe ngokuthi:

“Buthanani, nilihlasele,

nisukele ukulwa.”

15“Ngokuba bheka,

ngiyakukwenza ube mncane phakathi kwezizwe,

udelelwe phakathi kwabantu.

16Ukwesabeka kwakho kukudukisile,

ukuziqhenya kwenhliziyo yakho,

wena ohlezi emifantwini yamawa

ubambe isiqongo sentaba;

noma wakha isidleke sakho njengokhozi,

ngiyakukwehlisa khona,” usho uJehova.

17“U-Edomi uyakuba yisimangaliso,

kumangale yilowo nalowo odlula kuye,

ancimfe ngenxa yezinhlupheko zakhe.

18Njengasekuchithweni kweSodoma neGomora

nemizi yangakhona,” usho uJehova,

“akuyikuhlala muntu khona,

nendodana yomuntu ayiyikugogobala khona.

19“Bheka,

njengengonyama ekhuphuka ezihlahleni zaseJordani,

iye endaweni eyinqaba,

ngiyakubazuma, ngibagijimise, basuke kuyo;

nobani okhethwayo ngiyakumbeka phezu kwabo,

ngokuba ngubani onjengami,

ngubani onginqumelayo,

ngumuphi umalusi oyakuma phambi kwami, na?”

20Ngalokho yizwani isiluleko sikaJehova

asinike ngo-Edomi namacebo

awacebile ngabakhileyo eThemani ukuthi:

Abancinyane bomhlambi bayakudonswa,

basuswe, ikhaya labo limangale ngabo.

21Ngomsindo wokuwa kwabo

umhlaba uyazamazama;

ngukukhala okumsindo wakho

uzwakele ngaseLwandle Olubomvu.

22Bheka,

onjengokhozi uyakhuphuka, andize,

elulele amaphiko akhe kulo iBosira;

izinhliziyo zamaqhawe akwa-Edomi

ziyakuba njengenhliziyo yowesifazane onemihelo.

UJeremiya 47:1-49:22ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU