Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 207

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UJeremiya 33

Izithembiso zokubuyiswa kukaJuda no-Israyeli

1Izwi likaJehova lafika kuJeremiya ngokwesibili, esavalelwe egcekeni letilongo, lathi: 2“Usho kanje uJehova okwenzayo, uJehova okubumbayo ukuba akuqinise, nguJehova igama lakhe, uthi: 3‘Ngibize, ngiyakukuphendula, ngikutshele izinto ezinkulu nezifihlekileyo ongazaziyo.’ 4Ngokuba usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ngezindlu zalo muzi nangezindlu zamakhosi akwaJuda ezidilizelwe ukuzivikela kuwo amaduli nenkemba, uthi: 5‘Bafika ukulwa namaKaledi, bazigcwalisa ngezidumbu zabantu engibabulele ngentukuthelo yami nangokufutheka kwami, nengifihlele lo muzi ubuso bami ngenxa yabo bonke ububi babo.

6“ ‘Bheka, ngiyakuwulethela impilo nokuphulukiswa, ngibelaphe, ngibambulele ukuthula nokulondeka okuningi. 7Ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kukaJuda nokuthunjwa kuka-Israyeli, ngibakhe njengakuqala. 8Ngiyakubahlambulula kubo bonke ububi babo abone ngabo kimi, ngithethelele zonke izono zabo abone ngazo kimi nabaphambuke kimi ngazo. 9Umuzi uyakuba yigama lokujabula kimi, nelodumo, nelendumiso ngaphambi kwezizwe zonke zomhlaba eziyakuzwa konke okuhle engibenzela khona, zesabe, zithuthumele ngakho konke okuhle nangakho konke ukuthula engiwenzela khona.’

10“Usho kanje uJehova, uthi: ‘Kuyakubuye kuzwakale kule ndawo enithi ngayo ichithekile, ayinamuntu nazilwane, nasemizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema ezichithekileyo ezingenamuntu nazilwane, 11izwi lokujabula nezwi lokuthokoza, izwi lomyeni nezwi lomakoti, izwi labathi:

“ ‘ “Bongani uJehova Sebawoti,

ngokuba uJehova muhle,

ngokuba umusa wakhe umi phakade,”

“ ‘nelabaletha iminikelo yokubonga endlini kaJehova. Ngokuba ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwezwe njengakuqala,’ usho uJehova.

12“Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Kuyakubuye kube khona kule ndawo echithekileyo, engenamuntu nazilwane, nakuyo yonke imizi yayo ikhaya labelusi abenza ukuba izimvu zabo zibuthise. 13Emizini yasezintabeni, nasemizini yasehlanzeni, nasemizini yaseningizimu, nasezweni lakwaBenjamini, nasemaphethelweni aseJerusalema, nasemizini yakwaJuda izimvu ziyakubuye zidlule phansi kwezandla zozibalayo,’ usho uJehova.

14“ ‘Bheka, izinsuku ziyeza,’ usho uJehova, ‘engiyakuliqinisa ngazo izwi elihle engilikhulume ngendlu ka-Israyeli nangendlu kaJuda.

15“ ‘Ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi

ngiyakuhlumisela uDavide iHlumela Lokulunga;

liyakwenza ukwahlulela nokulunga emhlabeni.

16Ngalezo zinsuku uJuda uyakusindiswa,

neJerusalema liyakuhlala lilondekile;

yileli gama eliyakubizwa ngalo, elithi:

UJEHOVA UNGUKULUNGA KWETHU.’

17“Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: ‘Akuyikunqunywa kuDavide umuntu oyakuhlala esihlalweni sobukhosi sendlu ka-Israyeli, 18kunganqunywa futhi kubapristi amaLevi umuntu phambi kwami oyakunikela ngeminikelo yokushiswa, ashise iminikelo yempuphu, anikele ngemihlatshelo izinsuku zonke.’ ”

19Izwi likaJehova lafika kuJeremiya, lathi: 20“Usho kanje uJehova, uthi: ‘Uma naphula isivumelwano sami semini nesivumelwano sami sobusuku, kuze kungabikho imini nobusuku ngesikhathi sakho, 21khona isivumelwano sami noDavide inceku yami siyakwaphulwa ukuze angabi nandodana yokubusa esihlalweni sakhe sobukhosi, kanye namaLevi abapristi, izikhonzi zami. 22Njengebandla lasezulwini lingenakubalwa, nesihlabathi solwandle singenakulinganiswa, kanjalo ngiyakwandisa inzalo kaDavide inceku yami namaLevi angikhonzayo.’ ”

23Izwi likaJehova labuye lafika kuJeremiya, lathi: 24“Awunakanga yini abakukhulumileyo laba bantu, bethi: ‘Imindeni yomibili ayikhethayo uyilahlile’ na? Base bebadelela abantu bami, baze bangabe besaba yisizwe ngaphambi kwabo. 25Usho kanje uJehova, uthi: ‘Uma isivumelwano sami semini nesobusuku singemi, ngingamisanga izimiso zezulu nomhlaba, 26ngiyakulahla inzalo kaJakobe nekaDavide inceku yami, ukuze ngingathathi enzalweni yakhe ababusi benzalo ka-Abrahama, neka-Isaka, nekaJakobe, ngokuba ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwabo, ngibahawukele.’ ”

UJeremiya 34

UJeremiya uyamxwayisa uSedekiya

1Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova, lapho uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, nayo yonke impi yakhe, nayo yonke imibuso yomhlaba ebuswa yisandla sakhe, nabantu bonke belwa neJerusalema nayo yonke imizi yalo, lathi: 2“Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Hamba usho kuSedekiya inkosi yakwaJuda, uthi kuye: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Bheka, ngiyakuwunikela lo muzi esandleni senkosi yaseBabele, iwushise ngomlilo. 3Awuyikuphunyuka esandleni sayo; uyakubanjwa nokubanjwa, unikelwe esandleni sayo; amehlo akho ayakubheka amehlo enkosi yaseBabele, ikhulume nawe umlomo nomlomo; uyakuya eBabele.

4“ ‘Kepha yizwa izwi likaJehova, Sedekiya, nkosi yakwaJuda. Usho kanje uJehova ngawe, uthi: Awuyikufa ngenkemba; 5uyakufa ngokuthula; njengokushiselwa kwawoyihlo, amakhosi okuqala ayengaphambi kwakho, kanjalo bayakukushisela wena, bakulilele, bathi: “Maye, nkosi!” Ngokuba ngilikhulumile izwi, usho uJehova.’ ”

6UJeremiya umprofethi wayesekhuluma onke lawo mazwi kuSedekiya inkosi yakwaJuda eJerusalema, 7lapho impi yenkosi yaseBabele ilwa neJerusalema nayo yonke imizi yakwaJuda eseleyo, iLakishi ne-Azeka, ngokuba yiyo eyayisele phakathi kwemizi yakwaJuda iyimizi ebiyelweyo.

8Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova, lapho inkosi uSedekiya isenzile isivumelwano nabo bonke abantu baseJerusalema ukubamemezela ukukhululeka, 9ukuba yilowo nalowo akhulule isigqila sakhe, yilowo nalowo isigqilakazi sakhe, umHeberu nomHeberukazi, ukuze kungabikho muntu okhonzisa umfowabo kwaJuda. 10Zalalela zonke izikhulu, nabo bonke abantu ababengene esivumelwaneni ukuba bavumele, kube yilowo nalowo isigqila sakhe, yilowo nalowo isigqilakazi sakhe, ukuba zihambe, zikhululeke, kungabe kusaba khona okhonzisayo; bezwa, bavuma ukuba bahambe. 11Kepha emva kwalokho baphenduka, bazibuyisa izigqila nezigqilakazi ababezivumele ukuba zihambe, zikhululeke, bazithobisa zaba yizigqila nezigqilakazi.

12Ngalokho izwi likaJehova lafika kuJeremiya livela kuJehova, lathi: 13“Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Mina ngenza isivumelwano nawoyihlo mhla ngibakhipha ezweni laseGibithe endlini yeziboshwa, ngathi: 14‘Ngasekugcineni kweminyaka eyisikhombisa niyakuvumela, kube yilowo nalowo umfowabo ongumHeberu othengisiwe kuwe, wakukhonza iminyaka eyisithupha, ukuba ahambe, nimdedele, akhululeke kini.’ Kepha oyihlo abangilalelanga, ababekanga izindlebe. 15Nina-ke seniphendukile namuhla, nenza okulungile emehlweni ami ngokumemezela ukukhululeka, kube yilowo nalowo kumakhelwane wakhe, nenza isivumelwano ngaphambi kwami endlini ebizwa ngegama lami. 16Kepha seniphendukile futhi, nalihlambalaza igama lami, nabuyisa, kwaba yilowo nalowo isigqila sakhe, yilowo nalowo isigqilakazi sakhe, enanizivumele ukuba zihambe, zikhululeke ngokuthanda kwazo, nazithobisa ukuba zibe yizigqila zenu nezigqilakazi zenu.

17“Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: Nina aningilalelanga ukuba nimemezele ukukhululeka, kube yilowo nalowo kumfowabo, yilowo nalowo kumakhelwane wakhe; bhekani, sengiyanimemezela ukukhululeka, usho uJehova, nginikhululele inkemba, nesifo, nendlala, nginenze ukuba nihlupheke emibusweni yonke yomhlaba. 18Ngiyakunikela abantu abeqile isivumelwano sami, abangawaqinisanga amazwi esivumelwano abasenzile ngaphambi kwami mhla bedabula kabili ithole, bedlula phakathi kwezinhlangothi zalo, 19ngisho izikhulu zakwaJuda, nezikhulu zaseJerusalema, nabathenwa, nabapristi, nabo bonke abantu bezwe ababedlula phakathi kwezinhlangothi zethole, 20yebo, ngiyakubanikela esandleni sezitha zabo nasesandleni sabafuna ukuphila kwabo, izidumbu zabo zibe ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zomhlaba.

21“USedekiya, inkosi yakwaJuda, nezikhulu zakhe, ngiyakubanikela esandleni sezitha zabo, nasesandleni sabafuna ukuphila kwabo, nasesandleni sempi yenkosi yaseBabele, asebenyukile kini. 22Bheka, ngiyakubayala, usho uJehova, ngibabuyisele kulo muzi; bayakulwa nawo, bawuthathe, bawushise ngomlilo, ngenze imizi yakwaJuda ibe yincithakalo ingahlalwa muntu.”

UJeremiya 35

AmaRekabi

1Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova ezinsukwini zikaJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, lathi: 2“Yiya endlini yamaRekabi, ukhulume kuwo, uwangenise endlini kaJehova kwelinye lamakamelo ayo, uwaphuzise iwayini.”

3Ngase ngithatha uJahazaniya indodana kaJeremiya kaHabasiniya nabafowabo, nawo onke amadodana akhe, nayo yonke indlu yamaRekabi, 4ngabangenisa endlini kaJehova ekamelweni lamadodana kaHanani indodana ka-Igidaliya, umuntu kaNkulunkulu owayeseceleni kwekamelo lezikhulu elaliphezu kwekamelo likaMahaseya indodana kaShalumi, umlindisango. 5Ngabeka phambi kwamadodana endlu yamaRekabi izimbizana ezigcwele iwayini nezindebe, ngathi kubo: “Phuzani iwayini.”

6Kepha bathi: “Asiyikuphuza iwayini, ngokuba uJonadaba, indodana kaRekabi ubaba, wasiyala wathi: ‘Aniyikuphuza iwayini, nina namadodana enu, kuze kube nini, 7futhi ningakhi indlu, ningahlwanyeli imbewu, ningatshali isivini, ningabi naso, ngokuba niyakuhlala ematendeni zonke izinsuku zenu ukuba nihlale izinsuku eziningi lapho nigogobele khona.’ 8Sililalele izwi likaJonadaba indodana kaRekabi ubaba kukho konke asiyala ngakho ukuba singaphuzi iwayini zonke izinsuku zethu, thina nawomkethu, namadodana ethu, namadodakazi ethu, 9singakhi izindlu ukuba sihlale kuzo; futhi isivini, nensimu, nembewu asinakho. 10Kepha sihlale ematendeni, salalela, senza njengakho konke uJonadaba ubaba asiyala ngakho. 11Kwathi lapho uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, enyukele ezweni, sathi: ‘Siyakuya nokuya eJerusalema, sisuke empini yamaKaledi nasempini yama-Aramu.’ Sase sakha-ke eJerusalema.”

12Izwi likaJehova lafika kuJeremiya, lathi: 13“Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Hamba usho kumadoda akwaJuda nakwabakhileyo eJerusalema, uthi: ‘Aniyikwamukela ukulaywa ukuba niwalalele amazwi ami na?’ usho uJehova. 14‘Agciniwe amazwi kaJonadaba indodana kaRekabi ayala ngawo amadodana akhe okuba angaphuzi iwayini; kuze kube namuhla awaliphuzanga, ngokuba alalela umyalo kayise. Nami ngikhulume kini, ngikhuluma njalonjalo, kepha kaningilalelanga. 15Futhi ngithume kini zonke izinceku zami abaprofethi, ngibathuma njalonjalo, ngokuthi: “Ake nibuye, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, nenze imisebenzi yenu ibe mihle, ningalandeli abanye onkulunkulu ukuba nibakhonze; khona niyakuhlala ezweni engilinike nina nawoyihlo.” Kepha anibekanga izindlebe zenu, aningizwanga. 16Njengokuba amadodana kaJonadaba indodana kaRekabi egcinile umyalo kayise awayala ngawo, kepha laba bantu bengangilalelanga.’

17“Ngalokho usho kanje uJehova uNkulunkulu Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Bheka, ngiyakwehlisela phezu kukaJuda naphezu kwabo bonke abakhileyo eJerusalema konke okubi engikukhulume kubo, ngokuba ngikhulumile kubo kepha kabalalelanga, ngibabizile kepha kabaphendulanga.’ ”

18UJeremiya wathi kuyo indlu yamaRekabi: “Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Ngenxa yokuba niwulalele umyalo kaJonadaba uyihlo, nagcina yonke imiyalo yakhe, nenza ngakho konke aniyala ngakho,’ 19ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘UJonadaba indodana kaRekabi akayikunqunyelwa muntu wokuma phambi kwami kuze kube phakade.’ ”

UJeremiya 33:1-35:19ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU