1Wo kubona abamisa izimiso ezimbi,
nakubabhali ababhalisisa okuyingozi,
2ukuchezukisa abampofu ekwahluleleni,
nokwaphuca abaswelayo babantu bami umthetho,
ukuze abafelokazi babe yimpango yabo,
baqhwage izintandane.
3Niyakwenze njani ngosuku lokuhanjelwa
nasekuchithakaleni okuvela kude na?
Niyakubalekela kubani ukuba nisizwe na?
Niyakushiya kubani imfuyo yenu na?
4Uma ningaguqi phakathi kwababoshiweyo,
niyakuwa phakathi kwababuleweyo;
kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi,
isandla sakhe siseluliwe.
I-Asiriya liyalahlwa
5“Wo kulo i-Asiriya,
intonga yentukuthelo yami,
nokusesandleni salo ukufutheka kwami kuyinduku.
6Ngiyalithuma esizweni esingenaNkulunkulu,
ngiliyaleze ngabantu bentukuthelo yami
ukuba liphange impango, liqhwage,
libenze okunyathelwayo njengodaka lwasezitaladini.
7Nokho akusiwo umqondo walo,
inhliziyo yalo ayicabangi kanjalo,
kepha kusenhliziyweni yalo ukuchitha
nokunquma izizwe ezingeyingcosana.
8Ngokuba lithi:
‘Izikhulu zami zonke azisiwo amakhosi na?
9IKalino alinjengeKharikemishi na?
IHamati alinjenge-Aripadi na?
ISamariya alinjengeDamaseku na?
10Njengalokhu isandla sami
siyitholile imibuso yezithombe
ezimifanekiso yazo ebaziweyo yahlula
eyaseJerusalema neyaseSamariya,
11anginakwenza yini kulo iJerusalema nezithombe zalo,
njengalokhu ngenzile kulo iSamariya nezithombe zalo, na?’ ”
12Kuyakuthi lapho iNkosi isiqedile wonke umsebenzi wayo entabeni yaseSiyoni naseJerusalema, ijezise isithelo senhliziyo ezidlayo yenkosi yase-Asiriya nokuzikhukhumeza kwamehlo ayo aziphakamisayo. 13Ngokuba uthi:
“Ngamandla esandla sami ngikwenzile,
nangokuhlakanipha kwami,
ngokuba nginokuqonda;
ngisusile imikhawulo yezizwe,
ngiphangile ingcebo yazo,
njengesiqhwaga ngawisa phansi abakhileyo khona.
14Isandla sami sifumene imfuyo yabantu njengesidleke,
nanjengalokhu umuntu ebutha amaqanda ashiyiweyo
ngibuthile wonke umhlaba,
akwababikho oshaya phiko,
novula mlomo, notshiyozayo.”
15Izembe liyakuzikhukhumeza kuye ogawula ngalo na?
Isaha liyakuzikhulisa kuye oliqhubayo,
njengokungathi induku izamazamisa abayiphakamisayo,
nodondolo luphakamisa ongesiwo umuthi, na?
16Ngalokho iNkosi uJehova Sebawoti iyakuthuma
ukonda phakathi kwabakhulupheleyo bakhe,
nangaphansi kodumo lwakhe kuyakuphembeka ukushisa
njengokushisa komlilo.
17Ukukhanya kuka-Israyeli kuyakuba ngumlilo,
oNgcwele wakhe abe yilangabi;
kuyakushisa kuqede ameva akhe
namakhakhasi akhe ngalusuku lunye.
18Iyakuqeda udumo lwehlathi lakhe nensimu yakhe,
umzimba nomphefumulo,
kube njengesiguli esinyamalalayo.
19Insali yemithi yakhe iyakuba yingcosana,
ukuze ibhalwe ngumntwana.