Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 146

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

IsiHlabelelo seziHlabelelo 1

Umakoti ulangazelela umyeni

1Isihlabelelo sezihlabelelo esingesikaSolomoni.

Umakoti:

2Makangange ngokwanga komlomo wakhe!

Ngokuba uthando lwakho lumnandi kunewayini.

3Amafutha akho anephunga elimnandi;

igama lakho linjengamafutha athululiweyo;

ngalokho izintombi ziyakuthanda.

4Ngidonse emva kwakho, sigijime;

inkosi isingingenisile emakamelweni ayo.

Abangane:

Siyakujabula, sithokoze ngawe,

sikhulume ngothando lwakho kunewayini.

Umakoti:

Kufanele ukuba bakuthande.

5Ngimnyama, kepha ngimuhle,

madodakazi aseJerusalema,

njengamatende akwaKedari,

njengezilenge zikaSolomoni.

6Ningangibuki ukuthi ngimnyamana,

ngokuba ilanga lingifusile.

Amadodana kamame angifutha,

angenza umlindizivini,

kepha isivini esingesami angisilindanga.

7Ngitshele wena othandwa ngumphefumulo wami

ukuthi waluselaphi,

uphumuzaphi umhlambi emini,

ngokuba yini ukuba ngibe njengowesifazane odukileyo

ngasemihlambini yabangane bakho na?

Abangane:

8Uma ungakwazi

wena muhlekazi phakathi kwabesifazane,

phuma uhambe ezinyathelweni zomhlambi,

waluse amazinyane akho

ngasematendeni abelusi.

Ukuphendulana komyeni nomakoti.Umnyeni:

9Ngikufanisa nehhashi lensikazi lezinqola zikaFaro,

sithandwa sami.

10Izihlathi zakho zinhle

kangakanani zinezintambo zobuhlalu,

nentamo yakho ineminaka.

11Siyakukwenzela izintambo zobuhlalu begolide,

namaqhosha esiliva.

Umakoti:

12Inkosi isahlezi ngasetafuleni layo

inadi* lami lathaphuka iphunga lalo.

13Othandiweyo wami ungumshuqulu

wemure* kimi,

olele phakathi kwamabele ami.

14Othandiweyo wami uyihlukuzo lezimbali zehena*

ezivinini zase-Eni Gedi.

Umnyeni:

15Bheka, umuhle, sithandwa sami!

Bheka, umuhle!

Unamehlo amajuba.

Umakoti:

16Bheka, umuhle, othandiweyo wami!

Yebo, umnandi, nesilili sethu siluhlaza.

Umnyeni:

17Imishayo yendlu yethu iyimisedari,*

nemiqhadi iyimisayipuresi.*

IsiHlabelelo seziHlabelelo 2

Umakoti:

1Ngiyintebe yaseSharoni,

nomnduze wezigodi.

Umnyeni:

2Njengomnduze phakathi kwameva,

sinjalo isithandwa sami phakathi kwezintombi.

3Njengomapula* phakathi kwemithi yasehlathini,

unjalo othandiweyo wami phakathi kwamadodana.

Ngahlala phansi emthunzini wakhe ngokwenama okukhulu,

nesithelo sakhe sasimnandi emlonyeni wami.

4Ungingenisile endlini yewayini,

nebhanela* lakhe phezu kwami liluthando.

5Ngiphaseni ngezigaxa zezithelo zomvini ezomileyo,

ngihlumelele ngama-apula,*

ngokuba ngiyafa uthando.

6Isandla sakhe sokhohlo siphansi kwekhanda lami,

nesokunene siyangigona.

7Ngiyanifungisa,

madodakazi aseJerusalema,

ngezinsephe nangezindluzelekazi zasendle

ukuba ningalunyakazisi,

ningaluvusi uthando,

lungakavumi.

Isihlabelelo sothando somakoti

8Nanto izwi lothandiweyo wami!

Bheka, uyeza eqa ezintabeni,

etshekula emagqumeni.

9Othandiweyo wami unjengensephe

noma njengesixhumu sendluzele;

bheka, umi emva kodonga lwakwethu;

uyalunguza emafasiteleni,

ubonakala ngaseheleni.

10Othandiweyo wami wakhuluma, wathi kimi:

“Vuka, sithandwa sami,

muhlekazi wami; woza sihambe,

11ngokuba bheka, ubusika budlulile;

imvula isiphelile, yamuka;

12izimbali ziyabonakala emhlabeni,

nesikhathi sokuthena imivini sesisondele,

nezwi lehobhe liyezwakala ezweni lakithi.

13Umkhiwane uthela amakhiwane awo aluhlaza,

imivini inezimbali,

ithaphuka iphunga layo;

vuka, sithandwa sami,

muhlekazi wami; woza sihambe.”

Umnyeni:

14Juba lami elisemifantwini yamadwala

nasekusithekeni kweziwa,

mangibone ubuso bakho,

ngizwe izwi lakho,

ngokuba izwi lakho limnandi,

nobuso bakho buhle.

15Sibambeleni izimpungushe,

izimpungushe ezincane

ezichitha izivini,

ngokuba izivini zethu zinezimbali.

Umakoti:

16Othandiweyo wami ungowami,

mina ngingowakhe;

uyalusa phakathi kweminduze.

17Kuze kuphole ilanga,

namathunzi abaleke,

mawube njengensephe,

wena othandiweyo wami,

nanjengesixhumu sendluzele

ezintabeni eziqhekezekileyo.

IsiHlabelelo seziHlabelelo 3

1Ebusuku embhedeni wami

ngamfuna othandwa ngumphefumulo wami;

ngamfuna, kepha angimtholanga.

2Ngiyakuvuka, ngihambahambe emzini,

ezitaladini nasezigcawini;

ngiyakufuna othandwa ngumphefumulo wami;

ngamfuna, kepha angimtholanga.

3Abalindi bangifumana

behambahamba emzini:

“Nimbonile othandwa ngumphefumulo wami na?”

4Ngangidlule kancane nje kubo;

ngase ngimthola othandwa ngumphefumulo wami;

ngambamba, angivumanga ukuba ahambe,

ngaze ngamngenisa endlini kamame

nasekamelweni lowangikhulisayo.

5Ngiyanifungisa,

madodakazi aseJerusalema,

ngezinsephe nangezindluzelekazi zasendle

ukuba ningalunyakazisi,

ningaluvusi uthando,

lungakavumi.

Udwendwe lomthimba

6Ngubani owenyuka ehlane njengezinsika zomusi,

eqhole ngemure* nangenhlaka,

nangawo onke amakha omthengi, na?

7Bheka, luhlaka lukaSolomoni!

Amaqhawe angamashumi ayisithupha aluzungezile

emaqhaweni akwa-Israyeli.

8Onke aphethe izinkemba,

afundile ukulwa;

yilowo nalowo muntu unenkemba yakhe okhalweni lwakhe

ngokwesaba ebusuku.

9Inkosi uSolomoni izenzele uhlaka ngemithi yaseLebanoni.

10Yenza izinsika zalo ngesiliva,

nephansi lalo ngegolide,

nesihlalo salo ngokububende,

ubuphakathi balo bugandaywe ngothando

lwamadodakazi aseJerusalema.

11Phumani nina madodakazi aseJerusalema,

nibone inkosi uSolomoni,

inomqhele eyawuqheliswa ngunina

ngosuku lokugcagca kwayo

nangomhla wokuthokoza kwenhliziyo yayo.

IsiHlabelelo seziHlabelelo 4

Isihlabelelo somyeni ngobuhle bomakoti.Umnyeni:

1Bheka, umuhle, sithandwa sami!

Bheka, umuhle!

Unamehlo amajuba emva kwemvakazi yakho;

izinwele zakho zinjengomhlambi wezimbuzi

owehla entabeni yakwaGileyadi.

2Amazinyo akho anjengomhlambi wezimvukazi

ezisand' ukugundwa,

ezikhuphuka zigeziwe,

zinamawele zonke,

kungekho neyodwa phakathi kwazo efelweyo.

3Izindebe zakho zinjengomucu obomvu,

umlomo wakho muhle;

izihlathi zakho zinjengenxenye yepomegranati*

emva kwemvakazi yakho.

4Intamo yakho injengombhoshongo

kaDavide owakhiwe ngemihlobiso,

okuphanyekwa kuwo amahawu ayinkulungwane,

onke eyizihlangu zamaqhawe.

5Amabele akho amabili anjengezixhumu ezimbili

ezingamawele ensephe,

ezidla phakathi kweminduze.

6Lize liphole ilanga

namathunzi abaleke,

ngiyakuya entabeni yemure*

nasegqumeni lenhlaka.

7Umuhle wonke, sithandwa sami,

akukho sisihla kuwe.

8Woza umuke nami eLebanoni,

makoti wami,

umuke nami eLebanoni,

wehle esiqongweni sase-Amana,

nasesiqongweni saseSeniri naseHermoni,

simuke emihumeni yezingonyama,

nasezintabeni zezingwe.

9Ungaphucile inhliziyo yami,

dadewethu, makoti wami;

ungaphucile inhliziyo yami ngelinye

lamehlo akho,

ngomgexo munye wentamo yakho.

10Lumnandi kangakanani uthando lwakho,

dadewethu, makoti wami!

Luhle kangakanani uthando lwakho,

kunewayini,

nephunga lamafutha akho

kunamakha onke!

11Izindebe zakho, makoti wami,

ziyaconsa izinyosi;

uju nobisi kukhona

phansi kolimi lwakho,

nephunga lezambatho zakho

linjengephunga laseLebanoni.

12Uyinsimu ehluthulelweyo,

dadewethu, makoti wami,

umthombo ohluthulelweyo

nesiphethu esibekwe uphawu.

13Amahlumela akho ayihlathi lamapomegranati*

anezithelo ezinqabileyo,

ihena* kanye nenadi,*

14inadi* nesafroni,*

nomhlanga nokinamona,*

kanye nemithi yonke yenhlaka,

nemure* nomhlaba,

nawo onke amakha amahle.

15Siphethu sensimu,

mthombo wamanzi aphilayo,

sifufula saseLebanoni!

Ukuphendulana komyeni nomakoti.Umakoti:

16Vuka, moya wasenyakatho,

uze wena Ningizimu,

uphephethe ensimini yami,

ukuze amakha ayo athaphuke;

othandiweyo wami makangene ensimini yakhe,

adle izithelo zayo ezinqabileyo.

IsiHlabelelo seziHlabelelo 1:1-4:16ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU