Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 129

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

1 AmaKhosi 9

UHiramu uphiwa imizi

10Kwathi ngasekupheleni kweminyaka engamashumi amabili uSolomoni akhe ngayo izindlu zombili, indlu kaJehova nendlu yenkosi, 11uHiramu inkosi yaseTire owayemsizile uSolomoni ngemisedari* nangemisayipuresi* nangegolide njengokufisa kwakhe konke wanikwa yinkosi uSolomoni imizi engamashumi amabili ezweni laseGalile. 12UHiramu waphuma eTire ukuyobona imizi uSolomoni amnike yona, ayimthokozisanga. 13Wathi: “Iyini le mizi onginike yona, mfowethu, na?” Wayibiza ngokuthi izwe laseKabuli* kuze kube namuhla. 14UHiramu wayesethuma enkosini amatalenta* ayikhulu namashumi amabili egolide.

Izisebenzi nezindlu zikaSolomoni. Iminikelo yakhe

15Indaba yezisebenzi ezabizwa yinkosi uSolomoni ukwakha indlu kaJehova, nendlu yakhe, neMilo, nogange lwaseJerusalema, neHasori, neMegido, neGezeri inje: 16uFaro inkosi yaseGibithe wayenyukile wathatha iGezeri, walishisa ngomlilo, wabulala amaKhanani ayehlezi emzini, walinika umkaSolomoni indodakazi yakhe, libe yisipho sakhe. 17USolomoni wakha iGezeri neBeti Horoni laseNzansi, 18neBalati, neTamari lasehlane lalelo zwe, 19nayo yonke imizi yokubekelela uSolomoni ayenayo, nemizi yezinqola zakhe, nemizi yabamahhashi bakhe, nalokhu uSolomoni ayefisa ukwakha khona eJerusalema, naseLebanoni, nasezweni lonke lapho ebusa khona.

20Abantu bonke abaseleyo kuma Amori, namaHeti, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi, abangesibo abantwana bakwa-Israyeli, 21abantwana babo abasala ezweni emva kwabo, abantwana bakwa-Israyeli ababengenamandla okubaqeda, kubona uSolomoni wabiza izisebenzi eziyizigqila kuze kube namuhla. 22Kodwa kubantwana bakwa-Israyeli uSolomoni akakhiphanga izigqila ngokuba bona babe ngamadoda empi, nezinceku zakhe, nezikhulu zakhe, nezinduna zakhe, nabaphathi bezinqola zakhe, nabamahhashi bakhe. 23Izinduna ezinkulu ezaziphethe umsebenzi kaSolomoni zazingamakhulu ayisihlanu namashumi ayisihlanu; zaziphethe abantu ababesebenza emsebenzini.

24Kodwa indodakazi kaFaro yenyuka emzini kaDavide, yaya endlini yayo ayakhele yona; wayeselakha iMilo.

25Kathathu ngomnyaka uSolomoni wanikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula e-altare ayelakhele uJehova, eshisa impepho kanye nayo phambi kukaJehova. Wayeseyiqedile indlu.

Imikhumbi kaSolomoni

26Inkosi uSolomoni yenza imikhumbi e-Esiyoni Geberi elingaseceleni kwe-Eloti ogwini loLwandle Olubomvu ezweni lakwa-Edomi. 27UHiramu wathuma ngale mikhumbi izinceku zakhe, amadoda emikhumbi ayelwazi ulwandle, kanye nezinceku zikaSolomoni. 28Zafika e-Ofiri, zalanda khona igolide, amatalenta* angamakhulu amane namashumi amabili, zaliletha enkosini uSolomoni.

1 AmaKhosi 10

Inkosikazi yaseSheba

1Inkosikazi yaseSheba isizwile udumo lukaSolomoni ngegama likaJehova yeza ukumvivinya ngezimfumbe. 2Yeza eJerusalema inehele elikhulu kakhulu, namakamela ethwele amakha, negolide eliningi kakhulu, namatshe ayigugu; isifikile kuSolomoni yakhuluma naye ngakho konke okusenhliziyweni yayo. 3USolomoni wayiphendula ezindabeni zayo zonke. Kwakungekho nto eyayifihlelwe inkosi, engayitshelanga yona. 4Inkosikazi yaseSheba isibonile konke ukuhlakanipha kukaSolomoni, nendlu ayakhileyo, 5nokudla kwasetafuleni lakhe, nokuhlala kwezinceku zakhe, nokuma kwezikhonzi zakhe, nezambatho zazo, nabaphathizitsha bakhe, nomnikelo wakhe wokushiswa owanikela ngawo endlini kaJehova, akwabe kusabakho moya kuyo.

6Yathi enkosini: “Yayiqinisile indaba engayizwa ezweni lami ngamazwi akho nangokuhlakanipha kwakho. 7Kepha angikholwanga ngamazwi ngaze ngafika, kwabona amehlo ami; bheka, angitshelwanga nanxenye; udlula ngokuhlakanipha nenhlanhla udumo engaluzwa. 8Babusisiwe abantu bakho, zibusisiwe lezi zinceku zakho ezimi njalo phambi kwakho, zizwa ukuhlakanipha kwakho. 9Makabongwe uJehova uNkulunkulu wakho owenamele wena ukuba akubeke esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli; ngokuba uJehova wamthanda u-Israyeli kuze kube phakade, ngalokho wakubeka inkosi ukuba wenze ukwahlulela nokulunga.”

10Yanika inkosi amatalenta* ayikhulu namashumi amabili egolide, namakha amaningi kakhulu, namatshe ayigugu; akuzange kusafika amakha amaningi kangaka njengalawo inkosi uSolomoni eyaphiwa wona yinkosikazi yaseSheba.

11Nemikhumbi kaHiramu eyathwala igolide livela e-Ofiri yathutha futhi e-Ofiri imi-alimugi* namatshe ayigugu. 12Ngemi-alimugi* inkosi yenzela indlu kaJehova nendlu yenkosi izinsika kanye namahabhu* nezingubhu zabahlabeleli; imi-alimugi eminingi kangaka ayizange isafika, kayibonwanga futhi, kuze kube namuhla.

13Inkosi uSolomoni yanika inkosikazi yaseSheba konke ekufunayo nekucelayo ngaphandle kwalokho uSolomoni ayinika khona ngokuphana kwenkosi. Yayisibuya, yaya ezweni layo, yona nezinceku zayo.

Ukuceba kukaSolomoni nobukhosi bakhe; ukuhlakanipha kwakhe nobukhulu bakhe

14Isisindo segolide elalifika kuSolomoni iminyaka yonke sasingamatalenta* angamakhulu ayisithupha namashumi ayisithupha nesithupha egolide 15ngaphandle kokuvela kubahwebi, nasenzuzweni yabathengisi, nasemakhosini ase-Arabiya, nakubabusi bezwe.

16Inkosi uSolomoni yenza izihlangu ezingamakhulu amabili zegolide elikhandiweyo, kwaba ngamashekeli* angamakhulu ayisithupha egolide elikhandiweyo kuso isihlangu sisinye, 17kanjalo namahawu angamakhulu amathathu egolide elikhandiweyo, amamane* amathathu egolide kulo ihawu lilinye; inkosi yawabeka endlini yehlathi laseLebanoni.

18Inkosi yenza nesihlalo sobukhosi esikhulu sezimpondo zendlovu, yasinameka ngegolide elicwengekileyo. 19Isihlalo sobukhosi sasinezikhwelo eziyisithupha, isihloko saso sasiyisiyingelezi emuva; kwakukhona imikhono ngalapha nangalapha kwendawo yokuhlala, kumi izingonyama ezimbili ngaseceleni kwemikhono. 20Kwakumi izingonyama eziyishumi nambili ngalapha nangalapha ezikhwelweni eziyisithupha. Okunjalo akwenziwanga komunye umbuso. 21Zonke izitsha zokuphuza zenkosi uSolomoni zaziyigolide, nazo zonke izitsha zendlu yehlathi laseLebanoni zaziyigolide elicwengekileyo, kungekho ezesiliva, lona lingento yalutho emihleni kaSolomoni. 22Ngokuba inkosi yayinemikhumbi yaseTharishishi elwandle kanye nemikhumbi kaHiramu; kanye ngeminyaka emithathu yafika imikhumbi yaseTharishishi iletha igolide, nesiliva, nezimpondo zendlovu, nezimfene, namapikoko.*

23Inkosi uSolomoni yaba nkulu kunawo onke amakhosi omhlaba ngengcebo nangokuhlakanipha. 24Wonke umhlaba wafuna ukubona ubuso bukaSolomoni ukuba uzwe ukuhlakanipha kwakhe, uNkulunkulu akubekile enhliziyweni yakhe. 25Baletha, kwaba yilowo nalowo isipho sakhe, izitsha zesiliva, nezitsha zegolide, nezingubo, nezikhali, namakha, namahhashi, neminyuzi,* okwenziwa iminyaka ngeminyaka.

26USolomoni wabutha izinqola nabamahhashi; wayenezinqola eziyinkulungwane namakhulu amane nabamahhashi abayizinkulungwane eziyishumi nambili owakubeka emizini yezinqola nasenkosini eJerusalema. 27Inkosi yenza isiliva livame eJerusalema njengamatshe, nemisedari* yayenza ibe njengemithombe esigodini ngobuningi. 28Amahhashi uSolomoni ayenawo ayekhishwe eGibithe naseKuwe; abathengi benkosi bawamukela eKuwe ngemali yawo. 29Inqola yenyuka yaphuma eGibithe ngamashekeli* angamakhulu ayisithupha esiliva nehhashi ngayikhulu namashumi ayisihlanu; bawakhiphela kanjalo onke amakhosi amaHeti namakhosi ase-Aramu ngezandla zabo.

1 AmaKhosi 11

Abafazi bakaSolomoni nokuduka kwakhe

1Inkosi uSolomoni yathanda abesifazane abaningi bezizwe kanye nendodakazi kaFaro, abangamaMowabikazi, nama-Amonikazi, nama-Edomikazi, namaSidonikazi, namaHetikazi, 2abezizwe uJehova ayeshilo ngabo kwabakwa-Israyeli ukuthi: “Aniyikungena kubo, nabo bangangeni kini, ngokuba impela bayakuziphambukisa izinhliziyo zenu, zize zilandele onkulunkulu babo.” Kulabo uSolomoni wanamathela ngothando. 3Wayenabafazi abangamakhulu ayisikhombisa abangamadodakazi amakhosi, nezancinza ezingamakhulu amathathu; omkakhe bayiphambukisa inhliziyo yakhe. 4Kwathi uSolomoni esemdala, omkakhe bayiphambukisa inhliziyo yakhe ukuba ilandele abanye onkulunkulu; inhliziyo yakhe yayingekho kuJehova uNkulunkulu wakhe ngokuphelelyo njengenhliziyo kaDavide uyise. 5USolomoni walandela u-Ashitaroti unkulunkulukazi wamaSidoni noMilkomu isinengiso sabakwa-Amoni. 6USolomoni wenza okubi emehlweni kaJehova, kamlandelanga uJehova ngokupheleleyo njengoDavide uyise.

7USolomoni wakhela uKemoshi isinengiso sakwaMowabi indawo ephakemeyo entabeni engaphambi kweJerusalema, noMoloki isinengiso sabantwana bakwa-Amoni. 8Wabenzela kanjalo bonke omkakhe bezizwe abashisa impepho, bahlabela onkulunkulu babo.

9UJehova wamthukuthelela uSolomoni, ngokuba inhliziyo yakhe yayiphambukile kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli owayebonakele kuye kabili, 10wamyala ngale nto yokuthi akayikulandela abanye onkulunkulu; kepha akagcinanga lokho uJehova amyale ngakho.

11Ngalokho uJehova wathi kuSolomoni: “Njengokuba wenzile lokho wena, ungagcinanga isivumelwano sami nezimiso zami engikuyale ngakho, ngiyakuwuhlwitha nokuhlwitha umbuso kuwe, ngiwunike inceku yakho. 12Kepha angiyikukwenza emihleni yakho ngenxa kaDavide uyihlo, kodwa ngiyakuwuhlwitha esandleni sendodana yakho. 13Nokho wonke umbuso angiyikuwuhlwitha, kepha ngiyakunika indodana yakho isizwe sibe sinye ngenxa kaDavide inceku yami nangenxa yeJerusalema engilikhethileyo.”

UNkulunkulu umvusela uSolomoni izitha

14UJehova wamvusela uSolomoni omelana naye, uHadadi wakwa-Edomi; wayengowozalo lwenkosi yakwa-Edomi. 15Kwathi uDavide ekwa-Edomi, noJowabe induna yempi enyukele ukumbela ababuleweyo, ebacekile bonke abesilisa kwa-Edomi 16ngokuba uJowabe naye wonke u-Israyeli bahlala khona izinyanga eziyisithupha, waze waqeda bonke abesilisa kwa-Edomi 17uHadadi wabaleka, yena nabakwa-Edomi abathile bezinceku zikayise benaye, ukuya eGibithe, uHadadi esengumntwana omncane. 18Basuka kwaMidiyani, beza ePharanu; bathatha amadoda ePharanu, baya nawo eGibithe kuFaro inkosi yaseGibithe; yena wamnika indlu, wamnqumela ukudla, wamnika nezwe.

19UHadadi wafumana umusa omkhulu emehlweni kaFaro, waze wamnika umlamu wakhe abe ngumkakhe, udadewabo wenkosikazi uThahipenesi. 20Udadewabo kaThahipenesi wamzalela uGenubati, indodana yakhe, uThahipenesi amlumula endlini kaFaro; uGenubati wayesendlini kaFaro phakathi kwamadodana kaFaro.

21UHadadi esezwile eGibithe ukuthi uDavide ulele koyise nokuthi uJowabe induna yempi ufile, uHadadi wathi kuFaro: “Ngivumele ukuba ngihambe ngiye ezweni lakithi.”

22UFaro wathi kuye: “Uswele ntoni lapha kimi ukuba ufune ukuya ezweni lakini na?”

Wathi: “Lutho, kepha mangivunyelwe impela ukuba ngihambe.”

23UNkulunkulu wamvusela omunye omelana naye, uRezoni indodana ka-Eliyada owayebalekele inkosi yakhe uHadadezeri inkosi yaseSoba. 24Lapho uDavide ebabulala, wazibuthela abantu, waba yinduna yeviyo; baya eDamaseku, bahlala khona, babusa eDamaseku. 25Wamelana no-Israyeli zonke izinsuku zikaSolomoni phezu kokubi akwenzayo uHadadi, wanengwa ngu-Israyeli, wabusa e-Aramu.

Isiprofetho sika-Ahiya

26UJerobowamu indodana kaNebati wakwa-Efrayimi waseSereda, inceku kaSolomoni, ogama likanina lalinguSeruya, umfelokazi, naye waphakamisela enkosini isandla sakhe.

27Isizathu sokuba aphakamisele isandla sakhe enkosini sasiyilesi: USolomoni wayelakha iMilo, wavala isikhala emzini kaDavide uyise. 28Leyo ndoda uJerobowamu yayiyiqhawe elinamandla; uSolomoni wayibona leyo nsizwa ukuthi ikhuthele emsebenzini wayo, wayibeka phezu kwawo wonke umsebenzi wendlu kaJosefa.

29Kwathi ngaleso sikhathi, lapho uJerobowamu ephumile eJerusalema, umprofethi u-Ahiya waseShilo wamfumana endleleni, embethe ingubo entsha; labo bobabili babebodwa endle. 30U-Ahiya wayibamba leyo ngubo entsha eyayikuye, wayiklebhula imidweshu eyishumi nambili. 31Wayesethi kuJerobowamu: “Zithathele imidweshu eyishumi, ngokuba uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli usho kanje, uthi: ‘Bheka, ngiyakuhlwitha umbuso esandleni sikaSolomoni, nginike wena izizwe eziyishumi 32kodwa yena uyakuba nesizwe sibe sinye ngenxa yenceku yami uDavide nangenxa yeJerusalema, umuzi engiwukhethileyo ezizweni zonke zakwa-Israyeli 33ngokuba bangishiyile, bakhuleka ku-Ashitaroti unkulunkulukazi wamaSidoni, nakuKemoshi unkulunkulu wakwaMowabi, nakuMilkomu unkulunkulu wabakwa-Amoni, abahambanga ngezindlela zami ukwenza okulungile emehlweni ami, nezimiso zami, nezahlulelo zami njengoDavide uyise.

34“ ‘Nokho angiyikususa wonke umbuso esandleni sakhe, kepha ngiyakumenza abe yisikhulu zonke izinsuku zokuhamba kwakhe ngenxa kaDavide inceku yami engamkhethayo, owagcina imiyalo yami nezimiso zami; 35kodwa ngiyakuwukhipha umbuso esandleni sendodana yakhe, ngiwunike wena, izizwe eziyishumi. 36Indodana yakhe ngiyakuyinika isizwe sibe sinye, ukuze uDavide inceku yami abe nesibani izinsuku zonke phambi kwami eJerusalema, umuzi engiwukhethileyo ukuba ngibeke khona igama lami. 37Ngiyakukuthatha wena, ubuse phezu kwakho konke okuthandwa yinhliziyo yakho, ube yinkosi phezu kuka-Israyeli. 38Kuyakuthi uma ulalela konke engikuyala ngakho, uhambe ngezindlela zami, wenze okulungile emehlweni ami ukugcina izimiso zami nemiyalo yami njengalokho akwenza uDavide inceku yami, ngiyakuba nawe, ngikwakhele indlu eyiyo njengalokho ngamakhela uDavide, ngikunike u-Israyeli. 39Ngenxa yalokho ngiyakuyithobisa inzalo kaDavide, kodwa akuyikuba njalonjalo.’ ”

40USolomoni wayesefuna ukumbulala uJerobowamu, kepha uJerobowamu wasuka, wabalekela eGibithe kuShishaki inkosi yaseGibithe, wahlala eGibithe waze wafa uSolomoni.

Ukufa kukaSolomoni

41Ezinye izindaba zikaSolomoni, nakho konke akwenzayo, nokuhlakanipha kwakhe, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zikaSolomoni. 42Isikhathi uSolomoni abusa ngaso eJerusalema phezu kuka-Israyeli wonke sasiyiminyaka engamashumi amane. 43USolomoni wayeselala koyise, wembelwa emzini kaDavide uyise; uRehobowamu indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

1 AmaKhosi 9:10-11:43ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU