Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 126

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

1 AmaKhosi 2

28Lapho kufika umbiko kuJowabe ngokuba uJowabe – wayemlandele u-Adoniya noma engamlandelanga u-Abisalomu uJowabe – wabaleka, waya etendeni likaJehova, wabamba izimpondo ze-altare. 29Inkosi uSolomoni yatshelwa ukuthi: “UJowabe ubalekele etendeni likaJehova; bheka, ungase-altare.” USolomoni wayesethuma uBenaya indodana kaJehoyada ngokuthi: “Hamba, umsukele.”

30UBenaya wafika etendeni likaJehova, wathi kuye: “Isho kanje inkosi, ithi: ‘Phuma.’ ”

Wathi: “Qha, ngiyakufela lapha.”

UBenaya wabuyisela enkosini izwi lokuthi: “Washo njalo uJowabe, wangiphendula kanjalo.”

31Inkosi yathi kuye: “Yenza njengokusho kwakhe, umsukele, ummbele, ukuba ususe kimi nakuyo indlu kababa igazi elachithwa ngeze nguJowabe. 32UJehova uyakulibuyisela igazi lakhe ekhanda lakhe, ngokuba wasukela amadoda amabili alungileyo amahle kunaye, wawabulala ngenkemba, ubaba uDavide engazi: u-Abineri indodana kaNeri, induna yempi yakwa-Israyeli, no-Amasa indodana kaJetheri, induna yempi yakwaJuda. 33Igazi labo liyakubuyela ekhanda likaJowabe nasekhanda lenzalo yakhe kuze kube phakade; kepha kuDavide, nakuyo inzalo yakhe, nakuyo indlu yakhe, nakuso isihlalo sakhe sobukhosi kuyakuba ngukuthula kuze kube phakade, kuvela kuJehova.”

34Wayesenyuka uBenaya indodana kaJehoyada, wamsukela, wambulala; wembelwa endlini yakhe ehlane. 35Inkosi yayisimbeka uBenaya indodana kaJehoyada phezu kwempi esikhundleni sakhe; uSadoki umpristi inkosi yambeka esikhundleni sika-Abiyathara.

36Inkosi yathuma yambiza uShimeyi, yathi kuye: “Zakhele indlu eJerusalema, uhlale khona, ungaphumi lapho ukuya ndawo. 37Ngokuba mhla uphuma, uwele umfudlana iKidroni, yazisisa ukuthi uyakufa nokufa; igazi lakho liyakuba sekhanda lakho.”

38Wayesethi uShimeyi enkosini: “Lelo zwi lilungile; inceku yakho iyakwenza njengokusho kwenkosi yami, inkosi.” UShimeyi wahlala eJerusalema izinsuku eziningi.

39Kwathi ngasekupheleni kweminyaka emithathu izinceku ezimbili zikaShimeyi zabaleka, zaya ku-Akhishi indodana kaMahakha inkosi yaseGati. UShimeyi watshelwa ukuthi: “Bheka, izinceku zakho ziseGati.” 40Wayesesuka uShimeyi, wabophela imbongolo yakhe, waya eGati ku-Akhishi ukuba afune izinceku zakhe; wahamba uShimeyi, wazibuyisa izinceku zakhe eGati.

41Kwabikelwa uSolomoni ukuthi uShimeyi wayesukile eJerusalema ukuya eGati nokuthi ubuyile. 42Inkosi yayisithuma yambiza uShimeyi, yathi kuye: “Angithi ngikufungisile uJehova, ngaqinisa kuwe ukuthi: ‘Mhla uphuma uye nomaphi, yazisisa ukuthi uyakufa nokufa,’ na? Wathi kimi: ‘Izwi engilizwileyo lihle.’ 43Pho, awugcinanga ngani isifungo sikaJehova nomyalo engakuyala ngakho na?”

44Inkosi yathi futhi kuShimeyi: “Wena uyazi konke okubi okwaziwa yinhliziyo yakho, owakwenza kuDavide ubaba; ngalokho uJehova uyakubuyisela ububi bakho ekhanda lakho. 45Kepha inkosi uSolomoni iyakubusiswa, nesihlalo sobukhosi sikaDavide siyakuqiniswa phambi kukaJehova kuze kube phakade.”

46Ngokuyala kwenkosi uBenaya indodana kaJehoyada waphuma wamsukela; wafa. Umbuso wawusulokhu uqiniswa njalo esandleni sikaSolomoni.

1 AmaKhosi 3

Ukuganwa kukaSolomoni

1USolomoni wahlangana ngobuhlobo noFaro inkosi yaseGibithe, wathatha indodakazi kaFaro, wayingenisa emzini kaDavide, waze waqeda ukwakha indlu yakhe, nendlu kaJehova, nogange lwaseJerusalema nxazonke. 2Nokho abantu babehlaba ezindaweni eziphakemeyo, ngokuba kwakungakhelwanga igama likaJehova indlu kwaze kwaba yilezo zinsuku. 3USolomoni wamthanda uJehova, wahamba ngezimiso zikaDavide uyise; kepha wahlaba, washisa impepho ezindaweni eziphakemeyo.

Ukuhlaba kukaSolomoni nephupho lakhe eGibeyoni

4Inkosi yaya eGibeyoni ukuhlabela khona, ngokuba kwakuyindawo ephakemeyo enkulu; uSolomoni wanikela ngeminikelo yokushiswa eyinkulungwane e-altare lelo. 5EGibeyoni uJehova wabonakala kuSolomoni ngephupho ebusuku; uNkulunkulu wathi: “Cela lokhu othanda ukuba ngikunike khona.”

6USolomoni wathi: “Wenzele inceku yakho uDavide ubaba umusa omkhulu njengokuhamba kwakhe phambi kwakho ngeqiniso, nangokulunga, nangobuqotho benhliziyo kuwe, wamgcinela futhi lowo musa omkhulu, wamnika indodana ukuba ihlale esihlalweni sakhe sobukhosi, njengokuba kunjalo namuhla.

7“Manje, Jehova Nkulunkulu wami, ubekile inceku yakho inkosi esikhundleni sikaDavide ubaba; ngingumntwana omncane nje, angikwazi nokungena nokuphuma. 8Inceku yakho iphakathi kwabantu bakho obakhethileyo, isizwe esikhulu, esingenakubalwa, esingenakuthathwa umumo waso ngobuningi. 9Ngalokho yiphe inceku yakho inhliziyo elalelayo ukwahlulela abantu bakho ukuba ngahlukanise okuhle nokubi, ngokuba ngubani ongahlulela laba bantu bakho abakhulu kangaka na?”

10Leyo nkulumo yaba nhle emehlweni eNkosi ukuba uSolomoni wayecele leyo nto. 11Wathi uNkulunkulu kuye: “Ngokuba ucele leyo nto, ungazicelelanga izinsuku eziningi, ungazicelelanga namfuyo, ungacelanga futhi ukufa kwezitha zakho, uzicelele ukwahlukanisa lokho okuzwayo ekwahluleleni, 12bheka, ngenzile njengezwi lakho: nakhu, ngikunika inhliziyo enokuhlakanipha nokuqonda, okungazange kube khona okunjengakho ngaphambi kwakho nokungayikuvela futhi okunjengakho nangasemva kwakho. 13Ngikunika futhi nalokho ongakucelanga, imfuyo nodumo, ngangokuba kungayikubakho onjengawe phakathi kwamakhosi zonke izinsuku zakho. 14Uma uhamba ngezindlela zami, ugcine izimiso zami nemiyalo yami, njengalokho uyihlo uDavide wahamba, ngiyakwandisa izinsuku zakho.” 15USolomoni wayesephaphama; bheka, kwakuyiphupho; waya eJerusalema, wema phambi komphongolo wesivumelwano sikaJehova, wanikela ngeminikelo yokushiswa, wanikela ngeminikelo yokuthula, wazenzela izinceku zakhe zonke idili.

Ukuhlakanipha kukaSolomoni ekwahluleleni

16Khona kwafika enkosini abesifazane ababili abayizifebe, bema phambi kwayo. 17Omunye owesifazane wathi: “E nkosi, mina nalo wesifazane sihlala ndlininye; ngabeletha nginaye endlini. 18Kwathi ngosuku lwesithathu sengibelethile, lo wesifazane wabeletha naye; sasindawonye, kwakungekho mfokazi nathi endlini, kuyithina sobabili kuphela.

19“Umfana walo wesifazane wafa ebusuku, ngokuba walala phezu kwakhe. 20Wavuka phakathi kwamabili, wathatha umfana wami eceleni kwami, incekukazi yakho ilele ubuthongo, wambeka esifubeni sakhe, wabeka umfana wakhe ofileyo esifubeni sami. 21Lapho sengivuka ekuseni ukuba ngimncelise umfana wami, bheka, wayesefile; kepha sengimbhekisisa ekuseni, bheka, kwakungesiye umfana wami engimzeleyo.”

22Wayesethi omunye owesifazane: “Qha, ophilayo ungumfana wami, ofileyo ngumfana wakho.”

Kepha yena wathi: “Qhabo, ofileyo ungumfana wakho, ophilayo ngumfana wami.” Bakhuluma kanjalo phambi kwenkosi.

23Yayisithi inkosi: “Omunye uthi: ‘Ngowami lo mfana ophilayo, ngumfana wakho ofileyo;’ omunye uthi: ‘Qha, ngumfana wakho ofileyo, ngumfana wami ophilayo.’ ”

24Yathi inkosi: “Ngiletheleni inkemba.” Baletha inkemba enkosini. 25Yathi-ke inkosi: “Mdabuleni kabili umntwana ophilayo, ninike omunye inxenye nomunye inxenye.”

26Wayesekhuluma enkosini owesifazane ongowakhe umntwana ophilayo, ngokuba izibilini zakhe zavutha ngomntanakhe, wathi: “E nkosi, mnike yena umntwana ophilayo, ungambulali nakanye,” kepha omunye wathi: “Makangabi ngowami nangowakho; mdabuleni.”

27Yayisithatha inkosi, yathi: “Mnikeni lowo umntwana ophilayo, ningamdabuli nakanye; nguye ongunina.”

28U-Israyeli wonke wezwa leso sahlulelo esenziwe yinkosi; bayesaba inkosi, ngokuba babona ukuthi ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kwakukuyo ekwahluleleni kwayo.

1 AmaKhosi 4

Izinduna nezinceku zikaSolomoni

1Inkosi uSolomoni yabusa u-Israyeli wonke. 2Yilezi izikhulu eyayinazo:

    u-Azariya indodana kaSadoki wayengumpristi;
    3o-Elihorefi no-Ahiya amadodana kaShisha babe ngababhali,
    noJehoshafati indodana ka-Ahiludi wayengumabhalana;
    4uBenaya indodana kaJehoyada wayephezu kwempi;
    oSadoki no-Abiyathara babe ngabapristi;
    5u-Azariya indodana kaNathani wayephezu kwezinduna;
    uZabudi indodana kaNathani wayengumpristi nomngane wenkosi;
    6u-Ahishari wayephezu kwabendlu;
    u-Adoniramu indodana ka-Abida wayephethe ezemali.

7USolomoni wayenezinduna eziyishumi nambili phezu kwabo bonke abakwa-Israyeli ezazifunela inkosi nabendlu yayo ukudla; yileyo naleyo yayifuna ukudla inyanga inye ngomnyaka. 8Nanka amagama azo:

    oBeni-Huri ezintabeni zakwa-Efrayimi,
    9noBeni-Dekeri eMakhasi,
    naseShahalabimi, naseBeti Shemeshi,
    nase-Eloni Beti Hanani,
    10noBeni Hesedi e-Aruboti,
    okwakungelakhe iSoko nalo lonke izwe laseHeferi,
    11noBeni Abinadaba kulo lonke iNafati Dori; uThafati indodakazi kaSolomoni wayengumkakhe;
    12uBahana indodana ka-Ahiludi eThahanaki, naseMegido, nakulo lonke iBeti Sheyani elingaseceleni kweSaretani, ngenzansi kwaseJizreyeli, kusukela eBeti Sheyani kuze kube se-Abela Mehola nangaphesheya kweJokimeyamu,
    13noBeni Geberi eRamoti Gileyadi,
    okwakungeyakhe imizi kaJayire indodana kaManase ekwaGileyadi,
    nezwe lase-Arigobi eliseBashani, imizi engamashumi ayisithupha enezingange nemigoqo yethusi,
    14no-Ahinadaba indodana ka-Ido eMahanayimi,
    15no-Ahimahasi kwaNafetali, yena owathatha uBasemati indodakazi kaSolomoni abe ngumkakhe,
    16noBahana indodana kaHushayi kwa-Asheri nase-Aloti,
    17noJehoshafati indodana kaPharuwa kwa-Isakare,
    18noShimeyi indodana ka-Ela kwaBenjamini,
    19noGeberi indodana ka-Uri ezweni lakwaGileyadi, izwe likaSihoni inkosi yama-Amori no-Ogi inkosi yaseBashani, ngokuba kwakuyinduna eyodwa kulelo zwe.

20OJuda no-Israyeli babe baningi ngangesihlabathi solwandle ngobuningi, bedla, bephuza, bejabula.

21USolomoni wabusa phezu kwemibuso yonke kusukela eMfuleni* kuze kube sezweni lamaFilisti nasemkhawulweni waseGibithe; bathela intela, bamkhonza uSolomoni zonke izinsuku zokuhamba kwakhe.

22Ukudla kukaSolomoni ngosuku olulodwa kwakungamakhora* angamashumi amathathu empuphu ecolekileyo, namakhora angamashumi ayisithupha empuphu, 23nezinkabi eziyishumi ezikhuluphalisiweyo, nezinkabi ezingamashumi amabili zasemadlelweni, nezimvu eziyikhulu ngaphandle kwezindluzele, namanxala, nezinsephe, nezinkuku ezikhuluphalisiweyo. 24Wabusa ezweni lonke ngaphesheya koMfula* kusukela eThifisa kuze kube seGaza phezu kwawo onke amakhosi ngaphesheya koMfula; wayenokuthula nxazonke zakhe. 25OJuda no-Israyeli bahlala belondekile, kwaba yilowo nalowo phansi komvini wakhe nomkhiwane wakhe, kusukela kwaDani kuze kube seBeri Sheba, zonke izinsuku zikaSolomoni.

26USolomoni wayenezipani* eziyizinkulungwane ezingamashumi amane zamahhashi ezinqola zakhe nabamahhashi abayizinkulungwane eziyishumi nambili.

27Izinduna lezo zafunela ukudla inkosi uSolomoni nabo bonke abasondela etafuleni lenkosi uSolomoni, kwaba yileyo naleyo ngenyanga yayo; kwakungasweleki lutho. 28Nebhali,* nefoliji* lamahhashi, namahhashi anejubane zakuletha endaweni lapho zikhona, kwaba yileyo naleyo njengokunqunyelwe yona.

Ukuhlakanipha kukaSolomoni

29UNkulunkulu wamnika uSolomoni ukuhlakanipha nengqondo ebanzi kakhulu, nenhliziyo enkulu ngangesihlabathi esisogwini lolwandle. 30Ukuhlakanipha kukaSolomoni kwadlula ukuhlakanipha kwabantu bonke basempumalanga nakho konke ukuhlakanipha kwaseGibithe. 31Ngokuba wayehlakaniphile kunabo bonke abantu: kuno-Ethani umEzra, noHemani, noKalikoli, noDarda amadodana kaMaholi, negama lakhe lalisezizweni zonke nxazonke. 32Waqamba izaga eziyizinkulungwane ezintathu; amaculo akhe ayeyinkulungwane nanhlanu. 33Wakhuluma ngemithi kusukela kuwo umsedari* oseLebanoni kuze kube kulo ihisopi* elimila odongeni; wakhuluma nangezinkomo, nangezinyoni, nangezilwanyana ezinwabuzelayo, nangezinhlanzi. 34Kwafika abantu basezizweni zonke ukuzwa ukuhlakanipha kukaSolomoni bevela emakhosini onke abezwile ukuhlakanipha kwakhe.

1 AmaKhosi 2:28-4:34ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU