Bible Society of South Africa

Bible Reading Plan – Day 11

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UGenesise 35

16Base besuka eBethele; kwakuse yibangana ukuya e-Efrati; uRaheli wayesebeletha, wabeletha enemihelo enzima. 17Kwathi esenemihelo enzima, umbelethisi wathi kuye: “Ungesabi, ngokuba uzakuba nenye indodana futhi.” 18Usuzakuphuma umphefumulo wakhe, ngokuba wafa, waqamba igama lakhe ngokuthi uBenoni; kepha uyise wamqamba ngokuthi uBenjamini.

19Wafa uRaheli, wembelwa ngasendleleni eya e-Efrati eliyiBetlehema. 20UJakobe wamisa insika ethuneni lakhe, eyinsika yethuna likaRaheli kuze kube namuhla.

21U-Israyeli wasuka, wamisa itende lakhe ngaphambi kombhoshongo wase-Edere. 22Kwathi u-Israyeli esehlala kulelo zwe, uRubeni waya walala noBiliha isancinza sikayise; u-Israyeli wakuzwa lokho.

Amadodana kaJakobe nokufa kuka-Isaka

Amadodana kaJakobe ayeyishumi nambili.

23Amadodana kaLeya ayenguRubeni, izibulo likaJakobe, noSimeyoni, noLevi, noJuda, no-Isakare, noZebuloni. 24Amadodana kaRaheli ayengoJosefa noBenjamini. 25Amadodana kaBiliha incekukazi kaRaheli ayengoDani noNafetali. 26Amadodana kaZilipa incekukazi kaLeya ayengoGadi no-Asheri; lawo angamadodana kaJakobe awazalelwa ePhadani Aramu.

27UJakobe wafika ku-Isaka uyise eMamre ngaseKiriyati Araba, okuyiHebroni, lapho o-Abrahama no-Isaka kade bebegogobele khona. 28Izinsuku zika-Isaka zaziyiminyaka eyikhulu namashumi ayisishiyagalombili. 29U-Isaka wagqibuka wafa, wabuthelwa kubantu bakhe, emdala esanelisiwe yizinsuku. O-Esawu noJakobe amadodana akhe bammbela.

UGenesise 36

Umndeni ka-Esawu

1Lezi ziyizizukulwane zika-Esawu ongu-Edomi.

2U-Esawu wazithathela abafazi kuwo amadodakazi aseKhanani: u-Ada indodakazi ka-Eloni umHeti, no-Oholibama indodakazi ka-Ana, indodakazi kaSibeyoni umHivi, 3noBasemati indodakazi ka-Ishmayeli, udadewabo kaNebayoti.

4U-Ada wamzalela u-Esawu u-Elifazi; uBasemati wazala uRehuweli; 5u-Oholibama wazala oJewushe, noJalamu, noKora; lawo angamadodana ka-Esawu azalelwa wona ezweni laseKhanani.

6U-Esawu wathatha omkakhe, namadodana akhe, namadodakazi akhe, nabantu bonke bendlu yakhe, nemfuyo yakhe, nezinkomo zakhe, nempahla yonke yakhe owayeyizuze ezweni laseKhanani, waya ezweni elikude nomfowabo uJakobe. 7Ngokuba imfuyo yabo yayiyinkulu kunokuba bahlale ndawonye, nezwe lokugogobala kwabo lalingenakubathwala ngenxa yemfuyo yabo. 8U-Esawu wahlala entabeni yaseSeyiri; u-Esawu ungu-Edomi.

9Lezi ziyizizukulwane zika-Esawu uyise wabakwa-Edomi entabeni yaseSeyiri. 10Nanka amagama amadodana ka-Esawu: Ngu-Elifazi indodana ka-Ada umka-Esawu, noRehuweli indodana kaBasemati umka-Esawu. 11Amadodana ka-Elifazi ayengoThemani, no-Omari, noSefo, noGathamu, noKenazi. 12UThimna wayeyisancinza sika-Elifazi indodana ka-Esawu; wamzalela u-Elifazi u-Amaleki; yilawo angamadodana ka-Ada umka-Esawu. 13Lawa angamadodana kaRehuweli: ngoNahati, noZera, noShama, noMiza; yilawo angamadodana kaBasemati umka-Esawu. 14Lawa angamadodana ka-Oholibama indodakazi ka-Ana, indodakazi kaSibeyoni, umka-Esawu: wamzalela u-Esawu oJewushe, noJalamu, noKora.

15Laba bangabanumzane bamadodana ka-Elifazi izibulo lika-Esawu: Ngumnumzane uThemani, nomnumzane u-Omari, nomnumzane uSefo, nomnumzane uKenazi, 16nomnumzane uKora, nomnumzane uGathamu, nomnumzane u-Amaleki; yilabo abangabanumzane abavela ku-Elifazi ezweni lakwa-Edomi; yilawo angamadodana ka-Ada. 17Lawa angamadodana kaRehuweli indodana ka-Esawu: ngumnumzane uNahati, nomnumzane uZera, nomnumzane uShama, nomnumzane uMiza; yilabo abangabanumzane abavela kuRehuweli ezweni lakwa-Edomi; yilawo angamadodana kaBasemati umka-Esawu. 18Lawa angamadodana ka-Oholibama umka-Esawu: ngumnumzane uJewushe, nomnumzane uJalamu, nomnumzane uKora; yilabo abangabanumzane abavela ku-Oholibama indodakazi ka-Ana umka-Esawu.

19Yilawo angamadodana ka-Esawu; labo bangabanumzane bawo; yena ungu-Edomi.

Inzalo kaSeyiri

20Lawa angamadodana kaSeyiri umHori ayakhe kulelo zwe: ngoLothani, noShobali, noSibeyoni, no-Ana, 21noDishoni, no-Eseri, noDishani; labo bangabanumzane abavela kuwo amaHori, abantwana bakaSeyiri ezweni lakwa-Edomi. 22Amadodana kaLothani ayengoHori noHemamu; udadewabo kaLothani wayenguThimna. 23Lawa angamadodana kaShobali: ngo-Alevani, noManahati, no-Ebali, noShefo, no-Onamu. 24Lawa angamadodana kaSibeyoni: ngo-Aya, no-Ana; nguyena lowo Ana owafumana imithombo eshisayo ehlane, ezalusa izimbongolo zikaSibeyoni uyise. 25Laba bangabantwana baka-Ana: ngoDishoni no-Oholibama indodakazi ka-Ana. 26Lawa angamadodana kaDishoni: ngoHemdani, no-Eshibani, noJitrani, noKerani. 27Lawa angamadodana ka-Eseri: ngoBilihani, noZahawana, no-Akani. 28Lawa angamadodana kaDishani: ngo-Use no-Arana. 29Laba bangabanumzane abavela kuwo amaHori: ngumnumzane uLothani, nomnumzane uShobali, nomnumzane uSibeyoni, nomnumzane u-Ana, 30nomnumzane uDishoni, nomnumzane u-Eseri, nomnumzane uDishani; yilabo abangabanumzane abavela kuwo amaHori, abanumzane ngabanumzane ezweni laseSeyiri.

31Lawa angamakhosi ayebusa ezweni lakwa-Edomi, kungakabusi nkosi kwabakwa-Israyeli. 32UBela indodana kaBeyori wabusa kwabakwa-Edomi; igama lomuzi wakhe laliyiDinihaba. 33Wafa uBela; uJobabi indodana kaZera waseBosira waba yinkosi esikhundleni sakhe. 34Wafa uJobabi; uHushamu wasezweni labakwaThemani waba yinkosi esikhundleni sakhe. 35Wafa uHushamu; uHadadi indodana kaBedadi owanqoba abakwaMidiyani ethafeni lakwaMowabi waba yinkosi esikhundleni sakhe; igama lomuzi wakhe laliyi-Aviti. 36Wafa uHadadi; uSamla waseMasireka waba yinkosi esikhundleni sakhe. 37Wafa uSamla; uShawule waseRehoboti ngasemfuleni waba yinkosi esikhundleni sakhe. 38Wafa uShawule; uBali Hanani indodana ka-Akibori waba yinkosi esikhundleni sakhe. 39Wafa uBali Hanani indodana ka-Akibori; uHadari waba yinkosi esikhundleni sakhe; igama lomuzi wakhe laliyiPhawu; igama lomkakhe lalinguMehetabeli indodakazi kaMatiredi, indodakazi kaMezahabi.

40Lawa angamagama abanumzane abavela ku-Esawu ngemindeni yabo, nangezindawo zabo, nangamagama abo: ngumnumzane uThimna, nomnumzane u-Aliva, nomnumzane uJeteti, 41nomnumzane u-Oholibama, nomnumzane u-Ela, nomnumzane uPhinoni, 42nomnumzane uKenazi, nomnumzane uThemani, nomnumzane uMibisari, 43nomnumzane uMagidiyeli, nomnumzane u-Iramu; yilabo abangabanumzane bakwa-Edomi ngokwakha kwabo ezweni elaliyifa labo; nguyena u-Esawu uyise wabakwa-Edomi.

UGenesise 37

Amaphupho kaJosefa

1UJakobe wakha ezweni lokugogobala kukayise, ezweni laseKhanani. 2Lokhu kuyindaba kaJakobe. UJosefa eseneminyaka eyishumi nesikhombisa wawalusa umhlambi kayise enabafowabo; engumfana nje wayekuwo amadodana kaBiliha nakuwo amadodana kaZilipa omkayise; uJosefa waletha kuyise imibiko emibi ngabo.

3Kepha u-Israyeli wathanda uJosefa kakhulu kunabantwana bakhe bonke, ngokuba wayeyindodana yobuxhegu bakhe; wamenzela ingubo enemikhono emide. 4Abafowabo babona ukuthi uyise umthanda kunabafowabo bonke; khona bamzonda, bengenakukhuluma kuye ngokuthula.

5UJosefa waphupha iphupho, wabalandisa lona abafowabo; babelokhu bemzonda kakhulu. 6Wathi kubo: “Ake nizwe leli phupho engiliphuphileyo. 7Bhekani, besibopha izithungu ensimini; naso-ke isithungu sami sivuka sima; nazo-ke izithungu zenu zisiphahla, zisikhothamela isithungu sami.”

8Base bethi kuye abafowabo: “Impela uyakuba yinkosi yethu, usibuse na?” Bamzonda kakhulu kunakuqala ngenxa yamaphupho akhe namazwi akhe.

9Waphupha nelinye iphupho, wabalandisa lona abafowabo, wathi: “Bhekani, ngiphuphe nelinye iphupho; bhekani-ke ilanga nenyanga nezinkanyezi eziyishumi nanye kwangikhothamela.”

10Wabalandisa uyise nabafowabo; uyise wamsola, wathi kuye: “Yiphupho lini leli oliphuphileyo na? Impela mina nonyoko nabafowenu siyakuza, sikukhothamele emhlabathini na?” 11Abafowabo baba nomhawu ngaye, kepha uyise wawalonda lawa mazwi.

Ukuthengiswa kukaJosefa

12Abafowabo baya ukwalusa umhlambi kayise eShekemi. 13U-Israyeli wathi kuJosefa: “Abafowenu abawalusi umhlambi eShekemi na? Woza, ngiyakukuthuma kubo.”

Wathi kuye: “Ngilapha.”

14Wayesethi kuye: “Hamba-ke, ubone ukuthi basahlezi kahle yini abafowenu nomhlambi, uze ungibuyisele izwi.” Wamthuma esuka esigodini saseHebroni, waze wafika eShekemi. 15Umuntu othile wamfumana ezulazula endle; lo muntu wambuza wathi: “Ufunani na?”

16Wathi: “Ngifuna abafowethu; ake ungitshele ukuthi baluselaphi.”

17Wathi lowo muntu: “Basukile lapha, ngokuba ngabezwa bethi: ‘Asiye eDotayini.’ ” UJosefa walandela abafowabo, wabafumana eDotayini. 18Bambona esekude; engakasondeli kubo, bamenzela ugobe lokumbulala.

19Bakhulumisana omunye nomunye, bathi: “Bhekani, inyanga yamaphupho iyeza. 20Ngalokho wozani, siyibulale, siyiphonse komunye wemigodi, bese sithi: ‘Isilwane esibi siyidlile,’ sibone ukuthi azakuba yini amaphupho ayo.”

21URubeni wakuzwa, wamophula esandleni sabo ngokuthi: “Asingambulali.” 22URubeni wathi kubo: “Ningachithi gazi; mphonseni kulo mgodi osehlane, ningabeki isandla kuye,” ukuba amophule esandleni sabo, ambuyisele kuyise.

23Kwathi uJosefa esefike kubafowabo, bamkhumula ingubo yakhe, leyo ngubo enemikhono emide ayeyigqokile. 24Bamthatha, bamphonsa emgodini; umgodi wawungenalutho, kungekho manzi kuwo.

25Bahlala phansi ukuba badle isinkwa; baphakamisa amehlo abo, babona; bheka, kwafika ihele labakwa-Ishmayeli livela kwaGileyadi, linamakamela alo ethwele inhlaka nebhalisamu* nemure,* likwewusela eGibithe.

26Wayesethi uJuda kubafowabo: “Kuyakusizani, uma simbulala umfowethu, sifihle igazi lakhe, na? 27Wozani sithengise ngaye kwabakwa-Ishmayeli, isandla senu singabi phezu kwakhe, ngokuba ungumfowethu, uyinyama yethu.” Abafowabo bamlalela.

28Kwase kudlula abathengi bakwaMidiyani; bamdonsa uJosefa, bamkhuphula emgodini, bathengisa ngoJosefa kwabakwa-Ishmayeli ngezinhlamvu ezingamashumi amabili zesiliva. Labo-ke bamusa uJosefa eGibithe.

29URubeni wabuyela emgodini; bheka, uJosefa wayengasekho emgodini; waklebhula izingubo zakhe. 30Wayesebuyela kubafowabo, ethi: “Akasekho umntwana; mina-ke ngizakushonaphi na?”

31Base bethatha ingubo kaJosefa, bahlaba impongo, bacwilisa ingubo egazini. 32Bathumela leyo ngubo enemikhono emide, bayiyisa kuyise, bathi: “Siyitholile lena; ake ubone, uma le ngubo ingeyendodana yakho yini, noma akusiyo na?”

33Wayibona, wathi: “Yiyo ingubo yendodana yami; isilwane esibi simdlile; yebo, uJosefa udatshuliwe nokudatshulwa.”

34UJakobe wayeseklebhula izingubo zakhe, wafaka indwangu yamasaka okhalweni lwakhe, walilela indodana yakhe izinsuku eziningi. 35Onke amadodana akhe nawo onke amadodakazi akhe asuka ukuyomduduza, kepha wala ukududuzwa, wathi: “Ngiyakwehla, ngiye endodaneni yami endaweni yabafileyo ngilila.” Uyise wamlilela-ke.

36AbakwaMidiyani bathengisa ngaye eGibithe kuPotifari, inceku kaFaro, induna yabalindi bakhe.

UGenesise 38

Amadodana kaJuda

1Kwathi ngaleso sikhathi uJuda wasuka kubafowabo, wehla, waya kumuntu wase-Adulamu ogama lakhe linguHira. 2UJuda wabona lapho indodakazi yomuntu waseKhanani ogama lakhe linguShuwa; wayithatha, wangena kuyo. 3Yakhulelwa, yazala indodana, yaqamba igama layo ngokuthi u-Eri. 4Yabuye yakhulelwa, yazala indodana, yaqamba igama layo ngokuthi u-Onani. 5Yabuye yazala futhi indodana, yaqamba igama layo ngokuthi uShela; uJuda wayeseKesibi ekuyizaleni kwayo.

6UJuda wamthathela u-Eri izibulo lakhe umfazi ogama lakhe linguTamari. 7U-Eri izibulo likaJuda wayemubi emehlweni kaJehova; uJehova wambulala.

8UJuda wathi ku-Onani: “Yiya kumkamfowenu, umngene, umvusele umfowenu inzalo.” 9U-Onani wayekwazi ukuthi inzalo ayiyikuba ngeyakhe; kwathi nxa engena kumkamfowabo, wachitha emhlabathini ukuba angamniki umfowabo inzalo. 10Kwaba kubi emehlweni kaJehova lokho akwenzileyo; wambulala naye futhi.

11UJuda wayesethi kuTamari umalokazana wakhe: “Hlala ungumfelokazi endlini kayihlo, aze akhule uShela indodana yami,” ngokuba wathi: “Ukuba angafi njengabafowabo.” UTamari waya wahlala kwabo.

OJuda noTamari

12Emva kwezinsuku eziningi yafa indodakazi kaShuwa umkaJuda; eseduduzekile uJuda wakhuphuka, waya kubo abagundi bezimvu zakhe eThimna, yena kanye nomhlobo wakhe uHira wase-Adulamu.

13Kwatshelwa uTamari ukuthi: “Bheka, uyihlozala uyakhuphukela eThimna ukuyogunda izimvu zakhe.” 14Wayesekhumula izingubo zakhe zobufelokazi, wagubuzela, wazimboza, wahlala esangweni lase-Enayimi ngasendleleni eya eThimna, ngokuba wabona ukuthi uShela usekhulile, engamnikwa nokho abe ngumkakhe.

15UJuda esembona wacabanga ukuthi uyisifebe, ngokuba wayegubuzele ubuso. 16Waphambukela kuye endleleni, wathi: “Woza, ake ngingene kuwe,” ngokuba wayengazi ukuthi ungumalokazana wakhe.

Wathi: “Uyakungiphani ukuba ungene kimi na?”

17Wayesethi: “Mina ngizakukuthumela izinyane lembuzi elisemhlambini.”

Wathi: “Uzakunginika isibambiso, uze ulithume, na?”

18Wathi: “Ngikuphe sibambiso sini na?”

Wathi: “Indandatho yakho, nentambo yakho, nodondolo lwakho olusesandleni sakho.” Wamupha, wangena kuye; wakhuliselwa nguye. 19Wasuka, wahamba, wakhumula iveli lakhe, wembatha izingubo zakhe zobufelokazi.

20UJuda wathuma izinyane lembuzi ngesandla somhlobo wakhe wase-Adulamu ukuba athathe isibambiso esandleni sowesifazane, kepha akamfumananga. 21Wayesebuza abantu bendawo yakhe, wathi: “Siphi isifebe esasise-Enayimi ngasendleleni na?”

Bathi: “Akuzange kube khona isifebe lapha.”

22Wayesebuyela kuJuda, ethi: “Angisifumananga; nabantu bendawo bathi: ‘Akuzange kube khona isifebe lapha.’ ”

23Wathi uJuda: “Masizithathele sona, funa sibe nehlazo; bheka, ngithume leli zinyane, kepha awusifumananga.”

24Kwathi emva kwezinyanga ezintathu uJuda watshelwa ukuthi: “UTamari umalokazana wakho ufebile; bheka, futhi ukhulelwe ngokufeba kwakhe.”

UJuda wathi: “Mletheni, ashiswe.”

25Eselethiwe wathumela kuyisezala, wathi: “Ngikhuleliswe yile ndoda engumnini walezi zinto.” Wathi futhi: “Ake ubone ukuthi ngokukabani le ndandatho, nale ntambo, nalolu dondolo na?”

26Wakuvuma uJuda, wathi: “Ulungile kunami, njengokuba ngingamnikanga uShela indodana yami.” Akabange esamazi futhi.

27Kwathi ngesikhathi sokubeletha kwakhe, bheka, ngamawele asesiswini sakhe. 28Kwathi esabeletha, omunye wakhipha isandla; umbelethisi wathatha, wabopha esandleni sakhe ngentambo ebomvu, wathi: “Lo uphume kuqala.” 29Kwathi ukuba afinyeze isandla sakhe, nangu umfowabo ephuma; wathi: “Ufuzuleleni na?” Ngalokho igama lakhe laqanjwa ngokuthi uPheresi.* 30Ngasemuva waphuma umfowabo owayenentambo ebomvu esandleni sakhe; igama lakhe lathiwa uZera.

UGenesise 35:16-38:30ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU