Ukuhamba okungcwele
1Ngakho ngiyanincenga, bazalwane, ngobubele bukaNkulunkulu ukuba ninikele imizimba yenu ibe ngumnikelo ophilileyo, ongcwele, othandeka kuNkulunkulu, kube ngukukhonza kwenu kokuqonda; 2ningalingisi leli zwe, kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibe ntsha ingqondo yenu, ukuze nibe nokuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu, okuhle, nokuthandekayo, nokupheleleyo.
Ukuthobeka
3Ngokuba ngomusa engiwuphiweyo ngisho kulowo nalowo phakathi kwenu ukuthi angacabangi athi mkhulu kunalokho afanele ukukucabanga, kodwa acabange kube ngokuqonda, njengalokho uNkulunkulu abele lowo nalowo isilinganiso sokukholwa. 4Ngokuba njengalokhu sinezitho eziningi emzimbeni munye, kepha izitho zonke azinamsebenzi munye, 5kanjalo thina esibaningi simzimba munye kuKristu, kepha ngabanye siyizitho, omunye esomunye. 6Sinezipho zomusa ezahlukileyo ngokomusa esiwuphiweyo; uma singesokuprofetha, asiprofethe ngesilinganiso sokukholwa; 7uma singesokukhonza, kube senkonzweni; ofundisayo, kube sekufundiseni, 8oyalayo, ekuyaleni; owabayo, enze ngobuqotho; oholayo, ngenkuthalo; ohawukelayo, ngentokozo.
Uthando nokuphathana kahle
9Uthando malungabi nakuzenzisa; nenyanye okubi, nibambelele kokuhle; 10thandanani ngenhliziyo ngothando lobuzalwane; ekwazisaneni nandulelane; 11ekukhuthaleni ningenqeni, nivuthe emoyeni, nikhonze iNkosi; 12ethembeni nithokoze; osizini nibekezele; ekukhulekeni niqinisele njalo; 13hlanganyelani nabangcwele ekusweleni kwabo, nikhuthalele ukungenisa izihambi.
14Babusiseni abanizingelayo; busisani, ningaqalekisi. 15Thokozani nabathokozayo, nikhale nabakhalayo. 16Manibe nhliziyonye; ningazindli okuphakemeyo, kodwa yaneliswani ngokuphansi. Ningazishayi abahlakaniphileyo.
17Ningaphindiseli muntu okubi ngokubi; nakani okuhle phambi kwabantu bonke; 18uma kungenzeka, ngokwenu hlalisanani ngokuthula nabantu bonke; 19ningaziphindiseli nina bathandwa, kodwa dedelani ulaka, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Ngokwami ukuphindisela, ngiyakubuyisela mina,” isho iNkosi. 20Kepha:
“Uma isitha sakho silambile, siphe sidle;
uma somile, siphuzise,
ngokuba ngokwenza lokho
uyakube ufumbela amalahle avuthayo ekhanda laso.”
21Unganqotshwa ngokubi, kodwa nqoba okubi ngokuhle.