Isibingelelo
1UPawulu, inceku kaKristu Jesu, umphostoli obiziweyo nowahlukaniselwe ivangeli likaNkulunkulu, 2alethembisa ngaphambili ngabaprofethi bakhe emibhalweni engcwele 3mayelana neNdodana yakhe eyavela enzalweni kaDavide ngokwenyama, 4eyabonakaliswa ngamandla ukuthi iyiNdodana kaNkulunkulu ngokoMoya wobungcwele ngokuvuka kwabafileyo, uJesu Kristu iNkosi yethu 5esamukela ngaye umusa nobuphostoli kube ngukulalela kokukholwa ezizweni zonke ngenxa yegama lakhe, 6enikuzo nani eningababiziweyo bakaJesu Kristu, 7kubo bonke abathandiweyo bakaNkulunkulu abaseRoma, ababiziweyo, abangcwele: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.
Isifiso sikaPawulu ukushumayela ivangeli eRoma
8Kuqala-ke ngibonga uNkulunkulu wami ngoJesu Kristu ngani nonke, ngokuba ukukholwa kwenu kunconywa ezweni lonke. 9Ngokuba uNkulunkulu, engimkhonza emoyeni wami ngevangeli leNdodana yakhe, ungufakazi wami wokuthi ngokungaphezi ngiyanikhumbula 10njalo emikhulekweni yami, nginxusa ukuba, uma kungenzeka ngentando kaNkulunkulu, ngiphumelele ukufika kini.
11Ngokuba ngilangazelela ukunibona ukuze nginabele isipho esithile somusa sokomoya ukuba niqiniswe, 12okungukuthi siduduzane kanye nani phakathi kwenu ngokukholwa kwethu okwenu nokwami. 13Angithandi, bazalwane, ukuba ningazi ukuthi ngazimisela kaningi ukuza kini, kepha ngathiyeka kuze kube manje ukuba nakini ngibe nezithelo njengakwezinye izizwe.
14Nginecala kumaGreki nakwabezizwe, kwabahlakaniphileyo nakwabangaqondiyo; 15kanjalo mina ngokwami nginesifiso sokushumayela ivangeli nakinina baseRoma.
16Ngokuba anginamahloni ngevangeli; ngokuba lingamandla kaNkulunkulu, kube yinsindiso kulowo nalowo okholwayo, kumJuda kuqala, nakumGreki. 17Ngokuba ukulunga kukaNkulunkulu kwambulwa kulo, kuvela ekukholweni, kuyisa ekukholweni, njengokulotshiweyo ukuthi: “Olungileyo uzakuphila ngokukholwa.”
Intukuthelo kaNkulunkulu ngezono zabezizwe
18Ngokuba intukuthelo kaNkulunkulu yambulwa ivela ezulwini phezu kwakho konke ukungamesabi uNkulunkulu nokungalungi kwabantu abathiya iqiniso ngokungalungi, 19ngokuba lokho okwazekayo ngoNkulunkulu kusobala phakathi kwabo; ngokuba uNkulunkulu ukubonakalisile kubo. 20Ngokuba okungabonwayo kwakhe, kuthi amandla akhe aphakade nobuNkulunkulu bakhe kubonakala kwasekudalweni kwezwe, ngokuba kuqondakala ngezenzo zakhe, ukuze bangabi nakuzilandulela, 21ngokuba kuthe bemazi uNkulunkulu, kabamdumisanga, kabambonganga njengoNkulunkulu, kodwa balutheka ekuzindleni kwabo; inhliziyo yabo engaqondiyo yaba mnyama. 22Bezisho ukuthi bahlakaniphile baba yiziwula, 23nenkazimulo kaNkulunkulu ongabhubhiyo bayiguqula ifane nomfanekiso womuntu obhubhayo, owezinyoni, nowezilwane ezinezinyawo ezine nezinwabuzelayo.
24Ngalokho uNkulunkulu wabanikela ezinkanukweni zezinhliziyo zabo kukho ukungcola, bahlazisane imizimba yabo, 25baguqule iqiniso likaNkulunkulu, balenza amanga; bahlonipha, bakhonza okudaliweyo kunoMdali ongobongekayo kuze kube phakade. Amen.
26Ngenxa yalokho uNkulunkulu wabanikela ekuhuhekeni okuyihlazo; ngokuba abesifazane babo baguqula ukwenza okwemvelo kwaba ngokuphambene nemvelo; 27ngokunjalo nabesilisa bayeka ukwenza kwemvelo kowesifazane, basha ngokukhanukelana, abesilisa benza okuyichilo kwabesilisa, bezitholela umvuzo ofanele ukuduka kwabo.
28Nanjengalokho bengakunakanga ukumazi uNkulunkulu, uNkulunkulu wabanikela engqondweni yokunganaki ukwenza okungafanele, 29begcwele konke ukungalungi, nokonakala, nesangabe, nobubi; begcwele umhawu, nokubulala, nokuphikisana, nenkohliso, nobuqili, nokuhleba; 30beyizinyevuzi, nabazonda uNkulunkulu, nezidlova, nabazidlayo, nabazigabisayo, nabaqambi bokubi, nabangalaleli abazali, 31nabangenangqondo, nabangathembekile, nabangenaluthando, nabangenasihawu, 32abathi besazi isimiso sokulunga sikaNkulunkulu sokuthi abenza okunjalo bafanele ukufa, abenzi lokho kuphela, kodwa babuye bavumelana nabakwenzayo.