Ezulwini kuyahalaliswa ngokuwa kweBabiloni
1Emva kwalokho ngezwa kungathi izwi elikhulu lesixuku esikhulu ezulwini, lithi: “Haleluya! Insindiso, nenkazimulo, namandla ngokukaNkulunkulu wethu, 2ngokuba ziqinisile, zilungile izahlulelo zakhe; ngokuba isifebe esikhulu esonakalisa umhlaba ngobufebe baso, uliphindisele igazi lezinceku zakhe esandleni saso.”
3Bathi ngokwesibili: “Haleluya! Nomusi waso wenyuka kuze kube phakade naphakade.”
4Ayesewa phansi amalunga angamashumi amabili nane kanye nezidalwa ezine, akhuleka kuNkulunkulu ohlezi esihlalweni sobukhosi, athi: “Amen! Haleluya!”
5Kwase kuphuma izwi esihlalweni sobukhosi, lithi: “Dumisani uNkulunkulu wethu nonke nina zinceku zakhe, nina enimesabayo, abancane nabakhulu.”
6Ngase ngizwa kungathi izwi lesixuku esikhulu, linjengezwi lamanzi amaningi, nezwi lokuduma okunamandla, lithi:
“Haleluya! Ngokuba iNkosi uNkulunkulu wethu, uMninimandla onke, iyabusa. 7Masithokoze, sethabe, futhi masimnike inkazimulo, ngokuba umshado weWundlu ufikile, nomkalo uzilungisele; 8wanikwa ukuba embathe ilineni elicolekileyo nelikhazimulayo nelihlanzekileyo,” ngokuba ilineni elicolekileyo liyizenzo ezilungileyo zabangcwele.
9Yayisithi kimi: “Loba ukuthi: ‘Babusisiwe abamenyelwe esidlweni somshado weWundlu.’ ” Yayisithi kimi: “Lawo angamazwi aqinisileyo kaNkulunkulu.”
10Ngase ngiwa phansi phambi kwezinyawo ukukhuleka kuyo. Yayisithi kimi: “Musa; ngiyinceku kanye nawe nabazalwane bakho abaphethe ubufakazi bukaJesu; khuleka kuNkulunkulu. Ngokuba ubufakazi bukaJesu bungumoya wokuprofetha.”
UKristu uyalwa nesilo
11Ngase ngibona izulu livulekile; bheka, nanto ihhashi elimhlophe nohlezi phezu kwalo obizwa ngokuthi oThembekileyo noQinisileyo; uyahlulela, alwe ngokulunga. 12Amehlo akhe angamalangabi omlilo, nasekhanda lakhe kukhona imiqhele eminingi; unegama elilotshiweyo elingaziwa muntu, nguyena kuphela; 13wembethe ingubo efafazwe ngegazi; igama lakhe nguLizwi kaNkulunkulu. 14Izimpi zasezulwini zamlandela zikhwele amahhashi amhlophe, zembethe ilineni elicolekileyo, elimhlophe nelihlanzekileyo. 15Emlonyeni wakhe kwaphuma inkemba ebukhali, ukuze ashaye izizwe ngayo; yena uyakuzibusa ngentonga yensimbi; yena uqobo uyanyathela isikhamo sewayini lentukuthelo yolaka lukaNkulunkulu uMninimandla onke. 16Unegama lilotshiwe engutsheni yakhe nasethangeni lakhe elithi:
INKOSI YAMAKHOSI NOMBUSI WABABUSI
17Ngase ngibona ingelosi imi elangeni, yamemeza ngezwi elikhulu ezinyonini zonke ezindizayo emkhathini wezulu, ithi: “Wozani, nibuthane esidlweni esikhulu sikaNkulunkulu 18ukuba nidle inyama yamakhosi, nenyama yezinduna, nenyama yamaqhawe, nenyama yamahhashi neyabakhwele kuwo, nenyama yabo bonke abakhululekileyo nabayizigqila, abancane nabakhulu.”
19Ngabona isilo, namakhosi omhlaba, nezimpi zawo zibuthene ukulwa naye owayehlezi ehhashini nempi yakhe. 20Isilo sase sibanjwa nomprofethi wamanga okanye naso owenza izibonakaliso phambi kwaso, abadukisa ngazo abamukela uphawu lwesilo nabakhuleka kumfanekiso waso; labo bobabili baphonswa besezwa echibini lomlilo elivutha isibabule. 21Nabaseleyo babulawa ngenkemba ephuma emlonyeni wakhe owayehlezi ehhashini, nezinyoni zonke zasutha inyama yabo.