Umkhuleko wocela ukuthotshiswa kwabahluleli ababi
Kumholi wokuhlabelela. Indlela: Ungachithi. ElikaDavide. IMiktamu.*
1Imbala nikhuluma ukulunga ngokuthula na?
Madodana abantu,
nahlulela ngobuqotho na?
2Ingani enhliziyweni niphehla imisebenzi emibi;
ezweni nilinganisa ngesilinganiso ukudluzula kwezandla zenu.
3Ababi bahlubuka kwasesizalweni,
abaqamba amanga baduka kwasesiswini.
4Isihlungu sabo sinjengesihlungu senyoka;
banjengebululu eliyisithulu,
elivimba indlebe yalo,
5lingalaleli izwi lezinyanga
ezilumba amalumbo ngokuhlakanipha.
6Yaphula amazinyo abo emlonyeni wabo, Nkulunkulu!
Phohloza amazinyo omhlathi ezingonyama ezingamabhongo, Jehova!
7Mabaphele njengamanzi agobhozayo;
nxa ekhomba ngemicibisholo yakhe,
mayibe sengathi iqundekile.
8Mababe njengomnenke oncibilika, uphele,
njengokuphuphume kowesifazane okungalibonanga ilanga.
9Amabhodwe enu engakazizwa izinkuni zameva,
uyakuziphephula, noma ziluhlaza noma zivutha.
10Olungileyo uyakujabula ngokuba ebona impindiselo;
uyakugeza izinyawo zakhe egazini lababi,
11abantu baze bathi: “Impela ukhona umvuzo wolungileyo;
impela ukhona uNkulunkulu owahlulelayo emhlabeni.”