Inkosi nomlobokazi wayo
Kumholi wokuhlabelela. Indlela: Iminduze. Elamadodana kaKora. IMaskili.* Igama lothando.
1Inhliziyo yami iyachichima ngendaba enhle;
ngikhuluma igama engiliqambe ngenkosi;
ulimi lwami lulusiba loloba ngokushesha.
2Umuhle wena kunabantwana babantu;
ubuhle buthululelwe ezindebeni zakho;
ngakho-ke uNkulunkulu ukubusisile kuze kube phakade.
3Bophela inkemba yakho okhalweni lwakho wena qhawe,
kube ngukuphakama kwakho nobukhosi bakho.
4Hlahlameleka ebukhosini bakho,
uqhubeke ngenxa yeqiniso nokuthobeka nokulunga;
isandla sakho sokunene siyakukufundisa izinto ezesabekayo.
5Imicibisholo yakho ibukhali,
izizwe ziyawa phansi kwakho;
isenhliziyweni yezitha zenkosi.
6Isihlalo sakho sobukhosi, Nkulunkulu,
singesaphakade naphakade;
intonga yobuqotho iyintonga yombuso wakho.
7Ukuthandile ukulunga,
wakuzonda okubi:
ngakho-ke uNkulunkulu,
uNkulunkulu wakho,
ukugcobile ngamafutha enjabulo ngokungaphezu kwabangane bakho.
8Zonke izingubo zakho ziqholiwe ngenhlaka, nenhlaba, nekasiya;*
ezindlini zobukhosi zophondo lwendlovu
ukubethwa kwezingubhu zezintambo kukujabulisile.
9Amadodakazi amakhosi aphakathi kwabesifazane bakho abadumileyo;
inkosikazi imi ngakwesokunene sakho,
ihlobe igolide lase-Ofiri.
10Mawuzwe-ke, ndodakazi,
uqaphele, ubeke indlebe yakho,
ukhohlwe isizwe sakini nendlu kayihlo,
11yikhona inkosi izakubuthanda ubuhle bakho,
ngokuba yona iyinkosi yakho, woyikhothamela.
12Indodakazi yaseTire, yebo, nabacebileyo babantu
bancenga umusa wakho ngesipho.
13Indodakazi yenkosi inhle kakhulu, ilapho phakathi;
ingubo yayo yalukiwe ngegolide.
14Iyiswa enkosini igqoke izingubo ezifekethisiweyo;
izintombi ezingabangane bayo ziyayilandela; ziyiswa kuwe.
15Ziyiswa ngokujabula nangokwethaba,
zingena endlini yenkosi.
16Amadodana akho ayakuba sesikhundleni sawoyihlo;
uyakuwabeka abe yizikhulu emhlabeni wonke.
17Igama lakho ngiyakulenza likhunjulwe ezizukulwaneni zonke;
ngakho-ke izizwe ziyakukubonga kuze kube phakade naphakade.