Ihubo lokudumisa umdali wezinto zonke
1Mbonge uJehova, mphefumulo wami;
Jehova Nkulunkulu wami, umkhulu,
wembethe udumo nobukhosi;
2ogqoka ukukhanya njengengubo,
oweneka izulu njengendwangu;
3obeka imishayo yezindlu zakhe emanzini,
owenza amafu abe yinqola yakhe,
ohamba ngamaphiko omoya;
4owenza izingelosi zibe yimimoya,
izikhonzi zakhe zibe yilangabi lomlilo.
5Umisile umhlaba phezu kwezisekelo zawo,
ukuze ungazanyazanyiswa kuze kube phakade naphakade.
6Wawumboza ngolwandle njengengubo;
amanzi ema phezu kwezintaba.
7Ngokukhuza kwakho abaleka,
ngezwi lokuduma kwakho ashesha asuka.
8Enyuka izintaba, ehla izigodi,
aze afika endaweni owawuyimisele wona.
9Umisile umncele ukuba angaweqi,
angabuyi ukusibekela umhlaba.
10Uthumela imithombo ezigodini;
yona igijima phakathi kwezintaba.
11Iyaphuzisa izilwane zonke zasendle,
izimbongolo zasendle zicime ukoma kwazo.
12Izinyoni zezulu zakhile ngakuyo,
zizwakalisa izwi lazo phakathi kwamagatsha.
13Uphuzisa izintaba okuvela emakamelweni akhe;
umhlaba uyaneliswa yisithelo semisebenzi yakho.
14Uhlumisela izinkomo utshani
nemifino yokusiza umuntu,
ukuze aveze ukudla emhlabeni,
15newayini elijabulisa inhliziyo yomuntu,
namafutha okukhazimulisa ubuso,
nesinkwa esiqinisa inhliziyo yomuntu.
16Iyasutha imithi kaJehova,
imisedari* yaseLebanoni ayitshalileyo,
17okwakhele kuyo izinyoni;
ugolantethe unendlu yakhe kuyo imisayipuresi.*
18Izintaba eziphakemeyo ngezezimbuzi zasendle;
amawa ayisiphephelo sezimbila.
19Wenza inyanga ibe ngeyokwahlukanisa izikhathi;
ilanga liyazi ukushona kwalo.
20Wenza ubumnyama kube ngubusuku;
phakathi kwabo kuphuma izilo zonke zasehlathini.
21Izingonyama ezintsha zibhongela impango,
zifuna ukudla kwazo kuNkulunkulu.
22Liphuma ilanga,
bese zibuyela phansi zilale emihumeni yazo.
23Bese kuphuma umuntu,
aye emsebenzini wakhe
nasekukhandlekeni kwakhe kuze kuhlwe.
24Jehova, yeka ubuningi bemisebenzi yakho;
yonke uyenzile ngokuhlakanipha;
umhlaba ugcwele izidalwa zakho.
25Nantu ulwandle, lukhulu, lubanzi;
lapho kukhona izilwanyana ezinwabuzelayo ezingenakubalwa,
izilwane ezincane nezinkulu.
26Kuhamba khona imikhumbi,
uLeviyathani* lowo omenzile ukuba adlale kulo.
27Zonke lezi zidalwa zibheka wena,
ukuze uzinike ukudla kwazo ngesikhathi esiyiso.
28Uyazinika ukudla, zibuthe;
uvula isandla sakho, zisuthe ngokuhle.
29Uyasitheza ubuso bakho, zethuke;
uyasusa umphefumulo wazo, zife,
zibuyele othulini lwazo.
30Uyathumela umoya wakho, zidalwe;
wenza bube busha ubuso bomhlaba.
31Inkazimulo kaJehova mayime kuze kube phakade;
uJehova kathokoze ngemisebenzi yakhe,
32yena obheka umhlaba, besewuthuthumela,
othinta izintaba, zithunqe.
33Ngiyakumhubela uJehova kukho konke ukuphila kwami;
ngiyakuhlabelela kuNkulunkulu wami ngisekhona.
34Ukuzindla kwami makube mnandi kuye;
mina mangithokoze kuJehova.
35Izoni maziphele emhlabeni,
kungabe kusaba khona ababi.
Mbonge uJehova, mphefumulo wami.
Haleluya!