1Ungabi namhawu ngabantu ababi,
ungafisi ukuba nabo.
2Ngokuba izinhliziyo zabo ziceba ukuchitha,
nezindebe zabo zikhuluma ngengozi.
3Indlu iyakhiwa ngokuhlakanipha,
iqiniswe ngokuqonda.
4Amakamelo agcwaliswa ngokwazi,
ngayo yonke ingcebo enqabileyo nemnandi.
5Umuntu ohlakaniphileyo udlula onamandla,
nomuntu onokwazi onezikhwepha.
6Ngokuba ngokucabanga ungaphaka impi yakho,
nokusinda kumi ngobuningi babeluleki.
7Ukuhlakanipha kuphakeme kunesiwula;
esangweni asivuli umlomo waso.
8Ocabanga ukwenza okubi
uyakubizwa ngokuthi owenza amacebo.
9Ukuceba ubuwula kuyisono,
nesideleli siyisinengiso kubantu.
10Uma udangala ngosuku lokuhlupheka,
amandla akho mancane.
11Bophule abayiswa ekufeni;
abakhubekiselwa ekubulaweni ubagodle.
12Uma uthi: “Bheka, besingakwazi,”
akakuqondi yini olinganisa izinhliziyo,
nolonda umphefumulo wakho akakwazi, na?
Futhi akayikuphindisela bonke abantu ngokwemisebenzi yabo na?
13Ndodana yami, yidla izinyosi,
ngokuba zimnandi,
noju oluhle emlonyeni wakho.
14Yazi ukuthi kunjalo ukuhlakanipha emphefumulweni wakho;
uma ukutholile, kuyakuba khona isikhathi esizayo,
nethemba lakho aliyikunqunywa.
15Wena omubi ungaqamekeli indlu yolungileyo,
ungachithi indawo yakhe yokuphumula.
16Ngokuba olungileyo angawa kasikhombisa,
abesebuye avuke,
kepha ababi bayakukhubeka ngobubi.
17Ungathokozi ngokuwa kwesitha sakho,
nenhliziyo yakho mayingajabuli ngokukhubeka kwaso,
18funa uJehova akubone,
kube kubi emehlweni akhe,
asuse intukuthelo yakhe kuso.
19Ungazikhathazi ngabenza okubi,
ungabi namhawu ngamashinga.
20Ngokuba omubi akayikuba namvuzo,
nesibani samashinga siyakucima.
21Ndodana yami, yesaba uJehova nenkosi,
ungahlangani nabahlubukayo.
22Ngokuba ingozi yabo iyakuvuka masinyane;
ngubani owazi ukuchithwa kweminyaka yabo na?
Amazwi ezihlakaniphi: isigaba sesibili
23Nalawa angamazwi ahlakaniphileyo:
Ukukhetha ubuso ekwahluleleni akukuhle.
24Oshoyo komubi ukuthi: “Ulungile,”
lowo abantu bayakumqalekisa,
nezizwe ziyakumthukuthelela.
25Kwabamthethisayo kuyakuba mnandi,
kufike phezu kwabo isibusiso esihle.
26Njengokwanga kwezindebe,
injalo impendulo eqinisileyo.
27Qeda umsebenzi wakho ngaphandle,
uzilungiselele wona ensimini,
wakhe ngasemuva indlu yakho.
28Ungabi ngufakazi ngomakhelwane wakho kungekho sizathu;
wothi ukhohlise ngezindebe zakho na?
29Ungasho ukuthi: “Njengalokho ekwenzile kimi,
kanjalo ngiyakwenza kuye,
ngimphindisele umuntu njengesenzo sakhe.”
30Ngadlula ensimini yomuntu oyivila,
nasesivinini somuntu ongenangqondo;
31bheka, kuso sonke kwakukhona izimbathi,
sisibekelwe phezulu ngezimbabazane,
nogange lwaso lwamatshe lwaludilizelwe phansi.
32Ngabuka-ke mina, ngacabanga;
ngabona, ngathola ukulaywa:
33ubuthongo obuncane, ukozela okuncane,
ukusonga izandla kancane kuze kulalwe,
34bese kuthi ubumpofu bakho bufike njengomhambuma,
nokuswela kwakho njengomuntu wesihlangu.