1Ungcono ompofu ohamba ekupheleleni kwakhe
kunophambene ngezindebe zakhe eyisiwula.
2Futhi akulungile ukuba umphefumulo ungabi nakwazi;
oshesha ngezinyawo uyaduka.
3Ubuwula bomuntu buchitha indlela yakhe,
kepha inhliziyo yakhe iyamthukuthelela uJehova.
4Imfuyo iyenezela abangane abaningi,
kepha ompofu uyashiywa ngumngane wakhe.
5Ufakazi wamanga akayekwa,
nophafuza amanga akayikusinda.
6Baningi abancenga izikhulu;
bonke bangabangane bomuntu wezipho.
7Bonke abazalwane bompofu bayamzonda;
kakhulu kangakanani abangane badedela kude naye;
uyabaxosha ngamazwi,
kepha awasekho.
8Ozuza ukuqonda uthanda umphefumulo wakhe;
ogcina ingqondo uyakufumana okuhle.
9Ufakazi wamanga akayekwa,
nophafuza amanga uyakubhubha.
10Ukutamasa akufanele isiwula;
kakhulu kangakanani akufanele ukuba inceku ibuse phezu kwezikhulu.
11Ukuhlakanipha komuntu kubambezela intukuthelo yakhe;
kuludumo lwakhe ukudlula esiphambekweni.
12Ukufutheka kwenkosi
kunjengokubhonga kwengonyama,
kepha isihhe sayo sinjengamazolo etshanini.
13Indodana eyisiwula iyinhlupheko kayise,
nokuxabana komfazi kungukuconsa njalonjalo.
14Indlu nemfuyo kuyifa elivela koyise,
kepha umfazi ohlakaniphileyo uvela kuJehova.
15Ubuvila bushonisa ebuthongweni obunzima,
nesidenge siyalamba.
16Ogcina umyalo ulonda umphefumulo wakhe,
kepha onganaki izindlela zakhe uyakufa.
17Onomusa kompofu utsheleka uJehova,
nomsebenzi wakhe uyawubuyisela kuye.
18Yilaye indodana yakho,
lisekhona ithemba;
ungabhekisi inhliziyo yakho ukuyibulala.
19Onolaka olukhulu uyathweswa ihlawulo,
ngokuba uma umophula,
umelwe ukukuphinda.
20Yizwa isiluleko, wamukele ukulaywa,
ukuze uhlakaniphe ekugcineni.
21Kukhona amacebo amaningi enhliziyweni yomuntu,
kepha isiluleko sikaJehova siyakuma.
22Ukuthandwa komuntu kubangwa ngumusa wakhe;
ompofu ungcono kunomuntu wamanga.
23Ukumesaba uJehova kungokokuphila;
onakho uhlezi anelisiwe,
akahanjelwa ngububi.
24Ivila liyafaka isandla salo esitsheni;
alisibuyiseli nasemlonyeni walo.
25Shaya isideleli, ongenalwazi uyakuthola ukuqonda;
sola oqondileyo, uyakuqonda ukwazi.
26Ochitha uyise noxosha unina
uyindodana ehlazisayo nebanga amahloni.
27Yeka, ndodana yami,
ukulalela ukulaywa,
uyakuduka emazwini okwazi.
28Ufakazi omubi uyadelela ukwahlulela;
umlomo wababi uyagwinya ukona.
29Izahlulelo zilungiselwa izideleli,
nemivimbo umhlane weziwula.